Izigidi Ezifile Manje Ziyophila Futhi
IZIGIDI ezifile manje ziyophila futhi—yeka ithemba elishukumisa inhliziyo! Kodwa ingabe lingokoqobo? Kungadingekani ukuze wenziwe ukholwe? Ukuze ukholelwe yisithembiso, ungadinga ukuqiniseka ukuthi lowo owenza lesosithembiso uzimisele futhi unamandla okusigcwalisa. Ubani-ke, lona othembisa ukuthi izigidi ezifile manje ziyophila futhi?
Entwasahlobo ka-31 C.E., uJesu Kristu washo ngesibindi ukuthi wayenikwe amandla uJehova uNkulunkulu okuvusa abafile. UJesu wathembisa: “Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo [likaJesu], . . . baphume.” (Johane 5:21, 28, 29) Yebo, uJesu Kristu wathembisa ukuthi izigidi ezifile manje ziyophinda ziphile futhi kulomhlaba futhi zibe nethemba lokuhlala kuwo phakade. (Johane 3:16; 17:3; qhathanisa neHubo 37:29 noMathewu 5:5.)a Njengoba asenza lesithembiso, kulondekile ukuphetha ngokuthi uzimisele ukusigcwalisa. Kodwa ingabe unawo amandla okusigcwalisa?
Ngokomlando weBhayibheli, kuze kube ilesosikhathi uJesu enza ngaso lesithembiso, wayengakaze avuse muntu ekufeni. Kodwa eminyakeni engaphansi kwemibili kamuva, wabonisa ngendlela enamandla ukuthi uzimisele futhi uyakwazi ukuvusa abafile.
“Lazaru, Phuma”
Kwakuyisenzakalo esithinta inhliziyo. ULazaru wayegulela ukufa. Odadewabo ababili, uMariya noMarta, bathumela isigijimi kuJesu, owayengaphesheya koMfula iJordani: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.” (Johane 11:3) Yebo, uJesu wayewuthanda kakhulu lomkhaya. Wayebe isivakashi ekhaya lawo eBethaniya, mhlawumbe kaningana. (Luka 10:38-42; qhathanisa noLuka 9:58.) Kodwa manje lomngane kaJesu othandekayo wayegula kakhulu.
Nokho, yini uMariya noMarta ababelindele ukuba uJesu ayenze? Abamcelanga ukuba eze eBethaniya. Kodwa babazi ukuthi uJesu wayemthanda uLazaru. Wayengeke yini uJesu athande ukubona umngane wakhe ogulayo? Ngokungangabazeki babethemba ukuthi uJesu wayezomelapha ngokuyisimangaliso. Kakade, ngalesikhathi enkonzweni yakhe, uJesu wayesenze izimangaliso eziningi zokuphilisa, futhi ngisho nokuba kude kwakungeyiso isithiyo kuye. (Qhathanisa noMathewu 8:5-13.) Ingabe wayeyomenzela okungaphansi kwalokho umngane othandekayo? Ngokumangalisayo, esikhundleni sokuya eBethaniya ngokushesha, uJesu wahlala lapho ayekhona izinsuku ezimbili ezalandela.—Johane 11:5, 6.
ULazaru wafa esikhathini esithile ngemva kokuba kuthunyelwe isigijimi, mhlawumbe ngesikhathi uJesu ezwa lendaba. (Qhathanisa noJohane 11:3, 6, 17.) Kodwa sasingasadingeki esinye isigijimi. UJesu wazi lapho uLazaru efa, futhi wazimisela ukwenza okuthile ngakho. Ekhuluma ngokufa kukaLazaru, watshela abafundi bakhe: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” (Johane 11:11) Ngaphambili uJesu wayevuse abantu ababili ekufeni, ngamunye emvusa ngokushesha ngemva kokuba efile.b Nokho, kulokhu kwakuzoba okwehlukile. Ngesikhathi uJesu ekugcineni efika eBethaniya, umngane wakhe othandekayo wayesefe izinsuku ezine. (Johane 11:17, 39) Ingabe uJesu wayeyokwazi ukuvusa umuntu owayesefe isikhathi eside kangako futhi omzimba wakhe wawusuqalile kakade ukubola?
Lapho ezwa ukuthi uJesu uyeza, uMarta, owesifazane okhuthele, wagijima wayomhlangabeza. (Qhathanisa noLuka 10:38-42.) Ngokushesha lapho ehlangana noJesu, inhliziyo yakhe yambangela ukuba athi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.” Noma kunjalo, wabonisa ukholo: “Ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.” Ethintwe ukudabuka kwakhe, uJesu wamqinisekisa: “Umnewenu uzakuvuka.” Lapho ebonisa ukholo lwakhe ovukweni lwesikhathi esizayo, uJesu wamtshela ngokucacile: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.”—Johane 11:20-25.
Lapho efika ethuneni, uJesu wayala ukuba itshe elalivale umnyango walo lisuswe. Ekuqaleni uMarta wenqaba: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.” Kodwa uJesu wamqinisekisa: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?” Khona-ke, ngemva kokuthandaza ngokuzwakalayo, wayala: “Lazaru, phuma.” Njengokuyala kukaJesu, uLazaru waphuma, ngisho noma wayesefe izinsuku ezine!—Johane 11:38-44.
Ingabe Kwenzeka Ngempela?
Ukulandisa ngokuvuswa kukaLazaru kulotshwe eVangelini likaJohane njengeqiniso elingokomlando. Imininingwane icace kakhulu ukuba kungaba umfanekiso nje. Ukungabaza ukuba kwakho ngokomlando kuwukungabaza zonke izimangaliso ezibikwe eBhayibhelini, kuhlanganise nokuvuswa kukaJesu Kristu ngokwakhe.c Futhi ukuphika ukuvuswa kukaJesu kuwukuphika lonke ukholo lobuKristu.—1 Korinte 15:13-15.
Eqinisweni, uma ukwamukela ukuba khona kukaNkulunkulu, akufanele ube nenkinga ekubeni nokholo ovukweni. Isibonelo: Umuntu angase aqophe kusiqophamazwi esithwebula izithombe amazwi akhe okugcina ngokuqondene nefa lakhe, futhi ngemva kokufa kwakhe izihlobo zakhe nabangane zikwazi ukumbona futhi zimuzwe sengathi ngokoqobo njengoba echaza indlela impahla yakhe afuna ukuba iphathwe ngayo. Eminyakeni eyikhulu edlule, into enjalo yayingacabangeki. Futhi kubantu manje abahlala ezindaweni zomhlaba eziqhelelene nempucuko, “isimangaliso” sokuqopha kusiqophamazwi esithwebula izithombe siyinto engaqondakali. Uma izimiso zesayensi ezamiswa uMdali zingasetshenziswa umuntu ukuba aphinde akhe isenzakalo esinjalo esibonakalayo nesizwakalayo, akufanele yini uMdali akwazi ukwenza okungaphezulu? Khona-ke, akukhona yini okunengqondo ukuthi Lowo owadala ukuphila unamandla okuvusa umuntu ngokuphinda adale ubuntu bakhe emzimbeni owenziwe kabusha?
Isimangaliso sokubuyiselwa kukaLazaru ekuphileni safeza injongo yokukhulisa ukholo kuJesu nasovukweni. (Johane 11:41, 42; 12:9-11, 17-19) Ngendlela ethinta inhliziyo, sembula futhi ukuzimisela nesifiso sikaJehova neNdodana yakhe sokuvusa abafile.
‘UNkulunkulu Uyakulangazelela’
Ukusabela kukaJesu ekufeni kukaLazaru kwembula isihe seNdodana kaNkulunkulu. Imizwa yakhe ejulile kulesenzakalo isibonisa ngokucacile isifiso sakhe esijulile sokuvusa abafile. Siyafunda: “UMariya esefiké lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga. Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; wathi: Nimbekephi na? Bathi kuye: Nkosi, woza ubone. UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho-ke abaJuda bathi: Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”—Johane 11:32-36.
Lapha isihawu sikaJesu esisuka enhliziyweni siboniswe ngezinkulumo ezintathu: “wabubula,” “wakhathazeka,” “wakhala izinyembezi.” Amagama olimi lokuqala asetshenziswa umphostoli uJohane ekubhaleni lesenzakalo esithinta inhliziyo abonisa izinga uJesu athinteka ngalo ngokomzwelo.
Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “wabubula” livela esenzweni (em·bri·maʹo·mai) esibonisa ukuthinteka kabuhlungu noma ngokujulile. Umkhulumeli weBhayibheli uWilliam Barclay uyaphawula: “Emibhalweni yesiGreki evamile ngokuvamile elithi [em·bri·maʹo·mai] lisetshenziselwa ukuthimula kwehhashi. Lapha lingasho kuphela ukuthi uJesu wafikelwa umuzwa ojulile kangangokuthi kwaphuma ukububula okuzenzakalelayo enhliziyweni yaKhe.”
