Imibuzo Evela Kubafundi
Kusho ukuthini ukukhulekela uJehova “ngomoya”?
Lapho eshumayeza owesifazane ongumSamariya owayezokukha amanzi emthonjeni kaJakobe ngasemzini waseSikhari, uJesu Kristu wathi: “UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhulekela kweqiniso kumelwe kuqhutshwe “ngeqiniso” ngomqondo wokuthi kumelwe kuvumelane nalokho uJehova uNkulunkulu akwembulile eBhayibhelini ngaye nangezinjongo zakhe. Inkonzo yethu kuNkulunkulu kumelwe futhi inikelwe ngomoya ngomqondo wokushiseka nokushukunyiswa yinhliziyo egcwele uthando nokholo. (Thithu 2:14) Nokho, umongo ubonisa ukuthi amazwi kaJesu mayelana ‘nokukhulekela uNkulunkulu ngomoya’ aphathelene nokungaphezulu kakhulu kwesimo sengqondo esimkhonza ngaso uJehova.
Ingxoxo kaJesu nowesifazane emthonjeni yayingaphathelene nokuba khona noma ukungabi khona kwentshiseko ekukhulekeleni. Ngisho nokukhulekela kwamanga kungaqhutshwa ngentshiseko nokuzinikela. Kunalokho, ngemva kokuthi uYise wayengeke akhulekelwe entabeni eSamariya noma ethempelini eJerusalema—kokubili okuyizindawo ezingokoqobo—uJesu waveza indlela entsha yokukhulekela esekelwe esimweni sangempela sikaNkulunkulu. (Johane 4:21) Wathi: “UNkulunkulu unguMuntu ongumoya.” (Johane 4:24, Charles B. Williams) UNkulunkulu weqiniso akayona inyama futhi akanakubonwa noma athintwe. Ukukhulekelwa kwakhe akugxilile ethempelini noma entabeni engokoqobo. Ngakho, uJesu wayebhekisele esicini sokukhulekela okudlulela ngale kwezinto ezibonwayo.
Ngaphezu kokuqhutshwa ngeqiniso, ukukhulekela okwamukelekayo kudingeka futhi kuqondiswe umoya ongcwele—amandla kaNkulunkulu angabonakali. Umphostoli uPawulu wabhala: “Umoya [ongcwele] uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.” Wanezela: “Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.” (1 Korinte 2:8-12) Ukuze sikhulekele uNkulunkulu ngokwamukelekayo, kumelwe sibe nomoya wakhe futhi siqondiswe yiwo. Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukuba umoya wethu, noma isimo sengqondo, uvumelane nowakhe ngokutadisha nokusebenzisa iZwi lakhe.
[Isithombe ekhasini 28]
Khulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”