Ingabe Bewazi?
Ingabe uJesu wayehlobene nabanye babaphostoli bakhe abangu-12?
▪ ImiBhalo ayisinikezi impendulo eqondile. Kodwa ubufakazi nokwaziswa okuthile komlando kusikisela ukuthi kunabathile kubafundi bakhe abangu-12 ababeyizihlobo zakhe.
Ababhali bamaVangeli basho amagama abesifazane ababekhona ngesikhathi uJesu efa esigxotsheni sokuhlushwa. UJohane 19:25 ubala abane: “Unina [uMariya] nodadewabo kanina; uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.” Uma kuqhathaniswa leli vesi nezincazelo ezikuMathewu nakuMarku ezikhuluma ngendaba efanayo sifika esiphethweni sokuthi uSalome wayengudadewabo kanina kaJesu. Kubonakala futhi sengathi lo Salome wayengunina wamadodana kaZebedewu. (Mathewu 27:55, 56; Marku 15:40) Lokhu kusho ukuthi amadodana akhe, kwamanye amavesi abizwa ngokuthi uJakobe noJohane, ayengabazala bakaJesu. UJesu wenza lezi zelamani ezimbili ezazingabadobi abafundi bakhe.—Mathewu 4:21, 22.
Okunye ukwaziswa okungekho eBhayibhelini kuthi uKleyophase, noma u-Alfewu, umyeni womunye wabesifazane okukhulunywe ngabo kuJohane 19:25, wayengumfowabo kaJosefa, uyise kaJesu. Uma lokhu kwaziswa kusekelwe eqinisweni, kusho ukuthi uJakobe, indodana ka-Alfewu, owayengomunye wabaphostoli abangu-12, naye wayengumzala kaJesu.—Mathewu 10:3.
UJesu noJohane uMbhapathizi babehlobene kanjani?
▪ Abanye bakholelwa ukuthi la madoda amabili ayengabazala. Le nkolelo isekelwe enguqulweni eyahumusha uLuka 1:36 ngokunganembile. Ngokwesibonelo, i-King James Version ithi unina kaJohane, u-Elizabethe, nonina kaJesu, uMariya, babeyizelamani.
Nokho, igama elisetshenziswe esiGrekini sokuqala alicacisi. Limane nje libonise ukuthi laba besifazane ababili babeyizihlobo, hhayi ukuthi babezalwa yizelamani, noma abazala. I-Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi “lelo gama linemiqondo eminingi, alisizi ekutholeni ukuthi babehlobene kanjani ngempela.” Pho yavelaphi indaba yokuthi uJesu noJohane babengabazala? I-Catholic Encyclopedia iyaphendula: “Yonke imininingwane esinayo mayelana . . . nabazali bakaMariya . . . ithathwe ezincwadini ezingekho ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli.”
Ngakho-ke, uJesu noJohane babengebona ngempela abazala, babemane beyizihlobo eziqhelile.