Isahluko 6
UJesu Kristu—Ingabe Wathunywa UNkulunkulu?
1, 2. (a) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJesu Kristu wayengumuntu wangempela? (b) Imiphi imibuzo ephakanyiswa ngoJesu?
CISHE WONKE umuntu namuhla uye wezwa ngoJesu Kristu. Ithonya lakhe emlandweni liye laba likhulu kunelanoma yimuphi omunye umuntu. Ngempela, lona kanye ikhalenda elisetshenziswa ezingxenyeni eziningi zezwe lisekelwe onyakeni okucatshengelwa ukuthi wazalwa ngawo! Njengoba iThe World Book Encyclopedia isho: “Izinsuku ezingaphambi kwalowonyaka zihlukaniswa ngoB.C., noma ‘before Christ,’ izinsuku ezingemva kwalowonyaka zihlukaniswa ngo-A.D., noma ‘anno Domini’ (ngonyaka weNkosi yethu).”
2 Ngakho uJesu wayengeyena nje umuntu wokucatshangelwa. Waphila ngempela njengomuntu emhlabeni. “Ezikhathini zasendulo ngisho nezitha zobuKristu azikaze zikungabaze [ukuba khona koqobo] kukaJesu,” kuphawula iEncyclopædia Britannica. Ngakho wayengubani ngempela uJesu? Ingabe ngempela wayethunywe uNkulunkulu? Kungani aziwa kangaka?
WAYEKE WAPHILA NGAPHAMBILI
3. (a) Ngokwamazwi engelosi, uMariya wayezozala indodana kabani? (b) Kwenzeka kanjani ngoMariya oyincasakazi ukuba abe noJesu?
3 Ngokungafani nanoma yimuphi omunye umuntu, uJesu wazalwa yincasakazi. Igama layo kwakunguMariya. Ingelosi yathi ngomntanayo: “Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke.” (Luka 1:28-33; Mathewu 1:20-25) Kodwa owesifazane ongakaze abe nobuhlobo bobulili nendoda wayengaba kanjani nomntwana? Kwakungenxa yomoya kaNkulunkulu ongcwele. UJehova wadlulisela ukuphila kweNdodana yakhe enkulu engokomoya kusuka ezulwini kwaya esizalweni sencasakazi uMariya. Kwakuyisimangaliso! Ngokuqinisekile Lowo owenza owesifazane wokuqala namandla okuzala abantwana wayengase abangele owesifazane ukuba abe nomntwana ngaphandle kukayise ongumuntu. IBhayibheli liyachaza: “Kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane.”—Galathiya 4:4.
4. (a) Ikuphi ukuphila uJesu akujabulela ngaphambi kokuzalwa njengomntwana? (b) Yini uJesu ayisho ebonisa ukuthi wayeke waphila ngaphambili ezulwini?
4 Ngakho ngaphambi kokuba azalwe emhlabeni njengomuntu, uJesu wayekade esezulwini njengomuntu womoya. Wayenomzimba ongokomoya ongabonakali kubantu, njengoba noNkulunkulu enjalo. (Johane 4:24) UJesu ngokwakhe wayevame ukukhuluma ngesikhundla esiphakeme ayenaso ezulwini. Wake wathandaza kanje: “Ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.” (Johane 17:5) Futhi wathi ezilalelini zakhe: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu.” “Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?” “Engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina.”—Johane 8:23; 6:62; 8:58; 3:13; 6:51.
5. (a) Kungani uJesu eye wabizwa ngokuthi “uLizwi,” “izibulo” nokuthi “ozelwe yedwa”? (b) Imuphi umsebenzi uJesu ahlanganyela kuwo noNkulunkulu?
