“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
1. IBhayibheli limchaza kanjani uMbhali walo, futhi hlobo luni lolwazi imiBhalo elunikezayo?
“YONKE imiBhalo iphefumlelwe uNkulunkulu.” Lamazwi akweyesi-2 Thimothewu 3:16 aveza uNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, njengoMbhali noMphefumleli wemiBhalo Engcwele. Yeka ukuthi ijabulisa ngokwanelisa kanjani imiBhalo ephefumlelwe! Yeka umthombo omangalisayo wolwazi lweqiniso eyiwo! Ngempela ‘iwukumazi uNkulunkulu’ okuye kwafunwa futhi kwaziswa abathandi bokulunga kusukela kudala.—IzAga 2:5.
2. UMose, uDavide, noSolomoni bakubonisa kanjani ukubaluleka kokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu?
2 Omunye walabafuni bolwazi kwakunguMose, umholi nomhleli obonakalayo wesizwe sikaNkulunkulu sakwaIsrayeli, owathi imfundiso yaphezulu yayiqabula “njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini.” Bese kuba khona uDavide, umlweli onesibindi nomsekeli wegama likaJehova, owathandaza: “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho.” Kwakukhona uSolomoni onokuthula, umakhi wesinye sezakhiwo ezinhle kunazo zonke ezake zama kulomhlaba, indlu kaJehova eJerusalema, owabonisa ukubaluleka kokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu ngalamazwi: “Inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.”—Dut. 32:2; IHu. 86:11; IzAga 3:14, 15.
3. Kubaluleka kuni uJesu noNkulunkulu ngokwabo abakubeka ezwini laphezulu?
3 UJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wabheka izwi likaNkulunkulu njengelibaluleke kakhulu, ethi: “Izwi lakho liyiqiniso.” Kubalandeli bakhe wathi: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Joh. 17:17; 8:31, 32) Linamandla ngempela lelizwi uJesu alamukela kuYise. Liyizwi likaNkulunkulu. Ngemva kokufa nokuvuka kanye nokwenyukela kwakhe ngakwesokunene sikaJehova uqobo emazulwini, uJesu walembula ngokwengeziwe izwi likaYise, kuhlanganise nencazelo ejabulisayo yezibusiso zikaNkulunkulu esintwini emhlabeni oyiPharadesi. Ngemva kwalokho, uNkulunkulu wayala umphostoli uJohane: “Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.” Wonke amazwi emiBhalo ephefumlelwe “athembekile, aqinisile,” eletha izinzuzo ezingenakulinganiswa kulabo abawalalelayo.—IsAm. 21:5.
4. Iyini inzuzo yemiBhalo ephefumlelwe?
4 Ziba khona kanjani lezinzuzo? Amazwi aphelele omphostoli uPawulu kweyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 (NW) anikeza impendulo: “Yonke imiBhalo iphefumlelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ahlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” Khona-ke, imiBhalo ephefumlelwe inenzuzo yokufundisa imfundiso elungile nokuziphatha okulungile, iqondisa izinto ezingqondweni nasekuphileni kwethu, iyasisola futhi isiyale ukuze sihambe ngokuthobeka eqinisweni nasekulungeni. Ngokuzithoba ekufundiseni kweZwi likaNkulunkulu, singaba “yizisebenzi kanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:9) Alikho ilungelo elikhulu emhlabeni namuhla kunokuba umuntu abe matasa emsebenzini kaNkulunkulu ‘njengomuntu kaNkulunkulu ophelele, ohlome ngokuphelele.’
ISISEKELO ESIQINILE SOKHOLO
5. Luyini ukholo, futhi lungatholakala kanjani kuphela?
5 Ukuze umuntu abe isisebenzi kanye noNkulunkulu, kundingeka ukholo. Ukholo akumelwe ludidaniswe nokuthatheka okwande kangaka namuhla. Abantu abaningi bacabanga ukuthi noma iluphi uhlobo lwenkolelo—eyamahlelo, eyokuziphendukela kwemvelo, noma eyamafilosofi—lwanele. Nokho, umuntu kaNkulunkulu kumelwe “[abambisise, NW] isibonelo samazwi aphilayo . . . ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu.” (2 Thim. 1:13) Ukholo lwakhe kumelwe lube ngoloqobo futhi luphile, ngoba “ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” Kumelwe lusekelwe ekukholelweni okuqinile kuNkulunkulu nasemivuzweni yakhe kulabo abamthokozisayo. (Heb. 11:1, 6) Lolukholo lutholakala kuphela ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngenkuthalo. Lusekelwe othandweni okujulile ngeBhayibheli nangoNkulunkulu weBhayibheli, uJehova, nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lunye kuphela ukholo olunjalo oluphilayo, njengoba kuneNkosi eyodwa kuphela, uJesu Kristu, noNkulunkulu oyedwa onguYise wabo bonke, uJehova.—Efe. 4:5, 6.
6. Ukholo lweqiniso lungelaliphi izinga?
6 Sidinga ukwazi ukuthi liyini iZwi likaNkulunkulu nokuthi lavelaphi, negunya lalo kanye nenjongo namandla alo okulunga. Lapho siba nokwazisa ngesigijimi salo esikhazimulayo, siyoba nokholo. Ngaphezu kwalokho, siyoba nothando oluvuthayo ngeBhayibheli nangoMbhali walo kangangokuthi akukho lutho oluyoke lukwazi ukuminyanisa lolokholo nothando. YimiBhalo, ehlanganisa nezinkulumo zikaJesu Kristu, eyakha isisekelo esiqinile sokholo. Ukholo lweqiniso luyoba olohlobo oluyobekezelela uvivinyo nokulingwa okunzima, ukushushiswa, nokusongela kokuthanda izinto ezibonakalayo namafilosofi omphakathi ongamesabi uNkulunkulu. Luyonqoba ngokukhazimulayo kuze kube sezweni likaNkulunkulu elisha lokulunga. “Lokhu kuyinqobo enqobé izwe: ukukholwa kwethu.”—1 Joh. 5:4.
