Amagugu Avela EVangelini LikaLuka
INDODANA kaJehova, uJesu Kristu, yaziwa kahle ngokuba nesihe. Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi umbhali weVangeli uLuka agcizelele isihe, umusa, nokuzwelana! Wabhalela amaJuda nabeZizwe ngokufanayo, umlando ojabulisayo wokuphila kukaJesu kwasemhlabeni.
Izici ezithile zaleliVangeli zibonisa ukuthi labhalwa umuntu ofundile. Ngokwesibonelo, linesingeniso esiwubuciko namagama asetshenziswa olimini ajulile. Amaphuzu anjalo avumelana neqiniso lokuthi uLuka wayengudokotela ofundile. (Kolose 4:14, qhathanisa neNW.) Nakuba engazange abe yikholwa kwaze kwaba ngemva kokufa kukaJesu, wahambisana noPawulu ukuya eJerusalema ngemva kohambo lwesithathu lwalomphostoli lobuthunywa bevangeli. Ngakho, ngemva kokuboshwa kukaPawulu lapho nokuvalelwa kwakhe ejele eKesariya, lomcwaningi ocophelelayo wakwazi ukuhlanganisa ukwaziswa ngokuxoxa nofakazi bokuzibonela nangokuhlola imilando yomphakathi. (1:1-4; 3:1, 2) Kungenzeka ukuthi iVangeli lakhe labhalwa eKesariya esikhathini esithile phakathi nokuboshwa kwalomphostoli kweminyaka emibili khona, cishe ngo-56-58 C.E.
Izici Ezithile Eziyingqayizivele
Okungenani izimangaliso zikaJesu eziyisithupha zitholakala eVangelini likaLuka kuphela. Yilezi: ukudotshwa kwezinhlanzi okuyisimangaliso (5:1-6); ukuvuswa kwendodana yomfelokazi eNayini (7:11-15); ukuphulukiswa kowesifazane oqhothile (13:11-13); ukuphulukiswa kwendoda eyayinesifo samanzi (14:1-4); ukuhlanjululwa kwabayishumi abanochoko (17:12-14); nokubuyiselwa kwendlebe yenceku yompristi omkhulu.—22:50, 51.
Okunye futhi okutholakala ekulandiseni kukaLuka kuphela eminye yemifanekiso kaJesu. Lena ihlanganisa: abantu ababili ababenezikweleti (7:41-47); umSamariya onomusa (10:30-35); isihlahla somkhiwane esingatheli (13:6-9); isidlo esikhulu sakusihlwa (14:16-24); indodana yolahleko (15:11-32); isicebi noLazaru (16:19-31); nomfelokazi nomahluleli ongalungile.—18:1-8.
Izenzakalo Ezithinta Inhliziyo
Udokotela uLuka wabonisa ukukhathalela abesifazane, abantwana, nasebegugile. Uyena yedwa owakhuluma ngobunyumba bukaElisabethe, ukukhulelwa kwakhe, nokuzalwa kukaJohane. IVangeli lakhe kuphela elabika ngokubonakala kwengelosi uGabriyeli kuMariya. ULuka washukunyiselwa ukuba asho ukuthi umntwana kaElisabethe wagxuma esibelethweni sakhe njengoba uMariya ayekhuluma naye. Uyena yedwa owalandisa ngokusokwa kukaJesu nangokuyiswa kwakhe ethempelini, lapho abonwa khona uSimeyoni noAna asebegugile. Futhi sibonga iVangeli likaLuka ngolwazi esinalo ngesikhathi sikaJesu nesikaJohane uMbhapathizi besengabantwana.—1:–2:52.
Lapho uLuka ebhala ngomfelokazi waseNayini owayedabukile owayelahlekelwe indodana yakhe okwakuwukuphela kwayo ngokufa, wathi uJesu ‘wamhawukela’ wayesebuyisela lensizwa ekuphileni. (7:11-15) Okunye okubikwa eVangelini likaLuka kuphela, nokujabulisayo, isehlakalo esihilela uZakewu, umthelisi omkhulu. Njengoba ayemfushane, wakhwela emthini ukuze abone uJesu. Yeka ukuthi kwakumangalisa kanjani lapho uJesu ethi wayezohlala emzini kaZakewu! ULuka ubonisa ukuthi lokhu kuhambela kwaba isibusiso esikhulu kulomninikhaya ojabulayo.—19:1-10.
Okuvela Ekulobeni Kukadokotela
LeliVangeli liqukethe amatemu noma amagama amaningi anencazelo yezokwelapha. Lamagama awasetshenziswanga nhlobo noma awasetshenziswanga ngomqondo ongokwezokwelapha abanye ababhali bemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Kodwa singalulindela ulimi lwezokwelapha ekulobeni kukadokotela.
Ngokwesibonelo, uLuka kuphela owathi umkhwekazi kaPetru wayebanjwé “ngumkhuhlane omkhulu.” (4:38) Futhi wabhala: “Bheka, nanso indoda egcwele uchoko.” (5:12) Kwabanye ababhali bamaVangeli, kwakwanele ukukhuluma ngochoko. Kodwa kwakungenjalo ngodokotela uLuka, owabonisa ukuthi isifo salendoda sase sisezingeni eliphakeme.
