Uhluke Kanjani Ezweni?
“Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu . . . ukuzigcina kungabi-yicala lokwezwe.”—JAKOBE 1:27.
1, 2. Ubani owathi amaKristu ayohluka ezweni? Kungani oFakazi BakaJehova kumelwe balindele ukwehluka ezweni?
KWAKUNGUJESU owathi ekuqaleni amaKristu kumelwe angabi yingxenye yezwe. (Johane 15:19) Futhi emthandazweni kuYise ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, wezwakala ethi: “Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” Khona-ke, cishe ngokushesha, waphinda: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 17:14, 16.
2 Izinkolo eziningi zeLobukholwa azenzi mzamo wokugcwalisa lawomazwi. Nokho, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi amaKristu namuhla awanakwenza ngenye indlela kodwa kumelwe ahluke ezweni. Ayazi ukuthi uSathane ungumbusi walelizwe. (Johane 14:30; 1 Johane 5:19) Ukuba yingxenye yezwe kusho ukuba ngaphansi kwethonya likaSathane. UJakobe waxwayisa: “Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Ngakho-ke, kumelwe silungele ukuba abahlukile.
3. Yiziphi izinto eziyisisekelo ezenza oFakazi BakaJehova bahluke kulabo abahlala nabo?
3 Kodwa oFakazi BakaJehova bahluke kanjani? UJesu akashongo ukuthi amaKristu ayosuswa ngokwenyama ezweni. (Johane 17:15) Futhi ngempela, oFakazi BakaJehova bahlala emiphakathini yalo, futhi iningi labo liyashada futhi likhulise imikhaya, njengawo wonke umuntu. Nabo kumelwe bathole umsebenzi, babhekane nokwehla kwamandla emali, futhi bakhokhe izintela zabo. Kodwa bahlukile. Esihlokweni esasikhuluma ngabo, umhleli wengxenye yenkolo wephephandaba laseUnited States wachaza isizathu ayesicabanga salokhu. Wathi: “Okwehlukanisa oFakazi kubo bonke ababagxekayo, mhlawumbe, kuwukuthi ukuphila kwabo konke—indlela abachitha ngayo amahora abo nokuthi nobani—ihlangene ngokuphelele nezinkolelo zabo.” Kuyiqiniso ngempela! OFakazi BakaJehova bazinikezele ngokuphelele kuJehova uNkulunkulu. Bazikholelwa ngempela izithembiso zakhe eziseBhayibhelini, futhi bayithatha ngokungathi sína yonke imiyalo kaNkulunkulu kubo. (1 Johane 5:3) Lokhu kubenza bahluke.
4. Yiziphi izici ezenza ukwehluka kulelizwe kube nzima? Ngakho-ke, yini okumelwe sonke siyenze ngezikhathi zonke?
4 Nokho, ukuzehlukanisa okunjalo akuvamile futhi akulula. Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, ukucindezela kokufana nezwe kungamandla. Iningi lethu linesifiso semvelo sokungabi abahluke kakhulu kwabanye. Uma kuphakama izimpikiswano ezihilela ukungathathi-hlangothi, kufuna ukholo oluqinile ukuba ngohlukile nolalela imiyalo kaJehova. (IzEnzo 5:29; 15:28, 29) Ngakho, kuhle ngomuntu ngamunye ukuba azihlole ngazo zonke izikhathi ukuze abone ukuthi umi kanjani endabeni yokwehluka ezweni.—2 Korinte 13:5.
Ukushiseka Enkonzweni Yasensimini
5. (a) Yini abangebona oFakazi abayishoyo ngentshiseko yoFakazi BakaJehova emsebenzini wokushumayela? (b) Yiziphi ezinye izimiso zeBhayibheli ezenza oFakazi bashiseke kulomsebenzi?
