Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi “amanzi” ayephana ngawo ayezoba “ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube-ngukuphila okuphakade”?
UJesu watshela owesifazane ongumSamariya: “Yilowo nalowo ophuza lawamanzi [emthonjeni kaJakobe] uyakubuye ome; kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba-ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube-ngukuphila okuphakade.”—Johane 4:13, 14.
UJesu lapha wayebhekisele ngokuyinhloko ezinzuzweni ezingokomoya ezifikela umuntu oye wemukela amazwi aKhe futhi waba umfundi kaKristu. Umuntu onjalo obelokhu eqhubeka engenisa ulwazi oluqondile ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu futhi oye wakwenza lokhu ngokholo uyoba sesimweni sokuthola ukuphila okuphakade. (Johane 17:3) UJesu wafanisa lenqubo esengqondweni nasenhliziyweni yomuntu nomthombo ophuphuma izinzuzo, oqhubeka uqinisa ukholo lwakhe futhi uholela izinyawo zakhe endleleni yokuphila phakade.
Nakuba uJohane 4:14 egcizelela izinzuzo ezitholwa umuntu ngokwakhe, umfundi engumKristu onenala yalamazwi angokomoya ngokuvamile uyothanda ukuwahlanganyela nabanye ngesihle. Ufuna ukuthi abanye bezwe isigijimi sobukristu futhi bazitholele umthombo ophuphuma izinzuzo ezingokomoya ezifanayo eziholela ekuphileni okuphakade. Lokhu kuhlanganyela isigijimi nabanye kubonakala kuyimbangela yalokho uJesu akusho kuJohane 7:37-39: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo. Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye.”
Beqhutshwa ngamandla ashukumisayo omoya kaNkulunkulu ababewuthole kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuya phambili, abaphostoli nabafundi bakaJesu benza izimangaliso ekuletheleni abanye amanzi okuphila. UMoya kaNkulunkulu futhi wafeza ingxenye ebalulekile ekuhlomiseni nasekushukumiseni abafundi bakaJesu namuhla, kokubili insali egcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ ukuze banikeze isintu esomile amanzi, njengoba beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Ngakho lowo owomile kumelwe eze kulowo uNkulunkulu alisebenzisela ukwaba amanzi eqiniso eliholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; Johane 7:37; 10:16; IsAmbulo 7:9.