Isahluko 13
Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
1. Yini ohulumeni babantu abaye bahluleka ukuyenza?
UYE WAPHAWULA yini ukuthi ohulumeni babantu, ngisho nalabo abanezinhloso ezinhle, baye bahluleka ukwanelisa izidingo zangempela zabantu? Abekho abaye baxazulula izinkinga zobugebengu nenzondo phakathi kwezinhlanga noma abaye balungiselela bonke abantu ukudla okufanelekile nezindlu zokuhlala. Abazange bakhulule izakhamizi zabo ngokuphelele ezifweni. Engekho futhi uhulumeni oye wakwazi ukuvimbela ukuguga noma ukufa noma ukubuyisela abafileyo ekuphileni. Awukho nowodwa oye waletha ngisho nokuthula okuhlala njalo nokulondeka kwabayizakhamuzi zawo. Ohulumeni babantu bamane nje bayahluleka ukuxazulula izinkinga ezinkulu ezibhekene nabantu.
2. Siyini isigijimi esiyinhloko seBhayibheli?
2 UMdali wethu uyazi ukuthi siwudinga kangakanani uhulumeni olungileyo oyokwenza kwenzeke ngabo bonke abantu ukujabulela ukuphila okugcwele nokujabulisayo. Kungakho-ke iBhayibheli lisitshela ngohulumeni ongaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu. Eqinisweni lohulumeni othenjiswe uNkulunkulu uyisigijimi esiyinhloko seBhayibheli.
3. UIsaya 9:6, 7 uthini ngohulumeni kaNkulunkulu?
3 Kodwa ungase ubuze: ‘Kukuphi lapho iBhayibheli likhuluma khona ngohulumeni kaNkulunkulu?’ Lenza kanjalo, ngokwesibonelo, kuIsaya 9:6, 7. NgokweKing James Version, lamavesi athi: “Ngoba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana: futhi uhulumeni uyokuba semahlombe akhe: igama lakhe liyobizwa ngokuthi oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uBaba ongunaphakade, iNkosi Yokuthula. Ukwanda kukahulumeni wakhe nokuthula akunakuba nakuphela.”
4. Ngubani umntwana oba umbusi kahulumeni kaNkulunkulu?
4 Lapha iBhayibheli lisitshela ngokuzalwa komntwana, inkosi. Ngemva kwesikhathi ‘lendodana yenkosi’ yayizoba umbusi omkhulu, “INkosi Yokuthula.” Yayizonakekela uhulumeni omangalisa ngempela. Lohulumeni uyoletha ukuthula emhlabeni wonke, futhi lokhu kuthula kuyohlala phakade. Umntwana, okuzalwa kwakhe kwabikezelwa kuIsaya 9:6, 7, kwakunguJesu. Lapho imemezela ukuzalwa kwakhe encasakazini enguMariya, ingelosi uGabriyeli yathi ngoJesu: “Uyakuba-yinkosi . . . nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.”—Luka 1:30-33.
UKUGCIZELELA UKUBALULEKA KOMBUSO
5. (a) Ukubaluleka koMbuso kuboniswe kanjani eBhayibhelini? (b) Uyini umbuso kaNkulunkulu, futhi yini oyoyenza?
5 Ngesikhathi besesemhlabeni, umsebenzi oyinhloko kaJesu Kristu nabasekeli bakhe kwakuwukushumayela nokufundisa ngombuso kaNkulunkulu ozayo. (Luka 4:43; 8:1) Babhekisela kulowombuso cishe izikhathi ezingu-140 eBhayibhelini. UJesu wafundisa ngisho nabalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Ingabe lombuso amaKristu awukhulekelayo ngempela uwuhulumeni? Kungenzeka awukaze uwucabangele kanjalo, kodwa uyiwo. INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, iyiNkosi yalowoMbuso. Futhi umhlaba wonke uyoba indawo ayoyibusa. Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani uma abantu bengasahlukanisiwe baba yizizwe eziningi eziphikisanayo, kodwa bonke abantu bayobe behlangene ngokuthula ngaphansi kukahulumeni woMbuso kaNkulunkulu!
6. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, kungani kwakuthiwa uMbuso “useduze” nokuthi “uphakathi kini”?
6 UJohane uMbhapathizi waqala ukushumayela ngalohulumeni, etshela abantu: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 3:1, 2) Kungani uJohane ayengase asho lokhu? Ngenxa yokuthi uJesu, lowo owayezoba umbusi kahulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, wayesezobhapathizwa nguye agcotshwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngakho ungase ubone ukuthi kungani uJesu kamuva atshela abaFarisi: “Bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.” (Luka 17:21) Kwakungenxa yokuthi uJesu, lowo uNkulunkulu ayemmise njengenkosi, wayekhona kanye nabo. Phakathi neminyaka yakhe emithathu nengxenye yokushumayela nokufundisa, uJesu, ngokuthembeka kwakhe kuNkulunkulu kuze kube sekufeni, wabonisa ilungelo lakhe lokuba yinkosi.
7. Yini ebonisa ukuthi uMbuso wawuyimpikiswano ebalulekile ngesikhathi uJesu esemhlabeni?
7 Ukuze sibone ukuthi umbuso kaNkulunkulu wawuyimpikiswano ebalulekile phakathi nenkonzo kaKristu, ake sicabangele okwenzeka ngosuku lokugcina ngaphambi kokufa kwakhe. IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu babeka uJesu icala, bethi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” Lapho ezwa lezozinto, umbusi waseRoma uPontiyu Pilatu wabuza uJesu: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”—Luka 23:1-3.
8. (a) UJesu waphendula kanjani uma ebuzwa ukuthi wayeyinkosi yini? (b) UJesu wayesho ukuthini uma ethi umbuso wakhe “awusiwo owalapha”?
8 UJesu akazange awuphendule umbuzo kaPilatu ngokuqondile, kodwa wathi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe. Uma umbuso wami ubungowalelizwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.” UJesu waphendula ngalendlela ngenxa yokuthi umbuso wakhe wawungeke ube owasemhlabeni. Wayezobusa esezulwini, hhayi njengomuntu esihlalweni esithile sobukhosi emhlabeni. Njengoba impikiswano yayiwukuthi uJesu wayenalo yini ilungelo lokubusa njengenkosi noma cha, uPilatu wabuye wambuza uJesu: “Kanti nokho uyinkosi na?”
9. (a) Iliphi iqiniso elimangalisayo uJesu alenza laziwa? (b) Yimiphi imibuzo emikhulu namuhla?
9 Ngokusobala, uJesu wayequliswa icala lokufa nokuphila kwakhe ngenxa nje yokuthi wayeshumayela futhi efundisa ngohulumeni omusha. Ngakho uJesu waphendula uPilatu: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:36, 37) Yebo, uJesu wayesebenzise ukuphila kwakhe emhlabeni etshela abantu ngamaqiniso amangalisayo ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Wawuyisigijimi sakhe esiyinhloko. Futhi uMbuso useyimpikiswano ebalulekile nanamuhla. Nokho, lemibuzo isasele: Yimuphi uhulumeni ongobaluleke kakhulu ekuphileni komuntu? Ingabe uhulumeni othile wabantu, noma ingabe umbuso kaNkulunkulu noKristu njengombusi?
UKUHLELELA UHULUMENI OMUSHA WOMHLABA
10. (a) UNkulunkulu wasibona nini isidingo sikahulumeni omusha? (b) EBhayibhelini, kukuphi lapho kubhekiselwe khona ngokokuqala kulohulumeni? (c) Ubani omelelwe inyoka?
10 Kwakungesikhathi uSathane ezuza uAdamu noEva ukuba babe naye ekuhlubukeni kwakhe lapho uJehova abona khona isidingo sikahulumeni omusha phezu kwesintu. Ngakho ngaso lesosikhathi uNkulunkulu wazisa ngenjongo yakhe yokumisa uhulumeni onjalo. Wabhekisela kulohulumeni uma ememezela isigwebo enyokeni, eqinisweni etshela uSathane uDeveli: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 3:14, 15.
