-
“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Lapho bezwa uJesu efundisa, abanye bathi: “Ngempela lona ungumProfethi,” ngokusobala besho umprofethi owabikezelwa, omkhulu kunoMose. Abanye bathi: “Lo nguKristu.” Kodwa abanye bayaphikisa bathi: “UKristu akaveli eGalile, akunjalo? ImiBhalo ayisho yini ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBhetlehema, indawo uDavide ayehlala kuyo?”—Johane 7:40-42.
-
-
“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
ImiBhalo ayisho ngokuthe ngqo ukuthi umprofethi uyovela eGalile. Noma kunjalo, iZwi likaNkulunkulu liyasho ukuthi uKristu wayeyovela khona, laprofetha lathi “ukukhanya okukhulu” kwakuyobonakala ‘eGalile lezizwe.’ (Isaya 9:1, 2; Mathewu 4:13-17) Ngaphezu kwalokho, njengoba kwabikezelwa uJesu wazalelwa eBhetlehema futhi wayeyinzalo kaDavide. Nakuba kungenzeka ukuthi abaFarisi bayakwazi lokhu, cishe yibona abasakaza imibono eminingi eyiphutha abantu abanayo ngoJesu.
-