IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane
UJOHANE—“umfundi uJesu ayemthanda”—ungowokugcina ukubhala ukulandisa okuphefumulelwe kokuphila nenkonzo kaKristu. (Joh. 21:20) IVangeli likaJohane labhalwa cishe ngo-98 C.E., futhi linemininingwane eminingi engaveli kwamanye amaVangeli amathathu.
Umphostoli uJohane wabhala iVangeli lakhe enomgomo oqondile. Ngokuphathelene nezinto azibhala, uthi: “Lezi zilotshwé phansi ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi, ngenxa yokukholwa, nibe nokuphila ngegama lakhe.” (Joh. 20:31) Ngempela, isigijimi salo sisizuzisa kakhulu.—Heb. 4:12.
“BHEKANI, IWUNDLU LIKANKULUNKULU”
Lapho ebona uJesu, uJohane uMbhapathizi usho ngokuqiniseka: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” (Joh. 1:29) Njengoba uJesu edabula iSamariya, iGalile neJudiya, kanye nezwe elisempumalanga yeJordani—eshumayela, efundisa futhi enza imisebenzi yamandla—‘abantu abaningi beza kuye futhi babe nokholo kuye.’—Joh. 10:41, 42.
Esinye sezimangaliso esivelele kunazo zonke uJesu asenzayo esokuvusa uLazaru. Abaningi baba nokholo kuJesu lapho bebona indoda esinezinsuku ezine ifile ivuswa. Nokho, abapristi abakhulu nabaFarisi bacebisana ukuba babulale uJesu. Ngakho, uyasuka aye “ezweni eliseduze kwehlane, emzini obizwa ngokuthi i-Efrayimi.”—Joh. 11:53, 54.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:35, 40—Ngaphandle kuka-Andreya, wayengubani umfundi owayemi noJohane uMbhapathizi? Olandisayo ubhekisela njalo kuJohane uMbhapathizi ngokuthi “uJohane” futhi akalokothi azibize ngegama eVangelini lakhe. Ngakho, kusobala ukuthi lo mfundi ongashiwongo ngegama nguJohane, umlobi weVangeli.
2:20—Iliphi ithempeli ‘elakhiwa iminyaka engamashumi amane nesithupha’? AmaJuda ayekhuluma ngokwakha kabusha ithempeli likaZerubhabhele kweNkosi uHerode yaseJudiya. Ngokwesazimlando uJosephus, lowo msebenzi waqala ngonyaka we-18 wokubusa kukaHerode, noma ngo-18/17 B.C.E. Ukwakha indlu engcwele yethempeli nezinye izakhiwo eziyinhloko kwathatha iminyaka engu-8. Nokho, umsebenzi wokwakha ezinye izakhiwo zethempeli waqhubeka kwaze kwaba ngemva kwePhasika lika-30 C.E., futhi yingakho amaJuda athi kwathatha iminyaka engu-46.
5:14—Ingabe ukugula kubangelwa ukwenza isono esithile? Hhayi ngaso sonke isikhathi. Indoda uJesu ayiphulukisa yayisigule iminyaka engu-38 ngenxa yokungapheleli eyakuzuza ngefa. (Joh. 5:1-9) UJesu wayesho ukuthi njengoba le ndoda yayisiboniswe umusa, kwakumelwe ilandele indlela yensindiso futhi ingabe isona ngamabomu funa yehlelwe yinto embi edlula ukugula. Yayingaba necala lokwenza isono esingenakuthethelelwa, esenza ifanelwe ukufa futhi ingabi nethemba lovuko.—Math. 12:31, 32; Luka 12:10; Heb. 10:26, 27.
5:24, 25—Bangobani ‘abadlula ekufeni baye ekuphileni’? UJesu ukhuluma ngalabo ababeke bafa ngokomoya, kodwa okwathi lapho bezwa amazwi akhe baba nokholo kuye, bayeka ukuhamba enkambweni yesono. ‘Badlula ekufeni baye ekuphileni’ ngomqondo wokuthi isijeziso sokufa siyasuswa kubo, banikezwe ithemba lokuphila phakade ngenxa yokholo lwabo kuNkulunkulu.—1 Pet. 4:3-6.
