UJesu Usindisa Izwe—Kanjani?
NAPHEZU kombono ofiphele abaholi bezwe abaningi abafundisiwe (kuhlanganise nabathile beZizwe Ezihlangene) abanawo ngekusasa lesintu, imiBhalo ephefumlelwe iyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uzongenela asindise izwe. Kodwa ngamunye wethu ngokwemvelo ufuna ukwazi indlela esihileleke ngayo futhi esingazuza ngayo. Ukuze sithole lokhu sidinga ukuhlola igama elithi “izwe” eBhayibhelini.
ImiBhalo yamaKristu yesiGreki isebenzisa igama elithi kosmos, ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “izwe,” izikhathi eziyi-187. Leligama lesiGreki liye laba nezincazelo ezihlukene futhi ngakho lingasetshenziswa ngezindlela ezihlukene. Ukuqondwa kwezinye zalezincazelo kungasisiza ukuba siqaphele kangcono indlela uJesu ‘angumsindisi wezwe ngayo.’ (Johane 4:42) Siyoba sesimweni esingcono futhi sokuqonda lokho okuhilelekile ngokusindiswa komuntu.
Ekuqaleni kweVangeli likaJohane sithola lelivesi elithakazelisayo: “[uJesu] wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.” (Johane 1:10) Ngokusobala, lelivesi alikhulumi ngomhlaba, ilanga, inyanga, onozungezilanga nezinkanyezi, lokho abantu abakuhlanganisayo uma bekhuluma ‘ngezwe.’ Kunalokho, uJohane wayebhala ngabantu, isintu sisonke. UJesu wazalwa kulelizwe, futhi abantu abaningi abazange bamamukele noma bamazi. Kodwa kulokhu kuyiqiniso ukuthi ‘izwe laba-khona’ ngoJesu. Kanjani? Ngoba kudala ngaphambi kokuba umuntu wayeyisisebenzi ezulwini kanye noYise, uJehova uNkulunkulu. NjengeNdodana eyizibulo likaYise wahlanganyela emsebenzini omuhle wokudala umbhangqwana wokuqala wabantu, owawungabazali baso sonke isintu, kuhlanganise nathi namuhla.—Genesise 1:26; IzAga 8:22, 30, 31; Kolose 1:15-17.
Ngencazelo ehlukile nelinganiselwe kakhulu yegama elithi “izwe,” phawula lokho uJesu akusho kubafundi bakhe maqondana nokwenzeka ekufeni kwakhe, “niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula.”—Johane 16:20.
Kulelivesi kuboniswa umehluko phakathi kwabafundi bakaJesu ‘nezwe.’ Ngokusobala, lapha igama elithi “izwe” libhekisela kuphela kulabo besintu abazihlukanisile noNkulunkulu. Ngokwalesisekelo esifanayo singakuqonda lokho uJesu akusho lapho ethi kubalandeli bakhe “abasibo abezwe.” (Johane 17:14, 16) Nokho amaKristu ngokuqondile ayingxenye ye“zwe” lesintu sonke, ngokwamazwi kaJesu lapha afanele ‘angabi yingxenye yezwe’ elizehlukanise noNkulunkulu. Ngaphandle kokulahlekelwa umbono wephuzu lethu lokuthi ukwamukela uJesu kungokuyinhloko yokusindiswa, kumelwe sihlole ukuthi kungasho ukuthini ngathi ‘ukungabi abezwe.’
“Ngimelwe Ukwenzani Ukuba Ngisindiswe Na?”
“Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” kwabuza umgcini ziboshwa owayethukile ekhulwini lokuqala lapho ebona ukuthi zonke iziboshwa zakhe, kuhlanganise nomphostoli uPawulu nomngane wakhe uSila, zazikhululwe ngokumangalisayo. Impendulo yathi, “kholwa iNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” (IzEnzo 16:30, 31) Yini eyayihilelekile ‘ekukholweni yiNkosi uJesu nokusindiswa’? Ingabe kwakuyindaba yokubonisa ukholo nokuba nokholo kuJesu njengo“msindisi wezwe”? Singakuqonda okwakuhilelekile ngokubheka umbhalo weBhayibheli wezinkulungwane zabantu abasindiswa phakathi nekhulu lokuqala CE.
Izinyathelo ezithile ezibalulekile zalabo ngalesosikhathi abasindiswa ziboniswe encwadini ephefumlelwe yezEnzo. Siyafunda: “Balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.” “Ngakho abalamukelayo izwi lakhe babhapathiswa, . . . baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli.”—Izenzo 17:11; 2:41, 42.