7. Imiphi imivuzo ehambisana nokuthola ukuhlakanipha kweBhayibheli?
7 Ukuze sizuze ukholo futhi silulondoloze, sidinga ukuzikhandla ekwakheni uthando nokwazisa ngeZwi likaNkulunkulu, imiBhalo ephefumlelwe. ImiBhalo iyisipho sikaNkulunkulu esingenakulinganiswa esiya esintwini, inqolobane yamagugu angokomoya akujula kokuhlakanipha kwawo kungenakuqondakala futhi amandla awo okukhanyisela nokushukumisela ekulungeni adlula awazo zonke izincwadi ezake zabhalwa. Njengoba simba ukuze sizuze ulwazi lweZwi likaNkulunkulu, siyoholeleka ukuba sibabaze kanye nomphostoli uPawulu: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!” Ukwazi imiBhalo ephefumlelwe noMbhali wayo kuwukuqalisa indlela yenjabulo nobumnandi baphakade.—Roma 11:33; IHu. 16:11.
UJEHOVA—UNKULUNKULU ODLULISELA UKWAZISWA
8. (a) Kungani kufanele sibonge ngokuthi uJehova unguNkulunkulu odlulisela ukwaziswa? (b) Uhluka ngayiphi indlela konkulunkulu abangamademoni?
8 Lapho ekhuluma ngenkazimulo yegama likaJehova, uDavide wababaza: “Umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.” (IHu. 86:10) UJehova uye wenzela isintu emhlabeni “izimangaliso” eziningi, futhi phakathi kwalezi esokudlulisela kuso iZwi lakhe. Yebo, uJehova unguNkulunkulu odlulisela ukwaziswa, uNkulunkulu okhuluma ngothando ukuze kuzuze izidalwa zakhe. Yeka ukuthi kufanele sibonge kangakanani ngokuthi uMdali wethu akasiye umlawuli ongafinyeleleki, osithwe izimfihlakalo futhi ongazanelisi izidingo zabathandi bokulunga emhlabeni! Njengoba eyokwenza futhi ezweni elisha elizayo, ngisho namanje uJehova uhlala nalabo ababonisa ukholo kuye nabamthandayo, ngendlela kaBaba onomusa odlulisela izinto ezinhle kubantwana bakhe abafuna ukwazi. (IsAm. 21:3) UBaba wethu wasezulwini akafani nonkulunkulu abangamademoni, okumelwe bamelelwe yizithombe ezisabekayo eziyizimungulu. Onkulunkulu bensimbi netshe abanabo ubuhlobo bobubaba nabakhulekeli babo abasebumnyameni. Akukho lutho oluyinzuzo abangaludlulisela kubo. Ngempela “abazenzayo bayafana nazo.”—IHu. 135:15-19; 1 Kor. 8:4-6.
9. Hlobo luni lokwaziswa okuye kwavela kuNkulunkulu ezindaweni eziphezulu?
9 UJehova “nguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.” (Eks. 34:6) Ngenxa yobuningi bomusa wakhe wothando, uye wadlulisela inala yeqiniso esintwini. Konke lokhu kuyiseluleko esinengqondo sokuqondisa isintu futhi kuhlanganisa neziprofetho ezikhanyisa indlela yomuntu eya ezibusisweni zesikhathi esizayo. “Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.” (Roma 15:4) Ezindaweni eziphezulu, ezulwini uqobo, kuye kwadluliselwa ukwaziswa kokufundisa isintu, esisezindaweni eziphansi.—Joh. 8:23.
10. UJehova uye wadlulisela ukwaziswa ngaziphi izilimi, futhi ngani?
10 UJehova akakaze adlulisele ukwaziswa ngolimi olungaziwa kodwa ngaso sonke isikhathi uye wakudlulisela ngolimi lwabantu, ulimi olusebenzayo lofakazi bakhe abathembekile. (IzE. 2:5-11) KuAdamu, uNowa, uAbrahama, uMose, nakubaprofethi abangamaHeberu, uJehova wakhuluma ngolimi lokuqala lwesintu, manje olwaziwa ngokuthi isiHeberu. IsiHeberu saqhubeka sisetshenziswa sonke lesosikhathi sisaqondakala, ngisho nakamuva kangangesikhathi sikaSawulu waseTarsu, uJesu ovusiwe akhuluma naye ngalololimi. (IzE. 26:14) Lapho ulimi lwamaKhaledi lwesiAramu lubusa phakathi kwamaIsrayeli ayedingisiwe, ngalesosikhathi okunye ukudluliselwa kokwaziswa okuvela kuNkulunkulu kwenziwa ngesiAramu ngoba abantu babeqonda lololimi. (Ezra 4:8–6:18; 7:12-26; Dan. 2:4b–7:28) Kamuva, lapho isiGreki sesiwulimi lwezizwe zonke futhi siwulimi oluyinhloko lofakazi bakhe, ukudlulisela kukaJehova ukwaziswa, kwenziwa futhi kwalondolozwa ngalololimi. Amazwi alondolozwe eBhayibhelini awukwaziswa okudluliselwe uJehova, akhulunywa njalo ngolimi olusebenzayo ukuze kuzuze abantu abathobekile, abathanda iqiniso emhlabeni.
