Isahluko 22
Ukubona Inkolo Yeqiniso
1. Obani ababeqhuba inkolo yeqiniso ngekhulu lokuqala?
AKUKHO kungabaza ngokuthi obani ababeqhuba inkolo yeqiniso ekhulwini lokuqala. Kwakungabalandeli bakaJesu Kristu. Bonke laba babesenhlanganweni eyodwa yobuKristu. Kuthiwani ngolwanamuhla? Labo abaqhuba inkolo yeqiniso bangabonakala kanjani?
2. Labo abaqhuba inkolo yeqiniso bangabonakala kanjani?
2 Echaza indlela esingakwenza ngayo lokhu, uJesu wathi: “Niyakubazi ngezithelo zabo. . . . Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. . . . Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:16-20) Yiziphi izithelo ezinhle ongalindela ukuba abakhulekeli beqiniso bakaNkulunkulu baziveze? Yini okumelwe ukuba bayayisho futhi bayayenza manje?
UKUNGCWELISA IGAMA LIKANKULUNKULU
3, 4. (a) Yisiphi isicelo sokuqala esenziwa eMthandazweni Oyisibonelo kaJesu? (b) UJesu walingcwelisa kanjani igama likaNkulunkulu?
3 Abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso bayokwenza ngokuvumelana noMthandazo Oyisibonelo uJesu awunikeza abalandeli bakhe. Into yokuqala uJesu ayiphawula lapho kwakuyilena: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.” Enye inguqulo yeBhayibheli lamazwi iwabeka ngalendlela: “Maliphathwe ngobungcwele igama lakho.” (Mathewu 6:9, Jerusalem Bible) Kusho ukuthini ukungcwelisa, noma ukuphatha ngobungcwele, igama likaNkulunkulu? UJesu wakwenza kanjani?
4 UJesu wabonisa indlela akwenza ngayo uma ethi ngomthandazo kuYise: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni.” (Johane 17:6) Yebo, uJesu wenza ukuba igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, laziwe kwabanye. Akazange ahluleke ukusebenzisa lelogama. UJesu wayazi ukuthi kwakuyinjongo kaYise ukuba igama lakhe likhazinyuliswe emhlabeni wonke. Ngakho wabeka isibonelo ekumemezeleni lelogama nangokuliphatha ngobungcwele.—Johane 12:28; Isaya 12:4, 5.
5. (a) Ibandla lobuKristu lihlangene kanjani negama likaNkulunkulu? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ukusindiswa?
5 IBhayibheli libonisa ukuthi khona kanye ukuba khona kwebandla lobuKristu kuhlangene negama likaNkulunkulu. Umphostoli uPetru wachaza ukuthi uNkulunkulu wahlela ukuba “athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.” (IzEnzo 15:14) Ngakho abantu bakaNkulunkulu beqiniso kumelwe baphathe igama lakhe njengelingcwele futhi balenze laziwe emhlabeni wonke. Eqinisweni, ukwazi lelogama kudingekile ukuze sisindiswe, njengoba iBhayibheli lisho: “Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi [uJehova] bayakusindiswa.”—Roma 10:13, 14.
6. (a) Ingabe amasonto ngokuvamile aliphatha njengelingcwele igama likaNkulunkulu? (b) Ingabe bakhona abafakazela igama likaNkulunkulu?
6 Khona-ke, obani namuhla abaphatha igama likaNkulunkulu njengelingcwele futhi balenze laziwe emhlabeni wonke? Iningi lamasonto liyakugwema ukusebenzisa igama likaJehova. Amanye aye aze alisusa ngisho nasezinguqulweni zawo zeBhayibheli. Nokho, uma ubungakhuluma nomakhelwane bakho futhi ngokuvamile ubhekisele kuJehova, usebenzise igama lakhe, iyiphi inhlangano ocabanga ukuthi bangakuhlanganisa nayo? Kukhona abantu okuwukuphela kwabo abalandela isibonelo sikaJesu ngempela ngokuqondene nalokhu. Injongo yabo eyinhloko ekuphileni iwukukhonza uNkulunkulu nokufakazela igama lakhe njengoba uJesu enza. Ngakho-ke baye bathatha igama elingokomBhalo lokuthi “oFakazi BakaJehova.”—Isaya 43:10-12.
UKUMEMEZELA UMBUSO KANKULUNKULU
7. UJesu wakubonisa kanjani ukubaluleka kombuso kaNkulunkulu?
7 EMthandazweni Oyisibonelo uJesu awunikeza, wabonisa futhi ukubaluleka koMbuso kaNkulunkulu. Wafundisa abantu ukuba bathandaze bathi: “Mawufike umbuso wakho.” (Mathewu 6:10) Ngokuphindaphindiwe uJesu wagcizelela uMbuso njengokuphela kwekhambi lezinkinga zesintu. Yena nabaphostoli bakhe lokhu bakwenza ngokushumayela kubantu ngombuso “imizi nemizana” “nakuzo izindlu ngezindlu.” (Luka 8:1; IzEnzo 5:42; 20:20) Isihloko sokushumayela nokufundisa kwabo sasiwumbuso kaNkulunkulu.
8. UJesu wabonisa kanjani ukuthi sasiyoba yini isigijimi esiyinhloko sabalandeli bakhe beqiniso kulezi“zinsuku zokugcina”?
8 Kuthiwani ngolwanamuhla? Iyini imfundiso eyinhloko yenhlangano kaNkulunkulu yamaKristu yeqiniso? Lapho eprofetha ngalezi“zinsuku zokugcina,” uJesu wathi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe kube ubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuzofika.” (Mathewu 24:14, NW) Ngakho uMbuso kumelwe ube yisigijimi esiyinhloko sabantu bakaNkulunkulu namuhla.
9. Yibaphi abantu namuhla abashumayela isigijimi soMbuso?
9 Zibuze: Uma kufika umuntu emzini wakho ekhuluma ngombuso kaNkulunkulu njengoyithemba langempela lesintu, iyiphi inhlangano omhlanganisa nayo lowomuntu? Ingabe bakhona abantu benye inkolo ngaphandle koFakazi BakaJehova abaye bakhuluma nawe ngombuso kaNkulunkulu? Phela, bambalwa kakhulu kubona abaziyo nokwazi ukuthi uyini! Abasho lutho ngohulumeni kaNkulunkulu. Kodwa lowohulumeni uyizindaba ezinyakazisa izwe. Umprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi lombuso ‘wawuyochoboza uqede bonke abanye ohulumeni wona wodwa ubuse umhlaba.’—Daniyeli 2:44.
UKUHLONIPHA IZWI LIKANKULUNKULU
10. UJesu wayibonisa kanjani inhlonipho ngeZwi likaNkulunkulu?
10 Enye indlela labo abaqhuba inkolo yeqiniso abangabonakala ngayo iyisimo sabo ngaseBhayibhelini. UJesu ngazo zonke izikhathi wayebonisa inhlonipho ngeZwi likaNkulunkulu. Ngokuphindaphindiwe wayephendukela kulo njengelinegunya lokugcina ezindabeni. (Mathewu 4:4, 7, 10; 19:4-6) UJesu futhi wabonisa inhlonipho ngeBhayibheli ngokuphila ngokuvumelana nezimfundiso zalo. Akazange ake alokothe alijivaze iBhayibheli. Kunalokho, walahla labo abahluleka ukufundisa ngokuvumelana neBhayibheli nabazama ukululaza amandla ezimfundiso zalo ngokufaka imibono yabo kulo.—Marku 7:9-13.
11. Isiphi isimo amasonto ngokuvamile asibonisayo ngaseZwini likaNkulunkulu?
11 Amasonto eLobukholwa aqhathaniseka kanjani nesibonelo sikaKristu kulokhu? Ingabe anayo inhlonipho ejulile ngeBhayibheli? Abefundisi abaningi namuhla abakukholelwa ukulandisa kweBhayibheli ngokuwela kuka-Adamu esonweni, ngozamcolo wosuku lukaNowa, ngoJona nenhlanzi enkulu, nokuningi okunye. Bathi futhi umuntu waba khona ngokuziphendukela kwemvelo, hhayi ngokudala okuqondile kukaNkulunkulu. Ingabe ngalokho bakhuthaza inhlonipho ngeZwi likaNkulunkulu? Futhi, abanye abaholi bamasonto baphikisa ngokuthi ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado abunacala, noma bathi ngisho nobungqingili noma isithembu kungaba ngokufanelekile. Ubungasho-ke yini ukuthi bakhuthaza abantu ukuba basebenzise iBhayibheli njengomqondisi wabo? Ngokuqinisekile abalandeli isibonelo seNdodana kaNkulunkulu nabaphostoli bayo.—Mathewu 15:18, 19; Roma 1:24-27.
12. (a) Kungani ukukhulekela kwabaningi ngisho nabanalo iBhayibheli kungamthokozisi uNkulunkulu? (b) Uma abona ngokuzithandela bevunyelwa ukuba bahlale benesimo esihle esontweni, yini okumelwe siphethe ngayo?
12 Kukhona amalungu esonto analo iBhayibheli futhi alifundayo, kodwa indlela aphila ngayo ukuphila kwawo ibonisa ukuthi awalilandeli. Ngabantu abanjengalabo iBhayibheli llthi: “Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo.” (Thithu 1:16; 2 Thimothewu 3:5) Uma amalungu esonto agembulayo, adakwayo, noma enza ezinye izinto ezingalungile evunyelwa ukuba abe sesimweni esihle esontweni lawo, lokhu kubonisani? Kuwubufakazi bokuthi inhlangano yawo yenkolo ayivunyelwe uNkulunkulu.—1 Korinte 5:11-13.
13. Isiphi isinqumo esingathi sína umuntu okumelwe asenze uma esethole ukuthi izimfundiso zesonto lakhe azivumelani zonke neBhayibheli?
13 Uma uye wazicabangela izahluko ezandulelayo zalencwadi, ucabangele nemibhalo yeBhayibheli etholakala lapho, uye wafinyelela ekuziqondeni izimfundiso eziyisisekelo zeZwi likaNkulunkulu. Kodwa kuthiwani uma izimfundiso zenhlangano yenkolo ohlanganyela nayo zingavumelani nalezo zeZwi likaNkulunkulu? Khona-ke unenkinga engathi sína. Kuyinkinga yokunquma noma wamukele ubuqiniso beBhayibheli noma ubenqabe ukhethe izimfundiso ezingasekelwa yiBhayibheli. Okwenzayo, kumelwe kube yisinqumo sakho siqu. Nokho, kumelwe ucabangele izinto ngokunakekela. Lokhu kungenxa yokuthi isinqumo osenzayo siyothinta ubuhlobo bakho noNkulunkulu kanye namathemba akho okuphila phakade epharadesi emhlabeni.
UKWEHLUKA EZWENI
14. (a) Iluphi olunye uphawu olubonakalisa inkolo yeqiniso? (b) Kungani kubaluleke kangaka ukuba abakhulekeli beqiniso bahlangabezane nalemfuneko?
14 Olunye uphawu olubonisa labo abaqhuba inkolo yeqiniso luwukuthi, njengoba uJesu asho, “abasibo abezwe.” (Johane 17:14) Lokhu kusho ukuthi abakhulekeli beqiniso bazigcina behlukile ezweni elonakele nezindaba zalo. UJesu wenqaba ukuba umbusi wezombangazwe. (Johane 6:15) Ungase ubone ukuthi ukuzigcina uhlukile ezweni kubaluleke kangakanani uma ukhumbula ukuthi iBhayibheli lithi uSathane uDeveli ungumbusi walelizwe. (Johane 12:31; 2 Korinte 4:4) Ukungathi sína kwalendaba kubonakala ngokwengeziwe enkulumweni yeBhayibheli ethi: “Lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.
15. (a) Ingabe amasonto ojwayelene nawo ngempela ‘awayona ingxenye yezwe’? (b) Ingabe ikhona inkolo oyaziyo ehlangabezana nalemfuneko?
15 Ingabe amaqiniso abonisa ukuthi amasonto asemphakathini wakini lendaba ayithatha ngokungathi sína? Ingabe abefundisi kanye namanye amalungu amabandla ngempela “abasibo abezwe”? Noma ingabe bahileleke ngokujulile kwezobuzwe, ezombangazwe nezokulwela izikhundla ezweni? Akunzima ukuphendula lemibuzo, ngoba imisebenzi yamasonto yaziwa kabanzi. Ngakolunye uhlangothi, kulula futhi ukubona imisebenzi yoFakazi BakaJehova. Ngokwenza kanjalo, uyothola ukuthi ngempela balandela isibonelo sikaKristu nabalandeli bakhe bokuqala ngokuzigcina behlukile ezweni, izindaba zalo zezombangazwe kanye nezindlela zalo zobugovu, ezokuziphatha okubi nezobudlova.—1 Johane 2:15-17.
