Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umthandazo Wokuphetha Ekamelweni Eliphezulu
ESHUKUNYISWA uthando olujulile ngabaphostoli bakhe, uJesu ubebalungiselela ukuhamba kwakhe osekuseduze kakhulu. Manje, ngemva kokubayala nokubaduduza kabanzi, uphakamisela amehlo akhe ezulwini futhi akhuleke kuYise: “Khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena, njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphé bona ibaphe ukuphila okuphakade.”
Yeka isihloko esivusa amadlingozi uJesu asethulayo—ukuphila okuphakade! Enikwé “amandla phezu kwenyama yonke,” uJesu angadlulisela izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo kuso sonke isintu esifayo. Nokho, unikeza “ukuphila okuphakade” kuphela kulabo abavunyelwa uYise. Akhela kulesihloko sokuphila okuphakade, uJesu uyawuqhuba umkhuleko wakhe:
“Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” Yebo, insindiso ixhomeke ekungeniseni kwethu ulwazi ngabo bobabili uNkulunkulu neNdodana yakhe. Kodwa kudingeke okungaphezu nje kolwazi lwengqondo.
Umuntu kumelwe abazi ngokuseduze, ethuthukisa ubuhlobo bokuzwana nabo. Umuntu kumelwe azizwe ngendlela abazizwa ngayo ngezinto futhi abone izinto ngendlela abazibona ngayo. Futhi okungaphezu kwakho konke, umuntu kumelwe aphishekele ukulingisa izimfanelo zabo ezingenakuqhathaniswa ekusebenzelaneni nabanye.
Ngokulandelayo uJesu uyathandaza: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifezé umsebenzi ongiphé wona ukuba ngiwenze.” Ngakho esefezé isabelo sakhe kuze kufike kuleliqophelo futhi eqiniseka ngempumelelo yakhe yesikhathi esizayo, uyanxusa: “Ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.” Yebo, manje ucela ukubuyiselwa enkazimulweni yakhe yasezulwini yangaphambili ngovuko.
Esho ngamafuphi umsebenzi wakhe oyinhloko emhlabeni, uJesu uthi: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.” UJesu wasebenzisa igama likaNkulunkulu, uJehova, enkonzweni yakhe futhi wabonisa indlela eqondile yokulibiza, kodwa wenza okwengeziwe kunokwenza igama likaNkulunkulu laziwe kubaphostoli bakhe. Wakhulisa futhi nolwazi lwabo nokwazisa ngoJehova, ngobuntu bakhe, nangezinjongo zakhe.
Ebheka uJehova njengoMkhulu kunaye, Lowo akhonza ngaphansi kwakhe, uJesu uyavuma ngokuzithoba: “Amazwi ongiphé wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.”
Enza umehluko phakathi kwabalandeli bakhe naso sonke isintu, uJesu ngokulandelayo uyathandaza: “Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphé bona . . . Lapho ngisenabo ezweni, ngabagcina . . . ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa,” okungukuthi, uJuda Iskariyothe. Ngaso kanye lesikhathi uJuda uphezu komsebenzi wakhe wokukhaphela uJesu. Ngalendlela, uJuda ngokungazi ugcwalisa imiBhalo.
“Izwe labazonda,” uJesu uyaqhubeka ekhuleka. “Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” Abalandeli bakaJesu basezweni, lomphakathi wesintu ohleliwe obuswa uSathane, kodwa bahlukile futhi kumelwe bahlale behlukile kulo nasebubini balo.
“Bangcwelise ngeqiniso,” uJesu eqhubeka, “izwi lakho liyiqiniso.” Lapha uJesu ubiza imiBhalo yesiHeberu ephefumlelwe, okuyiyona ayecaphuna kuyo njalonjalo, ngokuthi ‘iqiniso.’ Kodwa lokho akufundisa abafundi bakhe nalokho kamuva abakuloba ngaphansi kokuphefumlelwa njengemiBhalo yamaKristu yesiGreki nakho ngokufanayo ‘kuyiqiniso.’ Leliqiniso lingamngcwelisa umuntu, liguqule ukuphila kwakhe ngokuphelele, futhi limenze umuntu ohlukile ezweni.
UJesu manje akasakhulekeli “laba bodwa kepha nalabo abakholwa [nguye] ngezwi labo.” Ngakho uJesu ukhulekela labo abazoba abalandeli bakhe abagcotshiwe nabanye abafundi bakhe besikhathi esizayo abasazobuthelwa ‘emhlanjini-munye.’ Yini ayicelela bonke laba? “Ukuba bonke babe-munye, njengalokhu wena-Baba ukimi, nami ngikuwe, . . . ukuze babe-munye, njengalokhu thina simunye.”
UJesu noYise abayena umuntu oyedwa ngokoqobo, kodwa bayavumelana kuzo zonke izinto. UJesu ukhulekela ukuba abalandeli bakhe bajabulele lobunye obufanayo ukuze “izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.”
UJesu manje ubacelela kuYise wasezulwini labo ababeyoba abalandeli bakhe abagcotshiwe. Ucelani? “Ukuba labo ongiphé bona nabo babe-khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphé yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe,” okungukuthi, lapho uAdamu noEva babe nomntwana wabo wokuqala. Esikhathini eside ngaphambi kwalokho, uNkulunkulu wathanda iNdodana yakhe ezelwe yodwa, eyaba uJesu Kristu.
Ephetha umkhuleko wakhe, uJesu uphinde agcizelele: “Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithandé ngalo lube-kubo, nami ngibe-kubo.” Ngabaphostoli, ukwazi igama likaNkulunkulu kuye kwahilela ukwazi uthando lukaNkulunkulu ngokomuntu siqu. Johane 17:1-26; 10:16; IzAga 8:22, 30.
▪ Kungamuphi umqondo uJesu ephiwe “amandla phezu kwenyama yonke”?
▪ Kusho ukuthini ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu neNdodana yakhe?
▪ Kungaziphi izindlela uJesu enza ngazo igama likaNkulunkulu laziwa?
▪ Liyini ‘iqiniso,’ futhi ‘limngcwelisa’ kanjani umKristu?
▪ Kukanjani uNkulunkulu, iNdodana yakhe, nabo bonke abakhulekeli beqiniso bemunye?
▪ Kwakunini ‘ukusekelwa kwezwe’?