Lokho Esikufunda KuJesu
Ngemithandazo Ezwiwa NguNkulunkulu
UJesu wayevame ukufuna indawo engasese yokuthandaza, futhi watusa ukuba abafundi bakhe benze okufanayo. IBhayibheli lithi: “Ngesikhathi isendaweni ethile ithandaza, lapho iqeda, othile kubafundi bayo wathi kuyo: ‘Nkosi, sifundise ukuthandaza’ . . . Yathi kubo: ‘Noma nini lapho nithandaza, anothi, “Baba, malingcweliswe igama lakho.”’” (Luka 5:16; 11:1, 2) Ngakho, uJesu wabonisa ukuthi imithandazo kufanele iqondiswe kuYise, uJehova. Nguye yedwa onguMdali wethu futhi ‘unguMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.
Ingabe yonke imithandazo iyamthokozisa uNkulunkulu?
Ukuphindaphinda imithandazo eshiwo ngekhanda akumthokozisi uNkulunkulu. UJesu wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” (Mathewu 6:7) Kumelwe sikhulume noBaba wethu wasezulwini ngokusuka enhliziyweni. UJesu wake wagcizelela kubalandeli bakhe ukuthi, uNkulunkulu wamukela imithandazo yomuntu oyisoni okufuna ngobuqotho ukushintsha, kunemithandazo yomuntu oqhoshayo owalandela ngokucophelela amasiko enkolo. (Luka 18:10-14) Ngakho-ke, ukuze imithandazo yethu izwiwe, kufanele ngokuthobeka sifune ukwenza lokho uNkulunkulu asitshela kona. Ngisho noJesu wathi: “Lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa. . . . Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:28, 29) Ethandaza, uJesu wathi: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.”—Luka 22:42.
Yini okufanele siyithandazele?
Njengoba igama likaNkulunkulu liye lanyundelwa, uJesu wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’” (Mathewu 6:9, 10) Kufanele sithandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze ngoba uwuhulumeni ayowusebenzisa ukuze afeze intando yakhe ezulwini nasemhlabeni. UJesu wathi singathandazela “isinkwa sethu sosuku.” Singacela nosizo kuJehova mayelana nomsebenzi, indawo yokukhosela, izingubo zokugqoka, izindaba zempilo nezinye izinto ezisikhathazayo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi kufanele sithandazele intethelelo.—Luka 11:3, 4.
Ingabe kufanele sibathandazele abanye?
UJesu wabathandazela abanye. IBhayibheli liyasitshela: “[Kwalethwa] abantwana kuye, ukuze ababeke izandla athandaze.” (Mathewu 19:13) UJesu watshela umphostoli uPetru ukuthi: “Ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli.” (Luka 22:32) UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bathandazele abanye, ngisho nalabo ababashushisayo nababathukayo.—Mathewu 5:44; Luka 6:28.
Kungani kufanele siphikelele emthandazweni?
UJesu wazinika isikhathi sokuthandaza futhi wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba “bathandaze ngaso sonke isikhathi bangayeki.” (Luka 18:1) UJehova usimema ukuba sibonise ukumethemba kwethu ngokukhuluma naye ngokuphindaphindiwe ngezinto ezisikhathazayo. UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa.” Kodwa lokho akusho ukuthi uJehova umathintanyawo ukuphendula labo abamthandayo nabamhloniphayo njengoBaba. Kunalokho, uJesu wathi: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”—Luka 11:5-13.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.