-
UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
5. Umfanekiso wendoda ephikelelayo usifundisani ngesimo sethu sengqondo lapho sithandaza?
5 Lo mfanekiso ocacile wendoda ephikelelayo ubonisa isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho sithandaza. Phawula ukuthi uJesu uthi le ndoda ithola lokho ekudingayo “ngenxa yokuphikelela [kwayo] ngesibindi.” (Luka 11:8) Inkulumo ethi ‘ukuphikelela ngesibindi’ ivela kanye kuphela eBhayibhelini. Ihunyushwe isuselwa egameni lesiGreki ngokwezwi nezwi elisho “ukungabi namahloni.” Ngokuvamile ukungabi namahloni kubhekwa njengento engeyinhle. Nokho, lapho ukungabi namahloni noma ukuphikelela kuboniswa ngenxa yesizathu esihle, kungaba yimfanelo etusekayo. Kunjalo ngendoda enesivakashi emfanekisweni. Ayinamahloni okuphikelela icele lokho ekudingayo. Njengoba uJesu eveza le ndoda njengeyisibonelo kithi, nathi kufanele siphikelele emithandazweni yethu. UJehova ufuna ‘siqhubeke sicela, siqhubeke sifuna, siqhubeke singqongqoza.’ Yena uyophendula ‘ngokubanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.’
-
-
UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
9, 10. (a) Fanekisa ukuthi kungani kudingeka siphikelele ekuceleni uNkulunkulu ukuba asinike umoya wakhe. (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona, futhi ngani?
9 Ukuze sibonise indlela lesi sifundo esisebenza ngayo kithi namuhla, zicabange ugulelwa ilungu lomkhaya wakho phakathi kwamabili. Ungamvusa yini udokotela ucele usizo? Ngeke uma ogulayo engaphathekile kangako. Kodwa uma ephathwa yinhliziyo, ngeke ube namahloni okubiza udokotela. Ngani? Ngoba ubhekene nesimo esiphuthumayo. Uyabona ukuthi nakanjani kudingeka usizo lomuntu onolwazi. Ukungaceli usizo kungasho ukufelwa. Ngokufanayo, kunjengokungathi amaKristu eqiniso ahlale ebhekene nesimo esiphuthumayo. Ingani uSathane uzulazula “njengengonyama ebhongayo,” ezama ukusishwabadela. (1 Petru 5:8) Ukuze siqhubeke siphila ngokomoya, siyaludinga nakanjani usizo lomoya kaNkulunkulu. Ukungaceli usizo lwakhe kungasho ukufa. Ngakho, siphikelela ngesibindi sicela uNkulunkulu asinike umoya wakhe ongcwele. (Efesu 3:14-16) Yileyo kuphela indlela esiyolondoloza ngayo amandla esiwadingayo ukuze ‘sikhuthazele kuze kube sekupheleni.’—Mathewu 10:22; 24:13.
-