“Isinkwa Sokuphila” Singesabo Bonke
“Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”—JOHANE 6:51.
1. Isiphi isimo esidabukisayo esibhekene nesintu namuhla?
IZWE lesintu sekunesikhathi eside liphila ngesinkwa, ukudla okudliwa kakhulu emhlabeni. Ngokufanelekile, siye sabizwa ngokuthi umsekeli wokuphila. Kodwa namuhla ukulambela isinkwa kuye kwaba indaba edabukisayo. Indlala nobumpofu manje kukhungethe ingxenye eyodwa kwezine zabantu abakhona emhlabeni. Muva nje, iThe Globe and Mail yaseToronto, eCanada, yathi, “Ubumpofu, njengempi, abukhethi.” Leliphephandaba lacaphuna isigungu seUN esiseAfrika esibhekene nokunikezwa kosizo oluphuthumayo njengesixwayiso sokuthi iAfrika isonqenqemeni “lolunye losizi olukhulu kakhulu lwesintu kwesesake sabhekana nalo. okungenye yezinselele ezinkulu kakhulu zesintu.”
2, 3. (a) Indlala iyingxenye yasiphi isibonakaliso? (b) Ziyoxazululwa kanjani izinkinga zokudla? (c) Ikuphi okwengeziwe okudingekile, futhi isiphi isiqinisekiso esijabulisayo uIsaya 25:8 asinikezayo?
2 UJesu waprofetha ukuthi ukuswelakala kokudla kwakuyoba yingxenye yesibonakaliso sokuba khona kwakhe emandleni oMbuso. (Mathewu 24:3, 7, 32, 33; 25:31, 32; Luka 21:11) Yeka injabulo esingaba nayo ngokuthi uMbuso wakhe useduze! Ngokushesha, leNkosi ekhazimulayo izoshabalalisa zonke izitha zesintu, iqede ukungalungi kwezombangazwe nokwezomnotho okuye kwaletha ukuhlupheka okudabukisa kangaka. Khona-ke bonke abantu bayokujabulela ukuthola isinkwa sabo usuku ngalunye.—Mathewu 6:10, 11; 24:21, 22; Daniyeli 2:44; IzAga 29:2.
3 Ngaphansi kukahulumeni wokulunga, umhlaba wethu omuhle uyokwazi ukukhiqiza “inala” yokudla, okwanele ukwanelisa abantu abaningi ukwedlula abantu abaphilayo manje emhlabeni. (IHubo 72:12-14, 16, 18) UJehova uyokwenzela abantu bakhe “idili” lezinto ezinhle. (Isaya 25:6) Kodwa okuthile okwengeziwe kudingekile. Njengoba iminyaka iqhubeka, ingabe abantu basazogula futhi bafe? Ngokujabulisayo, uIsaya 25:8 uyaqhubeka uthi ngoJehova: “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” Lokhu kwenzeka kanjani?
Ilungiselelo LikaJehova Lothando
4. Iliphi ilungiselelo lothando uJehova alilungiselela eGibithe?
4 Lapho uJosefa engumphathi wokudla eGibithe, kwakunenala yamabele. Lokhu kwakungenxa yokuthi uJosefa, ngemva kokumiswa uFaro, wayilungiselela ngokuhlakanipha iminyaka eyisikhombisa yendlala eyayibikezelwe, futhi uJehova ngothando wenezela isibusiso sakhe. (Genesise 41:49) Kwakwanele bonke, kukhona nokwakungabekwa. Lapho uJakobe uyise kajosefa, abafowabo bakaJosefa, nemikhaya yabo behlela eGibithe bezohlala noJosefa, bazuza kakhulu ngalokho kuqondisa kwaphezulu. Akungabazeki ukuthi lawomaIsrayeli kuleyondawo ajwayelana kakhulu futhi nesinkwa esenziwe ngenhlama kakolweni enemvubelo, njengoba lokhu ngokusobala kwaqala eGibithe.
5. (a) UJehova wakulungiselela kanjani ukudla ehlane? (b) Obani abahlanganyela noIsrayeli kulesibusiso, futhi ngani?