11. Kungani kungase kushiwo ukuthi uJehova unguMqambi wazo zonke izilimi?
11 UJehova unguMdali wengqondo nezitho zokukhuluma, kuhlanganise nolimi, umlomo, nomphimbo, okwakha zonke izinkimbinkimbi zemisindo yokukhuluma zesimiso ngasinye ezimisweni eziningi zezilimi. Ngakho, kungashiwo ukuthi uJehova unguMakhi wazo zonke izilimi. Igunya lakhe ezilimini zesintu labonakaliswa ngesimangaliso asenza eMbhoshongweni WaseBabele. (Eks. 4:11; Gen. 11:6-9; 10:5; 1 Kor. 13:1) Akukho lulimi angalwazi uJehova. Akanikezanga nje kuphela umuntu ulimi lokuqala lwesiHeberu, kodwa, ngokudala kwakhe ingqondo nezitho zokukhuluma, wanikeza futhi nesisekelo sesiAramu nesiGreki nesazo zonke izilimi ezingaba ngu-3 000 ezikhulunywa isintu manje.
ULIMI LWEQINISO
12, 13. (a) UJehova uye wakwenza kanjani ukwaziswa kwakhe kwaba lula ukukuqonda? (b) Nikeza izibonelo.
12 Kungakhathaliseki ukuthi uJehova usebenzisa siphi isimiso solimi lwabantu, ngazo zonke izikhathi uye wadlulisela ukwaziswa ngolimi lweqiniso, hhayi ngendlela yezimfihlakalo ezingokwenkolo. Ulimi olulula noluqondakala kalula. (Zef. 3:9) Umuntu wasemhlabeni angaziqonda kalula izinto ezinezinhlobo ezintathu zobukhulu, okungukuthi, izinto ezinokuphakama, ububanzi, nobude futhi ezinezikhathi zokuvela noma ukwenzakala. Ngakho, uJehova uye wafanekisa izinto ezingabonakali ngokusebenzisa imifanekiso eyimelelayo ingqondo yomuntu engayiqonda. Ngokwesibonelo, kwakukhona itabernakele elaklanywa uNkulunkulu futhi lamiswa uMose ehlane. Ngaphansi kokuphefumlelwa uPawulu wasebenzisa izimpawu zalo ezinobukhulu obuthathu ukuze achaze izinto ezingokoqobo ezikhazimulayo ezingezasezulwini uqobo.—Heb. 8:5; 9:9.
13 Esinye isibonelo: UJehova, ongumoya, akahlali ngokoqobo esihlalweni esinjengesihlalo sobukhosi ezulwini. Nokho, kithi esingabantu nje, esiqonda kuphela izinto ezibonakalayo, uNkulunkulu ukhuluma ngokusebenzisa uphawu olunjalo olubonakalayo ukuze enze kuqondakale. Lapho evula inkantolo yasezulwini, kunjengalapho inkosi emhlabeni ivula inkantolo ngokuhlala esihlalweni sobukhosi.—Dan. 7:9-14.
LIHUNYUSHWE KALULA
14, 15. Kungani iBhayibheli, ngokungafani nezincwadi zabantu zefilosofi, lihumushekela kalula kwezinye izilimi? Fanekisa.
14 Njengoba iBhayibheli libhalwe ngalamagama aqondakala kalula, kuyinto engenzeka ukuhumushela ezilimini zanamuhla izimpawu nezenzakalo zalo ngokucacile nangokunembile. Amandla okuqala eqiniso alondolozwe kuzo zonke izinguqulo. Amagama alula navamile, anjengathi “ihhashi,” “impi,” “umqhele,” “isihlalo sobukhosi,” “umyeni,” “umfazi,” nelithi “abantwana,” awudlulisela ngokucacile umqondo onembile ngazo zonke izilimi. Lokhu kuphambene nemibhalo yabantu yamafilosofi, ngokuvamile engahumusheki ngokunembile. Amazwi ayo ayinkimbinkimbi namagama amakhulu ngokuvamile awahumusheleki ngokunembile kolunye ulimi.
15 Amandla eBhayibheli okukhuluma makhulu kakhulu kunalokho. Ngisho nalapho uNkulunkulu edlulisela izigijimi zesahlulelo kwabangakholwa, akasebenzisanga ulimi lwefilosofi, kodwa, kunalokho wasebenzisa izimpawu ezivamile. Lokhu kubonakala kuDaniyeli 4:10-12. Lapha umbuso wenkosi eyiqaba eziphakamisayo wachazwa waningilizwa ufanekiswa ngomuthi, khona-ke, ngezenzo ezihilela lomuthi, kwabikezelwa ngokunembile izenzakalo zesikhathi esizayo. Konke lokhu kudluliselwe ngokucacile ezinguqulweni zezinye izilimi. Ngothando uJehova uye wadlulisela ukwaziswa ngalendlela ukuze “ukwazi kube-kuningi.” Yeka ukuthi lokhu kuye kwasiza ngokumangalisa kanjani ekuqondeni iziprofetho ‘kulesikhathi sokugcina’!—Dan. 12:4.