Inkulumo ehunyushwe ngokuthi “wakhathazeka” ivela egameni lwesiGreki (ta·rasʹso) elibonisa ukuphazamiseka. NgokweNew Thayer’s Greek-English Lexicon of the New Testament, lisho “ukubangela umuntu isiyaluyalu sangaphakathi, . . . ukubangela ubuhlungu noma usizi olukhulu.” Inkulumo ethi “wakhala izinyembezi” ivela esenzweni sesiGreki (da·kryʹo) esisho “ukukhipha izinyembezi, ukukhala buthule.” Lokhu kuphambene ‘nokukhala’ kukaMariya nokwamaJuda ayenaye, okuphawulwe kuJohane 11:33. Lapho igama lesiGreki elisetshenzisiwe (elivela kuklaiʹo) lisho ukukhala ngokuzwakalayo.d
Ngalesosikhathi, uJesu wayethintwe ngokujulile ukufa komngane wakhe othandekayo uLazaru nawukubona udadewabo kaLazaru ekhala. Inhliziyo kaJesu yagcwala umzwelo kangangokuthi amehlo akhe achichima izinyembezi. Okuphawulekayo ukuthi ngaphambili uJesu wayebuyisele abanye ababili ekuphileni. Futhi kulokhu wayezimisele ngokugcwele ukwenza okufanayo kuLazaru. (Johane 11:11, 23, 25) Nokho, “wakhala izinyembezi.” Khona-ke, ukubuyisela abantu ekuphileni akuyona nje inqubo evamile ngoJesu. Imizwa yakhe yothando nejulile njengoba ibonakaliswa kulesenzakalo isibonisa ngokucacile isifiso sakhe esijulile sokuqeda umonakalo obangelwe ukufa.
Njengoba uJesu ‘efuze uJehova uNkulunkulu uqobo,’ sikulindele ngokufanelekile okungengaphansi kwalokhu kuBaba wethu wasezulwini. (Heberu 1:3) Ngokuqondene nokuzimisela kukaJehova ngokwakhe ukuvusa abafile, indoda ethembekile uJobe yathi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? . . . Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wenzandla zakho.” (Jobe 14:14, 15) Igama lolimi lokuqala elihunyushwa ngokuthi “ubuyakulangazelela” libonisa ukulangazelela okuqotho nesifiso. (Genesise 31:20; IHubo 84:2) Ngokusobala, kumelwe ukuthi uJehova umagange ukuvusa abafile.
Ingabe singasikholelwa ngempela isithembiso sovuko? Nokho, akukho kungabaza ngokuthi uJehova neNdodana yakhe bayafisa futhi banamandla okusigcwalisa. Kusho ukuthini lokhu ngawe? Unethemba lokuphinde uhlangane nabathandekayo bakho abafile lapha emhlabeni ngaphansi kwezimo ezinokuthula!
Yilelo manje ithemba likaRoberta (okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulelayo). Eminyakeni ethile ngemva kokufa kukanina, oFakazi BakaJehova bamsiza ukuba alitadishe ngokucophelela iBhayibheli. Uyakhumbula: “Ngemva kokufunda ngethemba lovuko, ngakhala. Kwakukuhle kakhulu ukwazi ukuthi ngizophinda ngimbone futhi umama.” Uma inhliziyo yakho ikulangazelela ngokufanayo ukuphinda ubone othandekayo wakho ofile, ngokungangabazeki uzofuna ukufunda okwengeziwe ngalelithemba elimangalisayo. Ukuqiniseka kwalelithemba kuxoxwa ngakho ngokuningiliziwe emakhasini 18-28 alomagazini.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Bonisa Ukholo Oluholela Ekuphileni Okuphakade,” emakhasini 23-8.
b Phakathi nesikhathi esadlula kusukela ngemva kokuba uJesu enze isithembiso esibhalwe kuJohane 5:28, 29 kuze kube sekufeni kukaLazaru, uJesu wavusa indodana yomfelokazi waseNayini nendodakazi kaJayiru.—Luka 7:11-17; 8:40-56.
c Bheka isahluko 6, esithi “Izimangaliso—Ingabe Zenzeka Ngempela?” encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ekhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
d Ngokuthakazelisayo, igama lesiGreki elisho ukukhala ngokuzwakalayo (klaiʹo) lisetshenziswe kuJesu ngesikhathi ebikezela ngokubhujiswa kweJerusalema okwakuza. Ukulandisa kukaLuka kuthi: “Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.”—Luka 19:41.
[Isithombe ekhasini 5]
Ukuvusa kukaJesu indodakazi kaJayiru kunikeza isisekelo sokukholelwa ekuvusweni kwabafile kwesikhathi esizayo
[Isithombe ekhasini 6]
UJesu wathinteka ngokujulile ngokufa kukaLazaru
[Isithombe ekhasini 7]
Injabulo yalabo abayobona uvuko iyofana nenjabulo yomfelokazi waseNayini lapho uJesu evusa indodana yakhe eyayifile