Ukuqonda Amasiko
ULuka wathi ngemva kokuzalwa kukaJesu, uMariya “wambopha ngemidweshu yendwangu.” (2:7, NW) Ngokwesiko, usana olusanda kuzalwa lwalugezwa bese lukhuhlwa ngosawoti, mhlawumbe ukuze komiswe isikhumba futhi siqiniswe. Usana lwalube selusongwa ngemidweshu yokubopha, cishe njengesidumbu esilondolozwayo. Lemidweshu yayigcina umzimba uqondile futhi ufudumele, futhi ukuyibopha ihambe ngaphansi kwesilevu nangaphezu kwekhanda kungenzeka kwakuqeqesha umntwana ukuba aphefumule ngamakhala. Umbiko wekhulu leminyaka le-19 ophathelene namasiko anjalo okubopha wacaphuna isivakashi esasivakashele eBetlehema sithi: “Ngasigona lesidalwa esincane ezandleni zami. Umzimba waso wawuqinile, uboshwe waqiniswa ngendwangu enokumhlophe nokububende. Izandla nezinyawo zaso zaziboshwe ngempela. Ikhanda laso laliboshwe ngetshali elincane, elithambile elibomvu, elipheciwe elalidlula ngaphansi kwesilevu linqamule esiphongweni.”
IVangeli likaLuka futhi lisenza siqonde amasiko okungcwaba ekhulu lokuqala leminyaka. UJesu wayeseduze kwesango laseNayini lapho ebona ‘kuphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina [ongumfelokazi], nabantu abaningi bomuzi babenaye.’ (7:11, 12) Ngokuvamile imingcwabo yayenzelwa ngaphandle komuzi, futhi abangane bofile babephelezela izidumbu ukuya engcwabeni. Uhlaka ngokunokwenzeka olwalwenziwe ngezintingo eziphiciwe ezinezingodo eziphumela ngaphandle zisuka emachosheni alo ezazenza ukuba amadoda amane alwetshathe emahlombe njengoba udwendwe lwaluhamba luya emalibeni.
Komunye umfanekiso owabhalwa uLuka, uJesu wakhuluma ngomuntu owashaywa izigcwelegcwele. UmSamariya onomusa “wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini.” (10:34) Lena kwakuyindlela yesiko yokunakekela amanxeba. Amafutha omnqumo ayewathambisa futhi awathobe amanxeba. (Isaya 1:6) Kodwa kuthiwani ngewayini? IJournal of the American Medical Association yathi: “Iwayini lalingumuthi oyinhloko eGrisi. . . . UHippocrates waseCos (460-370 BC) . . . wayelisebenzisa kakhulu iwayini, elinikeza iziguli njengomuthi wokugcoba izilonda, wokwehlisa ukushisa okubangwa imikhuhlane, wokuhambisa isisu, nowokubangela umchamo.” Umfanekiso kaJesu wagudlisela ezicini zewayini ezinqanda ukubhibha nezibulala amagciwane, nasemandleni amafutha omnqumo okusiza ekwelapheni amanxeba. Yiqiniso, iphuzu lalomfanekiso liwukuthi umakhelwane wangempela wenza izenzo zomusa. Kungaleyondlela okufanele sisebenzelane ngayo nabanye.—10:36, 37.
Izifundo Ngokuthobeka
ULuka yedwa owalandisa ngomfanekiso uJesu awusho lapho ebona izimenywa zikhetha izindawo eziphambili esidlweni. Emadilini, izimenywa zazihlala ezihlalweni ezisamibhede ezazibekwa ezinhlangothini ezintathu zetafula. Oweta babefinyelela kulo ngohlangothi lwesine. Ngokuvamile, kulezihlalo kwakuhlala abantu abathathu, ngamunye ebheke etafuleni eyame ngendololwane yesobunxele futhi ethatha ukudla ngesandla sokudla. Lezindawo ezintathu zazibonisa ukuthi umuntu usendaweni ephakeme, ephakathi, noma ephansi esihlalweni. Lowo ohlezi endaweni ephansi esihlalweni sesithathu wayenesikhundla esiphansi kunazo zonke esidlweni. UJesu wathi: ‘Nxa umenyelwa umshado, khetha indawo esezansi khona-ke okumemileyo uyothi kuwe, “Yenyukela enhla,” khona uyakuba nodumo phambi kwabahlezi nawe ekudleni.’ (14:7-10) Yebo, ngokuzithoba masibeke abanye phambi kwethu. Eqinisweni, lapho ebonisa ukusebenza kwalomfanekiso, uJesu wathi: “Oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”—14:11.
Okunye okugcizelela ukuthobeka, futhi okutholakala eVangelini likaLuka kuphela, kwakuwumfanekiso kaJesu womthelisi nomFarisi ababethandaza ethempelini. Phakathi kwezinye izinto, umFarisi wathi: “Ngizila ukudla kabili ngeviki.” (18:9-14) UMthetho wawudinga ukuzila kanye ngonyaka. (Levitikusi 16:29) Kodwa abaFarisi babeqisa kakhulu ekuzileni. Lona osemfanekisweni wayezila ngosuku lwesibili lwesonto ngoba lwalucatshangelwa njengosuku uMose anyukela ngalo eNtabeni yaseSinayi, lapho amukela khona izibhebhe ezimbili zobuFakazi. Kuthiwa wehla entabeni ngosuku lwesihlanu lwesonto. (Eksodusi 31:18; 32:15-20) LomFarisi waphawula ukuzila kwakhe kabili ngesonto njengobufakazi bokukholwa kwakhe. Kodwa lomfanekiso kufanele usishukumisele ukuba sibe ngabathobekile, singaziboni ukulunga.
Lamagugu avela eVangelini likaLuka afakazela ukuthi liyingqayizivele futhi liyafundisa. Izehlakalo ezilandiswa kulokhu kulandisa zisisiza ukuba siphinde sibone izehlakalo ezithinta inhliziyo ekuphileni kukaJesu kwasemhlabeni. Siyazuza futhi nasekwazisweni okuyisizinda ngamasiko athile. Kodwa sibusiswa ngokukhethekile uma sizisebenzisa izifundo ezinjengalezo eziphathelene nomusa nokuthobeka ezifundiswa kahle kangaka kuleliVangeli likaLuka, udokotela othandekayo.