5 Ngaphambi kokuza emhlabeni uJesu wayebizwa ngokuthi uLizwi kaNkulunkulu. Lesisiqu sibonisa ukuthi wayekhonza ezulwini njengomkhulumeli kaNkulunkulu. Futhi ubizwa ngokuthi “yizibulo” likaNkulunkulu, nangokuthi uyiNdodana yakhe “ezelwe yodwa.” (Johane 1:14; 3:16; Heberu 1:6) Lokhu kusho ukuthi wadalwa ngaphambi kwawo wonke amanye amadodana omoya kaNkulunkulu, futhi kwakuwukuphela kwakhe owadalwa uNkulunkulu ngokuqondile. IBhayibheli liyachaza ukuthi leNdodana ‘eyizibulo’ yahlanganyela noJehova ekudaleni zonke ezinye izinto. (Kolose 1:15, 16) Ngakho lapho uNkulunkulu ethi “Masenze abantu ngomfanekiso wethu,” wayekhuluma naleNdodana. Yebo, yena kanye lowo kamuva oweza emhlabeni futhi wazalwa owesifazane wayehlanganyele ekudalweni kwazo zonke izinto! Kakade wayeseke waphila noYise ezulwini iminyaka engaziwa!—Genesise 1:26; IzAga 8:22, 30; Johane 1:3.
UKUPHILA KWAKHE EMHLABENI
6. (a) Iziphi izenzakalo ezenzeka ngokushesha nje ngaphambi nangemva kokuzalwa kukaJesu? (b) UJesu wazalelwaphi futhi wakhulelaphi?
6 UMariya wayethenjiselwe ukushada noJosefa. Kodwa lapho uJosefa ezwa ukuthi ukhulelwe wacabanga ukuthi wayehileleke ebuhlotsheni bobulili nenye indoda, ngakho-ke wayengeke esashada naye. Nokho, lapho uJehova emtshela ukuthi ukukhulelwa kwakungenxa yomoya waKhe ongcwele, uJosefa wamthatha uMariya njengomkakhe. (Mathewu 1:18-20, 24, 25) Kamuva, lapho behambele emzini waseBetlehema, uJesu wazalwa. (Luka 2:1-7; Mika 5:2) Lapho uJesu esengumntwana, iNkosi uHerode yazama ukumbulala. Kodwa uJehova wamxwayisa uJosefa ukuze athathe umkhaya wakhe babalekele eGibithe. Ngemva kokufa kweNkosi uHerode, uJosefa noMariya babuyela noJesu emzini waseNazaretha eGalile, lapho akhulela khona.—Mathewu 2:13-15, 19-23.
7. (a) Yini eyenzeka lapho uJesu eneminyaka eyi-12 ubudala? (b) Yimuphi umsebenzi uJesu afunda ukuwenza ekukhuleni kwakhe?
7 Lapho uJesu eneminyaka eyi-12 ubudala wahamba nomkhaya wakubo baya eJerusalema emkhosinl okhethekile owawubizwa ngokuthi iPhasika. Ngesikhathi elapho waba nezinsuku ezintathu ethempelini elalela abafundisi futhi ebabuza imibuzo. Bonke abantu abamlalela bamangala ngolwazi lwakhe. (Luka 2:41-52) Njengoba uJesu ekhula eNazaretha, wafunda ukuba umbazi. Ngokungangabazeki waqeqeshwa usingayise uJosefa ukuba enze lomsebenzi, njengoba naye ayengumbazi.—Marku 6:3; Mathewu 13:55.
8. Yini eyenzeka lapho uJesu eneminyaka engama-30 ubudala?
8 Lapho enama-30 eminyaka ubudala kwenzeka ushintsho olukhulu ekuphileni kukaJesu. Waya kuJohane uMbhapathizi wacela ukuba abhapathizwe, ukuba afakwe ngokuphelele ngaphansi kwamanzi oMfula iJordani. IBhayibheli liyabika: “UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu wehla njengejuba, uza phezu kwakhe. Bheka, kwavela izwi ezulwini lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:16, 17) Akubanga nakungabaza engqondweni kaJohane ukuthi uJesu wayethunywe uNkulunkulu.
9. (a) Eqinisweni, kunini lapho uJesu aba khona uKristu, futhi kungani kungalesosikhathi? (b) Ngokubhapathizwa kwakhe, uJesu wayeziletha ukuba enzeni?
9 Ngokuthululela umoya waKhe ongcwele kuJesu, uJehova wayemgcoba noma emmisa ukuba abe yinkosi yombuso waKhe ozayo. Njengoba ayesegcotshwe kanjalo ngomoya, uJesu waba “uMesiya,” noma “uKristu,” okungamagama esiHeberu nesiGreki asho “Ogcotshiweyo.” Ngakho-ke, ngenxa yalokho waba uJesu Kristu, noma uJesu Ogcotshiweyo. Ngakho umphostoli wakhe uPetru wakhuluma kanje ngaye: “UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla.” (IzEnzo 10:38) Futhi, ngokubhapathizwa kwakhe emanzini uJesu wayeziletha kuNkulunkulu ukuba enze umsebenzi uNkulunkulu ayemthumele ukuba awenze emhlabeni. Wawuyini lomsebenzi obalulekile?
