Umbono WeBhayibheli
Isizathu Sokuba Iziprofetho Zibaluleke Kuwe
“UKUBA nje besinobufakazi obuqinile bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu,” kusho abantu abaningi, “besiyolikholelwa.” Nokho, ngokuvamile abantu abanjalo bayehluleka ukusho ukuthi yibuphi “ubufakazi obuqinile” obebungadingeka ukuze bakholwe. Ingabe bekuyoba isimangaliso?
UJesu wenza izimangaliso eziningi ngesikhathi elapha emhlabeni, kodwa abaklolodeli benqaba ukuzamukela njengobufakazi bokuthi wayenguMkhulumeli kaNkulunkulu. Ingani abanye bagomela ngokuthi uJesu wayenza izimangaliso ezithile “ngoBelzebule umbusi wamademoni”! UJesu wakuvuma ukuthi ezinye “izimangaliso” ezazenziwa abanye eqinisweni zaziyimisebenzi kaSathane. (Luka 11:14-19; Mathewu 7:22, 23) Khona-ke, okunye futhi kwakuzodingeka njengobufakazi obuqinile bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu—okuthile okwakuzobonisa ukuthi wona kanye amazwi eBhayibheli, isigijimi elisiqukethe, kuvela kuNkulunkulu ngokwakhe.
Emakhasini eBhayibheli ngokwalo, sithola ubufakazi obunjalo—isiprofetho. Ngokuqinisekile, njengoba uJehova enguNkulunkulu oneqiniso noMthombo wokuhlakanipha konke, Osazi kusukela ekuqaleni isiphelo, kumelwe ukuba uyakwazi ukubikezela okuzokwenzeka ezikhathini ezizayo, kuhlanganise nezethu. (IHubo 31:5; IzAga 2:6; Isaya 46:9, 10) Lokhu ukwenze eZwini lakhe elilotshiwe, futhi ngokuvamile ngokuningiliza okukhulu. Ake sicabangele iqoqo elilodwa nje leziprofetho ezigxile kuJesu Kristu.
Iziprofetho Ezifakazela UJesu NjengoMesiya
Amakhulu eziprofetho zeBhayibheli agcwaliseka kuJesu Kristu.a Abanye bangase baphikise ngokuthi uJesu nabafundi bakhe bahlela ngokuhlakanipha ukuba izinto zifezeke ekupheleni kwezikhathi. Kodwa ingabe lokho kwakungenzeka ngempela? Cabangela amanye amaqiniso.
UJesu noma abazali bakhe babengeke bagqugquzele ukesari ongumRoma ukuba akhiphe isimemezelo esizodinga ukuba uJosefa noMariya baye edolobheni lakubo laseBetlehema ngenjongo yokuba babalwe nokuba babhaliselwe ukukhokha intela ngaso kanye isikhathi sokuzalwa kukaJesu. Ngakho amaRoma, ayengenaso neze isithakazelo ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, aba nengxenye ekuzalelweni kukaJesu eBetlehema ekugcwaliseni isiprofetho esikuMika 5:2.
Lapho uJesu ebudalula ngokwengeziwe ubuzenzisi babaholi benkolo yobuJuda, kwakuyilapho befuna ngokwengeziwe ukumbulala. Kodwa ukufa kwakhe kwakungeke kuvele ngokuqondile ezandleni zabantu bakubo. Ukuba amaJuda ambulala uJesu, cishe ayeyomshaya ngamatshe aze afe, njengoba lokhu kwakuyindlela yokukhipha isijeziso sokufa eyayibekwe eMthethweni kaMose. (Johane 8:59; 10:31) Nokho, ngokweziprofetho, uMesiya kwakumelwe aphanyekwe esigxotsheni ukuze asuse ‘isiqalekiso soMthetho.’ (Qhathanisa uDuteronomi 21:22, 23 nabaseGalathiya 3:13.) Kwakumelwe ‘aphakanyiswe’ ukuze ‘abadonse bonke abantu.’ (Qhathanisa uNumeri 21:4,9 noJohane 3:14; no-12:32, 33.) Ngokuphanyekwa, njengoba kwakusetshenziswa amaRoma, kwakungeke kube nokungabaza ngokugcwaliseka kwaleziprofetho. Ngakho amaRoma, ayengenasithakazelo ekusizeni ukugcwalisa iziprofetho zeBhayibheli, abuye afeza indima ethile ekubangeleni iZwi likaJehova lesiprofetho litholakale liyiqiniso.
Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi elenga esigxotsheni, uJesu wayengakwazi ukwenza okuthile ukuze abone okwakwenziwa ngezambatho zakhe. Wayengenakukwazi ukuhlela namasosha amaRoma ukuba enze inkatho ngazo. Kodwa enza kanjalo, ngayo kanye indlela isiprofetho seBhayibheli esasho ngayo kusengaphambili ukuthi babeyokwenza! (IHubo 22:18; Johane 19:24) Nalapha, kwakungamaRoma, hhayi uJesu noma abafundi bakhe, ayehileleke ekubangeleni isiprofetho ukuba sibe yiqiniso.
UJesu wabikezela ukuthi kwakuyokwenzeka izehlakalo eJerusalema esizukulwaneni sakhe ezaziyosho ukuphela okusheshayo komuzi. (Luka 21:5-24) Eminyakeni engaphezu kwengama-500 ngaphambi kwesikhathi sikaJesu, uDaniyeli wayekubikezele lokhu. (Daniyeli 9:26, 27) Ngonyaka ka-70 C.E., iJerusalema labhujiswa. Amazwi kaJesu nakaDaniyeli agcwaliseka. Nalapho, futhi isiprofetho seBhayibheli sagcizelelwa njengesinokwethenjelwa.
Ingabe Uyozuza Esiprofethweni?
Ziningi iziprofetho zeBhayibheli ezisazogcwaliseka. Ngokwesibonelo, uJehova wenza iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba iprofethe ukuthi lesimiso samanje esibi sasizophela, silandelwe umhlaba omusha wokulunga ngaphansi koMbuso wakhe wasezulwini. (Mathewu 24:3-14; IsAmbulo 21:1-5; bheka futhi u-2 Petru 3:7-13.) Konke lokhu kuye kwalotshwa eBhayibhelini, iZwi likaJehova lesiprofetho eliye labonakala liyiqiniso ngaso sonke isikhathi. Khona-ke, akumelwe yini silicabangele ngokungathi sína?
Isiphi isizathu abantwana abebengaba naso sokungazikholelwa izithembiso zabazali ababebenzela izinto ezinhle zodwa esikhathini esidlule futhi abebeligcina ngaso sonke isikhathi izwi labo? Ngokufanayo, yisiphi isizathu ebesingaba naso sokungakholelwa isithembiso sikaJehova sokuletha uMbuso weNdodana yakhe? Isiphi isizathu ebesingaba naso sokukholelwa ukuthi uJehova, oye wenzela izidalwa zakhe okuningi kangaka okuhle esikhathini esidlule, ngokushesha angaphelelwa isithakazelo enhlalakahleni yazo?
Azikho izizathu ezanelisayo zokufinyelela kulesosiphetho. Ngakho-ke, sinazo zonke izizathu zokuthembela kuJehova naseZwini lakhe futhi sibeke ithemba lethu kuye. IZwi lakhe lesiprofetho elinokwethenjelwa lisinikeza injongo yokuphila. Liqondisa izenzo zethu emgomweni ofanelekile. Libaluleke kakhulu kithi namuhla.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole izibonelo, siza ubheke incwadi i“Let your Kingdom Come,” ikhasi 67, eyakhishwa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 24]
Iziprofetho zeBhayibheli ezibikezela ukuchithwa kwemizi, enjengeSodoma neGomora (Genesise 18:20, 21; 19:12, 13), iNineve (Zefaniya 2:13), iBabele (Jeremiya 51:1, 2), nePetra e-Edomi (Jeremiya 49:7-22), zimane zibonisa ukuthi iZwi elingokwesiprofetho liye labonakala liyiqiniso.
[Ibhokisi ekhasini 25]
UNGATHANDA YINI UKUBONA UKUGCWALISEKA KWESIKHATHI ESIZAYO KWALEZIPROFETHO?
“Uphelisa izimpi.”—IHubo 46:9.
“Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.
“Ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu.”—IsAmbulo 21:4.
“Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo.”—Johane 5:28, 29.
“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.