Kusobala ngokwalombhalo waphezulu ukuthi ukusindiswa kuhilela ukufunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu, ukutadisha imiBhalo njalo nokuyisebenzisa ekuphileni kwethu. Labo abasindiswa ngalesosikhathi ababanga nomuzwa wokuthi ukutadisha iBhayibheli imihla ngemihla kwakuyobonisa ukuthi bashiseka ngokweqile noma abalinganiseli. Kunalokho, ukutadisha kwabo iBhayibheli kwaholela oshintshweni oluphelele ngombono wokuphila, emikhubeni yabo nasemasikweni. Kwasho indlela entsha ngokuphelele yokuphila, ejabulisa kakhulu.
Umphostoli uPawulu kamuva wakhuluma ngakho ngalendlela: “Nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, . . . Nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.” (Efesu 4:22-24) Abanye bayoqaphela ushintsho endleleni yokuphila yobuKristu, njengoba umphostoli uPetru abhala: “Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo. Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowomsindo wokushinga kwabo, behlambalaza.” (1 Petru 4:3, 4) Ngalendlela amaKristu akuqala akhululwa esimisweni sezinto esonakele ayephila kuso.
Abanjalo ababesindisiwe kwakusadingeka baqhubeke. Baqaphela ukuthi “izwe lonke limi ebubini,” ngaphansi kukaSathane uDeveli, “unkulunkulu walelizwe.” (1 Johane 5:19; 2 Korinte 4:4) Baba nomuzwa wesifiso sokusiza abanye ukuba baphume ngaphansi kokubusa kwakhe. Ngakho, yini abayenza? “Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.” “Base behamba, beshumayela izwi levangeli.” “INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.”—IzEnzo 5:42; 8:4; 2:47.
‘Ukungabi yingxenye yezwe’ kwasho okuningana kulawomaKristu okuqala. Izincwadi ezihlukahlukene zomlando zinikeza imibiko elandelayo ngokuziphatha kwamaKristu okuqala: “Aphila ukuphila okunokuthula, ukuziphatha okuhle nokuyisibonelo impela . . . Kukho konke ngaphandle kwento eyodwa [ukukhulekela izithombe kokushisekela izwe] kokushisa impepho ayeyizakhamuzi eziyisibonelo.” “AmaKristu enqaba ukuhlanganyela imisebenzi ethile yezakhamuzi zamaRoma . . . Ayengenakuphatha isikhundla sezombangazwe.” “AmaKristu akhuthele awazange asebenze emabuthweni ezempi noma amukele izikhundla zezombangazwe.”
Ekuchazeni isizathu ngalolushintsho olumangalisayo ekuphileni kwalabo ababa amaKristu, umphostoli uPawulu wabhala: ‘Wasikhulula emandleni obumnyama wasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe.’ (Kolose 1:13) Ngakho-ke kusobala ngokwemiBhalo nangokwesibonelo esabekwa amaKristu okuqala ukuthi ukusindiswa kulesisimiso sezinto samanje kusho ukuthi amaKristu athatha ukuma kokungathathi-hlangothi ngokuphelele mayelana nezombangazwe nezempi. UJesu wathi, “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.” (Johane 18:36) Ingabe yilokho okubonayo phakathi kwezigidi zabantu abathi basindisiwe namuhla? Ingabe lukhona ushintsho olubonayo ekuphileni kwakho lokhu okufuna ukuba ulwenze?
Indima KaJesu Ekusindisweni Kwakho
Umuntu osindiswayo unamathemba amasha nemiqondo. Kunokubeka amathemba akhe kokufezwa yilesisimiso sezinto samanje, ubheka phambili ngethemba ekuboneni lokho uMsindisi wakhe, uJesu Kristu, amthembisa khona. Uyaqaphela ngokweBhayibheli ukuthi sonke isintu njengenzalo yesoni sangamabomu uAdamu, singaphansi kokujeziswa kwesono nokufa. Lapho uAdamu ona, ‘wathengisa’ yonke inzalo yakhe ebugqilini besono nokufa.—Roma 3:23, 24; 5:12.
