-
“Wayengakhulumi Nazo Ngaphandle Komfanekiso”‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
-
-
13 UJesu wafaka neminye imininingwane ejwayelekile ngalo mgwaqo osuka ‘eJerusalema uya eJeriko.’ Ngokwalo mzekeliso, okokuqala umpristi kwase kuba umLevi, babehamba kulowo mgwaqo—nakuba bobabili bengazange beme basize owayegetshengiwe. (Luka 10:31, 32) Abapristi babekhonza ethempelini eJerusalema, amaLevi ebasiza. Abapristi abaningi namaLevi babehlala eJeriko uma bengasebenzi ethempelini; iJeriko lalingamakhilomitha angu-23 kuphela ukusuka eJerusalema. Ngakho, babengabonakala kulowo mgwaqo. Phawula nokuthi uJesu wathi isihambi ‘sasehla’—sasingenyuki—emgwaqweni ‘ovela eJerusalema.’ Izilaleli zakhe zakuqonda lokhu. IJerusalema lalisendaweni ephakeme kuneJeriko. Ngakho, lapho ‘sivela eJerusalema,’ ngempela isihambi sasiyobe ‘sehla.’b Kusobala ukuthi uJesu wayecabanga ngezilaleli zakhe.
-
-
“Wayengakhulumi Nazo Ngaphandle Komfanekiso”‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
-
-
b UJesu wathi futhi umpristi nomLevi ‘babevela eJerusalema,’ okungukuthi babesuka ethempelini. Ngakho, akekho ongathethelela isenzo sabo ngokuthi bagwema lo muntu owayebonakala efile ngoba bengafuni ukungafaneleki okwesikhashana ukukhonza ethempelini.—Levitikusi 21:1; Numeri 19:16.
-