IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaLuka
KUYAZIWA ukuthi iVangeli likaMathewu labhalelwa ngokuyinhloko abafundi abangamaJuda nokuthi elikaMarku labhalelwa abangewona amaJuda. Nokho, iVangeli likaLuka labhalelwa abantu bazo zonke izizwe. Incwadi kaLuka yabhalwa cishe ngo-56 kuya ku-58 C.E., futhi iwukulandisa okunemininingwane eminingi ngokuphila nangenkonzo kaJesu.
Njengodokotela okhathalelayo nocophelelayo, uLuka ulandelela “ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni” futhi ubhala ngezenzakalo ezenzeka phakathi neminyaka engu-35—kusukela ngo-3 B.C.E. kuya ku-33 C.E. (Luka 1:3) Ukwaziswa okungaba ngamaphesenti angu-60 okuseVangelini likaLuka akutholakali kwamanye amaVangeli.
INKONZO KAJESU YASEKUQALENI
Ngemva kokulandisa imininingwane ephathelene nokuzalwa kukaJohane uMbhapathizi nokukaJesu, uLuka usitshela ukuthi uJohane waqala inkonzo yakhe ngonyaka we-15 wokubusa kukaTiberiyu Khesari, okungukuthi ngasekuqaleni kuka-29 C.E. (Luka 3:1, 2) UJesu ubhapathizwa uJohane ekwindla lalowo nyaka. (Luka 3:21, 22) Ngo-30 C.E., ‘uJesu ubuyela eGalile futhi uqala ukufundisa emasinagogeni abo.’—Luka 4:14, 15.
UJesu uthatha uhambo lwakhe lokuqala lokushumayela eGalile. Utshela isixuku: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Uhamba noSimoni umdobi nabanye. Uthi: ‘Kusukela manje kuqhubeke nizobe nidoba abantu bephila.’ (Luka 5:1-11; Math. 4:18, 19) Ohambweni lwakhe lwesibili lokuyoshumayela eGalile uhamba nabaphostoli bakhe abangu-12. (Luka 8:1) Ohambweni lwesithathu, uthuma laba abangu-12 “ukuba bashumayele umbuso kaNkulunkulu nokuba baphulukise.”—Luka 9:1, 2.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:35—Ingabe iqanda elisesibelethweni sikaMariya laba nengxenye ethile ekukhulelweni kwakhe? Ukuze umntwana kaMariya abe owohlu lokhokho bakhe ngempela, u-Abrahama, uJuda noDavide, njengoba uNkulunkulu ayethembisile, kwakumelwe ukuba iqanda lakhe lihileleke ekukhulelweni kwakhe. (Gen. 22:15, 18; 49:10; 2 Sam. 7:8, 16) Nokho, kwasetshenziswa umoya ongcwele kaJehova ekudluliseleni ukuphila okuphelele kweNdodana kaNkulunkulu nasekubangeleni ukukhulelwa. (Math. 1:18) Kubonakala lokhu kwasusa konke ukungapheleli okwakukhona eqandeni likaMariya futhi kwasekuqaleni kwawuvikela umbungu okhulayo kunoma yini eyingozi.
1:62—Ingabe uZakariya waba isimungulu nesithulu? Cha. Waba isimungulu kuphela. Abanye bambuza “ngezandla” ukuthi wayefuna ukuba umntwana ethiwe liphi igama kodwa hhayi ngoba ayeyisithulu. Cishe wakuzwa okwashiwo umkakhe ngokuqanjwa kwegama lendodana yabo. Mhlawumbe abanye babuza uZakariya ngalokhu belinganisa ngezandla. Iqiniso lokuthi kwadingeka ukuba kuvulwe umlomo wakhe kuphela libonisa ukuthi izindlebe zikaZakariya zazingathintekanga.—Luka 1:13, 18-20, 60-64.
2:1, 2—Inkulumo ethi “lokhu kubhalisa kokuqala” isisiza kanjani ukuba sithole isikhathi sokuzalwa kukaJesu? Ngesikhathi kubusa uKhesari Awugustu, kwaba nokubhalisa okungaphezu kokukodwa—okokuqala kwaba ngo-2 B.C.E. kugcwaliseka uDaniyeli 11:20 futhi okwesibili kwaba ngo-6 noma ngo-7 C.E. (IzE. 5:37) UKhureniyu wayengumbusi waseSiriya phakathi nakho kokubili lokhu kubhalisa, okusikisela ukuthi wahlala kabili kuleso sikhundla. Ukukhuluma kukaLuka ngokubhalisa kokuqala kubonisa ukuthi uJesu wazalwa ngo-2 B.C.E.
2:35—“Inkemba ende” yayiyodabula kanjani emphefumulweni kaMariya? Lokhu kubhekisela ekucindezelekeni uMariya ayeyobhekana nakho lapho ebona iningi labantu lenqaba uJesu njengoMesiya nasebuhlungwini ayeyobuzwa lapho uJesu efa kabuhlungu.—Joh. 19:25.
9:27, 28—Kungani uLuka ethi ukuguqulwa kukaJesu isimo kwenzeka “ezinsukwini eziyisishiyagalombili” ngemva kokuba ethembise abafundi bakhe ukuthi abanye kubo ‘babengeke bakunambithe nhlobo ukufa’ kuze kube yilapho sebembonile efika eMbusweni wakhe, kanti bobabili uMathewu noMarku bathi kwenzeka “ezinsukwini eziyisithupha kamuva”? (Math. 17:1; Marku 9:2) Kubonakala uLuka ehlanganisa nezinsuku ezimbili ezengeziwe—usuku okwenziwa ngalo isithembiso nolokugcwaliseka kwaso.
9:49, 50—Kungani uJesu engayivimbanga indoda ethile ukuba ingawaxoshi amademoni nakuba yayingeyona umlandeli wakhe? UJesu akazange ayivimbe ngoba ibandla lobuKristu lalingakamiswa. Ngakho, kwakungadingeki ukuba le ndoda ihambisane noJesu ukuze ibonise ukholo egameni lakhe futhi ixoshe amademoni.—Marku 9:38-40.
Izifundo Esizitholayo:
1:32, 33; 2:19, 51. UMariya wazilonda enhliziyweni yakhe izenzakalo namazwi ayegcwalisa iziprofetho. Ingabe nathi siyakulonda lokho uJesu akubikezela ‘ngesiphelo sesimiso sezinto,’ siqhathanise lokho akusho nalokho okwenzekayo namuhla?—Math. 24:3.
2:37. Isibonelo sika-Ana sisifundisa ukuthi kufanele simkhulekele njalo uJehova, ‘siphikelele emthandazweni,’ futhi singakuyeki “ukuhlangana kwethu ndawonye” emihlanganweni yobuKristu.—Roma 12:12; Heb. 10:24, 25.
2:41-50. UJosefa wabeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni kwakhe futhi wanakekela umkhaya wakhe ngokwenyama nangokomoya. Kulezi zici, wabekela izinhloko zemikhaya isibonelo esihle.
4:4. Akufanele sivumele ukuba kudlule usuku singazange sicabange ngezinto ezingokomoya.
6:40. Umfundisi weZwi likaNkulunkulu kumelwe abekele abantu abafundelayo isibonelo esifanele. Kumelwe akwenze lokho akufundisayo.
8:15. Ukuze ‘sigcine izwi futhi sithele izithelo ngokukhuthazela,’ kumelwe siliqonde, silazise futhi silingenise ezinhliziyweni zethu iZwi likaNkulunkulu. Kumelwe nakanjani sizindle futhi sithandaze lapho sifunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.
INKONZO KAJESU YAMUVA
UJesu uthuma abanye abangu-70 ukuba bamandulele ukuya emizini nasezindaweni zaseJudiya. (Luka 10:1) Uhamba ‘umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, efundisa.’—Luka 13:22.
Ezinsukwini ezinhlanu ngaphambi kwePhasika lika-33 C.E., uJesu ungena eJerusalema egibele ithole lembongolo. Sesifikile isikhathi sokuba kugcwaliseke amazwi awasho kubafundi bakhe: “INdodana yomuntu kumelwe ibhekane nokuhlupheka okuningi futhi yenqatshwe ngamadoda amadala nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, futhi ivuswe ngosuku lwesithathu.”—Luka 9:22, 44.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
10:18—UJesu wayesho ukuthini lapho ethi kubafundi abangu-70: “Ngaqala ukubona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini”? UJesu wayengasho ukuthi uSathane wayesexoshiwe kakade ezulwini. Lokho kwaze kwenzeka ngemva nje kokubekwa kukaKristu njengeNkosi ezulwini ngo-1914. (IsAm. 12:1-10) Nakuba singenakugomela, kusobala ukuthi lapho uJesu ekhuluma ngento eyayiyokwenzeka esikhathini esizayo njengesiyenzekile, wayegcizelela ukuthi yayiyokwenzeka nakanjani.
14:26—Abalandeli bakaKristu kumelwe ‘bazonde’ izihlobo zabo ngamuphi umqondo? EBhayibhelini, igama elithi “zonda” lingabhekisela ekuthandeni umuntu noma into kancane kunenye. (Gen. 29:30, 31) AmaKristu kumelwe ‘azonde’ izihlobo zawo ngomqondo wokuthanda uJesu ngaphezu kwazo.—Math. 10:37.
17:34-37—Angobani “amanqe,” futhi siyini “isidumbu” lapho ebuthana khona? Labo ‘abathathwayo,’ noma abakhululwayo, bafaniswa namanqe abona kude. “Isidumbu” ababuthanela kuso singuKristu weqiniso ekubeni khona kwakhe okungabonakali kanye nokudla okungokomoya uJehova abalungiselela kona.—Math. 24:28.
22:44—Kungani uJesu aba nomunyu kakhulu? Lokhu kwenzeka ngenxa yezizathu eziningana. UJesu wayekhathazekile ngendlela ukufa kwakhe njengesephula-mthetho okwakuyomthinta ngayo uJehova uNkulunkulu negama laKhe. Ngaphezu kwalokho, uJesu wayazi kahle ukuthi ukuphila kwakhe okuphakade nekusasa lalo lonke uhlanga lwesintu kwakuxhomeke ekuhlaleni kwakhe ethembekile.
23:44—Ingabe ubumnyama obathatha amahora amathathu babangelwa ukufiphala kwelanga lisithwa yinyanga? Cha, akunjalo. Lokho kufiphala kwenzeka kuphela ekwethwaseni kwenyanga, hhayi lapho igcwele, njengoba isuke igcwele ngesikhathi sePhasika. Ubumnyama obaba khona ngosuku lokufa kukaJesu babuyisimangaliso esivela kuNkulunkulu.
Izifundo Esizitholayo:
11:1-4. Ukuqhathanisa lezi ziyalezo ezibekwe ngamazwi athe ukuhluka kancane kwawomthandazo oyisibonelo, owanikezwa eNtshumayelweni YaseNtabeni ezinyangeni ezingu-18 ngaphambili, kubonisa ngokucacile ukuthi imithandazo yethu akufanele ibe ukuphindaphindwa nje kwamazwi athile.—Math. 6:9-13.
11:5, 13. Nakuba uJehova ezimisele ukuphendula imithandazo yethu, kufanele siphikelele lapho sithandaza.—1 Joh. 5:14.
11:27, 28. Injabulo yangempela itholakala ngokwenza intando kaNkulunkulu ngokwethembeka, hhayi ngokuba nobuhlobo obuhle emkhayeni noma izinto ezibonakalayo.
11:41. Izipho zethu zesihe kufanele zishukunyiswe inhliziyo enothando nevumayo.
12:47, 48. Lowo onomthwalo wemfanelo othé xaxa kodwa owudebeselelayo unecala kakhulu kunalowo ongayazi noma ongayiqondi ngokugcwele imisebenzi yakhe.
14:28, 29. Kuwukuhlakanipha ukuphila ngalokho esinakho.
22:36-38. UJesu akazange acele abafundi bakhe ukuba baphathe isikhali ukuze bamvikele noma bazivikele. Kunalokho, ukuba kwabo nezinkemba ngobusuku akhashelwa ngabo kwamenza wakwazi ukubafundisa isifundo esibalulekile: “Bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.”—Math. 26:52.
[Isithombe ekhasini 31]
UJosefa wabeka isibonelo esihle njengenhloko yomkhaya
[Isithombe ekhasini 32]
ULuka wabhala ukulandisa okunemininingwane eminingi kakhulu kunabanye ngokuphila nangenkonzo kaJesu