UTHANDO PHAKATHI KWABO
16. Iyiphi indlela ebalulekile abafundi beqiniso bakaKristu abangabonakala ngayo?
16 Indlela ebaluleke kakhulu abafundi beqiniso bakaKristu abangabonakala ngayo iwuthando abanalo phakathi kwabo. UJesu wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Ingabe izinhlangano zenkolo ojwayelene nazo zinalo loluthando? Ngokwesibonelo, yini eziyenzayo uma amazwe ezihlala kuwo elwa wodwa?
17. Izinhlangano zenkolo namalungu azo ayahlangabezana yini nemfuneko yokuthandana phakathi kwawo?
17 Uyazi ukuthi kwenzekani ngokuvamile. Ngokulandela umyalo wabantu bezwe amalungu ezinhlangano zenkolo ezihlukahlukene ayahamba aye ezinkundleni zempi abulale amakholwa akubo akwelinye izwe. Ngaleyondlela umKatolika ubulala umKatolika, umProtestani abulale umProtestani nomMuslim abulale umMuslim. Ingabe ucabanga ukuthi inkambo enjalo iyavumelana neZwi likaNkulunkulu futhi ngempela ibonisa umoya kaNkulunkulu?—1 Johane 3:10-12.
18. OFakazi BakaJehova baqhuba kanjani kulendaba yokuthandana phakathi kwabo?
18 OFakazi BakaJehova baqhathaniseka kanjani kulendaba yokubonisana uthando? Abayilandeli inkambo yezinkolo zezwe. Ababulalani bodwa ezinkundleni zempi. Abanalo icala lokuba abaqambi-manga ngokuthi, “ngiyamthanda uNkulunkulu,” babe bezonda abafowabo besinye isizwe, uhlanga noma ubuzwe. (1 Johane 4:20, 21) Kodwa babonisa loluthando nangezinye izindlela. Kanjani? Ngendlela abaphatha ngayo omakhelwane babo nangemizamo yothando yokusiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu.—Galathiya 6:10.
INKOLO EYODWA YEQINISO
19. Kungani kungokwengqondo futhi kungokomBhalo ukuthi kukhona inkolo eyodwa kuphela yeqiniso?
19 Kuyinto enengqondo nje ukuthi kumelwe kube nenkolo eyodwa yeqiniso. Lokhu kuyavumelana neqiniso lokuthi uNkulunkulu weqiniso, “kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.” (1 Korinte 14:33) Eqinisweni iBhayibheli lithi “yinye inkolo.” (Efesu 4:5) Khona-ke, obani abakha iqembu labakhulekeli beqiniso namuhla?
20. (a) Ngokucabangela ubufakazi, lencwadi ikhomba kobani njengabawukuphela kwabakhulekeli beqiniso namuhla? (b) Ingabe yilokho nawe okukholelwayo? (c) Iyiphi indlela engcono yokujwayelana kahle noFakazi BakaJehova?
20 Asithandabuzi ukusho ukuthi bangoFakazi BakaJehova. Ukuze uqiniseke ngalokhu sikumemela ukuba ujwayelane kangcono nabo. Indlela engcono yokwenza lokhu iwukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Njengoba iBhayibheli libonisa ukuthi ukuqhuba inkolo yeqiniso kuletha ukwaneliseka okukhulu manje futhi kuvula indlela yokujabulela ukuphila okuphakade epharadesi emhlabeni, ngokuqinisekile kuyoba ngokuwufanele umzamo wakho ukuba uhlole kanjalo. (Duteronomi 30:19, 20) Sikumema ngomusa ukuba wenze kanjalo. Kungani ungazihloleli manje?
[Isithombe ekhasini 185]
Uma ukhuluma nothile ngoJehova nombuso wakhe abantu babengakuhlanganisa nayiphi inkolo?
[Izithombe ekhasini 186]
Ingabe umuntu uyalihlonipha iZwi likaNkulunkulu uma ehluleka ukuphila ngalo?
[Isithombe ekhasini 188, 189]
UJesu wenqaba ukuba umbusi wezombangazwe
[Isithombe ekhasini 190]
Umenywa ngomusa ukuba ube-khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova