Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu
LAPHO uJesu epha izinkulungwane ukudla ngokuyisimangaliso, abantu bayamangala. Bathi, “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Abaphethi nje kuphela ngokuthi uJesu kumelwe ukuthi uyilowomprofethi omkhulu kunoMose kodwa futhi nangokuthi uyoba umbusi ofiseleka kakhulu. Ngakho baceba ukumbamba futhi bambeke inkosi.
Nokho, uJesu uyakwazi abakucebayo. Ngakho ngokushesha uyahamba ukuze agweme ukubanjwa yibo ngenkani. Umukisa izixuku, uphoqa abafundi bakhe ukuba bangene ezikebheni zabo futhi baphindele eKapernawume, khona-ke uyamonyuka kubo uya entabeni eyothandaza. Ngalobobusuku uJesu uyedwa lapho.
Ngokushesha ngaphambi kokuba kuse uJesu uyaqalaza esendaweni ephezulu futhi ubona amagagasi olwandle ebhenguziswa umoya onamandla. Cishe ekukhanyeni kwenyanga ephelele, njengoba sekusondele iPhasika, uJesu ubona umkhumbi onabafundi bakhe ulwa nokunqoba amagagasi. Amadoda agwedla ngawo wonke amandla awo.
Lapho ebona lokhu, uJesu uyehla entabeni futhi uya ngasemkhunjini enqamula amagagasi. Esehambe cishe ibanga lamakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha, ufika kubafundi bakhe. Nokho, uyaqhubeka njengokungathi uzobadlula. Lapho bembona, bayamemeza: “Yisithunzi!”
Ngendlela eduduzayo uJesu uyaphendula: “Yimina, ningesabi.”
Kodwa uPetru uthi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”
“Woza.” Kuphendula uJesu.
Khona, uPetru, ehla emkhunjini, uhamba phezu kwamanzi uya kuJesu. Kodwa lapho ebheka isivunguvungu, uPetru uyesaba, futhi lapho eqala ukuminza, uyakhala: “Nkosi, ngisindise!”
Elula isandla saKhe ngoKushesha, uJesu uyambamba, ethi: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”
Ngemva kokuba uPetru noJesu bebuye le emkhunjini, umoya uyanqamuka, futhi abafundi bamangele. Kodwa ingabe kumelwe bamangale? Ukuba ‘babekuqondile okwezinkwa’ ngokwazisa isimangaliso sikaJesu esikhulu esenziwe emahoreni ambalwa ngaphambili sokupha izinkulungwane izinkwa ezinhlanu kuphela nezinhlanzi ezincane ezimbili, ngakho bekungeke kubonakale kumangaza ukuthi uhambé phezu kwamanzi futhi wabangela umoya ukuba unqamuke. Nokho, manje abafundi bakhothamela uJesu futhi bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”
Ngesikhashana bafika eGenesaretha, ithafa elihle, elithelayo elingaseKapernawume. Lapho bamisa umkhumbi ngehange. Kodwa lapho beya ogwini, abantu bayambona uJesu futhi baya emzini oseduze, bathola abagulayo. Lapho laba belethwa ngezinhlaka zabo futhi bethinta nje umphetho wengubo kaJesu, baphulukiswa ngokuphelele.
Ngosuku olulandelayo isixuku esibone ukuphiwa kwezinkulungwane ukudia ngokuyisimangaliso sithola ukuthi uJesu usehambile. Ngakho lapho izikebhe ezincane ezivela eTiberiya zifika, sigibela kuzo futhi siya eKapernawume ukuyofuna uJesu. Lapho simthola, sithi: “Rabi, ufiké nini lapha na?” Impendulo kaJesu izokwembula okukhulu. Johane 6:14-25; Mathewu 14:22-36; Marku 6:45-56
◆ Ngemva kokuba uJesu ephe izinkulungwane zabantu ukudla ngokuyisimangaliso, yini abantu abafuna ukumenza yona?
◆ Yini uJesu ayibona esentabeni aye wamonyukela kuyo, khona-ke wenzani?
◆ Kungani abafundi kungamelwe bamangazwe yilezinto?
◆ Kwenzekani ngemva kokuba befike ogwini?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]