5 Kamuva, uJehova wenzela abantu bakhe elinye ilungiselelo lothando. Lokhu kwakungesikhathi izigidi zamaIsrayeli zisuka eGibithe zidabula ihlane laseSinayi. Lesisixuku esikhulu sasingaphila kanjani kulologwadule oluvulekile, olwesabekayo? Nakuba uJehova ayecasulwe ukuntula kwabo ukholo, “wavula iminyango yezulu, wanisa phezu kwabo imana kube-ngukudla, wabapha amabele ezulu.” “Wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini” iminyaka engama-40. (IHubo 78:22-24; 105:40; Eksodusi 16:4, 5, 31, 35) Futhi ungakhohlwa ukuthi amaIsrayeli ayengalidli wodwa imana. “Ingxubevange yabantu” ababengewona amaIsrayeli babonisa ukholo kuJehova futhi bahamba nabo lapho bephuma eGibithe. UNkulunkulu nabo wabalungiselela imana.—Eksodusi 12:38.
6. (a) Isiphi isidingo esikhulu umuntu anaso, futhi ngani? (b) Imihlatshelo kaIsrayeli yayigcizelelani, futhi yini eyayifanekisela?
6 Nokho, isintu besilokhu njalo sinesidingo esikhulu kunaleso ‘sesinkwa esavela ezulwini’ esingokoqobo. Ngisho nalabo abadla imana elalilungiselelwe ngokuyisimangaliso baguga futhi bafa, ngoba isimo sesono umuntu asizuze njengefa senza ukufa kube okungenakuvinjelwa, kungakhathaliseki ukuthi iyini imikhuba yakhe yokudla. (Roma 5:12) Imihlatshelo yakwaIsrayeli yaba yindlela yokulondoloza ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, kodwa leyomihlatshelo futhi yagcizelela ububi besizwe. ‘Yayingasoze yaba namandla okususa izono.’ Ngokwengeziwe, leyominikelo yayifanekisela ‘umhlatshelo munye kaJesu,’ olungiselela ukususa izono “phakade.” Esesikhundleni sakhe esiphakeme ezulwini, uJesu manje uyakwazi ukusebenzisa izinzuzo zalowomhlatshelo.—Heberu 10:1-4, 11-13.
“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
7. (a) Kumelwe abhekwe ngamuphi umqondo omusha amazwi kaJesu akuJohane isahluko 6? (b) Kungani uJesu akhuza isixuku?
7 Ake sibuyele manje kuJohane isahluko 6. Kulamazwi kaJesu akuqhutshwa lawo alotshwe esahlukweni 5. Okuqukethwe lapha kuhlukile, ngoba sekuphele omunye unyaka. Manje sekungu-32 C.E. Indaba ayisaphathelene namaJuda aseJerusalema angabazenzisi kodwa isiphathelene nabantu abavamile baseGalile. UJesu usanda kwenza isimangaliso sokusuthisa amadoda ayizi-5 000 ngezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili. Ngosuku olulandelayo, isixuku silandela uJesu, silindele okunye ukudla kwamahhala. Khona-ke uJesu uyabatshela: “Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngoba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kodwa ukudla okuhlala kuze kube-ngukuphila okuphakade.” UJesu wayethunywe uYise ukuba alungiselele ukudla okunjalo bonke abayobonisa ukholo kuye. Lesi kuyoba “isinkwa soqobo esivela ezulwini,” esinemiphumela ehlala njalo kunemana yoqobo eyadliwa amaIsrayeli asendulo.—Johane 6:26-32.
8. Umuntu angakuzuza kanjani ukuphila okuphakade?
8 UJesu uyaqhubeka echaza izinzuzo ezitholakala kulokho “kudla,” ethi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. . . . Lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana akholwe yiyo abe-nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”—Johane 6:35-40.
9, 10. (a) Sihluke kanjani “isinkwa sokuphila” emaneni? (b) NgokukaJohane 6:42-51, uJesu wayinikelela bani inyama yakhe? (c) Laba bayidla kanjani ‘inyama yakhe’?
9 LawomaJuda athanda izinto ezibonakalayo ayawaphikisa lamazwi. Awaboni lutho olunye kuJesu ngaphandle kokuba yindodana kaJosefa noMariya. UJesu uyawaxwayisa: “Ningakhononi phakathi kwenu. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.” Futhi uyaphinda: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”—Johane 6:42-51.
