Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • ISifundo 31. UJesu Kristu oseyiNkosi ezulwini uphambi kwenkazimulo kaJehova.

      ISIFUNDO 31

      Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

      Into ebaluleke kakhulu iBhayibheli elikhuluma ngayo uMbuso kaNkulunkulu. UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze afeze lokho ayekuhlosile ngomhlaba. Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Sazi kanjani ukuthi usuyabusa? Yini osuyenzile kakade? Yini ozoyenza esikhathini esizayo? Lesi sifundo nezilandelayo ezimbili zizoyiphendula le mibuzo.

      1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu futhi ubani iNkosi yawo?

      UMbuso uwuhulumeni obekwe uJehova uNkulunkulu. Inkosi yawo, uJesu Kristu, ubusa esezulwini. (Mathewu 4:17; Johane 18:36) IBhayibheli lithi ngoJesu: ‘Uyobusa njengeNkosi kuze kube phakade.’ (Luka 1:32, 33) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobusa wonke umuntu emhlabeni.

      2. Obani ababusa noJesu?

      UJesu akabusi yedwa. Abantu abavela “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe . . . bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Bangaki abayobusa noKristu? Kusukela ngesikhathi uJesu eza ngaso emhlabeni, izigidi zamaKristu ziye zaba abalandeli bakhe. Kodwa bangu-144 000 kuphela abazoya ezulwini bayobusa noJesu. (Funda isAmbulo 14:1-4.) Wonke amanye amaKristu asemhlabeni ayobuswa yilo Mbuso.​—IHubo 37:29.

      3. Kungani ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kungcono kunokubusa kohulumeni babantu?

      Ngisho noma ababusi abangabantu bezama ukwenza izinto ezinhle, abanawo amandla okwenza konke abakufunayo. Ekugcineni izikhundla zabo zithathwa abanye ababusi abazicabangela bona futhi abangase bangafuni ukusiza abantu. Kodwa, akekho oyoke asuse uJesu esikhundleni sokuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu ‘umise umbuso ongeke neze ubhujiswe.’ (Daniyeli 2:44) UJesu uzobusa wonke umhlaba, futhi uzophatha abantu ngokulinganayo. Unothando, unomusa futhi akakhethi. Uzofundisa abantu ukuba baphathane ngendlela efanayo​—ngothando, ngomusa futhi bangakhethi.​—Funda u-Isaya 11:9.

      FUNDA OKWENGEZIWE 

      Funda ukuthi kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu.

      UJesu Kristu ubusa phezu komhlaba esesihlalweni sakhe sobukhosi ezulwini. Abusa kanye nabo bahleli ngemva kwakhe. Ngemva kwabo kunenkazimulo kaJehova.

      4. Uhulumeni onamandla uzobusa wonke umhlaba

      UJesu Kristu unamandla amakhulu okubusa kunanoma imuphi umbusi owake waphila. Fundani uMathewu 28:18, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Igunya likaJesu lokubusa lingcono ngayiphi indlela kunelombusi ongumuntu?

      Ohulumeni babantu bashintsha njalo, futhi ngamunye wabo ubusa ingxenye ethile kuphela yomhlaba. Kuthiwani ngoMbuso kaNkulunkulu? Fundani uDaniyeli 7:14, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Kungani kuyinto enhle ukuthi uMbuso kaNkulunkulu “awusoze wachithwa”?

      • Kungani kuyinto enhle ukuthi uyobusa wonke umhlaba?

      5. Ohulumeni babantu kumelwe baqedwe

      Kungani kumelwe kubuse uMbuso kaNkulunkulu esikhundleni sohulumeni babantu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: Uyini UMbuso KaNkulunkulu?​—Isiqeshana (1:41)

      • Ukubusa kwabantu kube nayiphi imiphumela?

      Fundani umShumayeli 8:9, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Ucabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse esikhundleni sohulumeni babantu? Kungani usho kanjalo?

      6. UMbuso kaNkulunkulu unababusi abasiqonda kahle

      Ngenxa yokuthi uJesu, iNkosi yethu, wake waba umuntu uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu.’ (Hebheru 4:15) Amadoda nabesifazane abathembekile abangu-144 000 abayobusa noJesu, bakhethwe uJehova “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”​—IsAmbulo 5:9.

      • Kuyakududuza yini ukwazi ukuthi uJesu nabo bonke azobusa nabo bayazi ukuthi kunjani ukuba umuntu? Kungani usho kanjalo?

      Amadoda nabesifazane abagcotshiwe abaphila ngezikhathi ezingafani nabavela ezizindeni ezingafani.

      UJehova ukhethe amadoda nabesifazane abavela kuzo zonke izizwe ukuba babuse noJesu

      7. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle kakhulu kuneyohulumeni babantu

      Ohulumeni babantu banemithetho ebekelwe ukusiza nokuvikela abantu. UMbuso kaNkulunkulu nawo unemithetho okumelwe abantu bayilalele. Fundani eyoku-1 Korinte 6:9-11, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Ucabanga ukuthi kuyoba njani emhlabeni lapho bonke abantu sebelalela imithetho kaNkulunkulu?a

      • Ucabanga ukuthi uJehova unalo yini ilungelo lokulindela abantu ababuswa uMbuso wakhe ukuba balalele leyo mithetho? Kungani usho kanjalo?

      • Yini ebonisa ukuthi abantu abangayilaleli le mithetho bangashintsha?​—Bheka ivesi 11.

      Iphoyisa lomgwaqo limisa izimoto emarobhothini. Abantu abangalingani ngobudala bayawela emgwaqweni.

      Ohulumeni babeka imithetho ezozuzisa futhi ivikele abantu. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle nakakhulu evikela futhi izuzise abantu.

      OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”

      • Ungaphendula uthini?

      UKUBUYEKEZA

      UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyobusa wonke umhlaba.

      Ufundeni?

      • Obani abayobusa eMbusweni kaNkulunkulu?

      • Kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu?

      • Yiziphi ezinye zezinto uJehova azilindele kubantu ababuswa uMbuso wakhe?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Thola ukuthi uJesu wafundisa ukuthi uMbuso ukuphi.

      “Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni Yakho?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Kungani oFakazi BakaJehova bekhetha ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba qotho emibusweni yabantu?

      Bazinikele EMbusweni KaNkulunkulu (1:43)

      Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngabangu-144 000 abakhethwe uJehova ukuba babuse noJesu.

      “Obani Abaya Ezulwini?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Yini eyaqinisekisa owesifazane owayesejele ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongenza kube nobulungisa emhlabeni?

      “Indlela Engathola Ngayo Ikhambi Lokungabi Nabulungisa” (Phaphama!, Novemba 2011)

      a Eminye yaleyo mithetho kuzoxoxwa ngayo eNgxenyeni 3.

  • Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • ISifundo 45. Udade osemusha umi ngenhlonipho lapho kushiwo isifungo sokuzinikela ezweni, kodwa akasisho yena lesi sifungo noma abeke isandla esifubeni njengabanye abafundi.

      ISIFUNDO 45

      Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?

      UJesu wafundisa ukuthi abalandeli bakhe akufanele babe “ingxenye yezwe.” (Johane 15:19) Lokhu kusho ukungathathi hlangothi kwezepolitiki nasezimpini zezwe. Eqinisweni, akulula ngaso sonke isikhathi ukungathathi hlangothi. Singase sigconwe ngenxa yalokho. Singahlala kanjani singathathi hlangothi futhi sibe qotho kuJehova uNkulunkulu?

      1. AmaKristu eqiniso ababheka kanjani ohulumeni babantu?

      AmaKristu ayabahlonipha ohulumeni. Senza njengoba uJesu asho, ‘sibuyisela izinto zikaKhesari kuKhesari’​—okusho ukuthi silalela imithetho yezwe enjengethi asikhokhe izintela. (Marku 12:17) IBhayibheli lifundisa ukuthi ohulumeni babantu babusa kuphela ngenxa yokuthi uJehova uyabavumela ukuba babuse. (Roma 13:1) Ngakho, siyaqonda ukuthi ohulumeni babantu banegunya elincane kunelikaNkulunkulu. Sithembele kuNkulunkulu wethu naseMbusweni wakhe wasezulwini ukuba axazulule izinkinga zabantu.

      2. Singabonisa kanjani ukuthi asithathi hlangothi?

      NjengoJesu, asingeni kwezepolitiki. Lapho abantu bebona esinye sezimangaliso zikaJesu futhi bezama ukumenza abe inkosi yasemhlabeni, akabavumelanga. (Johane 6:15) Kungani? Kungoba, njengoba asho kamuva, “uMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Njengabafundi bakaJesu, sibonisa ngezindlela eziningana ukuthi asithathi hlangothi. Ngokwesibonelo, asiyi empini. (Funda uMika 4:3.) Siyazihlonipha izimpawu zesizwe ezinjengamafulege kodwa asizikhonzi. (1 Johane 5:21) Asisekeli iqembu lepolitiki noma umholi walo futhi asiphikisani nalo. Ngalezi zindlela nezinye, sibonisa ukuthi siqotho kuhulumeni kaNkulunkulu​—uMbuso wakhe.

      FUNDA OKWENGEZIWE

      Ake sihlole izimo ezingase zenze kube nzima ukuba singathathi uhlangothi, ubone nokuthi ungazenza kanjani izinqumo ezizojabulisa uJehova.

