-
UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
4 UJesu wathi: “Ubani kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kwamabili athi kuye, ‘Mngane, ngenanele izinkwa ezintathu, ngoba kusanda kufika umngane wami kimi esohambweni futhi anginalutho engingamupha lona’? Lowo ongaphakathi ephendula athi, ‘Yeka ukungikhathaza. Umnyango usuhluthulelwe kakade, futhi sengilele nabantwana bami; ngeke ngikwazi ukuvuka ngikunike lutho.’ Ngiyanitshela, Nakuba engeke avuke amnike lutho ngenxa yokuba engumngane wakhe, ngokuqinisekile ngenxa yokuphikelela kwakhe ngesibindi uyovuka amnike lokho akudingayo.” UJesu wabe esechaza indlela lo mfanekiso osebenza ngayo endabeni yokuthandaza, wathi: “Ngakho ngithi kini, Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.”—Luka 11:5-10.
-
-
UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
6. Osukwini lukaJesu, kwakubhekwa kanjani ukubungaza izivakashi?
6 UJesu akasibonisi nje kuphela indlela okufanele sithandaze ngayo—ukuphikelela ngesibindi—kodwa nokuthi kungani kufanele siphikelele. Ukuze sisiqonde ngokucacile leso sifundo, kufanele sibheke indlela labo ababelalele umfanekiso kaJesu wendoda enesivakashi ephikelelayo ababebheka ngayo ukubungaza izivakashi. Izindima eziningana emiBhalweni zibonisa ukuthi ezikhathini zeBhayibheli, ukunakekela izivakashi kwakuyinkambiso ebhekwa ngokungathí sina, ikakhulu ezincekwini zikaNkulunkulu. (Genesise 18:2-5; Hebheru 13:2) Ukungabonisi umoya wokubungaza izivakashi kwakuyihlazo. (Luka 7:36-38, 44-46) Ake siphinde sibheke indaba kaJesu sinalokho engqondweni.
7. Kungani indoda enesivakashi emfanekisweni kaJesu ingenamahloni okuvusa umngane wayo?
7 Emfanekisweni kaJesu, indoda ethile ifikelwa isivakashi phakathi kwamabili. Izizwa iphoqelekile ukuba iphe isivakashi sayo okudliwayo kodwa ‘ayinalutho engasipha lona.’ Ngokubona kwayo, lesi yisimo esiphuthumayo! Kumelwe ithole isinkwa noma kanjani. Ngakho iya kumngane wayo ifike imvuse ingenamahloni. Iyamemeza: “Mngane, ngenanele izinkwa ezintathu.” Iyaphikelela ize ikuthole ekudingayo. Ayiziboni ingasibungaza kahle isivakashi sayo ingenaso isinkwa.
Lapho Siwudinga Ngokwengeziwe, Kumelwe Siwucele Ngokwengeziwe
8. Yini eyosishukumisela ukuba siphikelele ekuthandazeleni umoya ongcwele?
8 Ubonisani lo mfanekiso ngesizathu sokuphikelela kwethu emthandazweni? Indoda yaqhubeka icela isinkwa ngoba yayinomuzwa wokuthi kwakudingeka nakanjani ibe naso ukuze ifeze isibopho sayo sokubungaza isivakashi. (Isaya 58:5-7) Ngaphandle kwesinkwa, yayingeke ikwazi ukusibungaza ngokugculisayo. Ngokufanayo, ngenxa yokuthi siyaqaphela ukuthi siyawudinga nakanjani umoya kaNkulunkulu ukuze sifeze inkonzo yethu njengamaKristu eqiniso, siyaqhubeka sithandaza kuNkulunkulu sicela lowo moya. (Zakariya 4:6) Ngaphandle kwawo, siyosilela. (Mathewu 26:41) Uyasibona yini isiphetho esibalulekile esingasifinyelela kulo mfanekiso? Uma sibheka umoya kaNkulunkulu njengokuthile esikudinga ngokuphuthumayo, cishe siyophikelela ekuwuceleni.
9, 10. (a) Fanekisa ukuthi kungani kudingeka siphikelele ekuceleni uNkulunkulu ukuba asinike umoya wakhe. (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona, futhi ngani?
9 Ukuze sibonise indlela lesi sifundo esisebenza ngayo kithi namuhla, zicabange ugulelwa ilungu lomkhaya wakho phakathi kwamabili. Ungamvusa yini udokotela ucele usizo? Ngeke uma ogulayo engaphathekile kangako. Kodwa uma ephathwa yinhliziyo, ngeke ube namahloni okubiza udokotela. Ngani? Ngoba ubhekene nesimo esiphuthumayo. Uyabona ukuthi nakanjani kudingeka usizo lomuntu onolwazi. Ukungaceli usizo kungasho ukufelwa. Ngokufanayo, kunjengokungathi amaKristu eqiniso ahlale ebhekene nesimo esiphuthumayo. Ingani uSathane uzulazula “njengengonyama ebhongayo,” ezama ukusishwabadela. (1 Petru 5:8) Ukuze siqhubeke siphila ngokomoya, siyaludinga nakanjani usizo lomoya kaNkulunkulu. Ukungaceli usizo lwakhe kungasho ukufa. Ngakho, siphikelela ngesibindi sicela uNkulunkulu asinike umoya wakhe ongcwele. (Efesu 3:14-16) Yileyo kuphela indlela esiyolondoloza ngayo amandla esiwadingayo ukuze ‘sikhuthazele kuze kube sekupheleni.’—Mathewu 10:22; 24:13.
-