5:26; 6:53—Kusho ukuthini ukuba ‘nokuphila kuwe ngokwakho’? KuJesu Kristu, lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wamnikeza izinto ezimbili—amandla okwenza abantu babe nobuhlobo obuhle noJehova nawokunikeza ukuphila ngokuvusa abafileyo. Kubalandeli bakaJesu, ‘ukuba nokuphila kubo ngokwabo’ kusho ukuba nokuphila okugcwele. AmaKristu agcotshiwe athola lokhu kuphila lapho evuselwa ekuphileni kwasezulwini. Abathembekile abanethemba lasemhlabeni bayothola lokhu kuphila okugcwele kuphela ngemva kokuphumelela ovivinyweni lokugcina oluyoba khona ngemva nje kokuphela kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.—1 Kor. 15:52, 53; IsAm. 20:5, 7-10.
6:64—Ngesikhathi uJesu ekhetha uJuda Iskariyothe, wayazi yini ukuthi wayeyomkhaphela? Kubonakala kungenjalo. Nokho, ngesinye isikhathi ngo-32 C.E., uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Omunye kini ungumnyundeli.” Kungenzeka ukuthi uJesu wasiphawula ngaleso sikhathi isiqalo senkambo embi kuJuda Iskariyothe, futhi ngaleyo ndlela wazi “kusukela ekuqaleni” kwayo.—Joh. 6:66-71.
Izifundo Esizitholayo:
2:4. UJesu wayebonisa uMariya ukuthi njengoba ayeyiNdodana kaNkulunkulu ebhapathiziwe negcotshiwe, kwakumelwe aqondiswe uYise wasezulwini. Nakuba uJesu ayesanda kuyiqala nje inkonzo yakhe, wayelazi kahle ihora, noma isikhathi somsebenzi ayewabelwe, kuhlanganise nesokufa kwakhe okuwumhlatshelo. Ngisho nelungu lomkhaya asondelene nalo njengoMariya lalingenakuvunyelwa ukuba liphazamise ukwenza kwakhe intando kaNkulunkulu. Nathi kufanele sikhonze uJehova uNkulunkulu ngobuqotho obufanayo.
3:1-9. Isibonelo sikaNikhodemu, umbusi wamaJuda, sisifundisa izifundo ezimbili. Esokuqala, uNikhodemu wabonisa ukuthobeka, ukuqonda nokuqaphela isidingo sakhe esingokomoya, ebheka indodana ephansi yombazi njengomfundisi owayethunywe uNkulunkulu. AmaKristu eqiniso namuhla kudingeka athobeke. Esesibili, uNikhodemu wahlala wangaba umfundi ngenkathi uJesu esesemhlabeni. Mhlawumbe lokhu kwabangelwa ukwesaba abantu, ukuthanda kakhulu isikhundla ayenaso kuyiSanhedrini, noma ukuthanda ingcebo yakhe. Singafunda isifundo esibalulekile kulokhu: Akumelwe sivumele ukuthambekela okunjalo kusivimbele ‘ekuthatheni isigxobo sethu sokuhlushwa futhi silandele uJesu njalo.’—Luka 9:23.
4:23, 24. Ukuze uNkulunkulu akwamukele ukukhulekela kwethu, kumelwe kuvumelane neqiniso elembulwe emakhasini eBhayibheli futhi kumelwe kuqondiswe umoya ongcwele.
6:27. Ukusebenzela “ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade” kusho ukuthi kufanele senze umzamo wokwanelisa isidingo sethu esingokomoya. Siyajabula lapho sikwenza lokhu.—Math. 5:3.
6:44. UJehova usikhathalela ngokwakhe. Usidonsela eNdodaneni yakhe ngokusifinyelela ngabanye ngomsebenzi wokushumayela nangokusisiza ngomoya wakhe ongcwele ukuba siqonde futhi sisebenzise amaqiniso angokomoya.
11:33-36. Ukubonisa imizwelo yethu akulona uphawu lokuba buthakathaka.
‘QHUBEKA UMLANDELA’
Njengoba kusondela iPhasika lika-33 C.E., uJesu ubuyela eBhethaniya. NgoNisani 9, ufika eJerusalema ekhwele ithole lembongolo. NgoNisani 10 uphinde aye ethempelini. Liphendula umthandazo wakhe wokuba igama likaYise likhazinyuliswe, izwi elivela ezulwini lithi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.”—Joh. 12:28.
