Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukukhashelwa Nokuboshwa
SEKUNGEMVA kwaphakathi kwamabili njengoba uJuda eholela isixuku esikhulu samasosha, abapristi abakhulu, abaFarisi, nabanye ensimini yaseGetsemane. Abapristi bavumile ukukhokhela uJuda izinhlamvu zesiliva ezingu-30 ukuze akhaphele uJesu.
Ngaphambili, lapho uJuda esexoshwa esidlweni sePhasika, ngokusobala uye waqonda ngqo kubapristi abakhulu. Bona base beqoqa abaphathi babo, kanye neviyo lamasosha. Mhlawumbe uJuda uye wabayisa lapho uJesu nabaphostoli bakhe bebegubhela khona iPhasika. Lapho sithola ukuthi sebehambile, isixuku esikhulu esiphethe izikhali futhi esithwele izibani nezihlanti silandela uJuda siphume eJerusalema bese siya ngaphesheya koMfudlana iKedroni.
Njengoba uJuda ehola udwendwe bekhuphukela eNtabeni yemiNqumo, uzizwa eqiniseka ukuthi uyazi ukuthi bazomtholaphi uJesu. Phakathi nesonto elidlule, njengoba uJesu nabaphostoli bebehla benyuka phakathi kweBethaniya neJerusalema, bebevamise ukuma ensimini yaseGetsemane ukuze baphumule futhi baxoxe. Kodwa, manje, njengoba ngokunokwenzeka uJesu engabonakali ebumnyameni phansi kwemithi yeminqumo, amasosha azombona kanjani? Kungenzeka awakaze ambone ngaphambili. UJuda unikeza isibonakaliso, ethi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.”
UJuda uholela isixuku esikhulu ensimini, ubona uJesu enabaphostoli bakhe, abese eqonda kuye. Umanga ngomusa omkhulu abese ethi: “E Rabi!”
UJesu uyambuza: “Mngane, ubabeleni na?” Khona-ke uJesu eziphendula, uthi: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Kepha akasafuni ukukhuluma nomkhapheli wakhe! UJesu uphumela ekukhanyeni kwezihlanti ezivuthayo nezibani abese ethi: “Nifuna ubani na?”
Bayaphendula: “UJesu waseNazaretha.”
“Yimina,” kuphendula uJesu, njengoba ema phambi kwabo bonke ngesibindi. Bemangaliswe isibindi sakhe futhi bengazi ukuthi yini ezolandela, abantu bayahlehla futhi bawela phansi.
UJesu uyaqhubeka ngokuthula: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe.” Kafushane ngaphambili besekamelweni eliphezulu, uJesu uye watshela uYise lapho ethandaza ukuthi uye wabagcina abaphostoli bakhe akwalahleka ngisho noyedwa ‘ngaphandle kwendodana yokulahlwa.’ Ngakho, ukuze akushilo kugcwaliseke, ucela ukuba abafundi bakhe bavunyelwe bahambe.
Njengoba amasosha ephinda ethola isibindi, ayasukuma, aqale ukubopha uJesu, abaphostoli bayaqaphela ukuthi yini ezokwenzeka. Bayabuza: “Nkosi, sigadle ngenkamba na?” Ngaphambi kokuba uJesu aphendule, uPetru, esebenzisa enye yezinkemba ezimbili abaphostoli abebeze nazo, uhlasela uMalkusi, inceku yompristi omkhulu. Igalelo likaPetru liyaligeja ikhanda lenceku kodwa linqume indlebe yayo yokunene.
Njengoba uJesu elamula uthi: “Musani; sekwanele.” Ethinta indlebe, upholisa inxeba. Khona-ke ufundisa isifundo esibalulekile, ekhuza uPetru: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumelele amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili?”
UJesu akakwenqabi ukuboshwa. Ngoba uyachaza: “Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?” Futhi uyanezela: “Angiyikuphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?” Uvumelana ngokuphelele nentando kaNkulunkulu ngaye!
Khona-ke uJesu ukhuluma nesixuku: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.”
Kulokho iviyo lamasosha nomkhuzi wempi nabaphathi bamaJuda babamba uJesu bambophe. Uma bebona lokhu, abaphostoli bayamshiya uJesu babaleke. Nokho, insizwa ethile—okungenzeka ukuthi umfundi uMarku—isala phakathi kwesixuku. Kungenzeka ukuthi ibisemzini lapho uJesu ebegubhela khona iPhasika futhi kamuva yase ilandela isixuku. Nokho, manje, iyabonakala, futhi kwenziwa umzamo wokuyibamba. Kodwa ishiya ingubo yayo ibaleke ize. Mathewu 26:47-56; Marku 14:43-52; Luka 22:47-53; Johane 17:12; 18:3-12.
◆ Kungani uJuda eqiniseka ukuthi uJesu uzomthola ensimini yaseGetsemane?
◆ UJesu ukubonisa kanjani ukukhathalela abafundi bakhe?
◆ UPetru uthatha siphi isinyathelo sokuvikela uJesu, kodwa uJesu uthini ngaso?
◆ UJesu wembula kanjani ukuthi uvumelana ngokuphelele nentando kaNkulunkulu ngaye?
◆ Lapho abaphostoi beshiya uJesu, ubani osalayo, futhi kwenzekani kuye?