10 Kanjalo, kwaba “ngenxa yokuphila kwezwe”—izwe lonke lesintu esihlengiwe—ukuba uJesu anikele ngomzimba wakhe. Futhi noma imuphi “umuntu” wezwe lesintu odla ngokomfanekiso ‘lesosinkwa,’ ngokubonisa ukholo emandleni esihlengo omhlatshelo kaJesu, angase angene endleleni eya ekuphileni okuphakade. Lapho, “ingxubevange yabantu” ayahlanganyela namaIsrayeli ekudleni imana ehlane ifanekisela isixuku esikhulu ‘sezinye izimvu’ zikaJesu lezo, kanye nensali egcotshiwe ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu,’ manje sidla inyama kaJesu ngengqondo engokomfanekiso. Lokhu sikwenza ngokubonisa ukholo emhlatshelweni wakhe.—Galathiya 6:16; Roma 10:9, 10.
11. Imaphi amanye amazwi kaJesu ashaqisa amaJuda, futhi ngani?
11 Emuva eGalile, izilaleli eziningi zikaJesu zishaqiswa yinkulumo yakhe. Ngakho lapho esakhuluma ngendaba yenyama yakhe, uqhubekela phambili futhi ethi kuzo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.” (Johane 6:53-55) Kuyashaqisa ngempela! Akuwona nje kuphela umqondo wobulwane owenyanyekayo kulawomaJuda kodwa uMthetho okuLevitikusi 17:14 wakwenqabela ngokuqondile ukudla “igazi lenyama noma iyiphi.”
12. (a) Yini uJesu ayigcizelelayo lapha? (b) Imiphi imiBhalo ebonisa ukuthi lokhu akupheleli kuphela ezindlalifeni ezikanye noJesu?
12 Yebo, uJesu lapha ugcizelela ukuthi noma ubani ofuna ukuzuza ukuphila okuphakade kumelwe enze kanjalo ngesisekelo sokubonisa ukholo emhlatshelweni uJesu awenza kamuva ngokunikela ngomzimba wakhe wobuntu ophelele nangokuchitha igazi lokuphila kwakhe. (Heberu 10:5, 10; 1 Petru 1:18, 19; 2:24) Lelilungiselelo alipheleli kuphela kulabo abayizindlalifa kanye noJesu. Kumelwe futhi lihlanganise “isixuku esikhulu” esisinda “osizini olukhulu,” ngoba laba baye “bahlanza izingubo zabo bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.” Ukuba kwabo nokholo emhlatshelweni kaJesu, njengoba futhi kubonakaliswa ukunikela kwabo “inkonzo engcwele” kuNkulunkulu, kuphumela ekulondweni kwabo ezikhathini ezinzima kakhulu zomhlaba. Ngokufanayo, uRahabi walungisiswa futhi wasinda lapho uJoshuwa ebhubhisa iJeriko.—IsAmbulo 7:9, 10, 14, 15; Joshuwa 6:16, 17; Jakobe 2:25.
“Ukuphila Phakathi Kwenu”
13. (a) Ekuqhathaniseni uJohane 5:26 noJohane 6:53, yini okumelwe iphawulwe? (b) Ikuphi ukuhlelwa kwamazwi okujwayelekile kwesiGreki okusisiza ukuba siqonde uJohane 6:53? (c) Ngakho-ke, kusho ukuthini ukuba ‘nokuphila phakathi kwenu,’ futhi lamazwi asebenza kobani?
13 KuJohane 6:53, 54, uJesu ufanisa ‘ukuphila okuphakade’ nokuba ‘nokuphila phakathi kwenu.’ Ngakho-ke, kulendaba, inkulumo ethi ‘ukuphila phakathi kwenu’ ibonakala inokubaluleka okuhlukile kunaleyo uJesu ayisebenzisa kuJohane 5:26. Izinkulumo ezakhiwe ngokuhlelwa okufanayo kwamazwi njengokuthi ukuba ‘nokuphila phakathi kwenu’ zavela kwenye indawo emiBhalweni yesiGreki. Ngokwesibonelo: “Yibani nosawoti phakathi kwenu” (Marku 9:50) nokuthi “bezitholela phakathi kwabo umvuzo ogcwele” (Roma 1:27, NW).a Kulezibonelo, lenkulumo ayisho amandla okufaka ubusawoti noma okuvuza abanye. Kunalokho, kuboniswa ukuphelela kwangaphakathi noma ukugcwala. Kanjalo, ngokwendaba kaJohane 6:53, ukuba ‘nokuphila phakathi kwenu’ lapha kungasho ukuthi ekugcineni ungena kukho kanye ukugcwala kokuphila. ‘Umhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso uthola lokhu ekuvuselweni kwawo emazulwini. “Ezinye izimvu” zikuthola ngemva kokuphela kweminyaka eyinkulungwane, lapho zivivinywa futhi zilungisiselwa ukuphila okuphakade emhlabeni oyiPharadesi.—1 Johane 3:2; IsAmbulo 20:4, 5.
