ImiBhalo Ithini Ngokuba “KukaKristu NguNkulunkulu”?
UJESU KRISTU uye waba nethonya elingokwenkolo eliphawulekayo esintwini. Lokhu kunjalo ngoba izigidi zithi zingabalandeli bakhe. Nokho, akubona bonke abavumelanayo ngokuthi ungubani.
Abanye abathi bayazemukela izimfundiso zikaJesu bambheka njengeNdodana kaNkulunkulu, hhayi njengoMdali ngokwakhe. Abanye bakholelwa ekubeni “kukaKristu nguNkulunkulu” futhi bacabanga ukuthi unguNkulunkulu uqobo. Bakholelwa ukuthi uJesu wayelokhu ekhona futhi wayengaphezu kokuba ngumuntu ngesikhathi elapha emhlabeni. Ingabe baqinisile ngalokhu? ImiBhalo ithini?
Ukuphila KukaJesu Ngaphambi Kokuba Abe Umuntu
UJesu wakufakazela ukuthi wayephila ngaphambi kokuba abe umuntu. Wathi: “Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.” (Johane 3:13) UJesu futhi wathi: “Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”—Johane 6:51.
Ukuthi uJesu wayephila ngaphambi kokuba eze emhlabeni kusobala emazwini akhe: “Engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina.” (Johane 8:58) UAbrahama waphila kusukela ngo-2018 kuya ku-1843 B.C.E., kuyilapho uJesu aphila njengomuntu kusukela ngo-2 B.C.E. kuya ku-33 C.E. Ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wakhuleka: “Ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.”—Johane 17:5.
Abalandeli bakaJesu banikeza ubufakazi obufanayo. Umphostoli uJohane wabhala: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga-lutho kukho konke okuvelileyo. . . . ULizwi waba-yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.” (Johane 1:1, 3, 14) Yebo, “uLizwi waba-yinyama” ngukuthi abe umuntu onguJesu Kristu.
Ebhekisela ekuphileni kukaJesu ngaphambi kokuba abe umuntu, umphostoli uPawulu wabhala: “Mawube-kini lowomqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu.” (Filipi 2:5-7) UPawulu wabiza uJesu ngokuthi “izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke.”—Kolose 1:13-16.
Wayengeyena UNkulunkulu Emhlabeni
ImiBhalo ikwenza kukhanye ukuthi uJesu wayengumuntu ngokuphelele kusukela lapho ezalwa kuze kube sekufeni kwakhe. UJohane akazange athi uLizwi wayemane embethe inyama. “Waba-yinyama” futhi wayengeyona inyama ngokwengxenye futhi enguNkulunkulu ngokwengxenye. Uma uJesu wayebe ngumuntu futhi waba uNkulunkulu ngesikhathi esifanayo, kwakungeke kushiwo ukuthi ‘wayenziwe waba-mncinyane isikhashana kunezingelosi.’—Heberu 2:9; IHubo 8:4, 5.
Ukuba uJesu wayenguNkulunkulu nomuntu lapho esemhlabeni, kungani akhuleka ngokuphindaphindiwe kuJehova? UPawulu wabhala: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.”—Heberu 5:7.
Ukuthi uJesu wayengewona umoya ngokwengxenye ngenkathi esemhlabeni kufakazelwa amazwi kaPetru athi uKristu ‘wabulawa enyameni kepha waphiliswa emoyeni.’ (1 Petru 3:18) UJesu wayengazizwela lokho abantu abangaphelele abakuzwayo futhi ngaleyondlela abe ngumpristi omkhulu onozwela ngenxa yokuthi wayengumuntu ngokuphelele. UPawulu wabhala: “Asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.”—Heberu 4:15.
‘Njengewundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe,’ uJesu “wazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.” (Johane 1:29; 1 Thimothewu 2:6) Ngaleyondlela, uJesu wathenga okulingana ngokuphelele nalokho uAdamu ayekulahlile—ukuphila kobuntu okuphelele, okuphakade. Njengoba ubulungisa bukaNkulunkulu babufuna ‘ukuphila ngokuphila,’ uJesu ngaleyondlela kwadingeka abe yilokho uAdamu ayeyikho kwasekuqaleni—umuntu ophelele, hhayi umuntu onguNkulunkulu.—Duteronomi 19:21; 1 Korinte 15:22.