UMZILA WOKUDLULISELA UKWAZISWA
16. Ungachazwa kanjani umzila kaJehova wokudlulisela ukwaziswa?
16 Omunye angase abuze, Ukudlulisela ukwaziswa kuye kwenziwa ngayiphi indlela? Lokhu kungafanekiswa kahle ngesibonelo sosuku lwanamuhla. Emizileni yokudlulisela ukwaziswa kukhona (1) okhulumayo, noma umsunguli, wesigijimi; (2) osidluliselayo; (3) leyonto isigijimi esidlula kuyo; (4) osamukelayo; (5) nomuzwi. Ekudluliseleni ukwaziswa ngocingo kukhona (1) lowo osebenzisa ucingo osungula ukwaziswa okudluliselwayo; (2) umshini wocingo odluliselayo, oguqula isigijimi sibe amaza kagesi; (3) izintambo zocingo ezithwala amaza kagesi ziwayise lapho kufanele aye khona; (4) umshini owamukelayo ophinde uguqule isigijimi ekubeni amaza kagesi sibe imisindo; (5) nomuzwi. Ngokufanayo ezulwini (1) uJehova uNkulunkulu uqamba amazwi akhe; (2) khona-ke uLizwi wakhe ongokomthetho, noma uMkhulumeli—manje owaziwa ngokuthi uJesu Kristu—ngokuvamile udlulisa isigijimi; (3) umoya ongcwele kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku asetshenziswa njengento yokudlulisela, usiletha emhlabeni; (4) umprofethi kaNkulunkulu emhlabeni wamukela isigijimi; (5) khona-ke ube esesisakaza ngenjongo yokuzuzisa abantu bakaNkulunkulu. Njengoba nje ngezinye izikhathi namuhla kungase kuthunywe isithunywa ukuba sihambise isigijimi esibalulekile, kanjalo uJehova ngezinye izikhathi wakhetha ukusebenzisa izithunywa zomoya, noma izingelosi, ukuba zithwale okunye ukwaziswa okudluliselwa kuvela emazulwini kuza ezincekwini zakhe emhlabeni.—Gal. 3:19; Heb. 2:2.
INQUBO YOKUPHEFUMLELA
17. Iliphi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “iphefumlelwe uNkulunkulu,” futhi incazelo yalo isisiza kanjani ukuba siqonde inqubo yokuphefumlela?
17 Inkulumo ethi “okuphefumlelwe uNkulunkulu” ihunyushwe egameni lesiGreki elithi the·oʹpneu·stos. (Bheka eyesi-2 Thimothewu 3:16, umbhalo waphansi wokuqala weNW.) Umoya kaNkulunkulu siqu, amandla akhe ayisiphekupheku, aye ‘wawuphefumlela’ emadodeni athembekile, ewabangela ukuba ahlanganise futhi alobe imiBhalo Engcwele. Lenqubo yaziwa ngokuthi ukuphefumlela. Izingqondo zabaprofethi nezezinye izinceku zikaJehova ezithembekile ezaba ngaphansi kokuphefumlelwa zaziqhutshwa yilamandla ayisiphekupheku. Lokhu kusho ukuthi zamukela kuNkulunkulu izigijimi, kuhlanganise nemibono yenjongo, nokuthi lokhu kwahlala kwagxila ezingqondweni zazo. “Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”—2 Pet. 1:21; Joh. 20:21, 22.
18. Izigijimi eziphefumlelwe zahlala zagxila kangakanani kubamukeli bazo abangabantu?
18 Ngesikhathi lamadoda kaNkulunkulu ephapheme futhi izingqondo zawo zisebenza ngokugcwele noma lapho elele ephupha, umoya wakhe wawusinamathelisa ngokuqinile isigijimi esivela emthonjeni waphezulu womzila wokudlulisela. Lapho amukela isigijimi, umprofethi wayenomthwalo wemfanelo wokusidlulisela kwabanye sisesimweni samazwi. Lapho uMose nabanye abaprofethi abathembekile bebuya ngovuko, ngokungangabazeki bayokwazi ukuqinisekisa ukunemba kwemibhalo egciniwe yalokho abakuloba, ngoba ngokunokwenzeka izingqondo zabo eziqondayo ezidalwe kabusha ziyobe zisakukhumbula ngokucacile ukwaziswa okwadluliselwa ekuqaleni. Ngendlela efanayo, umbono wokuguqulwa isimo wahlala wagxila engqondweni yomphostoli uPetru kangangokuthi wayengabhala ngokucacile ngokukhazimula kwawo eminyakeni engaphezu kwengu-30 kamuva.—Math. 17:1-9; 2 Pet. 1:16-21.
UMBHALI NOMUNWE WAKHE
19. Uyini “umunwe” kaNkulunkulu, njengoba kufakazelwa imiphi imibhalo?
19 Ababhali abangabantu baye basebenzisa iminwe ekubhaleni, ezikhathini zamandulo besebenzisa usiba noma insimbi yokuloba futhi ezikhathini zanamuhla besebenzisa ipeni, umshini wokubhala, noma icomputer. Okukhiqizwe ileminwe kuye kwathiwa kuqanjwe umqondo womninikho. Ingabe bewazi ukuthi uNkulunkulu unomunwe? Kunjalo, ngoba uJesu wakhuluma ngomoya kaNkulunkulu ‘njengowumunwe’ waKhe. Lapho uJesu ephulukisa umuntu owayenedemoni waze wakwazi ukuphinde akhulume futhi abone, izitha ezingokwenkolo zahlambalaza indlela uJesu aphulukisa ngayo leyondoda. NgokukaMathewu, uJesu wathi kuzo: “Uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.” (Math. 12:22, 28) ULuka wanezela ekuqondeni kwethu ngokucaphuna uJesu esho lokhu esehlakalweni esifanayo: “Uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.” (Luka 11:20) Esikhathini esingaphambili, abapristi baseGibithe abenza imilingo baphoqeleka ukuba bavume ukuthi izinhlupho ezazehlela iGibithe zaziwukubonakaliswa kwamandla kaJehova aphakeme, bevuma: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.”—Eks. 8:18, 19.