      Indoda engathathi hlangothi. Ayibanakile abaholi bamaqembu epolitiki aphikisanayo, abakhuluma nezixuku zabantu.

      3. AmaKristu eqiniso awathathi hlangothi

      UJesu nabalandeli bakhe basibekela isibonelo. Fundani eyabaseRoma 13:1, 5-7 neyoku-1 Petru 2:13, 14. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: AmaKristu Eqiniso Awathathi Hlangothi​—INgxenye 1 (4:28)

      • Kungani kufanele sihloniphe ohulumeni babantu?

      • Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyazithoba kubo?

      Lapho kunempi, ezinye izizwe zingase zithi aziluthathi uhlangothi, kodwa zisize womabili amaqembu alwayo. Kusho ukuthini ukungathathi hlangothi kwangempela? Fundani uJohane 17:16. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.

      IVIDIYO: AmaKristu Eqiniso Awathathi Hlangothi​—INgxenye 2 (3:11)

      • Kusho ukuthini ukungathathi hlangothi?

      Kuthiwani uma ohulumeni babantu befuna senze into engqubuzana nomthetho kaNkulunkulu? Fundani izEnzo 5:28, 29. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: AmaKristu Eqiniso Awathathi Hlangothi​—INgxenye 3 (1:18)

      • Uma umthetho wabantu uphikisana nokaNkulunkulu, umthetho kabani okufanele siwulalele?

      • Zikhona yini izimo ozicabangayo lapho amaKristu kungadingeka angabalaleli ohulumeni babantu?

      4. Imicabango nezenzo zethu makungathathi hlangothi

      Fundani eyoku-1 Johane 5:21. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: Okwenza AmaKristu Eqiniso Adinge Isibindi​—Ukuze Angathathi Hlangothi (2:49)

      • Kule vidiyo, kungani u-Ayenge anquma ukungalijoyini iqembu lepolitiki noma ukuhlanganyela emikhosini yesizwe, enjengokushayela ifulege indesheni?

      • Ucabanga ukuthi kwakuyisinqumo esihle leso asenza?

      Yiziphi ezinye izimo ezingenza kube nzima ukuba singathathi uhlangothi? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: Izifundo Ezithathwe KuyiNqabayokulinda​—Hlala Ungathathi Hlangothi Ezweni Elihlukene Phakathi (5:16)

      • Singahlala kanjani singathathi hlangothi lapho amazwe eqhudelana kwezemidlalo?

      • Singahlala kanjani singathathi hlangothi ngisho noma izinqumo ezenziwa abezepolitiki zithinta thina uqobo?

      • Izinto esizizwa ezindabeni noma kubantu esizihlanganisa nabo zingaba namuphi umthelela ekungathathini kwethu uhlangothi?

      Izithombe ezihlanganisiwe: 1. Iqembu labantu abathukuthele liyabhikisha liphethe izingqwembe. 2. Indoda iyahalalisa iphakamise ifulege enkundleni yemidlalo. 3. Umfundi wenza isifungo sokuzinikela ezweni lakhe. 4. Isosha liphethe inhlokohlela yesibhamu. 5. Abaholi ababili bamaqembu epolitiki bayaqophisana kuyithelevishini. 6. Owesifazane ufaka ivoti lakhe ebhokisini.

      Kukuziphi izimo lapho umKristu kumelwe angathathi hlangothi ngemicabango nangezenzo?

      OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Yini ndaba ungalishayeli ifulege indesheni noma ucule iculo lesizwe?”

      • Ubungaphendula uthini?

      UKUBUYEKEZA

      AmaKristu eqiniso alwa kanzima ukuze angathathi hlangothi kwezepolitiki ngemicabango, ngamazwi nangezenzo.

      Ufundeni?

      • Yini okulindeleke ukuba siyenzele ohulumeni babantu?

      • Kungani singathathi hlangothi kwezepolitiki?

      • Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuba singathathi hlangothi?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Yiziphi izinto okungase kudingeke sizidele ukuze sihlale singathathi hlangothi?

      UJehova Akakaze Asilahle (3:14)

      Yini imindeni engayenza ukuze izilungiselele kusengaphambili izimo ezingenza kube nzima ukuba ingathathi hlangothi?

      Ukulondoloza Ukungathathi-hlangothi Emibuthwaneni Yomphakathi (4:25)

      Kungani ukuvikela izwe kungeyona into ebaluleke kunazo zonke umuntu angayenza nengamenza ahlonishwe kakhulu?

      “Zonke Izinto Zingenzeka KuNkulunkulu” (5:19)

      Funda ukuthi ungahlala kanjani ungeyona ingxenye yezwe lapho wenza izinqumo eziphathelene nomsebenzi.

      “Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo” (INqabayokulinda, Mashi 15, 2006)

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela