Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukuphulukiswa Kwabanochoko Abayishumi Phakathi Nohambo Lokugcina LukaJesu Lokuya EJerusalema
UJESU ubhuntshisa imizamo yeSanhedrin yokumbulala ngokusuka eJerusalema aye emzini wakwa-Efrayimi, mhlawumbe oqhele ngamakhilomitha angaba ngama-24 enyakatho-mpumalanga yeJerusalema. Uhlala lapho nabafundi bakhe, kude nezitha zakhe.
Nokho, isikhathi sePhasika lika-33 C.E. siyasondela, futhi ngokushesha uJesu uyahamba futhi. Udabula phakathi kweSamariya akhuphukele eGalile. Lokhu ukuhambela kwakhe kokugcina kulendawo ngaphambi kokufa kwakhe. EseseGalile, ngokunokwenzeka yena nabafundi bakhe bahlangana nabanye abalibangise eJerusalema emkhosini wePhasika. Bathatha indlela edabula esifundeni sasePhereya, empumalanga yoMfula iJordani.
Ekuqaleni kohambo, njengoba uJesu engena emzaneni waseSamariya noma waseGalile, uhlangana namadoda ayishumi anochoko. Lesifo esibi sidla izingxenye zomzimba womuntu kancane kancane—iminwe yakhe, izinzwane, izindlebe, ikhala, nezindebe. Ukuze uvikele abanye ukuba singabangeni, uMthetho kaNkulunkulu mayelana nonochoko uthi: “Amboze amadevu akhe, akhale athi: Ngingcolile, ngingcolile. Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba-ngongcolile; . . . uyakuhlala yedwa.”
Laba abanochoko abayishumi bayaziqaphela izinto ezivinjelwe uMthetho ngabanochoko futhi bamela kude noJesu. Nokho, bamemeza ngamazwi amakhulu: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
Ebabona bekude, uJesu uyayala: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” UJesu usho lokhu ngoba uMthetho kaNkulunkulu ugunyaza abapristi ukuba batshele abanochoko asebesindile ekuguleni kwabo ukuthi sebelashiwe. Ngalendlela abanjalo bathola ukuvunyelwa ukuba baphinde bahlale nabantu abanempilo.
Laba abayishumi abanochoko banokholo emandleni kaJesu amangalisayo. Ngakho ngokushesha baya kubapristi, ngisho nakuba bengakaphulukiswa. Besesendleleni, ukholo lwabo kuJesu luyavuzwa. Bayaqala ukubona nokuzwa impilo yabo ebuyiselwe!
Abayisishiyagalolunye kwabahlanjululwe uchoko bayaqhubeka nendlela yabo, kodwa omunye, ongumSamariya, ubuyela emuva uyofuna uJesu. Ngani? Ngoba uyabonga kakhulu ngalokho okwenzeke kuye. Udumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, futhi lapho emthola uJesu, uwela ezinyaweni zakhe, embonga.
Ephendula uJesu uthi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
Khona-ke uthi kumSamariya: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
Lapho sifunda ngokuphulukisa kukaJesu abanochoko abayishumi, kufanele sikhumbule isifundo esisikiselwa umbuzo wakhe othi: “Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?” Ukungabongi okwaboniswa abayisishiyagalolunye kuwukushiyeka okungathi sína. NjengomSamariya, ingabe siyozibonisa singababongayo ngezinto esizamukela kuNkulunkulu, kuhlanganise nesithembiso esiqinisekile sokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga? Johane 11:54, 55; Luka 17:11-19; Levitikusi 13:16, 17, 45, 46; IsAmbulo 21:3, 4.
◆ UJesu uyibhuntshisa kanjani imizamo yokumbulala?
◆ Uyaphi uJesu ngokulandelayo, futhi ulibangisephi?
◆ Kungani abanochoko bemela kude, futhi kungani uJesu ebatshela ukuthi mabaye kubapristi?
◆ Yisiphi isifundo okufanele sisifunde kulokhu okuhlangenwe nakho?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]