Nokho, uJesu Kristu wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele kobuntu njengomhlatshelo esigxotsheni sokuhlushwa njengenani lokuhlenga lokho uAdamu akulahla, kanjalo ehlawulela isintu. UJesu wakhokha inani elilingene elalifuneka—ukuphila okuphelele kobuntu ngokuphila okuphelele kobuntu—okungeqile futhi okungekuncane. UPawulu wathi: “Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke.” (1 Thimothewu 2:5, 6) Khona-ke unesizathu sethemba. Uma wamukela inhlawulo kaJesu, ‘ungakhululwa emthethweni wesono nokufa.’ (Roma 8:2) Kanjalo isintu esisindisiwe sinethemba elisha lokuphila. Kuyithemba lokuphila okuphakade, njengoba noAdamu ekuqaleni ayenethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi.
Izinzuzo ezimangalisayo zokusindiswa ngoJesu Kristu azizifikeli nje kunoma ubani. KumaHeberu 7:25 uPawulu ubonisa ukuthi uJesu ‘uyakwazi ukusindisa labo abasondela kuNkulunkulu ngaye.’ Ngokuvumelana nalokhu, ukuze umuntu asindiswe kumelwe aqaphele umehluko phakathi kukaNkulunkulu noKristu. Abazona izingxenye ezilinganayo zikankulunkulu oziquzintathu kodwa bangabantu abahlukene. UJehova uNkulunkulu ungoPhakeme. Wahlela ukuba iNdodana yakhe ilungiselele inhlawulo. Ngokusobala-ke, ngomuntu ukuze asindiswe ngokuqinisekile kumelwe azehlukanise nalezozinkolo zeLobukholwa ezifundisa amanga okuthi uJesu noNkulunkulu bayinto eyodwa. UJesu ngokwakhe wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Nokho, udinga okwengeziwe ukuze usindiswe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Esephelelisiwe [uJesu Kristu] waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.” (Heberu 5:9) Ukulalela okunjalo akulula kulelizwe elihlukene noNkulunkulu. UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane njengalokho nginithandile, nani nithandane.” (Johane 13:34) Lokhu ngokusobala kusho ukuthi labo abasindisiwe abayintshontshi into yomunye umuntu, abakuphili ukuphila okungcolile, abaqambi amanga noma bakhohlise omunye. Ukusindiswa kwethu kwaphakade kuxhomeke ekulaleleni uNkulunkulu ezintweni ezinjalo.
Ukusindiselwa Ohlelweni Olusha
Kunesinye isici esiphathelene nokusindiswa esihilela ikakhulukazi isizukulwane sanamuhla. ImiBhalo ikhomba ekupheleni kokuqala kwalesisimiso sezinto samanje kulokho uJesu akuchaza njengo“sizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Lokhu kuyokuba se“kulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 16:14-16) Ngalesosikhathi uJesu uyothatha isinyathelo, hhayi njengomshumayeli omkhulu nomfundisi, kodwa njengeNkosi kaJehova noMlweli. Uyosusa izitha zikaNkulunkulu futhi alondoloze abasindisiwe bakhe, ngokwesAmbulo 7:9, okuyoba “isixuku esikhulu.” Labobantu abaye bakhuthazela futhi abaye bafaneleka ukuba badluliswe “osizini olukhulu” bayomemeza ngezwi elikhulu bathi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu . . . neyeWundlu.” (IsAmbulo 7:10) Bayobe besindisiwe ekubhujisweni futhi bayobe benamathemba phambi kwabo okuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—Qhathanisa nesAmbulo 7:16, 17; 21:1-5.
Ubungathanda yini ukuhlanganyela kulokho kusindiswa okumangalisayo? Ungasindiswa ngokuthola ulwazi oluqondile lwalokho okufuneka ngempela ukuze usindiswe. Njengoba wenza kanjalo, landela isibonelo samaKristu akuqala lawo akhuthazwa ‘ukufeza ukusindiswa kwawo siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’ (Filipi 2:12) Funda okwengeziwe ngendlela uJesu asindisa ngayo manje. Lokhu akukhona okuhlangenwe nakho okufushane nokomzwelo, kodwa okuhilela ukumamukela kwethu bese silandela indlela entsha yokuphila yokwenza intando kaNkulunkulu. Ngisho noma unobunzima nokuphikiswa ekuhambeni ngendlela encane eyisa ekuphileni, khumbula amazwi kaJesu, “kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.”—Mathewu 10:22; 7:13, 14.
[Isithombe ekhasini 6]
Umgcini ziboshwa waseFilipi wabuza uPawulu, “ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu unikela ‘isihlengo esifanele’