Umbono WeBhayibheli
Ingabe Inzondo Yobuhlanga Ingathethelelwa?
UBUNGAZIZWA kanjani ukube bekucatshangwa ukuthi uyiqili, uyisidlova, uyisiwula, noma unokuziphatha okubi ngoba nje ungowohlanga oluthile?a Ngokuqinisekile, ubungeke uthande. Ngokudabukisayo, izigidi zabantu ziye zabhekwa kanjalo. Ngaphezu kwalokho, phakathi nawo wonke umlando abantu abaningi abangenacala baye baxhashazwa futhi baze babulawa ngisho nokubulawa, ngenxa nje yohlanga noma ubuzwe babo. Empeleni, eziningi zezimpi ezichitha igazi eziqhubekayo namuhla zibangelwa yinzondo yobuhlanga. Noma kunjalo, abaningi abahambisana nobudlova obunjalo empeleni bathi bakholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Futhi bakhona nalabo abathi ubandlululo lobuhlanga ngeke luphele—luyingxenye yemvelo yabantu.
Ingabe iBhayibheli liyayivuna inzondo enjalo yobuhlanga? Ingabe zikhona izimo ezingakwenza kuthetheleleke ukuzonda abantu abanamasiko ahlukile noma bolunye uhlanga? Ingabe likhona ithemba lekusasa elingenayo inzondo yobuhlanga? Uyini umbono weBhayibheli?
Báhlulelwa Ngezenzo Zabo
Uma umuntu ekha phezulu lapho efunda ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu endulo, angase afinyelele isiphetho esiyiphutha—sokuthi empeleni uNkulunkulu wayeyivuna inzondo yobuhlanga. Ukulandisa kweBhayibheli okuningana akusho yini ukuthi uNkulunkulu wabhubhisa izinhlanga nezizwe zaphela nya? Yebo, kodwa ukuhlolisisa kubonisa ukuthi uNkulunkulu wahlulela lezi zizwe ngenxa yokungayishayi mkhuba nhlobo imithetho yaphezulu hhayi ngenxa yohlanga lwazo.
Ngokwesibonelo, uJehova uNkulunkulu walahla amaKhanani ngenxa yamasiko awo onakele obulili nobudemoni. Ayeshisa ngisho nezingane ezenza umhlatshelo konkulunkulu bamanga! (Duteronomi 7:5; 18:9-12) Nokho, kwezinye izimo, amaKhanani athile abonisa ukholo kuNkulunkulu futhi aphenduka. Ngenxa yalokho, uJehova wawalonda futhi wawabusisa. (Joshuwa 9:3, 25-27; Hebheru 11:31) Owesifazane waseKhanani, uRahabi, waze waba ukhokhokazi kaMesiya owayethenjisiwe, uJesu Kristu.—Mathewu 1:5.
UMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli ubonisa ukuthi akabandlululi. Kunalokho, ubonisa ukukhathalela okuqotho ngenhlalakahle yazo zonke izizwe. KuLevitikusi 19:33, 34, sithola nanku umyalo obonisa uzwela uNkulunkulu awunika ama-Israyeli: “Uma umfokazi egogobala ezweni lenu, akumelwe nimphathe kabi. Umfokazi ogogobele kini kufanele abe njengowokuzalwa kini; kumelwe umthande njengoba uzithanda wena, ngoba naba abafokazi ezweni laseGibhithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” Incwadi ka-Eksodusi nekaDuteronomi ziqukethe imiyalo efanayo. Kusobala ukuthi uJehova akazange ayithethelele inzondo yobuhlanga. Wayefuna njalo ukuba izinhlanga zihlalisane ngobunye.
UJesu Wakhuthaza Ukwamukelana Kwezinhlanga
Lapho uJesu esemhlabeni, amaJuda namaSamariya babecwasana. Ngesinye isikhathi abantu bomzana othile wamaSamariya baxosha uJesu ngoba nje ayengumJuda elibangise eJerusalema. Wawuyosabela kanjani wena uma uxoshwa ngaleyo ndlela? Kungenzeka abafundi bakaJesu babonakalisa imizwa enobandlululo eyayikhona ngaleso sikhathi lapho bembuza: “Nkosi, ingabe ufuna sitshele umlilo ukuba wehle ezulwini ubabhuqe?” (Luka 9:51-56) Ingabe uJesu wavumela isimo sengqondo esinenzondo sabafundi bakhe ukuba simthonye? Ngokuphambene nalokho, wabakhuza futhi ngokuthula wafuna indawo komunye umuzi. Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu wanikeza umfanekiso womSamariya olungileyo. Lo mfanekiso wagcizelela ngokucacile ukuthi isizinda somuntu sisodwa asimenzi abe yisitha. Empeleni, angase abe umakhelwane okahle kakhulu!
Izinhlanga Ebandleni LobuKristu
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wagxila ngokuyinhloko ekwenzeni abafundi phakathi kwabantu besizwe sakubo. Kodwa wabonisa ukuthi nabanye babeyogcina bengabalandeli bakhe. (Mathewu 28:19) Ingabe kwakuyokwamukelwa abantu bazo zonke izinhlanga? Yebo! Umphostoli uPetru wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Kamuva umphostoli uPawulu wawusekela lo mbono ngokusho ngokucacile ukuthi isizinda somuntu sobuhlanga sasingabalulekile ebandleni lobuKristu.—Kolose 3:11.
Enye inkomba yokuthi uNkulunkulu wamukela abantu bazo zonke izinhlanga itholakala encwadini yeBhayibheli yesAmbulo. Embonweni ophefumulelwe nguNkulunkulu, umphostoli uJohane wabona ‘isixuku esikhulu esasiphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi,’ esathola insindiso kuNkulunkulu. (IsAmbulo 7:9, 10) Lesi “sixuku esikhulu” siyoba yisisekelo somphakathi omusha wesintu lapho abantu bazo zonke izizinda beyohlalisana khona ngokuthula, behlanganiswe ukuthanda kwabo uNkulunkulu.
Okwamanje, amaKristu kufanele amelane nokuthambekela kokwahlulela abanye ngenxa yohlanga lwabo. Ukubheka abantu njengabantu ngabanye, ngendlela uNkulunkulu enza ngayo, hhayi njengamalungu ezinhlanga ezithile kuwubulungisa futhi kuwuthando. Akuyona yini indlela wena ofuna ukubhekwa ngayo? UJesu usiyala ngokufanele: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Ukuphila ngaphandle kwenzondo yobuhlanga kuyaqabula. Kusenza sibe nokuthula okukhulu kwengqondo kanye nokuthula nabanye. Ngaphezu kwalokho, kusenza sibe sebunyeni noMdali wethu ongabandlululi, uJehova uNkulunkulu. Yeka isizathu esihle sokwenqaba inzondo yobuhlanga!
[Umbhalo waphansi]
a Elithi “uhlanga” njengoba lisetshenziswe kulesi sihloko libhekisela kubantu bendabuko efanayo ngohlanga, ubuzwe, noma amasiko.