Unganezeli EmiBhalweni YeBhayibheli
Labo abathi uJesu wayengumuntu onguNkulunkulu basebenzisa imibhalo ehlukahlukene emzamweni wokufakazela ukuthi uyilungu likaZiqu-zintathu weLobukholwa, uyalingana noNkulunkulu ngesikhundla, amandla, inkazimulo, isikhathi sokuphila. Kodwa lapho sihlola lemibhalo ngokucophelela, sithola ukuthi labo abasekela umbono wokuba “kukaKristu nguNkulunkulu” babheka lamavesi njengasho okwengeziwe kunalokho akushoyo ngempela.
Abanye bathi imibhalo yeBhayibheli leyo uNkulunkulu asebenzisa kuyo isabizwana esithi “thina” yenza uJesu owayengakabi umuntu (uLizwi) alingane noJehova. Kodwa ukusetshenziswa kwalesabizwana akusho ukuthi uNkulunkulu wayekhuluma nothile olingana naye. Eqinisweni kubonisa ukuthi phakathi kwezidalwa zasezulwini, sinye esisesikhundleni esikhethekile kuNkulunkulu. Empeleni, uJesu owayengakabi umuntu wayengumngane oseduze kaNkulunkulu, iSisebenzi esiyiNgcweti, noMkhulumeli.—Genesise 1:26; 11:7; IzAga 8:30, 31; Johane 1:3.
Izimo ezihlobene nokubhapathizwa kukaJesu azisikiseli ukuthi uNkulunkulu, uKristu, nomoya ongcwele bayalingana. Njengomuntu, uJesu wabhapathizwa njengesibonakaliso sokuziletha kwakhe kuYise wasezulwini. Kulesosenzakalo “izulu lavuleka,” futhi umoya kaNkulunkulu wehla, uza phezu kukaJesu unjengejuba. Futhi, “ezulwini,” izwi likaJehova lezwakala lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”—Mathewu 3:13-17.
Ngakho-ke, wayesho ukuthini uJesu lapho etshela abalandeli bakhe ukuba babhapathize abafundi “egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele”? (Mathewu 28:19, 20) UJesu wayengachazi noma wayengasho ukuthi yena, uYise, nomoya ongcwele babelingana. Kunalokho, labo ababhapathizwayo baqaphela uJehova njengoMniki-kuphila noNkulunkulu uMninimandla onke, abanikezela kuye ukuphila kwabo. Bamukela uJesu njengoMesiya nokunguyena uNkulunkulu alungiselela ngaye isihlengo sesintu esikholwayo. Futhi bayaqaphela ukuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku, okumelwe bazithobe kuwo. Nokho, abantu abanjalo ababhapathizwayo akumelwe babheke uJehova, uJesu, nomoya ongcwele njengonkulunkulu oyedwa onguZiqu-zintathu.
Kodwa ingabe izimangaliso zikaJesu azikufakazeli yini ukuthi wayengumuntu onguNkulunkulu? Cha, ngoba uMose, uEliya, uElisha, abaphostoli uPetru noPawulu, nabanye bazenza izimangaliso bengebona abantu abangoNkulunkulu. (Eksodusi 14:15-31; 1 AmaKhosi 18:18-40; 2 AmaKhosi 4:17-37; IzEnzo 9:36-42; 19:11, 12) Njengabo, uJesu wayengumuntu owayenza izimangaliso ngamandla anikezwa nguNkulunkulu.—Luka 11:14-19.
UIsaya esiprofethweni wabhekisela kuJesu onguMesiya ‘njengoNkulunkulu onamandla.’ (Isaya 9:6) KuIsaya 10:21, yena lomprofethi wakhuluma ngoJehova ‘njengoNkulunkulu onamandla.’ Abanye bazama ukusebenzisa lokhu kufana ukuze bafakazele ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Kodwa sidinga ukuqaphela ukweqisa kulokho okushiwo yilamavesi. Amagama esiHeberu ahunyushwe ngokuthi “uNkulunkulu onamandla” awasebenzi kuJehova kuphela njengamazwi athi “uNkulunkulu uSomandla.” (Genesise 17:1) Kuyavunywa, kunomehluko phakathi kokuba onamandla nokuba umninimandla-onke, ongenaye ongaphezu kwakhe.