11. Inzondo yayizoba phakathi kwawobani?
11 Kodwa ungase ubuze: ‘Yini eshiwoyo lapha ngohulumeni?’ Ake siyibhekisise kahle lenkulumo, sizobona. Lombhalo uthi kwakuyoba khona ubutha, noma inzondo, phakathi kukaSathane “nowesifazane.” Ngokungaphezulu, kwakuyoba khona inzondo phakathi “kwenzalo” kaSathane, noma abantwana, naphakathi “kwenzalo” yowesifazane, noma abantwana. Okokuqala, kudingeka sithole ukuthi “owesifazane” ungubani.
12. Yini eshiwoyo ngo“wesifazane” kusAmbulo isahluko 12?
12 Akayena owesifazane wasemhlabeni. USathane akazange abe nenzondo ekhethekile nganoma imuphi owesifazane ongumuntu. Kunalokho, lona ngowesifazane ongokomfanekiso. Okungukuthi, umelele okuthile. Lokhu kuboniswe encwadini yokugcina yeBhayibheli, IsAmbulo, lapho kunikezwa khona ukwaziswa okwengeziwe ngaye. Lapho “owesifazane” uchazwa njengo“mbethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili.” Ukuze sisizakale sithole ukuthi lona “owesifazane” umeleleni, phawula ukuthi IsAmbulo siqhubeka sithini ngomntanakhe: “Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.”—IsAmbulo 12:1-5.
13. Ubani noma yini “umntwana wesilisa” no“wesifazane” abayimelelayo?
13 Ukuzwa ukuthi ungubani noma uyini “umntwana wesilisa” kuzosisiza ukuba sithole ukuthi ubani noma yini emelelwe “owesifazane.” Lomntwana akayena umuntu ongokoqobo, njengoba nje nowesifazane engeyena owesifazane ongokoqobo ongumuntu. Umbhalo ubonisa ukuthi lo“mntwana wesilisa” “uzakubusa izizwe zonke.” Ngakho lo“mntwana” umelele uhulumeni kaNkulunkulu noJesu Kristu ebusa njengeNkosi. Ngakho-ke, “owesifazane,” umelele inhlangano kaNkulunkulu yezidalwa zasezulwini ezithembekile. Njengoba nje no“mntwana wesilisa” avela ko“wesifazane,” ngakho neNkosi, uJesu Kristu, wavela enhlanganweni yasezulwini, inhlangano yezidalwa zomoya ezithembekile ezulwini ezisebenza ndawonye ekufezeni injongo kaNkulunkulu. EyabaseGalathiya 4:26 ibiza lenhlangano ngokuthi “iJerusalema eliphezulu.” Ngakho-ke, lapho uAdamu noEva behlubuka okokuqala ekubuseni kukaNkulunkulu, uJehova wenza amalungiselelo ngohulumeni woMbuso owawuzosebenza njengethemba labathandi bokulunga.
UJEHOVA UYASIKHUMBULA ISITHEMBISO SAKHE
14. (a) UJehova wabonisa kanjani ukuthi wayesikhumbula isithembiso sakhe nge“nzalo” eyochoboza uSathane? (b) Ubani “oyinzalo” ethenjisiwe?
14 UJehova akazange asikhohlwe isithembiso sakhe sokuthumela “inzalo” eyayizoba umbusi kahulumeni kaNkulunkulu. Lombusi wayezobhubhisa uSathane ngokumchoboza ikhanda lakhe. (Roma 16:20; Heberu 2:14) Kamuva, uJehova wathi inzalo ethenjisiwe yayiyokuza ngendoda ethembekile uAbrahama. UJehova watshela uAbrahama: “Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:18) Ingubani le“nzalo” okwathenjiswa ukuba ize ngohlu luka-Abrahama? IBhayibheli liyayinikeza impendulo kamuva, lithi: “Manje-ke izithembiso zanikwa uAbrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: Ezinzalweni, kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.” (Galathiya 3:16) UJehova futhi watshela indodana ka-Abrahama uIsaka nomzukulu wakhe uJakobe ukuthi “inzalo” yo“wesifazane” kaNkulunkulu yayiyokuza ngohlu lozalo lwabo.—Genesise 26:1-5; 28:10-14.
15, 16. Yini ebonisa ukuthi “inzalo” yayiyoba inkosi ebusayo?
15 Ekwenza kukhanye ukuthi le“nzalo” yayiyoba inkosi ebusayo, uJakobe washo lamazwi endodaneni yakhe uJuda: “Intonga yobukhosi [noma, igunya lokubusa] ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona [uShilo]; nezizwe ziyakumlalela.” (Genesise 49:10, qhathanisa ne-NW) UJesu Kristu wavela esizweni sakwaJuda. Wabonakala eyilowo“Shilo” ‘izizwe ezaziyomlalela.’—Heberu 7:14.
16 Cishe eminyakeni eyizi-700 ngemva kwaleyonkulumo kuJuda, uJehova wathi ngokuqondene noDavide wesizwe sakwaJuda: “Ngifumene inceku yami uDavide, . . . ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube-phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe-njengezinsuku zezulu.” (AmaHubo 89:20, 29) Uma uNkulunkulu ethi “inzalo” kaDavide iyokuma “kuze kube-phakade” nokuthi “isihlalo sakhe sobukhosi” sasiyoba khona isikhathi eside “njengezinsuku zezulu,” usho ukuthini? UJehova uNkulunkulu ubhekisela eqinisweni lokuthi uhulumeni wombuso ezandleni zombusi wakhe omisiwe, uJesu Kristu, uyohlala phakade. Sazi kanjani?
17. Sazi kanjani ukuthi umbuso othenjisiwe unguJesu Kristu?
17 Phela, khumbula lokho ingelosi kaJehova uGabriyeli eyakutshela uMariya ngomntwana ayezomzala. Yathi: “Uyiqambe igama lokuthi uJesu.” Kodwa uJesu wayengeke ahlale elokhu engumntwana, noma abe umuntu, emhlabeni. UGabriyeli waqhubeka wathi: “Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:31-33) Ingabe akumangalisi ngempela ukuthi uJehova uye wenza amalungiselelo okumisa uhulumeni olungileyo ngenzuzo ehlala njalo yalabo abamthandayo nabamethembayo?
18. (a) IBhayibheli likuchaza kanjani ukuphela kohulumeni bomhlaba? (b) Uhulumeni kaNkulunkulu uyobenzelani abantu?
18 Manje sesisondele isikhathi lapho uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokubhubhisa bonke ohulumeni bezwe. UJesu Kristu ngalesosikhathi uyothatha isinyathelo njengeNkosi enqobayo. Lichaza lempi, iBhayibheli lithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 19:11-16) Lapho bonke abanye ohulumeni sebesusiwe, uhulumeni kaNkulunkulu uyokwanelisa izidingo ezingokoqobo zabantu. UMbusi, uJesu Kristu, uyoqaphela ukuba kungabi nasikhonzi sakhe esithembekile esiyogula, siguge noma sife. Ubugebengu, ukuntuleka kwezindlu, indlala nazo zonke izinkinga ezinjalo ziyoxazululwa. Kuyoba khona ukuthula kweqiniso nokulondeka emhlabeni wonke. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3-5) Nokho, sidinga ukufunda okwengeziwe ngalabo abayobusa kulohulumeni kaNkulunkulu woMbuso.
[Isithombe ekhasini 112, 113]
UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba benze umsebenzi obalulekile wokushumayela ngombuso kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 114]
Lapho kuqulwa icala lakhe, uJesu waqhubeka eshumayela ngombuso kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 119]
Umbheka kanjani uJesu—njengenkosi enqobayo noma njengomntwana ongenakuzisiza?