Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Izwi LikaNkulunkulu Lizwakala Okwesithathu
NGENKATHI esethempelini, uJesu ubelokhu elusizi ngokufa okumelwe abhekane nakho ngokushesha. Akukhathalele ngokuyinhloko indlela idumela likaYise elizothinteka ngayo, ngakho uyathandaza: “Baba, khazimulisa igama lakho.”
Ngalesosikhathi, izwi elinamandla livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”
Isixuku esime eduze siyaxakeka. Abanye baqala ukuthi: “Ingelosi ikhulumé kuye.” Abanye bathi bekuduma izulu. Kodwa, empeleni, nguJehova uNkulunkulu okhulumile! Nokho, lesi akusona isikhathi sokuqala izwi likaNkulunkulu lizwakala ngokuqondene noJesu.
Ngenkathi uJesu ebhapathizwa, eminyakeni emithathu nengxenye ngaphambili, uJohane uMbhapathizi wezwa uNkulunkulu ethi ngoJesu: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” Khona-ke, esikhathini esithile ngemva kwePhasika elidlule, lapho uJesu eguqulwa isimo phambi kwabo, uJakobe, uJohane, noPetru bezwa izwi likaNkulunkulu lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Futhi manje, ngokwesithathu, ngoNisan 10, ezinsukwini ezine ngaphambi kokufa kukaJesu, izwi likaNkulunkulu liyaphinda lizwiwa abantu. Kodwa kulokhu uJehova ukhuluma ngendlela yokuthi izixuku zonke zikwazi ukuzwa!
UJesu uyachaza: “Lelizwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.” Lanikeza ubufakazi bokuthi uJesu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya othenjisiwe. “Kalokhu kungukwahlulelwa kwalelizwe,” kuqhubeka uJesu, “umbusi walelizwe uzakuxoshwa.” Ngamanye amazwi, inkambo eqotho yokuphila kaJesu iqinisekisa ukuthi uSathane uDeveli, umbusi wezwe, ufanelwe ‘ukuxoshwa,’ abulawe.
Ebhekisela emiphumeleni yokufa kwakhe okusondelayo, uJesu uthi: “Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.” Ukufa kwakhe akukhona neze ukunqotshwa, ngoba ngakho, uyosondeza abanye kuye ukuze bakwazi ukujabulela ukuphila okuphakade.
Kodwa isixuku siyaphikisa: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani leNdodana yomuntu na?”
Naphezu kwabo bonke ubufakazi, kuhlanganise nokuzwa izwi likaNkulunkulu uqobo, abaningi abakholelwa ukuthi uJesu uyiNdodana yomuntu yangempela, uMesiya othenjisiwe. Nokho, njengoba enza ezinyangeni eziyisithupha ngaphambili eMkhosini Wamadokodo, uJesu uyaphinda ubhekisela kuyena ngokuthi “ukukhanya” futhi ukhuthaza izilaleli zakhe: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nisenokukhanya.” Ngemva kokusho lezinto, uJesu uyahamba uyocasha, ngokusobala ngenxa yokuthi ukuphila kwakhe kwakusengozini.
Ukuntula kwamaJuda ukholo kuJesu kugcwalisa amazwi kaIsaya ngokuqondene ‘namehlo abantu aphuphuthekisiwe nezinhliziyo zabo ezenziwe lukhuni ukuze bangaphenduki ukuba baphulukiswe.’ UIsaya wabona embonweni amagceke asezulwini kaJehova, kuhlanganise noJesu enkazimulweni yakhe yangaphambi kokuba abe umuntu ekanye noJehova. Nokho, amaJuda, ekugcwalisekeni kwalokho uIsaya akubhala, abulahla ngenkani ubufakazi bokuthi Lona unguMkhululi wawo othenjisiwe.
Ngakolunye uhlangothi, abaningi ngisho nababusi (ngokusobala amalungu enkantolo ephakeme yobuJuda, iSanhedrin) eqinisweni baba nokholo kuJesu. UNikodemu noJosefa waseArimatheya bangababili balababusi. Kodwa ababusi, okungenani okwamanje, bayahluleka ukuvuma ukholo lwabo, ngoba besaba ukuxoshwa ezikhundleni zabo esinagogeni. Yeka ukuthi balahlekelwa okukhulu kangakanani!
UJesu uyaqhubeka uphawula ukuthi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. . . . Izwi engalikhulumayo yilona eliyokumahlulela ngosuku lokugcina.”
Uthando lukaJehova ngezwe lesintu lwamshukumisela ukuba athumele uJesu ukuze kuthi labo abakholwa nguye basindiswe. Ukuthi abantu bayasindiswa noma cha kuyonqunywa ukuthi bayazilalela yini izinto uNkulunkulu ayala uJesu ukuba azisho. Ukwahlulela kuyokwenzeka ‘ngosuku lokugcina,’ phakathi nokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane.
UJesu uphetha ngokuthi: “Angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginiké umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba engitshela khona.” Johane 12:28-50; 19:38, 39; Mathewu 3:17; 17:5; Isaya 6:1, 8-10.
◆ Kukuziphi izehlakalo ezintathu lapho izwi likaNkulunkulu lezwakala khona ngokuqondene noJesu?
◆ Umprofethi uIsaya wayibona kanjani inkazimulo kaJesu?
◆ Bangobani ababusi abakholwa nguJesu, kodwa kungani bengamvumi obala?
◆ Luyini ‘usuku lokugcina,’ futhi abantu bayokwahlulelwa ngayiphi indlela ngalesosikhathi?