14. Obani abanye abayozuza ‘ngesinkwa esivela ezulwini,’ futhi kanjani?
14 Nabanye futhi, bangazuza ‘esinkweni esivela ezulwini.’ UJesu wathi ngalowo ‘odla inyama yakhe aphuze negazi lakhe’ kodwa ofayo: “Ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.” Kuyaqondakala ukuthi amaKristu agcotshiwe alala ekufeni ayavuswa ekukhaleni ‘kwecilongo lokugcina,’ okwenzeka phakathi ‘nokubonakaliswa’ kukaJesu Kristu enkazimulweni yoMbuso. (1 Korinte 15:52; 2 Thimothewu 4:1, 8) Kodwa kuthiwani ngabanethemba lokuba “ezinye izimvu” abalala ekufeni? Amazwi kaMarta ngesikhathi kufe uLazaru angathakazelisayo lapha, ngoba ngalesosikhathi amaJuda esaba uNkulunkulu ayengenalo elinye ithemba ngaphandle kokuvuselwa emhlabeni. Ukholo lukaMarta lwabonakala emazwini athi: “Ngiyazi ukuthi [uLazaru] uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” (Johane 11:24) Ngakho-ke thina esiphila manje ebukhoneni bukaKristu singathemba ukuthi abathembekileyo ‘besixuku esikhulu’ abalala ekufeni bayovuswa kuqala lapha emhlabeni, ukuze bakwazi ukuphinde bahlanganyele ekudleni “isinkwa esivela ezulwini,” benombono wokuphila okuphakade. Yeka ithemba elihle okuyilo, ithemba eliqiniswa ukuthi uJesu ngokwakhe wavuswa kwabafileyo!—1 Korinte 15:3-8.
‘Ukuba Sebunyeni NoKristu’
15. Amazwi kaJesu athi “ebunyeni noKristu” asebenza kobani, futhi kungani uphendula kanjalo?
15 UJesu uyaqhubeka: “Odla inyama yami aphuze igazi lami uhlala esebunyeni nami, futhi nami ngisebunyeni naye.” (Johane 6:56, NW) Khona-ke, lokhu, kunjalo ‘nganoma ubani’ ebonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, ngethemba ‘lokuba nokuphila phakathi kwakhe.’ Bonke ababonisa ukholo olunjalo bangase babe ‘sebunyeni noJesu.’ Yebo, “isixuku esikhulu” esinamathemba asemhlabeni, asikho “ebunyeni noKristu” ngomqondo wokuba yizindlalifa ezikanye naye, amalungu omlobokazi wakhe athola uvuko lwasezulwini njengaye. (Roma 8:1, 10; 1 Korinte 1:2; 2 Korinte 5:17; 11:2; Galathiya 3:28, 29; Efesu 1:1, 4, 11; Filipi 3:8-11) Nokho bonke abanamathemba asemhlabeni bangase, eqinisweni kumelwe, babe sebunyeni obuphelele noYise neNdodana ngokwazi nokwenza ‘okuyintando kaNkulunkulu epheleleyo,’ njengoba nje kunjalo ‘ngomhlambi omncane.’—Roma 12:2; qhathanisa noJohane 17:21.
16. (a) Kungaziphi izindlela ezibalulekile bonke ababonisa ukholo emhlatshelweni kaKristu ‘abasebunyeni’ ngazo noJesu? (b) Ibonakala kuphi injongo yabo enobunye nomzamo?
