Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukuthobeka EPhasikeni Lokugcina
UPETRU noJohane, ngaphansi kokuqondisa kukaJesu, sebefikile kakade eJerusalema ukuzolungiselela iPhasika. UJesu, ngokusobala enabanye abaphostoli abayishumi, ufika kamuva sekuntambama. Ilanga liyashona emkhathizwe njengoba uJesu nabafundi bakhe behla eNtabeni yemiNqumo futhi bedabula uMfudlana iKedroni. Lokhu ukuwubona kukaJesu kokugcina emini umuzi kuze kube ngemva kokuvuka kwakhe.
Ngokushesha uJesu nabafundi bakhe bayafika emzini futhi baya kulendlu abazogubhela kuyo iPhasika. Banyuka izitebhisi beya ekamelweni elikhulu eliphezulu, lapho bethola khona sekwenziwe wonke amalungiselelo omkhosi wabo wangasese wePhasika. UJesu ubebheke phambili kulomkhosi, njengoba ethi: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leliphasika ngingakahlupheki.”
Ngokwesiko, abahlanganyela ePhasikeni baphuza izitsha ezine zewayini. Ngemva kokwamukela lokho ngokusobala okuyisitsha sesithathu, uJesu uyabonga futhi uthi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”
Esikhathini esithile besadla, uJesu uyasukuma, ubeka izingubo zakhe eceleni, uthatha indwangu, futhi uthela amanzi emcengezini. Ngokuvamile, ovakashelwe wayeqiniseka ngokuthi izinyawo zesivakashi ziyagezwa. Kodwa njengoba kulomkhosi engekho ovakashelwe, uJesu unakekela lenkonzo engokomuntu siqu. Noma yimuphi kubaphostoli ubengalisebenzisa lelithuba ukuba enze lokho; nokho, ngokusobala ngenxa yokuthi kusekhona ukubangisana okuthile phakathi kwabo, akekho olisebenzisayo. Manje bayaphoxeka njengoba uJesu eqala ukugeza izinyawo zabo.
Lapho uJesu efika kuye, uPetru uyenqaba: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”
“Uma ngingakugezi, awunasabelo nami,” kusho uJesu.
“Nkosi,” kuphendula uPetru, “akungabi-yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”
“Ogeziweyo,” kuphendula uJesu, “kadingi-lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” Usho lokhu ngoba uyazi ukuthi uJuda Iskariyothe uceba ukumkhaphela.
Lapho uJesu esegezile izinyawo zabo bonke abangu-12, kuhlanganise nezinyawo zomkhapheli wakhe, uJuda, ugqoka izingubo zakhe futhi abuye ahlale etafuleni. Khona-ke uyabuza: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? Ningibiza nithi: Mfundisi, Nkosi; nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigezé izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.”
Yeka isifundo esihle senkonzo yokuzithoba! Abaphostoli akumelwe bafune ukuba phambili, becabanga ukuthi babaluleke kakhulu kangangokuba njalo abanye kumelwe babakhonze. Kudingeka balandele isibonelo esibekwe uJesu. Lokhu akukhona okunye kokugezwa kwezinyawo okuyimicikilisho engokwenkolo. Cha, kodwa kungokunye kokuzimisela ukusebenza ngokungakhethi, kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi uphansi noma uyisicefe kangakanani. Mathewu 26:20, 21; Marku 14:17, 18; Luka 22:14-18; 7:44; Johane 13:1-17.
◆ Yini ephawulekayo ngokubona kukaJesu iJerusalema njengoba engena eyogubha iPhasika?
◆ Phakathi nePhasika, ngokusobala isiphi isitsha uJesu asidlulisa kubaphostoli abangu-12 ngemva kokuba ebusisile?
◆ Iyiphi inkonzo engokomuntu siqu eyayinikezwa izivakashi ngokwesiko lapho uJesu esemhlabeni, futhi kungani inganikezwanga phakathi nePhasika elagujwa uJesu nabaphostoli?
◆ Yayiyini injongo kaJesu ngokwenza inkonzo ephansi yokugeza izinyawo zabaphostoli bakhe?