5 Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngentshiseko yabo ekushumayeleni. Lokhu ngempela kubenza bahluke. Abanye bayababaza ngenxa yakho, kanti abanye kuyabacasula. Izithunywa zevangeli zenye inhlangano eshumayelayo zabika ukuthi noma kuphi lapho ziya khona ezweni zithola abantu bendawo abangoFakazi BakaJehova abakhuthele nabashisekayo! “Khuluma isikhathi eside cishe kunoma ubani . . . oyisithunywa sevangeli kunoma iyiphi indawo ezweni ngezimo zendawo, futhi uyozwa kukhulunywa ngoFakazi BakaJehova,” kwasho enye yezincwadi zabo. Kungani oFakazi beshiseka kangaka kulomsebenzi? Isizathu siwukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kuyintando kaNkulunkulu futhi kuwuphawu lomKristu weqiniso. (Math. 28:19, 20; Efesu 6:14, 15; IsAmbulo 22:17) Namuhla, lokhu kushumayela koFakazi BakaJehova kuwukubonakaliswa kwasobala kobuqotho babo eMbusweni kaNkulunkulu nesifiso sabo sokusiza abanye ukuba bakhulekele uJehova.—Isaya 2:2-4; Mathewu 24:14.
6. Yimiphi eminye imibuzo okumelwe sizibuze yona ukuze sihlole imizwa yethu ngomsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso?
6 Ubaluleke kangakanani kuwe umsebenzi wokushumayela? Ezweni, abaningi banomuzwa wokuthi ukuziphilisa, noma ngisho nokuzijabulisa, kuyinto ebalulekile kunokukholwa. (2 Thimothewu 3:4; 1 Johane 2:16) Nokho, uPawulu wabhalela uThimothewu: “Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.” (1 Thimothewu 4:16) Ingabe unawo lombono? Uyasikhumbula futhi isixwayiso sikamphostoli uPetru sokuthi kumelwe ‘ulangazelele ukufika kosuku lukaJehova’? (2 Petru 3:12) Uma kunjalo, khona-ke uyazi ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyindaba ephuthumayo. Lokhu kungase kukushukumisele ukuba wenze ngezindlela ezibonakala zingavamile kwabangebona oFakazi.
7. Isiphi isinyathelo abaningi abaye basithatha ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela? Ngani?
7 Ngokwesibonelo, uJohn, uthisha wesikole eGhana, wacabangisisa ngemiBhalo. Ngakho wasula emsebenzini wakhe ukuze asebenzise isikhathi esengeziwe ekutsheleni omakhelwane ngoMbuso. UBrian, umfana oyiNgisi, wadela ithuba lakhe lokuya eyunivesithi ukuze abe umshumayeli wesikhathi esigcwele; noEve, intombazane yaseMelika, walishiya ikholiji ngemva konyaka ngesizathu esifanayo. Ingabe lentsha yayiyiziphukuphuku? Empeleni, kunoma ubani oqaphelisisa iBhayibheli, lokho eyakwenza kwakunengqondo. Kunokulimaza ikusasa layo, yayiliqinisekisa. Njengoba uPawulu asho, umsebenzi eyawukhetha usho ukusinda, ‘kwayo kanye nabayizwayo.’—1 Thimothewu 4:16.
Ukuziphatha Okuhlukile
8. Isiphi isimiso esingokweBhayibheli esikumaHeberu 1:9 futhi esisiza oFakazi BakaJehova ukuba bahluke?
8 Nasi esinye isimiso esenza amaKristu ahluke ezweni: “Uthandile ukulunga, wazonda ububi.” (Heberu 1:9) Ngokwendaba, lamazwi aqondiswe kuJesu Kristu, kodwa oFakazi BakaJehova baqaphela ukuthi anikeza indinganiso nangamaKristu. (1 Petru 2:21) Kumelwe sithande lokho uNkulunkulu athi kulungile futhi sizonde lokho uNkulunkulu athi kubi.
9. (a) Iziphi ezinye izinhlobo zobubi? (b) Umbono webandla lobuKristu ngokwenza okubi uhluke kanjani kulowo wezwe?