16 Ngokomphumela, inzuzo yomhlatshelo wenyama negazi likaKristu ivulekele bonke namuhla ababonisa ukholo, futhi bonke abayamukelayo bangase, ngezindlela ezibalulekile, babe “sebunyeni” noJesu. Bonke kumelwe babe yingxenye yomkhaya wendawo yonke kaJehova uNkulunkulu. ‘Kulezinsuku zokugcina’ ezinzima, bajabulela ubunye bomhlaba wonke benkolo, injongo, nomsebenzi. Ngokuba nokholo kuJesu, banikezwa amandla okwenza ‘imisebenzi emikhulu’ ngokwesilinganiso kunaleyo eyenziwa nguJesu lapha emhlabeni. Futhi makuphawulwe ukuthi izigidi ‘zesixuku esikhulu’ manje zenza amaphesenti angama-99.7 alabo abenza umsebenzi kaJehova kulesikhathi. (Johane 14:12; Roma 10:18) Lenjongo enobunye nomzamo ibonakala ngobufakazi obukhulu bomhlaba wonke nangokusekela ngokuzimisela izimiso zokwakha zeWatch Tower Society. (IHubo 110:3) Ukuthi bangaki abezwe lesintu abasazokholwa, futhi beze kulobubunye obuyigugu, kusazobonakala, umbiko wamuva ubonisa oFakazi abashisekayo abayizi-3 024 131.
17. Imaphi amaphuzu okumelwe bonke ababa khona eSikhumbuzweni bawaqaphele?
17 Kuthenjwa ukuthi abaningi abantu abathakazelayo bayokhulisa inani lalabo abayobe bekhona ekugujweni kweSikhumbuzo sika-1986. Izigidi ‘zezinye izimvu’ ziyobe zikhona. kanye nezinkulungwane ezinciphayo ‘zomhlambi omncane’—bonke balazisa ngokujulile ilungiselelo likaJehova lothando ngoKristu, beqaphela indlela inyama negazi likaKristu okubaluleke ngayo. Nokho, bonke kumelwe baqonde ngokukhanyayo lapho bemi khona. Ukuhlanganyela ekudleni izifanekiselo zeSikhumbuzo akunikezi ukuphila okuphakade. Lezi kuyizifanekiselo zomhlatshelo kaJesu, ezisetshenziswa okokuqala ngokuqondene ‘nesivumelwano esisha.’ Labo abagcotshiwe abafakwe kulesosivumelwano, futhi bona bodwa, bahlanganyela ngokufanelekile ekudleni izifanekiselo. Umuntu angaba kulesosivumelwano esisha, noma angabi kuso. (1 Korinte 11:20, 23-26) Labo abangekho esivumelwaneni esisha futhi abangafakwanga nguJesu esivumelwaneni sombuso abahlanganyeli ekudleni izifanekiselo zeSikhumbuzo, kodwa nabo kumelwe baqaphele indlela inyama negazi likaJesu okwanikelwa okubaluleke ngayo. (Luka 22:14-20, 28-30) Lomhlatshelo uyindlela abangazuza ngayo ukuphila okuphakade emhlabeni.
18. Iyiphi injabulo etholakala ngokuqonda ngokukhanyayo konke lokho okushiwo umhlatshelo kaJesu?
18 Ngakho-ke kwangathi singawuqala lomkhosi weSikhumbuzo sikuqonda ngokukhanyayo konke lokho okushiwo umhlatshelo kaJesu ngesintu. Kwangathi labo ‘bomhlambi omncane’ bangalwazisa ubizo lwabo, futhi kwangathi isixuku esandayo ‘sezinye izimvu’ singajabula ethembeni lokuba ‘nokuphila phakathi kwaso’ okuphelele emhlabeni, lapho sibazisa kakhulu ubunye baso, kwamanje, noYise, iNdodana, nenani elinciphayo lensali egcotshiweyo esesemhlabeni. Yeka injabulo esinayo ngokuthi “isinkwa sokuphila” manje singesabo bonke!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka futhi uMathewu 3:9; 9:3; 13:21; Marku 5:30; 6:51; Luka 7:39, 49; 12:17; 18:4; Johane 5:42; 11:38; IzEnzo 10:17; 2 Korinte 1:9.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ngo-32 C.E., uJesu wakhuluma ngaziphi izinhlobo ezimbili zemana, njengoba zazilungiselelwe obani?
◻ Obani uJesu abamema ukuba ‘badle umzimba wakhe futhi baphuze igazi lakhe’ futhi bakwenza kanjani lokhu?
◻ Kusho ukuthini ukuba ‘nokuphila phakathi kwenu,’ futhi lokhu kuzuzwa kanjani futhi nini?
◻ Iyiphi injabulo bonke manje abangayihlanganyela ngokuqondene ‘nesinkwa sokuphila’?