Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • UmSamariya Uzibonakalisa Engumakhelwane Omuhle
    INqabayokulinda—1998 | Julayi 1
    • Benza Intando KaJehova

      UmSamariya Uzibonakalisa Engumakhelwane Omuhle

      NGOSUKU lukaJesu, kwakunobutha obuphawulekayo phakathi kwamaJuda nabeZizwe. Ngokuhamba kwesikhathi, iMishnah yamaJuda yaze yahlanganisa umthetho owawenqabela ukuba owesifazane ongumIsrayeli asize ongeyena umJuda lapho ebeletha, ngoba lokhu kwakuyosiza ekuletheni omunye umuntu wabeZizwe emhlabeni.—Abodah Zarah 2:1.

      AmaSamariya yiwo ayehlobene ngokuseduze kakhulu namaJuda kunabeZizwe, kokubili ngokwenkolo nangokohlanga. Nokho, nawo ayebhekwa njengalahliwe. Umphostoli uJohane wabhala: “AmaJuda ayengasebenzelani namaSamariya.” (Johane 4:9) Yebo, iTalmud yayifundisa ukuthi “ucezu lwesinkwa oluvela kumSamariya lungcole ngaphezu kwenyama yengulube.” Amanye amaJuda ayeze asebenzise igama elithi “umSamariya” njengamazwi azwakalisa indelelo nesihlamba.—Johane 8:48.

  • UmSamariya Uzibonakalisa Engumakhelwane Omuhle
    INqabayokulinda—1998 | Julayi 1
    • UJesu waqhubeka: “UmSamariya othile owayehamba ngalomgwaqo wafika kuye.” Akungabazeki ukuthi ukukhuluma ngomSamariya kwenza lo mmeli waba nelukuluku elengeziwe lokwazi. Ingabe uJesu wayeyoyigunyaza indlela engeyinhle okwakubhekwa ngayo lolu hlanga? Ngokuphambene, lapho ebona lesi sihambi esivelelwe ingozi, umSamariya “waba nesihawu.” UJesu wathi: ‘Ngakho wasondela kuso futhi wabopha amanxeba aso, ethela amafutha newayini phezu kwawo. Khona-ke wasigibelisa esilwaneni sakhe siqu wasiletha endlini yezihambi futhi wasinakekela.b Futhi ngosuku olulandelayo wakhipha odenariyu ababili, wabanika umgcini wendlu yezihambi, wathi, “Sinakekele, futhi noma yini oyisebenzisayo ngaphandle kwalokhu, ngizokukhokhela yona uma ngibuya lapha.”’—Luka 10:33-35.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela