-
Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi, Nini?UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
UKhesari Awugustu, umbusi waseRoma, ukhiphe umyalo wokuba wonke umuntu abhaliswe. Ngakho uJosefa noMariya kufanele bahambe baye eBhetlehema, idolobha uJosefa azalelwa kulo eliseningizimu yeJerusalema.
Baningi abantu abeze eBhetlehema ukuze babhaliswe. Okuwukuphela kwendawo uJosefa noMariya abayitholayo abangahlala kuyo isitebela, indawo okuvalelwa kuyo izimbongolo nezinye izilwane. Yilapho uJesu azalelwa khona. UMariya umsonga ngezindwangu ambeke emkhombeni, indawo okuphakelwa kuyo izilwane.
Kumelwe ukuba nguNkulunkulu owenze uKhesari Awugustu wakhipha umthetho wokuba abantu babhaliswe. Kungani? Ngoba lo myalo ubangele ukuba uJesu azalelwe eBhetlehema, okuyidolobha likakhokho wakhe iNkosi uDavide. ImiBhalo yayibikezele kudala ukuthi leli yidolobha okwakuzozalelwa kulo uMbusi owayethenjisiwe.—Mika 5:2.
-
-
Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi, Nini?UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uJesu wazalwa ngoDisemba 25. Nokho ngenyanga kaDisemba kusuke kunezimvula futhi kubanda eBhetlehema. Ngezinye izikhathi liyakhithika. Kwakungelula ukuba abelusi babe semadlelweni ebusuku nemfuyo yabo ngaleso sikhathi sonyaka. Ngaphezu kwalokho, mancane amathuba okuba uMbusi waseRoma wayengayala abantu ababethanda ukuvukela, ukuba bathathe uhambo olude ebusika obubandayo ukuze bayobhalisa. Kubonakala sengathi uJesu wazalwa ngo-Okthoba.
-