9 Umphostoli uPawulu ubala ezinye izinhlobo zobubi ngalamazwi: “Nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Namuhla, izwe liyekelela kakhulu, ikakhulukazi ezindabeni zokuziphatha. Kodwa izimiso zeBhayibheli azinakushintsha. IBhayibheli lithi uma umKristu ehileleka ekuziphatheni okubi kumelwe asizwe ngothando ukuba ashintshe indlela yakhe. (Galathiya 6:1; Jakobe 5:19, 20) Uma enqaba ukushintsha, khona-ke kumelwe agwenywe ngamaKristu.—1 Korinte 5:9-13.
10. Kungani oFakazi BakaJehova kumelwe bazivikele ezenzweni ezimbi?
10 Abanye baye bathi lendlela yokusingatha izindaba ayinaluthando noma ingeyokushiseka ngokuphambene. Bakhetha indlela yezwe yokuyekelela. Ingabe uzizwa ngaleyondlela? Noma uyaqaphela ukuthi izenzo ezinjalo azibonisi ukuntula uthando ngesoni kodwa ukuzonda izenzo zaso ezimbi. Futhi ingabe uyaqonda ukuthi ibandla lobuKristu kumelwe lenze ngalendlela ukuze lihlale lingelobuKristu? UJakobe wathi: “Inkolo uNkulunkulu uBaba wethu ayamukela njengehlanzekile nemsulwa yilena: . . . ukuzigcina ungangcolisiwe yizwe.” (Jakobe 1:27, New International Version) Iqembu elithile lingasho kanjani ukuthi liyinkolo yeqiniso uma livumela ukungcoliswa yizono ezingathi sína?
11. Izindinganiso zobuKristu ziyithinta kanjani inkulumo yomKristu?
11 ‘Ukuzonda’ komKristu ‘okubi’ kuhilela okwengeziwe. IBhayibheli lithi: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula.” (Efesu 5:3, 4) Ngakho amaKristu oqobo aziwa phakathi kwabangane bawo ngokungasebenzisi ulimi olungcolile, akhuluma amahlaya angcolile, noma ezivusela inkanuko ngezingxoxo zezinto ezingcolile. Izingqondo ezihlanzekileyo nezingxoxo ezihlanzekileyo ziqhubeka zincipha namuhla.
12. OFakazi BakaJehova bahluke kanjani ezweni uma kuziwa kwezokuzijabulisa?
12 OFakazi BakaJehova bayehluka ngisho nasekuzijabuliseni. Njengoba ‘lonke izwe lisemandleni omubi,’ baye bafunda ukuqapha ngezokuzijabulisa ezenziwa ezweni. (1 Johane 5:19) Bayigwema ngokuphelele imidlalo eminingi yamaphathi, omagazini, amavideo, amabhayisikobho, umculo nemidlalo yethelevishini enobudemoni noma enobufebe phakathi, noma eqokomisa ubudlova bokulwa. Bayakuqaphela futhi okuthiwa ukuzijabulisa komkhaya okuthuthukisa imiqondo engenakulinganisela noma eyekelelayo leyo amaKristu angenakuyivumela. (1 Korinte 15:33) Noma ubani othatha iBhayibheli ngokungathi sína akanakufuna ukujatshuliswa yizinto okumelwe zingaphathwa nangegama phakathi kwamaKristu.
13. Ingabe kuwumqondo omfushane ukuzibekela imingcele kangako ezindabeni zokuzijabulisa? Chaza.
13 Ingabe lona umbono wakho? Noma unomuzwa wokuthi imibono enjalo yenza oFakazi BakaJehova babe nomqondo omfushane noma bazibekele imingcele? Uma kunjalo, cabanga: Uma ukudla kutholakala ukuthi konakele bese kukhishwa ngokushesha emashalofini asesitolo, abathengi abanakukhononda ngokuthi inkululeko yabo ibekelwe imingcele ngoba abasenakukuthenga. Kunalokho, bayajabula ngokuvikelwa ekudleni okunoshevu. Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova abakhonondi ngokuthi inkululeko yabo ibekelwe imingcele ngandlela-thile uma beboniswa ukungcola okugcwele kwezokuzijabulisa zezwe. Kunalokho, bayasizakala ukuba bavikeleke engozini elethwa ukungcola okunjalo.
Bayathandana
14. Iyiphi imfanelo uJesu athi yayiyokwenza umphakathi wamaKristu uvelele ezweni eliwuzungezile?
14 Nasi esinye isilinganiso sokuhluka komKristu ezweni. Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Kungani uthando kumelwe lube uphawu kwabangaphandle? Kungoba, sonke isimo sezwe namuhla sinjengoba uPawulu athi siyokuba njalo: ‘Abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, . . . nabangenaluthando.” (2 Thimothewu 3:2, 3) Esimweni esinjalo, umphakathi wabantu abathandanayo emhlabeni wonke wawuyoba ovelele. Ubuzalwane obunjalo bukhona phakathi koFakazi BakaJehova.—1 Petru 2:17.
15. Yiziphi izimo ezithile oFakazi BakaJehova abanethuba ngazo lokubonisa ukuthandana?
15 Loluthando luphawuleka kakhulu futhi ngokuvamile ludonsa ukukhulumela kwabangaphandle uma oFakazi behlangene emihlanganweni yabo. Uma kunezinhlekelele ezinkulu, oFakazi bayashesha ukufika, bezosiza abazalwane babo. Futhi ebandleni, amaKristu aqotho abonisa uthando nokucabangelana. Ngisho noma kunezinkinga zobuntu, azama kanzima ‘ukubekezelelana nokuthethelelana ngokukhululekile.’—Kolose 3:12-14.
Abakhubekisani
16. (a) Isiphi isimo uPawulu axoxa ngaso esanikeza amaKristu ekhulu lokuqala ithuba elihle lokubonisa ukujula kothando lwawo ngamanye? (b) Yisiphi isimiso asichaza esinokusebenza okuningi namuhla?
16 Uthando olunjalo lwenza oFakazi bahluke ngenye indlela. Namuhla, abaningi bakhathalela futhi bavikele amalungelo abo. Nokho, umphostoli uPawulu ubeka indinganiso ehlukile: “Ngalokho-ke, asijonge okokuthula nokokwakhana.” (Roma 14:19) Ngokwendaba, uPawulu wayekhuluma ngenkinga ethile eyayikhona ngalesosikhathi ngokuqondene nokudla. AmaKristu, ngokungafani namaJuda angaphansi koMthetho kaMose, ayekhululekile ukuba adle noma yini ayeyithanda uma nje kwakungekhona ukuminza. Nokho, abanye kusukela ebuntwaneni ababebheka ukudla okuthile njengokunyanyekayo, babephazamiseka uma bebona amanye amaKristu ekudla. Ingabe lawomaKristu aphikelela elungelweni lawo lokudla noma yini ayefuna ukuyidla? Hhayi uma ayelandela iseluleko sikaPawulu. Wathi: “Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.” (Roma 14:21) Yeka iseluleko sothando! Ingabe uyayibona indlela esingasiqondisa ngayo nakwezinye izinto ezithile?
17, 18. (a) Isimiso esikumaRoma 14:21 singasetshenziswa kanjani endabeni yophuzo oludakayo? (b) Singasetshenziswa kanjani endabeni yokugqoka? (c) Iziphi ezinye izici ongase ucabange ngazo lapho ukusebenzisa lesisimiso esifanayo okungasisiza kuzo ukuba sibonisane uthando?
17 Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyawavumela amaKristu ukuba aphuze uphuzo oludakisayo ngokusesilinganisweni. (1 Thimothewu 3:8; 5:23) Kodwa abanye bazwela kalula ngophuzo. Abanye abaluajwayele noma abakwazi ukulusebenzisa. Uma ubusembuthanweni nothile onjalo, ingabe ubuyozama ukumcindezela noma ukumbangela amahloni ukuze aphuze uphuzo oludakisayo? Noma bewungeke yini uluyeke ukuze ungamdaleli izinkinga?
18 Cabangela esinye isibonelo: indaba yokugqoka. IBhayibheli alichazi ukuthi hlobo luni lwengubo umKristu okumelwe alugqoke, nakuba lisho ukuthi kumelwe ibe ngenokulinganisela necocekile. (1 Thimothewu 2:9) Namuhla, amazwe amaningi anamagama athile ezingubo ezicatshangelwa njengezamukelekayo emphakathini. Ngokuvamile, leligama livumela ukwehlukahluka okunengqondo, kodwa noma ikuphi ukuhluka okungavamile kubonakala kuwukuzigqaja, nokukhanukisayo, noma kungavamile. AmaKristu, kokubili amadoda nabesifazane, kumelwe akukhumbule lokhu. Ingabe uzimisele ukulinganisela inkululeko yakho endabeni yokugqoka ngenxa yezindaba ezinhle futhi ukuze ungakhubekisi abazalwane bakho?
19-21. (a) Kungani oFakazi BakaJehova besebenzela ukulondoloza ukuhluka kwabo ezweni? (b) Kukuyiphi enye ingxenye okumelwe sizame ukuhluka kuyo ezweni?
19 Yebo, uJesu wayeqinisile uma ethi amaKristu ‘awanakuba yingxenye yezwe.’ (Johane 17:16) Ekushumayeleni izindaba ezinhle, ekugwemeni okubi, nangokuthandana nokucabangelana, oFakazi BakaJehova bahlukile ngempela. Lokhu kwehluka kuletha izibusiso koFakazi, ikakhulukazi ngoba kuyabavikela ezinkingeni eziningi ezikhathaza izwe namuhla.
20 Ingabe uyakwazisa futhi ukuhlakulele lokhu kwehluka ekuphileni kwakho siqu? Khumbula, uma oFakazi BakaJehova babengahlukile, babeyofana nezwe, uSathane uDeveli angunkulunkulu walo. (2 Korinte 4:4) Babeyolahlekelwa ukuphawuleka kwabo okukhanyayo ‘njengabantu abangcwele,’ futhi babeyokwehluleka ukuzigcina “bengangcoliswanga yizwe.” Kanjalo, babengeke babe nayo “inkolo emsulwa nengangcolisiwe, emehlweni kaNkulunkulu.” (Jakobe 1:27, The Jerusalem Bible; 1 Petru 1:14-16) Uma uzithola ufuna ukufana nezwe, khumbula isixwayiso esikuJakobe 4:4.
21 Umphostoli uPawulu waprofetha ngesinye isici esasiyovama ezweni namuhla. Wathi abantu bayokuba “ngabathanda imali.” (2 Thimothewu 3:1, 2) Njengoba asho, ukuphishekela imali manje kungamandla kangangokuba kwabaningi kuyithonya elikhulu ekuphileni kwabo. Ingabe amaKristu ahlukile nakulokhu? Ingabe kungenzeka ukusinda kulelizwe lanamuhla ngaphandle kokuba ‘othanda imali’? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.
Ungakhumbula?
◻ Kungani umKristu kumelwe alindele ukuhluka ezweni?
◻ Imiphi imibhalo esiza oFakazi bakaJehova ukuba babe nombono oqondile ngomsebenzi wokushumayela?
◻ Kungaziphi izindlela ezihlukene ukusetshenziswa kwamaHeberu 1:9 okwenza oFakazi BakaJehova bahluke ngazo ezweni?
◻ Imuphi umphumela ukusebenzisa isimiso esichazwe kumaRoma 14:21 okunawo ekuziphatheni kwethu?
[Isithombe ekhasini 13]
OFakazi BakaJehova baye bafunda ukuqapha ngokuqondene nokuzijabulisa kwezwe