Ukubonakalisa Imfanelo Yokuzinikela KuNkulunkulu Kubazali Asebegugile
“Labo-ke [abantwana noma abazukulu] mabafunde kuqala ukuhlonipha [“ukubonakalisa ukuzinikela kuNkulunkulu,” NW] indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo,ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.”—1 THIMOTHEWU 5:4.
1, 2. (a) IBhayibheli lithi ubani onomthwalo wemfanelo wokunakekela abazali asebegugile? (b) Kungani kungaba yindaba engathi sína ngomKristu ukungawunaki lomthwalo wemfanelo?
NJENGOMNTWANA, wondliwa futhi wavikelwa yibo. Njengomuntu omdala, wafuna iseluleko sabo nokusekela. Kodwa manje sebekhulile futhi badinga othile ozobasekela. Umphostoli uPawulu uthi: “Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukubonakalisa ukuzinikela kuNkulunkulu, endlini yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:4, 8.
2 Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova namuhla ziyabanakekela abazali asebegugile. Lokho azikwenzi nje ngenxa ‘yomusa’ (The Living Bible) noma “imfanelo,” (The Jerusalem Bible) kodwa ngenxa ‘yokuzinikela kuNkulunkulu,’ okungukuthi, ukuhlonipha uNkulunkulu. Bayaqaphela ukuthi ukulahla komuntu abazali bakhe ngesikhathi sokuswela kufana ‘nokulahla ukholo [lobuKristu].’—Qhathanisa noThithu 1:16.
‘Thwala Umthwalo Wakho’ Wokunakekela
3. Kungani ukunakekela komuntu abazali bakhe kungaba yinselele yangempela?
3 Ukunakekela abazali asebegugile kuye kwaba yinselele yangempela, ikakhulukazi emazweni aseNtshonalanga. Ngokuvamile imikhaya ayihlali ndawonye. Izindleko ziye zenyuka kangangokuthi azisalawuleki. Ngokuvamile abesifazane abanamakhaya banemisebenzi yokuziphilisa. Ngakho ukunakekela umzali ogugile kungaba umsebenzi omkhulu, ikakhulukazi uma onakekelayo engaseyena umuntu omusha. Omunye udade ozama kanzima ukuze anakekele umzali wakhe uthi: “Manje sesiseminyakeni engama-50, sinabantwana asebekhulile nabazukulu nabo abadinga usizo.”
4, 5. (a) IBhayibheli libonisa ukuthi ngokuvamile umthwalo wokunakekela ungahlanganyelwa nobani? (b) Abanye bawugwema kanjani umthwalo wemfanelo kubazali babo osukwini lukaJesu?
4 UPawulu wabonisa ukuthi umthwalo wemfanelo wawungahlanganyelwa ‘abantwana noma abazukulu.’ (1 Thimothewu 5:4) Nokho, ngezinye izikhathi abozalo abazimisele ‘ukuthwala owabo umthwalo’ wokunakekela. (Qhathanisa nabaseGalathiya 6:5.) Omunye umdala wakhononda: “Udadewethu omdala uye wazikhipha ngokuphelele kulesimo. ” Kodwa ingabe inkambo enjalo ingamthokozisa uJehova? Khumbula lokho uJesu ake wakutshela abaFarisi: “UMose wathi: Yazisa uyihlo nonyoko . . . kepha nina nithi: Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho, anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe-yize ngesiko lenu.”—Marku 7:10-13.
5 Uma umJuda ayengenandaba nokusiza abazali bakhe abaswele, kwakudingeka ukuha amane abize lokho anakho ngokuthi “iKorbana”—isipho esibekelwe eceleni ngenjongo yokusetshenziswa ethempelini. (Qhathanisa noLevitikusi 27:1-24.) Nokho, ngokusobala akukho lutho olwalumcindezela ukuba alethe lokhu akubiza ngokuthi isipho. Ngakho wayengakugcina (futhi ngokungangabazeki akusebenzise) unomphela lokho anakho. Kodwa uma abazali bakhe bedinga usizo olungokwezimali, wayezikhipha emthwalweni wakhe wemfanelo ngokwazisa ngenhlonipho yokuzenzisa ukuthi konke ayenakho ‘kwakuyiKorbana.’ UJesu wawulahla lomgunyathi.
6. Namuhla yini engashukumisa abanye ukuba bagweme imithwalo yabo yemfanelo kubazali, futhi ingabe lokhu kuyamthokozisa uNkulunkulu?
6 Ngakho umKristu osebenzisa izaba eziyize ukuze agweme umthwalo wakhe wemfanelo akamkhohlisi uNkulunkulu. (Jeremiya 17:9, 10) Yiqiniso, izinkinga ezingokwezimali, impilo ebuthaka, noma izimo ezifana nalezo zingakulinganisela kakhulu lokho umuntu angakwenzela abazali bakhe. Kodwa abanye bangamane bazise izinto abanazo, isikhathi sabo, nokuba nesikhathi bebodwa ngaphezu kwenhlala-kahle yabazali babo. Nokho, yeka indlela okungaba ukuzenzisa ngayo ukushumayela iZwi likaNkulunkulu kodwa silenze libe “yize” ngokungabanaki kwethu abazali!
Ukubambisana Emkhayeni
7. Imikhaya ingabambisana kanjani ekunakekeleni umzali osegugile?
7 Abanye ochwepheshe batusa ukuba lapho kuvela usizi oluhilela umzali osegugile, kubizwe umhlangano womkhaya. Ilungu elilodwa lomkhaya kungase kudingeke ukuba lithwale ingxenye enkulu yomthwalo wemfanelo. Kodwa ngokuxoxa kahle nangokuningiliziwe “inkulumo eyimfihlo,” ngokuvamile imikhaya ingahlela izindlela zokuhlanganyela umthwalo. (IzAga 15:22, NW) Abanye abahlala kude bangase bakwazi ukunikela ngokwezimali futhi bavakashe njalo. Abanye bangase bakwazi ukwenza imisebenzi noma balungiselele izinto zokuhamba. Phela, ukuvuma nje ukuvakashela abazali njalo kungaba umnikelo oyigugu. Ngokuqondene nokuvakasha kwabantwana bakhe, omunye udade oseminyakeni engama-80 uthi, “Kuyaqabula!”
8. (a) Ingabe amalungu omkhaya asenkonzweni yesikhathi esigcwele akhishiwe ekusizeni ekunakekeleni abazali bawo? (b) Yini abanye abasenkonzweni yesikhathi esigcwele abaye bayenza ukuze bahlangabezane nezibopho ngakubazali?
8 Nokho, imikhaya ingabhekana nenkinga ebucayi lapho ilungu lisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Izikhonzi zesikhathi esigcwele azizikhiphi ezibophweni ezinjalo, futhi abaningi baye benza imizamo engavamile ukuze banakekele abazali babo. Umbonisi wesifunda uthi: “Asizange sicabange ngendlela ukunakekela abazali bethu okwakungasilahlekisela ngayo ngokomzimba nangokomzwelo, ikakhulukazi lapho ngesikhathi esifanayo sizama ukuhlangabezana nezimfuneko zenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngempela, siye safika lapho singasenakukhuthazela khona futhi siye sezwa isidingo ‘samandla angaphezu kwawemvelo.’” (2 Korinte 4:7) Kwangathi uJehova angaqhubeka ebasekela abanjalo.
9. Yisiphi isikhuthazo esinganikezwa labo abebengenakho okunye abebengakwenza ngaphandle kokushiya inkonzo yesikhathi esigcwele ukuze banakekele abazali?
9 Nokho, ngezinye izikhathi ngemva kokucabangela zonke ezinye izindlela, akukho okunye ilungu lomkhaya elingakukhetha ngaphandle kokushiya inkonzo yesikhathi esigcwele. Yiqiniso, onjalo angase abe nemizwa ephazamisekile ngokushiya amalungelo akhe enkonzo. ‘Siyazi ukuthi kuwumthwalo wethu wemfanelo wobuKristu ukunakekela umama ogugile nogulayo, , kusho owayeyisithunywa sevangeli. ‘Kodwa ngezinye izikhathi kuzwakala kuxaka kakhulu.’ Nokho, khumbula ukuthi ‘ukubonakalisa imfanelo yokuzinikela kuNkulunkulu ekhaya kuyamukeleka emehlweni kaNkulunkulu.’ (1 Thimothewu 5:4) Futhi, khumbula ukuthi “uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.” (Heberu 6:10) Omunye umbhangqwana owashiya iminyaka eminingi yenkonzo yesikhathi esigcwele uthi: “Sikubheka ngendlela yokuthi kubalulekile ngathi manje ukunakekela abazali bethu njengoba nje kwakunjalo ngathi ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele.”
10. (a) Kungani kungenzeka ukuthi abanye bashiya inkonzo yesikhathi esigcwele kungakafaneleki? (b) Imikhaya kumelwe iyibheke kanjani inkonzo yesikhathi esigcwele?
10 Nokho, mhlawumbe abanye baye bashiya inkonzo yesikhathi esigcwele kungakafaneleki ngoba izihlobo zabo zathi: ‘Anicindezelwe yimisebenzi nemikhaya. Kungani nina ningenakumnakekela uBaba noMama?’ Nokho, ingabe umsebenzi wokushumayela awuwona yini umsebenzi ophuthuma kakhulu owenziwayo namuhla? (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngakho labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele benza umsebenzi obalulekile. (1 Thimothewu 4:16) Futhi, uJesu wabonisa ukuthi, kwezinye izimo, inkonzo kaNkulunkulu ingeza kuqala kunezindaba zomkhaya.
11, 12. (a) Kungani uJesu axwayisa indoda ukuba “iyeke abafileyo bambele abafileyo babo”? (b) Yimaphi amalungiselelo eminye imikhaya eye yawenza uma kunelungu elisenkonzweni yesikhathi esigcwele?
11 Ngokwesibonelo, lapho indoda yenqaba isimemo sokuba umlandeli kaJesu, ithi: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba, ” uJesu waphendula: “Yeka abafileyo [ngokomoya] bambele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:59, 60) Njengoba amaJuda ayembela abafileyo babo ngosuku abafé ngalo, akunakwenzeka ukuthi uyise walendoda wayefé ngokoqobo. Kungenzeka ukuthi lendoda yayimane ifuna ukuhlala noyise osegugile kuze kube sekufeni kwakhe. Nokho, njengoba ngokusobala zazikhona ezinye izihlobo ezazingamnakekela, uJesu wakhuthaza lendoda ukuba ‘ishumayele umbuso kaNkulunkulu’.
12 Ngokufanayo eminye imikhaya iye yathola ukuthi lapho wonke amalungu ebambisana, ngokuvamile kungahlelwa ukuba oyedwa osenkonzweni yesikhathi esigcwele ahlanganyele ekunakekeleni umzali wakhe ngaphandle kokushiya inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngokwesibonelo, ezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele zisiza abazali bazo ngezimpelasonto noma phakathi nezikhathi zamaholide. Ngokuthakazelisayo, abazali abaningi asebegugile baye bagcizelela ukuba abantwana babo bahlale enkonzweni yesikhathi esigcwele, ngisho noma kusho ukuzidela okukhulu ngabazali. UJehova ubabusisa ngokucebile labo ababeka izithakazelo zoMbuso kuqala.—Mathewu 6:33.
‘Ukuhlakanipha Nokuqonda’ Lapho Abazali Bezohlala Nawe
13. Yiziphi izinkinga ezingavela uma umzali emenywa ukuba ahlale nabantwana bakhe?
13 UJesu wahlela ukuba unina ongumfelokazi ahlale nezihlobo zakhe ezikholwayo. (Johane 19:25-27) Ngokufanayo oFakazi abaningi baye bamema abazali babo ukuba bahlale nabo—futhi ngenxa yalokho bathola izikhathi eziningi ezijabulisayo nezibusiso. Nokho, izindlela zokuphila ezingahambisani, ukungabi naso isikhathi esanele uwedwa, nobunzima bokunakekela nsuku zonke ngokuvamile kwenza ukuletha umzali ekhaya lomuntu kukhungathekise ngabo bonke abahilelekile. “Ukunakekela uMama kuye kwangenza ngacindezeleka ngokwengeziwe, ” kusho uAnn, omamezala wakhe uphethwe yisifo seAlzheimer (isifo esenza umuntu omdala enzise okomntwana). “Ngezinye izikhathi ngize ngilahlekelwe ngisho nayisineke futhi ngikhulume ngokhahlo kuMama—futhi lokho kungenza ngizizwe nginecala kakhulu.”
14, 15. ‘Ukuhlakanipha nokuqonda’ kungasiza kanjani ‘ekwakheni’ umkhaya ngaphansi kwalezimo?
14 USolomoni wathi “indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.” (IzAga 24:3) Ngokwesibonelo, uAnn uye wazama ukuyiqonda ngokwengeziwe inkinga kamamezala wakhe. “Ngizigcina ngikhumbula ukuthi uyagula futhi akenzi ngenjongo.” Futhi, “sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo.” (Jakobe 3:2) Kodwa lapho kuba nokungezwani, bonisa ukuhlakanipha ngokwenqaba ukuvumela ukucasuka kwakhe le noma intukuthelo iqhume. (Efesu 4:31, 32) Xoxani izindaba njengomkhaya, futhi nifune izindlela zokuzixazulula noma zokwenza ukulungisa okuthile.
15 Ukuqonda futhi kusiza umuntu ukuba enze ukukhulumisana kube ngokuphumelelayo. (IzAga 20:5) Mhlawumbe umzali unobunzima bokuzifanelanisa nendlela yokuphila yekhaya elisha. Noma mhlawumbe ngenxa yokwahlulela kokuguga, ubonakala engenakho ukubambisana. Ngaphansi kwezinye izimo, kungase kungabikho okunye okungenziwa ngaphandle kokukhuluma ngokuqinile. (Qhathanisa noGenesise 43:6-11.) “Uma ngingamenqabeli umama,” kusho omunye udade, “uyoyisaphaza yonke imali yakhe.” Nokho, omunye umdala uthola ukuthi ngezinye izikhathi angasebenzisa uthando unina analo ngaye. “Ezikhathini eziningi lapho ukumbonisa kwehluleka, ngimane ngithi, ‘Mama, ungasiza wenzele mina nje?’ futhi uyalalela.”
16. Kungani indoda enothando kumelwe ibonise ‘ukuqonda’ kumkayo? Ingakwenza kanjani lokho?
16 Njengoba ngokuvamile kuwumfazi othwala umthwalo omkhulu wokunakekela, indoda eqondayo iyonakekela ukuthi akadikibali—ngokomzwelo, ngokomzimba, noma ngokomoya. IzAga 24:10 zithi: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Yini indoda engayenza ukuze ivuselele intshiseko yomkayo? Omunye udade uthi: “Umyeni wami wayefika ekhaya angange futhi angitshele indlela angazisa ngayo. Ngangingeke ngiphumelele ngaphandle kwakhe!” (Efesu 5:25, 28, 29.) Futhi ingatadisha iBhayibheli nomngane wayo womshado futhi ithandaze njalo naye. Yebo, ngisho nangaphansi kwalezimo ezinzima, umkhaya ‘ungakhiwa.’
Ukunakekela Kwasekhaya Lasebegugile
17, 18. (a) Yisiphi isinyathelo eminye imikhaya eye yaphoqeleleka ukuba isithathe? (b) Ezimweni ezinjalo, abantwana asebekhulile bangabasiza kanjani abazali babo ukuba bakwamukele?
17 Esinye isazi sasebegugile sithi: “Siyafika isikhathi lapho umkhaya ungenalo ikhono noma imali yokugcina [umzali] ekhaya.” Njengoba enye indoda ikubeka: “Kwafika isikhathi lapho impilo yomkami yawohloka ngenxa yokuzama ukunakekela uMama amahora angama-24 ngosuku. Akukho esasingakukhetha ngaphandle kokuyisa uMama ekhaya lase begugile. Kodwa kwasidabukisa izinhliziyo ukwenza lokhu.”
18 Ukunakekela kwase khaya lasebegugile kungaba ukunakekela okungcono kakhulu okutholakalayo ngaphansi kwezimo ezithile. Nokho, asebegugile abayiswa ezindaweni ezinjalo ngokuvamile bayacasuka futhi bathukuthele, benomuzwa wokuthi balahliwe. Omunye udade esizombiza ngokuthi uGreta uthi: “Samchazela kahle uMama ukuthi kungani kwakumelwe senze lokhu. Uye wafunda ukukwamukela futhi manje ubheka lendawo njengekhaya. ” Ukuvakasha njalo nakho kwenza ukukwamukela kwabazali kube lula futhi kubonisa ubuqotho bothando lwenu ngabo. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:8.) Lapho ibanga liyinkinga, hlala uthintana nabo ngocingo, ngezincwadi nangokuvakasha ngezikhathi ezithile. (Qhathanisa neyesi-2 Johane 12.) Nokho, ukuphila phakathi kwabantu bezwe kunezinkinga ezisobala. ‘Qaphela izidingo zabo ezingokomoya.’ (Mathewu 5:3, NW) UGreta uthi: “UMama simnikeza angakufunda, futhi sizame ukuxoxa ngezinto ezingokomoya ngangokunokwenzeka. ”
19. (a) Yikuphi ukunakekela okumelwe kwenziwe ekukhetheni nasekuhloleni ukunakekela kwasekhaya lasebegugile? (b) Kumzuzisa ngani umKristu ukwenza okusemandleni akhe ukuze anakekele umzali?