Phakathi nesidlo sePhasika, uJesu unikeza abalandeli bakhe iseluleko sokubavalelisa futhi uyabathandazela. Ngemva kokuboshwa, ukuquliswa icala, nokubethelwa, uJesu uyavuswa.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
14:2—UJesu ‘wayeyobalungiselela kanjani indawo’ ezulwini abalandeli bakhe abathembekile? Lokhu kwakuyohlanganisa ukuqinisa kwakhe isivumelwano esisha ngokuvela phambi kukaNkulunkulu, alethe inani legazi lakhe. Lokho kulungiselela kwakuyohlanganisa nokuthola kukaKristu amandla ombuso, ngemva kwalokho abalandeli bakhe abagcotshiwe baqale ukuvuselwa ezulwini.—1 Thes. 4:14-17; Heb. 9:12, 24-28; 1 Pet. 1:19; IsAm. 11:15.
19:11—Ingabe uJesu wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe lapho ekhuluma noPilatu ngomuntu owamnikela? UJesu wayengakhulumi ngokuqondile ngoJuda nanoma imuphi omunye umuntu, kodwa kubonakala sengathi wayekhuluma ngabo bonke ababa nengxenye ecaleni lokumbulala. Laba babehlanganisa uJuda, “abapristi abakhulu nayo yonke iSanhedrini,” ngisho ‘nezixuku’ ezathonywa ukuba zicele ukuba kukhululwe uBharaba.—Math. 26:59-65; 27:1, 2, 20-22.
20:17—Kungani uJesu atshela uMariya Magdalena ukuba ayeke ukunamathela kuye? Kubonakala sengathi uMariya wanamathela kuJesu ngoba ecabanga ukuthi wayesezokwenyukela ezulwini angabe esaphinde ambone. Ukuze amqinisekise ukuthi wayengakezukuhamba, uJesu wamtshela ukuthi ayeke ukunamathela kuye, kunalokho ahambe ayotshela abafundi bakhe izindaba zokuvuka kwakhe.
Izifundo Esizitholayo:
12:36. Ukuze sibe “abantwana bokukhanya,” noma abaphathi bokukhanya, kudingeka sithole ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Kumelwe sibe sesilusebenzisa lolo lwazi ukuze sikhiphe abanye ebumnyameni obungokomoya bangene ekukhanyeni kukaNkulunkulu.
14:6. Ayikho enye indlela esingathola ngayo ukwamukelwa uNkulunkulu kungengoJesu Kristu. Singasondela kuJehova kuphela ngokubonisa ukholo kuJesu nangokulingisa isibonelo sakhe.—1 Pet. 2:21.
14:15, 21, 23, 24; 15:10. Ukuzithoba entandweni kaNkulunkulu kuyosisiza ukuba sihlale othandweni lukaNkulunkulu nolweNdodana yakhe.—1 Joh. 5:3.
14:26; 16:13. Umoya ongcwele kaJehova uyasifundisa futhi uyasikhumbuza. Wembula namaqiniso. Ngakho, ungasisiza ukuba sikhule olwazini, ekuhlakanipheni, ekuqondeni, ekwahluleleni nasekhonweni lokucabanga. Ngakho-ke, kufanele siphikelele emthandazweni, siwucele ngokuqondile lowo moya.—Luka 11:5-13.
21:15, 19. UJesu wabuza uPetru ukuthi ingabe wayemthanda ngaphezu “kwalezi,” esho izinhlanzi ezaziphambi kwabo. Ngale ndlela, uJesu wagcizelela isidingo sokuba uPetru amlandele sikhathi sonke esikhundleni sokuphishekela umsebenzi wokudoba. Ngemva kokucabangela ukulandisa kwamaVangeli, kwangathi singazimisela nakakhulu ukuthanda uJesu ngaphezu kwanoma iziphi ezinye izinto ezingase zisikhange. Yebo, masiqhubeke simlandela ngenhliziyo yonke.
[Isithombe ekhasini 31]
Singafundani esibonelweni sikaNikhodemu?