NgokukaIsaya 43:10, uJehova wathi: “Ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba-khona.” Kodwa lawomazwi awakufakazeli ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Iphuzu liwukuthi uJehova akabanga namanduleli, akekho unkulunkulu owayekhona ngaphambi kwakhe, ngoba ungowaphakade. Ngeke kube khona unkulunkulu ngemva kukaJehova ngoba uyohlala ekhona futhi ngeke abe nabo abayomlandela esikhundleni njengeNkosi ePhakeme. Nokho, uJehova wabenza abanye naye ngokwakhe ababiza ngokuthi onkulunkulu, njengoba imiBhalo ibonisa lapho ikhuluma ngokuqondene nabantu abathile: “Ningonkulunkulu nina, nonke ningamadodana oPhezukonke. Kanti nokho niyakufa njengabantu nje, niwe njengesinye sezikhulu.” (IHubo 82:6, 7) Ngokufanayo, uLizwi wayengunkulunkulu owayedalwe nguJehova, kodwa lokho akuzange kwenze uJesu alingane noNkulunkulu uMninimandla-onke noma nganoma isiphi isikhathi.
Isikhundla SikaJesu Sangempela
Labo abathi uNkulunkulu wathatha isimo sobuntu njengomuntu onguNkulunkulu kufanele baphawule ukuthi iBhayibheli alisikiseli nakusikisela ukuthi uJesu wazibheka ngaleyondlela. Kunalokho, ngokungaguquguquki libonisa ukuthi uJesu ngaso sonke isikhathi ubelokhu engaphansi kukaYise. Lapho esemhlabeni, uJesu akazange athi ungaphezu kokuba yiNdodana kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uKristu wathi: “UBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28.
UPawulu waveza umehluko phakathi kukaJehova noJesu lapho ethi: “Kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.” (1 Korinte 8:6) UPawulu wathi futhi: “Nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.” (1 Korinte 3:23) Ngempela, njengoba nje namaKristu enoMphathi wawo, uJesu Kristu, ngakho naye uneNhloko yakhe, uJehova uNkulunkulu.
Eveza iphuzu elifanayo, uPawulu wabhala: “Inhloko yawo wonke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Lobuhlobo obuphakathi kukaNkulunkulu noKristu buyoqhubeka, ngoba ngemva kokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, ‘unikela umbuso kuNkulunkulu uYise,’ futhi “iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe-yikho konke kukho konke.”—1 Korinte 15:24, 28; IsAmbulo 20:6.
Ukuhlola Eminye Imibhalo
Ngokuqondene nokuzalwa kukaJesu, uMathewu wabhala: “Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi [kuIsaya 7:14], ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi.” (Mathewu 1:22, 23) UJesu akazange ethiwe igama likaEmanuweli, kodwa indima yakhe njengomuntu yakugcwalisa lokho elalikusho. Ukuba khona kukaJesu emhlabeni njengeMbewu yobuMesiya neNdlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide kwabonakalisa kubakhulekeli bakaJehova ukuthi uNkulunkulu wayenabo, engasohlangothini lwabo, ebasekela kukho konke abakwenzayo.—Genesise 28:15; Eksodusi 3:11, 12; Joshuwa 1:5, 9; IHubo 46:5-7; Jeremiya 1:19.
Ekhuluma noJesu ovusiwe, umphostoli uTomase wababaza: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” (Johane 20:28) Lokhu nokunye ukulandisa ‘kwalotshwa ukuba sikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.’ Futhi uTomase wayengaphikisani noJesu, owayethumelele abafundi bakhe lomyalezo: “Ngenyukela . . . kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Johane 20:17, 30, 31) Ngakho uTomase wayengacabangi ukuthi uJesu wayenguNkulunkulu uMninimandla onke. Kungenzeka uTomase wabiza uJesu ngokuthi “Nkulunkulu wami” ngomqondo wokuba kukaKristu “unkulunkulu,” nakuba engeyena ‘uNkulunkulu oyedwa weqiniso.’ (Johane 1:1; 17:1-3) Noma ngokuthi “Nkulunkulu wami,” kungenzeka ukuthi uTomase wayevuma uJesu unguMkhulumeli noMmeleli kaNkulunkulu, njengoba nje nabanye babekhuluma nesithunywa esiyingelosi ngokungathi singuJehova.—Qhathanisa noGenesise 18:1-5, 22-33; 31:11-13; 32:24-30; AbaHluleli 2:1-5; 6:11-15; 13:20-22.