ISIZATHU SOKUZA KWAKHE EMHLABENI
10. Imaphi amaqiniso uJesu afikela ukuwakhuluma emhlabeni?
10 Echaza ukuthi kungani eza emhlabeni, uJesu watshela umbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu: “Ngizalelwe lokho, ngafikela [lenjongo] ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Kodwa imaphi amaqiniso uJesu ayethunyelwe ukuba awenze aziwe emhlabeni? Okokuqala, amaqiniso ngoYise wasezulwini. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba igama likaYise “lingcweliswe,” noma liphathwe njengelingcwele. (Mathewu 6:9) Futhi wathandaza: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona.” (Johane 17:6) Futhi wathi: “Ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.”—Luka 4:43.
11. (a) Kungani uJesu abheka umsebenzi wakhe njengobaluleke kangaka? (b) Yini uJesu angakaze anqikaze ukuyenza? Ngakho yini okumelwe siyenze?
11 Wawubaluleke kangakanani kuJesu lomsebenzi wokwazisa igama likaYise nombuso? Wathi kubafundi bakhe: “Ukudla kwami kungukwenza intando yokungithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Kungani uJesu abheka umsebenzi kaNkulunkulu njengobaluleke njengokudla? Kwakungenxa yokuthi uMbuso uyindlela uNkulunkulu ayogcwalisa ngayo izinjongo zakhe ezimangalisayo ngesintu. Yilombuso oyobhubhisa bonke ububi uhlanze igama likaJehova esihlambeni esiye salethwa phezu kwalo. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3, 4) Ngakho uJesu akakaze anqikaze ekwenzeni igama likaNkulunkulu nombuso kwaziwe. (Mathewu 4:17; Luka 8:1; Johane 17:26; Heberu 2:12) Njalo wayekhuluma iqiniso, lithandwa noma lingathandwa. Ngaleyondlela wasinikeza isibonelo okumelwe sisilandele uma sifuna ukuthokozisa uNkulunkulu.—1 Petru 2:21.
12. Yisiphi esinye isizathu esibalulekile uJesu asizela emhlabeni?
12 Nokho, ukuze enze kwenzeke ngathi ukuzuza ukuphila okuphakade ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu, uJesu kwadingeka achithe igazi lokuphila kwakhe ngokufa. Njengoba abaphostoli ababili bakaJesu basho: “Sesilungisisiwe ngegazi lakhe.” “Negazi likaJesu iNdodana [kaNkulunkulu] liyasihlambulula ezonweni zonke.” (Roma 5:9; 1 Johane 1:7) Ngakho isizathu esibalukile sokuza kukaJesu emhlabeni kwakuwukuba afele thina. Wathi: “INdodana yomuntu [ayizelanga] ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.” (Mathewu 20:28) Kodwa kusho ukuthini ukuthi uKristu wanikela ukuphila kwakhe kube “yisihlengo”? Kungani ukuthululwa kwegazi lokuphila kwakhe ngokufa kwakudingekile ukuze sisindiswe?
WANIKELA NGOKUPHILA KWAKHE KUBE YISIHLENGO
13. (a) Siyini isihlengo? (b) Liyini inani lesihlengo uJesu alikhokha ukuze sikhululwe esonweni nokufa?
13 Igama elithi “isihlengo” livame ukusetshenziswa uma kuye kwaba khona ukuthumba. Lapho umthumbi ebambe umuntu, angase athi uyombuyisa lowomuntu uma imali ethile ikhokhwa njengesihlengo. Ngakho isihlengo singokuthile okukhulula lowomuntu othunjiwe. Singokuthile okukhokhelwa ukuba angalahlekelwa ukuphila kwakhe. Ukuphila kukaJesu okuphelele kobuntu kwanikelwa ukuze kukhululwe isintu ebugqilini besono nokufa. (1 Petru 1:18, 19; Efesu 1:7) Kungani ukukhululwa okunjalo kwakudingeka?
14. Kungani isihlengo sikaJesu sasidingeka?
14 Lokhu kwakungenxa yokuthi uAdamu, ukhokho wethu sonke, wayehlubuke kuNkulunkulu. Isenzo sakhe sokungawugcini umthetho samenza isoni, ngoba iBhayibheli lichaza ukuthi “isono singukweqa umthetho.” (1 Johane 3:4; 5:17) Ngenxa yalokho, wayengakufanele ukwamukela isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. (Roma 6:23) Ngakho uAdamu wazilahlekisela ukuphila kobuntu okuphelele emhlabeni oyipharadesi. Futhi lelithemba elimangalisayo walilahlekisela bonke abantwana ayezoba nabo. Ungase ubuze, ‘Kodwa kungani yonke inzalo yakhe kumelwe ife, ngoba uAdamu owona?’
15. Njengoba kunguAdamu owona, kungani inzalo yakhe kuye kwadingeka ihlupheke futhi ife?
15 Lokhu kungenxa yokuthi, lapho uAdamu eba yisoni, wadlulisela isono nokufa enzalweni yakhe, kuhlanganise bonke abantu abaphila manje. (Jobe 14:4; Roma 5:12) IBhayibheli lithi: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23; 1 AmaKhosi 8:46) Ngisho noDavide olungileyo wathi: “Ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.” (AmaHubo 51:5) Ngakho-ke, abantu bebelokhu befa ngenxa yesono esazuzwa kuAdamu. Pho-ke, kwenzeka kanjani ngomhlatshelo wokuphila kukaJesu ukuba ukhulule bonke abantu ebugqilini besono nokufa?
16. (a) UNkulunkulu wakubonisa kanjani ukuwuqaphela umthetho wakhe wokuthi ‘ukuphila kumelwe kunikelwe ngokuphila’ ekulungiseleleni isihlengo? (b) Kungani uJesu ayewukuphela komuntu owayengaba isihlengo?
16 Isimiso esingokomthetho emthethweni kaNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli sihilelekile. Siphawula ukuthi ‘ukuphila kumelwe kunikelwe ngokuphila.’ (Eksodusi 21:23; Duteronomi 19:21) Ngokungalaleli kwakhe umuntu ophelele uAdamu wazilahlekisela yena nenzalo yakhe ukuphila okuphelele emhlabeni oyipharadesi. UJesu Kristu wanikela ngokwakhe ukuphila okuphelele ukuba kuthenge lokho uAdamu ayekulahlile. Yebo, uJesu “wazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.” (1 Thimothewu 2:5, 6) Ngenxa yokuthi wayengumuntu ophelele, njengoba noAdamu ayenjalo, uJesu ubizwa ngokuthi “uAdamu wokugcina.” (1 Korinte 15:45) Akekho omunye umuntu ngaphandle kukajesu owayengaba yilesosihlengo. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uwukuphela komuntu owake waphila owayelingana noAdamu njengendodana kaNkulunkulu engumuntu ophelele.—AmaHubo 49:7; Luka 1:32; 3:38.
17. Kunini lapho isihlengo sakhokhwa khona kuNkulunkulu?
17 UJesu wafa eneminyaka engama-33 1/2 ubudala. Kodwa ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kwakhe wavuswa kwabafileyo. Ezinsukwini ezingama-40 kamuva wabuyela ezulwini. (IzEnzo 1:3, 9-11) Lapho, njengomuntu womoya futhi, wabonakala “ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,” elethe inani lomhlatshelo wakhe wesihlengo. (Heberu 9:12, 24) Ngalesosikhathi isihlengo sakhokhwa kuNkulunkulu ezulwini. Manje isintu sase singayithola inkululeko. Kodwa ziyobonakala nini izinzuzo zawo?
18. (a) Singazuza kanjani ngisho kwamanje esihlengweni? (b) Yini isihlengo esiyenza ibe nokwenzeka esikhathini esizayo?
18 Ngisho kwamanje umhlatshelo kaJesu wesihlengo ungasizuzisa. Kanjani? Ngokuba nokholo kuwo singajabulela ukuma okucocekile phambi kukaNkulunkulu futhi sibe ngaphansi kokunakekela kwakhe kothando. (IsAmbulo 7:9, 10, 13-15) Abaningi bethu kungenzeka benza izono ezesabekayo ngaphambi kokufunda ngoNkulunkulu. Ngisho kwamanje siyawenza amaphutha, ngezinye izikhathi angathi sina. Kodwa ngokukhululekile singacela ukuthethelelwa kuNkulunkulu ngesisekelo sesihlengo, sinokuqiniseka kokuthi uyosizwa. (1 Johane 2:1, 2; 1 Korinte 6:9-11) Futhi, ezinsukwini ezingaphambili, isihlengo siyosivulela indlela yokwamukela isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade ezweni lakhe elisha lokulunga. (2 Petru 3:13) Ngalesosikhathi bonke labo abanokholo esihlengweni bayokhululwa ngokuphelele ebugqilini besono nokufa. Bangase babheke phambili ekuphileni okuphakade okuphelele!
19. (a) Ilungiselelo lesihlengo likuthinta kanjani? (b) Umphostoli uPawulu wathi kumelwe sikubonise kanjani ukubonga kwethu ngesihlengo?
19 Uzizwa kanjani ngokufunda ngesihlengo? Ingabe akukwenzi umthande uJehova ukwazi ukuthi ukukhathalela kangangokuthi wanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ngenxa yakho? (Johane 3:16; 1 Johane 4:9, 10) Kodwa, cabangela futhi uthando lukaKristu. Ngokuzithandela weza emhlabeni ukuze azofela thina. Ingabe akumelwe simbonge? Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi kumelwe sikubonise kanjani ukubonga kwethu lapho ethi: “Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.” (2 Korinte 5:14, 15) Ingabe uyokubonisa ukubonga kwakho ngokusebenzisa ukuphila kwakho ekukhonzeni uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu?
ISIZATHU SOKUBA UJESU ENZE IZIMANGALISO
20. Yini esiyifundayo ngoJesu ekuphulukiseni kwakhe onochoko?
20 UJesu waziwa kahle ngezimangaliso azenza. Wayenozwela olujulile ngabantu abasenkathazweni, futhi wayekushisekela ukusebenzisa amandla ayewanikwe uNkulunkulu ukuze abasize. Ngokwesibonelo, umuntu owayenesifo esisabekayo sochoko weza kuye wathi: “Uma uthanda, ungangihlambulula. UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: Ngiyathanda; hlambuluka.” Lowomuntu ogulayo waphulukiswa!—Marku 1:40-42.
21. UJesu wazisiza kanjani izixuku?
21 Cabangela esinye isenzakalo seBhayibheli, bese uba nombono ngomuzwa kaJesu wozwela ngabantu abachazwayo: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu kaIsrayeli.”—Mathewu 15:30, 31.
22. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayebakhathalela ngempela abantu abasiza?
22 Ukuthi uJesu wayebakhathalela ngempela laba ababehluphekile futhi efuna ngempela ukubasiza kungabonakala ngalokho akutshela abafundi bakhe kamuva. Wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.” Ngakho uJesu, ngezinkwa eziyisikhombisa nje kuphela nezinhlanzana eziyingcosana, wasuthisa ngokuyisimangaliso “izinkulungwane zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.”—Mathewu 15:32-38.
23. Yini eyashukumisela uJesu ukuba avuse indodana efile yomfelokazi?
23 Kwesinye isehlakalo uJesu wahlangana nomngcwabo owawuphuma emzini waseNayini. IBhayibheli liyachaza, lithi: “Kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; . . . Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela.” Waba nozwela olujulile ngomfelokazi. Ngakho, ekhuluma nesidumbu uJesu wathi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” Isimanga sezimangaliso! “Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.” Cabanga nje ukuthi lowomama wazizwa kanjani! Wena wawungazizwa kanjani? Izindaba ngalesisenzakalo esiphawulekayo zasakazeka yonke indawo. Kungakho uJesu aziwa kangaka.—Luka 7:11-17.
24. Izimangaliso zikaJesu zabonisani ngokuqondene nesikhathi esizayo?
24 Nokho, izimangaliso ezenziwa uJesu zazingezenzuzo yesikhashana kuphela. Abantu abaphulukisa babuye baba nezinkinga zempilo futhi. Futhi labo abavusa babuye bafa futhi. Kodwa izimangaliso zikaJesu zabonisa ukuthi wayethunywe uNkulunkulu, nokuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu ngempela. Zabonisa ukuthi ngamandla kaNkulunkulu, zonke izinkinga zesintu zingaxazululwa. Yebo, ngezinga elincane zabonisa ukuthi yini eyokwenzeka emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ngalesosikhathi abalambileyo bayosuthiswa, abagulayo baphulukiswe, ngisho nabafileyo bayovuswa! Futhi, ukugula, ukufa noma iziphi ezinye izinkathazo azisenakukubangela ukungajabuli. Yeka isibusiso lokho okuyoba yiso!—IsAmbulo 21:3, 4; Mathewu 11:4, 5.
UMBUSI WOMBUSO KANKULUNKULU
25. Kungaziphi izingxenye ezintathu ukuphila kukaJesu okungahlukaniswa ngazo?
25 Kunezingxenye ezintathu ekuphileni kweNdodana kaNkulunkulu. Eyokuqala, kuneminyaka engaziwa ubuningi bayo eyayiphila noYise ezulwini ngaphambi kokuba umuntu. Eyesibili, iminyaka engu-33 1/2 eyayiphila emhlabeni ngemva kokuzalwa kwayo. Futhi manje ukuphila kwayo kusezulwini njengomuntu womoya. Yisiphi isikhundla eye yaba naso ezulwini kusukela ekuvusweni kwayo kwabafileyo?
26. Ngokwethembeka kwakhe emhlabeni, uJesu wazibonakalisa efanelekele ukuba yini?
26 Ngokusobala, uJesu wayezoba yiNkosi. Ngisho nengelosi yamemezela kuMariya: “Uyakuba-yinkosi . . . kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:33) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni sonke isikhathi wayekhuluma ngombuso kaNkulunkulu. Wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” Futhi wabakhuthaza ngokuthi “funani kuqala umbuso.” (Mathewu 6:10, 33) Ngokwethembeka kwakhe emhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi kwakumfanele ukuba yinkosi yombuso kaNkulunkulu. Ingabe waqala ukubusa njengenkosi ngokushesha nje ekubuyeleni kwakhe ezulwini?
27. (a) Yini uJesu ayenza ngemva kokubuyela kwakhe ezulwini? (b) Sasiyini isenzo sikaJesu sokuqala njengeNkosi yombuso kaNkulunkulu?
27 Cha, akazange. Umphostoli uPawulu ubhekisela kumaHubo 110:1, echaza: “Yena [uJesu], esenikele ngomhlatshelo wabamunye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.” (Heberu 10:12, 13) UJesu wayelindele umyalo kaNkulunkulu wokuthi: “Busa wena phakathi kwezitha zakho.” (AmaHubo 110:2) Uma lesosikhathi sifika, waqala ukuhlanza amazulu ekhipha uSathane nezingelosi zakhe. Umphumela waleyompi ezulwini uphawulwe ngalamazwi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.” (IsAmbulo 12:10) Njengoba sibonile esahlukweni esingasekuqaleni kulencwadi, amaqiniso abonisa ukuthi lempi ezulwini seyenzekile kakade, nokuthi uJesu Kristu njengamanje useyabusa phakathi kwezitha zakhe.
28. (a) Yini uKristu azoyenza ngokushesha? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sijabuleIe ukuvikelwa nguye?
28 Ngokushesha uKristu nezingelosi zakhe zasezulwini bazothatha isinyathelo sokususa emhlabeni bonke ohulumeni bezwe bamanje. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 17:14) IBhayibheli lithi uphethe “inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi.” (IsAmbulo 19:11-16) Ukuze sizibonakalise singabakufanelekele ukuvikelwa phakathi nembubhiso ezayo, kumelwe sibe nokholo kuJesu Kristu. (Johane 3:36) Kumelwe sibe ngabafundi bakhe futhi sizithobe kuyena njengeNkosi yethu yasezulwini. Ingabe uyokwenza lokho?
[Isithombe ekhasini 58]
UJesu washiya umsebenzi wakhe wokubaza ukuze abhapathizwe abe ngogcotshiweyo kaJehova
[Isithombe ekhasini 63]
UJesu wayelingana nomuntu ophelele uAdamu
[Izithombe ekhasini 64]
UJesu washukunyiswa isihe ukuba asize abagulayo nabalambileyo
[Isithombe ekhasini 67]
Ngokuvusa abafileyo, uJesu wabonisa lokho ayezokwenza ngezinga elikhulu lapho sekubusa umbuso kaNkulunkulu