Umbono WeBhayibheli
Isizathu Sokuba Imfundiso Yenkolo Yenkululeko Ingabi Ikhambi
IMFUNDISO yenkolo yenkululeko ngokuqinisekile iwumbono omusha. Yaklanywa esikhathini esingangeminyaka engamashumi amabili edlule abapristi abangamaRoma Katolika eNingizimu Melika ababekhungathwe ubumpofu obucindezelayo kwabaningi emihlanjini yabo. Baba nomuzwa wokuthi ukumane bakhulume nabampofu ngezinto ezingokomoya kwakungabasizi ngempela. Kunalokho, bona, abefundisi baba nomuzwa wokuthi kwakudingeka ukuba benze ushintsho olukhulu kwezenhlalo uma abantu babezothuthuka ngokomoya. Abanye baze ngisho basekele nezenzo zokuvukela.
Iqiniso, akukubi ukufuna ukwenza ngcono indlela yokuphila kwabampofu. UJesu ngokwakhe waba nozwela olukhulu ngabantu bosuku lwakhe. Siyafunda: “Kepha ebona izixuku waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Yebo, uJesu wathembisa inkululeko kulabo abasabela emazwini akhe, ethi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Ngakho ingabe imfundiso yenkolo yenkululeko iyindlela yeBhayibheli yokuba isikhonzi esingumKristu sisize ngayo abampofu?
Umbono Ongalungile
Akunjalo, ngenxa yezizathu eziningi. Phakathi kwezinye, umthwalo wemfanelo oyinhloko wesikhonzi esingumKristu inhlalakahle engokomoya yomhlambi wakhe, futhi abukho ubufakazi bokuthi uma izindinganiso zokuphila komuntu ompofu zithuthuka, uyothambekela ngokwengeziwe ekubeni athuthuke ngokomoya. Ngempela, amazwe acebe kakhulu aseNyakatho Melika naseYurophu, anezinkinga ezingokomoya ezingathi sína naphezu kwezindinganiso zawo eziphakeme zokuphila. Uma sibala okumbalwa nje—ukungathembeki, ukuziphatha okubi, ukuxhashazwa kwabantwana nasebekhulile, nobugovu—kudlangile. Futhi kwezinye izindawo isithakazelo ngoNkulunkulu sifile.—2 Thimothewu 3:1-5.
Futhi, imfundiso yenkolo yenkululeko yayingeyona indlela uJesu ayesiza ngayo abampofu, futhi uJesu Uyisibonelo Esikhulu samaKristu eqiniso. (1 Petru 2:21) Lapho uJesu esemhlabeni, waphila phakathi kwabantu ababebuswa omunye umbuso futhi wahlupheka ezandleni zabathelisi abakhwabanisayo. Ababempofu phakathi kwabo ngokuvamile babehlushwa amalungu esigaba esibusayo angamagovu. (Mathewu 22:21; Luka 3:12, 13; 20:46, 47) Nokho, uJesu akazange ahileleke emibonweni yezombangazwe noma ekulweni komphakathi ukuze azame ukuthuthukisa indlela yabo yokuphila. Kunalokho, washumayela “ivangeli loMbuso.”—Mathewu 4:23.
Okokugcina, abefundisi benkolo abathuthukisa imfundiso yenkolo yenkululeko bafuna ikhambi elingokwezombangazwe lenkinga engaxazululwa kuphela ngendlela kaNkulunkulu. Nakuba umbono wabo ubizwa ngokuthi imfundiso yenkolo, awusekelwe eBhayibhelini. UJesu wathi ngabafundi bakhe: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Akunakwenzeka ukuba ugqugquzele ukusetshenziswa kwezombangazwe bese ‘ungabi ingxenye yezwe.’—Jakobe 4:4.
Yini Ngempela Esiza Abampofu?
Ngempela, uma abefundisi benkolo yenkululeko bengenaso isigijimi esingokomoya esifanelana nabampofu kakhulu, kumelwe sithi bashumayela isigijimi esiphambene. UJesu wabasiza kakhulu abampofu ababesabela bosuku lwakhe, futhi oFakazi BakaJehova benza okufanayo namuhla njengoba behlanganyela ekushumayeleni “izindaba ezinhle zoMbuso.”—Mathewu 24:14, qhathanisa neNW.
Ziyini izindaba ezinhle? Esikhathini sethu, ziyiqiniso lokuthi uMbuso kaNkulunkulu umisiwe emazulwini futhi ngokushesha uzosusa bonke ububi nokucindezeleka kulomhlaba. (IsAmbulo 11:15, 18) Ngalendlela, uMbuso kaNkulunkulu uyoxazulula phakade izinkinga zobumpofu nokucindezeleka. Lapho likhuluma ngomphumela wokubusa koMbuso kaNkulunkulu iBhayibheli, lithi: “Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:4) Yeka ithemba elimangalisayo labanhliziyo-nhle!
Kodwa leliqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu libasiza kanjani abantu abampofu manje? Nokho, khumbula ukuthi uJesu wathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Iqiniso lisiza umuntu ukuba ajabulele inkululeko kunembeza onecala, inkululeko ekwesabeni ikusasa, nenkululeko enkolelweni-ze engokwenkolo.
Ngaphezu kwalokho, umuntu ofunda leliqiniso uzuza Abangane ababili abanamandla kakhulu. Omunye uKristu Jesu, manje obusayo njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Omunye uJehova uNkulunkulu uqobo, lowo iBhayibheli elithi ngaye: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Ngisho noma umuntu ompofu ephila ngaphansi kwesimiso esicindezelayo ngokombangazwe noma ngokomnotho, laBangane ababili abanesihe bangamsiza ukuba abhekane nesimo ngosizo lwebandla lobuKristu.
Ngokwengeziwe, ukusabela eqinisweni loMbuso kaNkulunkulu kuholela umuntu ekubeni alahle imikhuba emibi futhi asebenzise ngendlela engcono noma ikuphi anakho. Cha, umuntu ompofu akacebi ngenxa yokuphila ukuphila kobuKristu. Kodwa uma ebeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala futhi ephila ngokwezindinganiso zaKhe ezilungileyo, ngandlela-thile izidingo ezingokwenyama zokuphila ziyalungiselelwa. Kunjengoba nje uJesu athembisa: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:33.
INkosi yakudala uDavide yanikeza ubufakazi obufudumeza inhliziyo ngendlela uNkulunkulu anakekela ngayo abantu baKhe. Yathi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) Kunezibonelo ezingenakubalwa phakathi koFakazi BakaJehova namuhla ezifakazela lokhu njengeqiniso.
Khona-ke, kunokufuna ukuphumula kwesikhashana ngemibono yabantu nezimfundiso zenkolo zenkululeko, sonke, kuhlanganise nabampofu, sikhuthazwa ukuba sijabulele izinzuzo ezingokoqobo eziza ngokukhonza uNkulunkulu. Abenza kanjalo bavumelana nomphostoli uPawulu, ngokuthi “ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.
[Isithombe ekhasini 29]
Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kuwukuphela kwekhambi ebumpofwini bomhlaba