19 IThe Wall Street Journal yabika ngokuhlolwa kwamakhaya asebegugile aseU.S. angama-406 okwatholakala kukho “cishe elilodwa kwayisihlanu okwathiwa abonakala eyingozi kwabahlala kuwo futhi cishe ingxenye kuphela eyayihlangabezana nezindinganiso ezimbalwa zokuqala.” Ngokudabukisayo, imibiko enjalo miningi ngokudumazayo. Ngakho uma kudingeka ukunakekela kwasekhaya lasebegugile, yenza ukukhetha okuhle. Livakashele ngokomuntu siqu ukuze ubone ukuthi lihlanzekile, ligcinwa lisesimweni esihle, linezisebenzi ezifanelekayo, linomoya ofana nowasekhaya, futhi linokudla okwanele. Kuhlole ngokuseduze ngangokunokwenzeka ukunakekela okunikezwa abazali bakho. Yiba ummeli wabo, ubasize bagweme izimo ezingezinhle ezingavela, mhlawumbe ngokuqondene namaholide ezwe noma ukuzilibazalisa. Ngokwenza okusemandleni akho ekulungiseleleni abazali bakho konke ukunakekela ngaphansi kwezimo ezinjalo, ungazikhulula emizweni yecala engakuphazamisa.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte1:12.
Abaphi Abajabulayo, Abemukeli Abajabulayo
20. Kungani kubalulekile ukuba abantwana babe abaphi abajabulayo?
20 “Bekunzima, ” kusho omunye wesifazane ongumKristu ngokuqondene nokunakekela abazali bakhe. “Kuye kwadingeka ukuba ngibaphekele, ngihlanze, ngibhekane nezinkinga eziphuthumayo, ngishintshe amashidi lapho engasekho esimweni esihle.” Umyeni wakhe uthi: “Kodwa noma yini esabenzela yona, siye sayenza ngokwethaba—ngenjabulo. Siye sazama kanzima ukwenza abazali bethu bangabi nomuzwa wokuthi kuyasicasula ukubanakekela.” (2 Korinte 9:7) Ngokuvamile asebegugile bayangabaza ukwamukela usizo futhi abafuni ukuba umthwalo kwabanye. Ngakho isimo sengqondo osibonisayo sibaluleke kakhulu.
21. (a) Abazali bangaba kanjani abamukeli abajabulayo? (b) Kungani kuhlakaniphile ngomzali ukuhlelela ukuguga kwakhe kusengaphambili?
21 Ngesikhathi esifanayo, isimo sengqondo abazali abasibonisayo naso sibalulekile. Omunye udade uyakhumbula: “Noma yini engangiyenzela uMama, yayinganele.” Ngakho, bazali, gwemani ukuba abangenangqondo noma abafuna ngokweqile. Kakade, iBhayibheli lithi “akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.” (2 Korinte 12:14) Abanye abazali bayakusaphaza abanakho futhi babeke umthwalo ongadingekile kubantwana babo. Nokho, izAga 13:22 zithi: “Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa.” Ngezinga abangenza ngalo, abazali bangakuhlelela kuse ngaphambili ukuguga, babekele imali eceleni futhi benze amalungiselelo athile okuzinakekela.—IzAga 21:5.
22. Umuntu kumelwe ayibheke kanjani imizamo ayenzayo ukuze anakekele abazali bakhe asebegugile?
22 UPawulu wakubeka kahle lapho ethi ukunakekela komuntu abazali bakhe kufana ‘nokubuyisela okufaneleyo.’ (1 Thimothewu 5:4) Njengoba omunye umzalwane esho: “UMama wanginakekela iminyaka engama-20. Yini engiyenzile engaqhathaniswa nalokho?” Kwangathi wonke amaKristu anabazali ase begugile angashukunyiselwa ngokufanayo ukuba ‘abonakalise imfanelo yokuzinikela kuNkulunkulu ekhaya,’ azi ukuthi ayovuzwa ngokucebile uNkulunkulu othembisa labo abazisa abazali babo: “[Uyohlala] kade emhlabeni.”—Efesu 6:3.
Amaphuzu Okukhunjulwa
◻ Abanye osukwini lukaJesu bafuna kanjani ukugwema umthwalo wemfanelo kubazali babo?
◻ Oba ni okumelwe banakekele abazali asebegugile, futhi ngani?
◻ Yiziphi izinkinga imikhaya engahlangabezana nazo lapho umzali ezohlala nayo, futhi zinganqotshwa kanjani?
◻ Kungani kungase kUdingeke ukunakekela kwasekhaya lasebegugile, futhi abazali bangasizwa kanjaniukuba bazivumelanise nakho?
[Isithombe ekhasini 15]
Kungabizwa umhlangano womkhaya ukuze kuxoxwe ngendlela ukunakekelwa komzali okungahlanganyelwa ngayo
[Isithombe ekhasini 17]
Lapho ukunakekela kwasekhaya lasebegugile kudingekile, ukuvakasha nJalo kudingekile enhlala-kahleni engokomzwelo nengokomoya yasebegugile