Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UmSamariya Onothando Lukamakhelwane
MHLAWUMBE uJesu useduze neBethaniya, umuzi oqhele cishe ngamakhilomitha amathathu ukusuka eJerusalema. Indoda eyisazi soMthetho kaMose iza kuye inombuzo, iyabuza: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
UJesu uyabona ukuthi lendoda, engummeli, ayibuzi nje ngoba ifuna ukwazi kodwa ngenxa yokuba ifisa ukumvivinya. Kungenzeka ukuthi inhloso yommeli iwukwenza ukuba uJesu aphendule ngendlela eyayizocasula imizwa yamaJuda. Ngakho-ke uJesu uvumela ummeli ukuba azibophe, embuza: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”
Ummeli ephendula, ebonisa ukuqonda okungajwayelekile, ucaphuna emithethweni kaNkulunkulu ekuDuteronomi 6:5 nakuLevitikusi 19:18, ethi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
“Uphendulé kahle,” kuvuma uJesu. “Yenza lokho, uzakuphila.”
Nokho, ummeli akanelisekanga. Uyibona inganembile ngokwanele impendulo kaJesu. Ufuna ukuqinisekisa kukaJesu kokuthi imibono yakhe siqu ilungile futhi ubaphatha kahle abanye. Ngakho-ke, uyabuza: “Umakhelwane wami ngubani na?”
AmaJuda akholelwa ukuthi igama elithi “umakhelwane” lisebenza kumaJuda akanye nawo kuphela, njengoba kubonakala sengathi umongo kaLevitikusi 19:18 uyakusikisela. Eqinisweni, kamuva ngisho nomphostoli uPetru wathi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe.” Ngakho-ke ummeli, futhi mhlawumbe nabafundi bakaJesu ngokufanayo, bakholelwa ukuthi balungile uma bephatha ngomusa amaJuda akanye nabo kuphela, njengoba, ngokombono wabo, abangewona amaJuda ababona ngempela omakhelwane babo.
UJesu angayilungisa kanjani imibono yabo, ngaphandle kokucasula izilaleli zakhe? Ulandisa indaba, ngokunokwenzeka esekelwe kokwenzeka ngokoqobo. “[UmJuda] othile,” kuchaza uJesu, “wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.”
UJesu uyaqhubeka: “Kwaqabuka kwehIa umpristi othile ngaleyondlela; wathi embona, wamgwemela. Kanjalo nomLevi, efika kuleyondawo embona, wamgwemela. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela.”
Abapristi abaningi nabasizi babo basethempelini abangamaLevi bahlala eJeriko, ibanga lamakhilomitha angama-23 ngaphesheya komgwaqo oyingozi owehlela ngamamitha angama-900 ukusuka lapho bekhonza khona ethempelini eliseJerusalema. Umpristi nomLevi bebengalindelwa ukuba basize umJuda okanye nabo ososizini. Kodwa abakwenzi lokho. Kunalokho, kwenziwa umSamariya. AmaJuda azonda amaSamariya kakhulu kangangokuthi muva nje ahlambalaza uJesu ngamazwi anamandla ngokumbiza ngokuthi “umSamariya.”
UmSamariya wenzani ukuze asize umJuda? “Waya kuye,” kusho uJesu, “wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina. Ngangomuso wakhipha odenariyu ababili [cishe inkokhelo yezinsuku ezimbili], wabanika umninindlu, wathi kuye: Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.”
Ngemva kokulandisa indaba, uJesu ubuza ummeli: “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?”
Ezizwa engakhululekile ukutusa umSamariya,ummeli uphendula kalula nje uthi: “Yilowo owamenzela isihawu.”
“Hamba wenze njalo nawe,” uJesu uyaphetha.
Ukuba uJesu wamtshela ngokuqondile ummeli ukuthi nabangewona amaJuda babengomakhelwane bakhe, lendoda yayingeke nje ingakwamukeli lokhu kodwa cishe iningi lezilaleli lalizoba sohlangothini lwayo engxoxweni noJesu. Nokho, lendaba engokoqobo ekuphileni, yakwenza kwakhanya ngendlela engenakuphikiswa ukuthi omakhelwane bethu bahlanganisa ngisho nabantu abangelona uhlanga lwethu nesizwe sethu. Yeka ukuthi uJesu unendlela enhle kanjani yokufundisa! Luka 10:25-37; IzEnzo 10:28; Johane 4:9; 8:48.
◆ Yimiphi imibuzo ummeli ayibuza uJesu, futhi ngokusobala wayehloseni ngokubuza kwakhe?
◆ AmaJuda ayekholelwa ukuthi babengobani omakhelwane bawo, futhi kunasiphi isizathu sokukholelwa ukuthi ngisho nabafundi bahlanganyela lombono?
◆ UJesu wawulungisa kanjani umbono oqondile ukuze ummeli angawuphikisi?