20. Uye wasebenza kanjani “umunwe” kaNkulunkulu, futhi waba yini umphumela?
20 Ngokuvumelana nalokhu kusetshenziswa kwegama elithi “umunwe,” kungaqondakala ukuthi “umunwe kaNkulunkulu” unamandla amakhulu nokuthi leligama lisebenza kahle emoyeni wakhe njengoba awusebenzisa ekulotshweni kweBhayibheli. Ngakho imiBhalo isitshela ukuthi ‘ngomunwe kaNkulunkulu,’ wabhala iMiyalo Eyishumi ezibhebheni zamatshe. (Eks. 31:18; Dut. 9:10) Ngokufanayo, lapho uNkulunkulu esebenzisa abantu ekubhaleni izincwadi ezihlukahlukene zeBhayibheli Elingcwele, umunwe wakhe ongokomfanekiso, noma umoya, wawungamandla ashukumisa amapeni alawomadoda. Umoya ongcwele kaNkulunkulu awubonakali, kodwa ubusebenza ngendlela emangalisayo, kwaba nomphumela obonakalayo, ophathekayo wokuthi isintu siye samukela isipho esiyigugu seZwi likaNkulunkulu leqiniso, iBhayibheli laKhe. Akukho kungabaza ngokuthi uMbhali weBhayibheli nguJehova uNkulunkulu, uMdluliseli Wokwaziswa wasezulwini.
IQOQO ELIPHEFUMLELWE LIQALA UKWAKHEKA
21. (a) Kwaqala kanjani ukulotshwa kwemiBhalo? (b) UJehova wakulungiselela kanjani ukulondolozwa kwayo?
21 Njengoba sesibonile, uJehova “wamnika [uMose] izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.” (Eks. 31:18) Lombhalo wawuhlanganisa iMiyalo Eyishumi, futhi kuyathakazelisa ukuthi lombhalo uliveza ngokomthetho igama laphezulu, elithi Jehova, izikhathi eziyisishiyagalombili. Ngawo lowonyaka, ngo-1513 B.C.E., uJehova wayala uMose ukuba aqale ukwenza imibhalo egciniwe eyayizohlala njalo. Kwaqala kanjalo ukulotshwa kwemiBhalo Engcwele. (Eks. 17:14; 34:27) UNkulunkulu futhi wayala uMose ukuba akhe ‘umphongolo wobufakazi,’ noma “umphongolo wesivumelwano,” ibhokisi elalenziwe ngobungcweti amaIsrayeli okwakumelwe agcine kulo lokhu kwaziswa okudluliselwe okuyigugu. (Eks. 25:10-22; 1 AmaKh. 8:6, 9) Umklamo woMphongolo, nowetabernakele owawukulo, wawuvela kuJehova; futhi ingcweti enkulu nomakhi, uBesaleli, ‘wagcwaliswa ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke’ ukuze afeze umsebenzi wakhe ngokomklamo waphezulu.—Eks. 35:30-35.
22. (a) Ubani umBhali wemiBhalo ephefumlelwe, futhi ukuloba kwathatha isikhathi esingakanani? (b) Babengobani abalobi ababambisene beBhayibheli, futhi yini eyaziwayo ngabo?
22 Lapho azisa ngezinjongo zakhe, uNkulunkulu ‘wakhuluma ngamathuba nangezindlela eziningi’ isikhathi eside. (Heb. 1:1) Abalobi abaloba iZwi lakhe bakwenza lokho kusukela ngo-1513 B.C.E. kuya cishe ku-98 C.E., noma phakathi neminyaka engaba ngu-1 610. UMbhali oyedwa, uJehova uNkulunkulu, wasebenzisa abangaba ngu-40 balabalobi noma onobhala abangabantu. Bonke labalobi ababambisene babengamaHeberu ngakho bengamalungu esizwe ‘esiphathiswe amazwi kaNkulunkulu.’ (Roma 3:2) Abayisishiyagolombili babo babengamaJuda angamaKristu ayazi uJesu ngokumbona ngokoqobo noma ngabaphostoli bakhe. ImiBhalo ephefumlelwe eyayibhalwe esikhathini esingaphambi kwesabo yayifakazele ukuza kukaMesiya, noma uKristu. (1 Pet. 1:10, 11) Nakuba babevela ezindleleni eziningi zokuphila, labalobi beBhayibheli basemhlabeni, kusukela kuMose kuya kumphostoli uJohane, bonke bahlanganyela ekuphakamiseni ubukhosi bukaJehova uNkulunkulu nasekumemezeleni izinjongo zakhe emhlabeni. Babhala egameni likaJehova nangamandla omoya wakhe.—Jer. 2:2, 4; Hez. 6:3; 2 Sam. 23:2; IzE. 1:16; IsAm. 1:10.
23. Imiphi imilando yangaphambili abanye babalobi beBhayibheli abayisebenzisa, futhi lena yaba kanjani imiBhalo ephefumlelwe?
23 Abaningana balabalobi bafaka emibhalweni yabo egciniwe imilando ehlanganiswe ivela emibhalweni yobufakazi bokuzibonela eyabhalwa abalobi bangaphambili, okungebona bonke ababephefumlelwe. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi uMose wahlanganisa izingxenye zikaGenesise ethathela ekulandiseni kofakazi bokuzibonela abanjalo, njengoba noSamuweli kungenzeka wakwenza lapho ebhala incwadi yabAhluleli. UJeremiya wahlanganisa incwadi yokuQala neyesiBili yamaKhosi, uEzra wabhala iziKronike zokuQala nezesiBili, ikakhulukazi ngalendlela. Umoya ongcwele waqondisa labahlanganisi ekunqumeni ukuthi iziphi izingxenye zemibhalo emidala yabantu okufanele zifakwe, kanjalo uqinisekisa ukuthi lezozinhlanganisela zithembekile. Kusukela esikhathini sokuhlanganiswa kwazo kuya phambili, lezingcaphuno ezivela emibhalweni emidala zaba ingxenye yemiBhalo ephefumlelwe.—Gen. 2:4; 5:1; 2 AmaKh. 1:18; 2 IziKr. 16:11.
24, 25. (a) Iyiphi inkathi yomlando ehlanganiswa eBhayibhelini? (b) Veza amanye amaqiniso athakazelisayo atholakala eshadini elisekhasini 12.
24 Izincwadi zeBhayibheli ezingu-66 zafika kithi zilandelana kanjani? Zihlanganisa yiphi ingxenye yochungechunge lwesikhathi olungapheli? Ngemva kokuchaza ukudalwa kwamazulu nomhlaba nokulungiselelwa komhlaba njengekhaya lomuntu, ukulandisa kukaGenesise kuqala ukukhuluma ngokuqala komlando womuntu kusukela ekudalweni komuntu wokuqala ngo-4026 B.C.E. ImiBhalo Engcwele ibe isilandisa ngezenzakalo ezibalulekile kuze kube ngemva nje kuka-443 B.C.E. Khona-ke ngemva kwesikhawu seminyaka engaphezu kuka-400, iphinde iqalise ukulandisa kusukela ku-3 B.C.E., iqhubeke nakho ize iyofika cishe ku-98 C.E. Ngakho, ngokomlando, imiBhalo ithatha inkathi eyiminyaka engu-4 123.
25 Ishadi elisekhasini 12 lizosiza ekuqondeni isizinda sabalobi beBhayibheli nendlela imibhalo yeBhayibheli eyafika ilandelana ngayo kithi.
“INCWADI” EPHELELE YEQINISO LAPHEZULU
26. Kungayiphi indlela imiBhalo iyincwadi eyodwa ephelele?
26 ImiBhalo Engcwele, njengeqoqo elisuka kuGenesise kuya kusAmbulo, yakha incwadi eyodwa ephelele, umtapo owodwa ophelele, yonke ephefumlelwe umBhali oyedwa oPhakeme. Akufanele ihlukaniswe ibe izingxenye ezimbili, sengathi enye ingxenye ayibalulekile kakhulu. ImiBhalo yesiHeberu nemiBhalo YamaKristu YesiGreki ibalulekile omunye komunye. EyesiGreki iphelelisa eyesiHeberu ukuze yakhe incwadi eyodwa ephelele yeqiniso laphezulu. Izincwadi zeBhayibheli ezingu-66, sezizonke, zakha umtapo owodwa wemiBhalo Engcwele.—Roma 15:4.
27. Kungani amagama athi “ITestamente Elidala” nelithi “ITestamente Elisha” kungamagama angafanele?
27 Kuyiphutha lesiko ukuhlukanisa iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe libe izingxenye ezimbili, kubizwe ingxenye yokuqala, esukela kuGenesise kuya kuMalaki, ngokuthi “iTestamente Elidala,” nengxenye yesibili, esukela kuMathewu kuya kusAmbulo, ngokuthi “iTestamente Elisha.” Kweyesi-2 Korinte 3:14 iKing James Version evamile ikhuluma ‘ngokufundwa kwesivumelwano esidala,’ kodwa lapha umphostoli akabhekisele emiBhalweni YesiHeberu yakudala isiyonke. Futhi akasho ukuthi imibhalo yamaKristu ephefumlelwe yakha “itestamente [isivumelwano] elisha.” Umphostoli ukhuluma ngesivumelwano soMthetho, esalotshwa uMose eziNcwadini Ezinhlanu (Pentateuch) futhi esakha kuphela ingxenye yemiBhalo yesikhathi sangaphambi kobuKristu. Ngenxa yalesizathu uthi evesini elilandelayo, “nxa kufundwa uMose.” Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “itestamente” enguqulweni iKing James Version lihunyushwe ngokungaguquki ngokuthi “isivumelwano” ezinguqulweni eziningi zanamuhla.—Math. 26:28; 2 Kor. 3:6, 14, New World Translation of the Holy Scriptures, Revised Standard Version, American Standard Version.
28. Ikuphi ukuqinisekiswa okunikezwayo ngokuqondene neziprofetho zeBhayibheli?
28 Lokho okuye kwalotshwa futhi kwalondolozwa njengemiBhalo Engcwele akufanele kuphazanyiswe. (Dut. 4:1, 2; IsAm. 22:18, 19) Umphostoli uPawulu wabhala ngaleliphuzu: “Kepha-ke noma kungaba-yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo.” (Gal. 1:8; bheka futhi uJohane 10:35.) Lonke izwi likaJehova lesiprofetho kumelwe ligcwaliseke ngesikhathi esifanele. “Liyakuba-njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:11.
UKUHLOLA IMIBHALO
29. Kulencwadi, njengoba kuhlolwa ngayinye yezincwadi zeBhayibheli ngokulandelana kwazo, ikuphi ukwaziswa okuyisingeniso okunikezwayo?
29 Emakhasini alandelayo, izincwadi ezingu-66 zemiBhalo Engcwele zihlolwa ngokulandelana. Kuchazwa izimo ezihlobene nokubhalwa kwencwadi ngayinye, futhi kunikezwa ukwaziswa ngokuqondene nomlobi, isikhathi sokuloba, futhi kwezinye izimo kushiwo nenkathi ehlanganisiwe. Kunikezwa nobufakazi bokubonisa ukuthi leyoncwadi iyiqiniso nokuthi iyingxenye efanele yemiBhalo ephefumlelwe. Lobufakazi bungatholakala emazwini kaJesu Kristu noma emibhalweni ephefumlelwe yezinye izinceku zikaNkulunkulu. Ngokuvame kakhulu ubuqiniso bencwadi buboniswa ukugcwaliseka okungenakuphikwa kwesiprofetho seBhayibheli noma ubufakazi obukuyo ngokwayo, njengokuvumelana, ukuthembeka, nobuqotho bayo. Ubufakazi obusekelayo bungase buthathwe kulokho okutholakale ngokuvubukula noma emlandweni wezwe othembekile.
30. Kuvezwe kanjani okuqukethwe incwadi ngayinye yeBhayibheli?
30 Njengoba kuchazwa okuqukethwe incwadi ngayinye, umgomo uwukwenza isigijimi esinamandla somlobi weBhayibheli sivelele kangangokuthi sigxilise enhliziyweni yomfundi uthando olujulile ngemiBhalo ephefumlelwe nangoMbhali wayo, uJehova uNkulunkulu, futhi kanjalo kujuliswe ukwazisa ngesigijimi esiphilayo seZwi likaNkulunkulu kanye nalo lonke usizo lwaso, ukuvumelana, nobuhle baso. Okuqukethwe yileyoncwadi kuhlelwe ngaphansi kwezihlokwana zezigaba. Lokhu kwenzelwe ukuba ukutadisha kube lula futhi akusho ukuthi lokhu ukuhlukanisa izincwadi zeBhayibheli ngokungenasizathu. Incwadi ngayinye iphelele ngokwayo, inengxenye ebalulekile ekuqondakaleni kwezinjongo zaphezulu.
31. (a) Ikuphi ukwaziswa okunikeziwe kokubonisa isizathu sokuba incwadi ngayinye ibe nenzuzo? (b) Isiphi isihloko esikhazimulayo esigcinwa sisemqoka kuyo yonke ingxoxo ngezincwadi zeBhayibheli?
31 Ekuphetheni incwadi ngayinye, ingxoxo iveza ukuthi kungani leyongxenye yemiBhalo ephefumlelwe “inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thim. 3:16) Kucatshangelwa ukugcwaliseka kwesiprofetho, lapho lokhu kuboniswe khona ubufakazi obuphefumlelwe babalobi beBhayibheli bakamuva. Esikhathini ngasinye, kuboniswa ingxenye leyoncwadi enayo ekuthuthukiseni isihloko seBhayibheli lilonke. IBhayibheli aliyona inganekwane. Liphathele isintu okuwukuphela kwesigijimi esiphilayo. Kusukela encwadini yokuqala, uGenesise, kuya kweyokugcina isAmbulo, imiBhalo ephefumlelwe ifakazela injongo yoMdali wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu, yokungcwelisa igama lakhe ngoMbuso obuswa iMbewu yakhe. Kulapho lapho kukhona khona ithemba elikhazimulayo labo bonke abathandi bokulunga.—Math. 12:18, 21.
32. Ikuphi ukwaziswa okunikeziwe ngenjongo yokukhulisa ukwazisa ngeBhayibheli?
32 Ngemva kokucabangela izincwadi ezingu-66 zeBhayibheli ngokwazo, sisebenzisé indawo ethile ekunikezeni ukwaziswa okuyisizinda ngeBhayibheli. Lokhu kuhlanganisa ukutadisha isimo sendawo yeZwe Lesithembiso, isikhathi izehlakalo zeBhayibheli ezenzeka ngaso, izinguqulo zeBhayibheli, ubufakazi bemivubukulo kanye nobunye obusekelayo obubonisa ukuba yiqiniso kweBhayibheli, nobufakazi bokulandelana kwezincwadi zeBhayibheli. Kulengxenye kuvela nokunye ukwaziswa namashadi abalulekile. Konke lokhu kuklanywe ngenjongo yokukhulisa ukwazisa iBhayibheli njengencwadi ewusizo nezuzisa kakhulu emhlabeni namuhla.
33. IBhayibheli lingachazwa kanjani, futhi kuzuzisa ngani ukulitadisha?
33 UMbhali waphezulu uye wakhuluma ngokuningiliziwe nesintu. Uye wabonisa ukujula okukhulu kothando nesithakazelo sobubaba kulokho aye wakwenzela abantwana bakhe emhlabeni. Yeka iqoqo eliphawulekayo lezincwadi eziphefumlelwe aye wasilungiselela lona emiBhalweni Engcwele! Ngempela, lezi zakha ingcebo engenakuqhathaniswa, umtapo omkhulu wokwaziswa ‘okuphefumlelwe ngokwaphezulu,’ oyedlula kude imibhalo yabantu ngengcebo nangezici ozihlanganisayo. Ukuzinikela ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu ngeke kube ‘okukhathaza umzimba,’ kunalokho, kuyoletha izinzuzo zaphakade kulabo abazi “izwi leNkosi [elima] kuze kube-phakade.”—UmSh. 12:12; 1 Pet. 1:24, 25.
[Ishadi ekhasini 12]
ABALOBI BEBHAYIBHELI ABAPHEFUMLELWE NEZINCWADI ZABO
(Ngokulandelana Kwezikhathi)
Ukula- Abalobi Imisebenzi Yabo Ukuloba Kwaphela Izincwadi
ndelana
1. UMose Isazi, umalusi, ngo-1473 B.C.E. UGenesise; UEksodusi;
umprofethi, umholi ULevitikusi; UJobe; UNumeri;
UDuteronomi; IHubo 90 (ngokunokwenzeka nelika-91)
2. UJoshuwa Umholi cishe ngo-1450 B.C.E. UJoshuwa
3. USamuweli UmLevi, umprofethi cishe ngaphambi AbAhluleli; URuthe; ingxenye kaSamuweli wokuQala
kuka-1080 B.C.E.
4. UGadi Umprofethi cishe ngo-1040 B.C.E. Ingxenye kaSamuweli wokuQala; USamuweli wesiBili
(zozimbili enoNathani)
5. UNathani Umprofethi cishe ngo-1040 B.C.E. Bheka ngenhla (enoGadi)
6. UDavide Inkosi, umalusi, ngo-1037 B.C.E. Amaningi amaHubo
umhlabeleli
7. Amadodana Amanye amaHubo
kaKora
8. UAsafa Umhlabeleli Amanye amaHubo
9. UHemani Indoda ehlakaniphile IHubo 88
10. UEthani Indoda ehlakaniphile IHubo 89
11. USolomoni Inkosi, umakhi, cishe ngo-1000 B.C.E. Eziningi zezAga; Isihlabelelo Sezihlabelelo;
indoda ehlakaniphile UmShumayeli; IHubo 127
12. UAguri IzAga isahluko 30
13. ULemuweli Inkosi IzAga isahluko 31
14. UJona Umprofethi cishe ngo-844 B.C.E. UJona
15. UJoweli Umprofethi cishe ngo-820 B.C.E.(?) UJoweli
16. UAmose Umalusi, umprofethi cishe ngo-804 B.C.E. UAmose
17. UHoseya Umprofethi ngemva kuka-745 B.C.E. UHoseya
18. UIsaya Umprofethi ngemva kuka-732 B.C.E. UIsaya
19. UMika Umprofethi ngemva kuka-717 B.C.E. UMika
20. UZefaniya Inkosana, umprofethi ngaphambi UZefaniya
kuka-648 B.C.E.
21. UNahume Umprofethi ngaphambi UNahume
kuka-632 B.C.E.
22. UHabakuki Umprofethi cishe ngo-628 B.C.E.(?) UHabakuki
23. UObadiya Umprofethi cishe ngo-607 B.C.E. UObadiya
24. UHezekeli Umpristi, umprofethi cishe ngo-591 B.C.E. UHezekeli
25. UJeremiya Umpristi, umprofethi ngo-580 B.C.E. AmaKhosi okuQala nawesiBili; UJeremiya; IsiLilo
26. UDaniyeli Inkosana, umbusi, cishe ngo-536 B.C.E. UDaniyeli
umprofethi
27. UHagayi Umprofethi ngo-520 B.C.E. UHagayi
28. UZakariya Umprofethi ngo-518 B.C.E. UZakariya
29. UMordekayi Undunankulu cishe ngo-475 B.C.E. UEsteri
30. UEzra Umpristi, unobhala, cishe ngo-460 B.C.E. IziKronike zokuQala nezesiBili; UEzra
umqondisi
31. UNehemiya Induna yasesigodlweni, ngemva kuka-443 B.C.E. UNehemiya
umbusi
32. UMalaki Umprofethi ngemva kuka-443 B.C.E. UMalaki
33. UMathewu Umthelisi, umphostoli cishe ngo-41 C.E. UMathewu
34. ULuka Udokotela, isithunywa cishe ngo-56-58 C.E. ULuka; IzEnzo
sevangeli
35. UJakobe Umbonisi ngaphambi kuka-62 C.E. UJakobe
(umfowabo kaJesu)
36. UMarku Isithunywa sevangeli cishe ngo-60-65 C.E. UMarku
37. UPetru Umdobi, umphostoli cishe ngo-64 C.E. UPetru wokuQala nowesiBili
38. UPawulu Isithunywa sevangeli, cishe ngo-65 C.E EyokuQala neyesiBili KwabaseThesalonika;
umphostoli, umthungi KwabaseGalathiya; eyokuQala neyesiBili
wamatende. KwabaseKorinte; KwabaseRoma; Kwabase-Efesu;
KwabaseFilipi; KwabaseKolose; KuFilemoni;
KumaHeberu; eyokuQala neyesiBili
KuThimothewu; KuThithu
39. UJuda Umfundi cishe ngo-65 C.E. EkaJuda
(umfowabo kaJesu)
40. UJohane Umdobi, umphostoli cishe ngo-98 C.E. IsAmbulo; UJohane; eyokuQala, eyesiBili,
neyesiThathu kaJohane