Khona-ke, ngokweBhayibheli uJesu wayephila njengoLizwi engakabi ngumuntu. Lapho esemhlabeni, wayengeyena umuntu waphezulu onguNkulunkulu. Wayengumuntu ngokuphelele, nakuba ayephelele, njengoba uAdamu ayenjalo ekuqaleni. Kusukela ekuvukeni kukaJesu, uye waba umoya ophakanyisiwe ongenakufa ohlala ungaphansi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngokusobala imiBhalo ayiwusekeli umqondo wokuba “kukaKristu nguNkulunkulu.”
[Ibhokisi ekhasini 23]
Ingabe Izingelosi Ziyamkhulekela UJesu?
IZINGUQULO ezithile zamaHeberu 1:6 zithi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazimkhulekele [uJesu].” (King James Version; The Jerusalem Bible) Umphostoli uPawulu ngokusobala wayecaphuna iSeptuagint, ethi kumaHubo 97:7: “Mkhulekeleni [uNkulunkulu] nonke nina zingelosi zaKhe.”—C. Thomson.
Igama lesiGreki ethi pro·sky·neʹo, elihunyushwe ngokuthi “ukukhulekela” kumaHeberu 1:6 lisetshenziswe kumaHubo 97:7 kuyiSeptuagint ekuhumusheni igama lesiHeberu elithi sha·chahʹ, elisho “ukukhothama.” Kubantu lokhu kungaba isenzo esamukelekayo senhlonipho. (Genesise 23:7; 1 Samuweli 24:8; 2 AmaKhosi 2:15) Noma lingase libhekisele ekukhulekelweni kukaNkulunkulu weqiniso noma kulokho okuqondiswe ngokungeyikho konkulunkulu bamanga.—Eksodusi 23:24; 24:1; 34:14; Duteronomi 8:19.
Ngokuvamile ipro·sky·neʹo enikezwa uJesu ihambisana nokuhlonipha amakhosi nabanye. (Qhathanisa noMathewu 2:2, 8; 8:2; 9:18; 15:25; isahluko 20:20 neyoku-1 Samuweli 25:23, 24; 2 Samuweli 14:4-7; 1 AmaKhosi 1:16; 2 AmaKhosi 4:36, 37.) Ngokuvamile kuba sobala ukuthi uJesu unikezwa inhlonipho hhayi njengoNkulunkulu kodwa ‘njengeNdodana kaNkulunkulu’ noma “iNdodana yomuntu” yobuMesiya.—Mathewu 14:32, 33; Luka 24:50-52; Johane 9:35, 38.
AmaHeberu 1:6 athi isikhundla sikaJesu singaphansi kwesikaNkulunkulu. (Filipi 2:9-11) Lapha ezinye izinguqulo zihumusha elithi pro·sky·neʹo ngokuthi “khulekela” (The New English Bible), “hlonipha” (New World Translation), noma “khothama phambi” (An American Translation). Uma umuntu ekhetha ukuhumusha okuthi “ukukhulekela,” ukukhulekela okunjalo kulinganiselwe, ngoba uJesu watshela uSathane: “Wokhuleka [uhlobo lwelithi pro·sky·neʹo] eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.”—Mathewu 4:8-10.
Nakuba iHubo 97:7 elikhuluma ngokukhulekela uNkulunkulu, lasetshenziswa kuKristu kumaHeberu 1:6, uPawulu wayebonisile ukuthi uJesu ovusiwe ‘ungukubengezela kwenkazimulo kaNkulunkulu, ufuzé yena uqobo.’ (Heberu 1:1-3) Ngakho noma yikuphi “ukukhulekela” izingelosi ezikunikeza iNdodana kaNkulunkulu kulinganiselwe futhi kuqondiswe kuJehova ngayo.