Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukujabulela Ubuhlobo Obuseduze
NGEMVA kwesidlo esiyisikhumbuzo, uJesu ubekhuthaza abaphostoli bakhe ngengxoxo ekhululekile yokuvulelana izifuba. Kungase kube sekudlule phakathi kwamabili. Ngakho uJesu uyanxusa: “Sukumani simuke lapha.” Nokho ngaphambi kokuba bahambe, uJesu, eshukunyiswa uthando lwakhe ngabo, uyaqhubeka ekhuluma, enikeza umfanekiso oshukumisayo.
Uyaqalisa: “Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.” UMlimi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, watshala lomvini ongokomfanekiso ngenkathi egcoba uJesu ngomoya ongcwele lapho ebhapathizwa ekwindla ka-29 C.E. Kodwa uJesu uyaqhubeka ebonisa ukuthi umvini ufanekisela okungalé kwakhe, ephawula:
“Yilelo nalelogatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu. . . . Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. Mina ngingumvini, nina ningamagatsha.”
NgePentekoste, ezinsukwini ezingu-51 kamuva, abaphostoli nabanye baba amagatsha omvini lapho umoya ongcwele uthululelwa kubona. Ekugcineni, abantu abangu-144 000 baba amagatsha omvini ongokomfanekiso. Kanye nesiqu somvini, uJesu Kristu, laba bakha umvini ongokomfanekiso othela izithelo zoMbuso kaNkulunkulu.
UJesu uyasichaza isihluthulelo sokuthela izithelo: “Ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze-lutho.” Nokho, uma umuntu ehluleka ukuthela izithelo, uJesu uthi, “ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.” Ngakolunye uhlangothi, uJesu uyathembisa: “Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.”
UJesu uyaqhubeka ebonisa abaphostoli bakhe ukuthi yini ekhazimulisa uYise, okungukuthi, “nithele izithelo eziningi, nibe-ngabafundi bami.” Izithelo uNkulunkulu azifunayo emagatsheni ziwukubonakalisa kwawo izimfanelo ezinjengezikaKristu, ikakhulukazi uthando. Ngaphezu kwalokho, njengoba uKristu ayengummemezeli woMbuso kaNkulunkulu, izithelo ezinxanelekayo zihlanganisa futhi nomsebenzi wawo wokwenza abafundi njengoba enza.
UJesu manje uyanxusa, “hlalani othandweni lwami.” Nokho, abaphostoli bakhe bangakwenza kanjani lokhu? Uthi: “Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami.” Eqhubeka, uJesu uyachaza: “Yiló umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Kakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.”
Emahoreni ambalwa uJesu uzolubonakalisa loluthando olungenakuqhathaniswa ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabaphostoli bakhe, kuhlanganise nabo bonke abanye abayoba nokholo kuye. Isibonelo sakhe kumelwe sishukumisele abalandeli bakhe othandweni olufanayo lokuzidela ngomunye nomunye. Loluthando luzobabonakalisa behlukile, njengoba uJesu akubeka ngaphambili: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
Echaza abahlobo bakhe, uJesu uthi: “Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.”
Yeka ubuhlobo obuyigugu—ukuba izihlobo eziseduze zikaJesu! Kodwa ukuze baqhubeke bejabulela lobuhlobo, abalandeli bakhe kumelwe “bathele izithelo.” Uma benza kanjalo, uJesu uthi, “noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami [uyoninika] khona.” Ngempela, lokho kuwumvuzo omkhulu wokuthela izithelo zoMbuso!
Ngemva kokunxusa abaphostoli futhi ukuba ‘bathandane,’ uJesu uyachaza ukuthi izwe liyobazonda. Nokho, uyabaduduza: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.” Ngokulandelayo uJesu wembula ukuthi kungani izwe lizonda abalandeli bakhe, ethi: “Kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.”
Eqhubeka nokuchaza isizathu senzondo yezwe, uJesu uyaqhubeka: “Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi [uJehova uNkulunkulu] ongithumileyo.” Imisebenzi kaJesu emangalisayo, empeleni, iyabalahla labo abamzondayo, njengoba ephawula: “Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwa ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.” Ngakho, njengoba uJesu esho, umbhalo uyagcwaliseka: “Bangizonda ngeze.”
Njengoba enzile ngaphambili, uJesu uphinde abaduduze ngokuthembisa ukubathumelela umsizi, umoya ongcwele ongamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku. “Nguyena oyakufakaza ngami. Nani niyafakaza.” Johane 14:31–15:27; 13:3, 35; Galathiya 6:16; IHubo 35:19; 69:4.
▪ UJehova wawutshala nini umvini ongokomfanekiso, futhi kunini lapho abanye beba ingxenye yomvini futhi kanjani?
▪ Ekugcineni, umvini ongokomfanekiso uba namagatsha amangaki?
▪ Zithelo zini uNkulunkulu azifunayo emagatsheni?
▪ Singaba kanjani abahlobo bakaJesu?
▪ Kungani izwe libazonda abalandeli bakaJesu?