Ungaliyeki Iqiniso Lidlule
MHLAWUMBE uPontiyu Pilatu waphawula ukuthi ukwamukela iqiniso kwakuyomlahlekisela okuthile. Ukuba umlandeli kaKristu kwakuyosho ukwamukela ubukhosi bakhe futhi ngokungangabazeki ayishintshe masinyane indlela yakhe yokuphila. Nokho, uSolomoni umbhali wezAga 23:23, wathi: “Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.”
“Ngithenge iqiniso?” ungabuza ngokubhinqa. Yebo, ngoba iBhayibheli lapha lisisiza ukuba siqaphele ukuthi umuntu uzuza iqiniso, ukuhlakanipha, nokuqonda kuphela ngokulahlekelwa! Nokho, iqiniso liyimpahla eyigugu kakhulu ongacabanga ngayo. Phela, uSolomoni weluleka, “Ungathengisi ngalo”! Kwakufana nokuthi kwakungekho lutho olwalungalinganiswa nokubaluleka kwalo.
‘Kodwa liyini nje iqiniso?’ kubuza abaningi, bebuza njengoPilatu. Ngabaningi, “iqiniso” namuhla liwumqondo ongaqondakali. Ngokwesibonelo, cabangela lokho uAlbert Einstein akusho: “Kunzima ngisho ukuyichaza ngokunembile inkulumo ethi ‘iqiniso elingokwesayensi.’ Kanjalo incazelo yegama elithi ‘iqiniso,’ ixhomeke ekutheni sikhuluma ngeqiniso lokuhlangenwe nakho komuntu siqu, ukusikisela ngokuqondene nezibalo, noma imfundiso ephathelene nokuhlola okungokwesayensi. ‘Iqiniso elingokwenkolo’ alingicaceli kahle.” (Ideas and Opinions, nguAlbert Einstein) Kodwa ingabe iqiniso lokuthi iqiniso laxaka uEinstein lisho ukuthi kumelwe ungalinaki? Phinde.
UJesu ngokucacile wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila.” (Johane 14:6) Yebo, ‘iqiniso’ ligxiliswe kuKristu Jesu nasendaweni yakhe ezinjongweni zikaJehova uNkulunkulu njengoMgcwalisi weziprofetho, uMhlengi wesintu esinesono, iNkosi emisiwe yoMbuso kaNkulunkulu, umPristi Omkhulu, noMahluleli wababi. (Roma 15:8; 1 Thimothewu 2:5, 6; Johane 3:16; Efesu 1:20-22; Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 6:9, 10; Heberu 4:14; IsAmbulo 19:11-21; 2 Thesalonika 1:7-9) Nokho, umuntu ‘angalithenga’ kanjani leliqiniso?
“Ukungenisa Ulwazi”
Umuntu uqala ukuthenga iqiniso ngokulandela amazwi kaJesu akuJohane 17:3: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe owukuphela kukaNkulunkulu wedwa weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” Ngempela, lokhu bekungaba umsebenzi onzima kakhulu, uma umuntu kumelwe akwenze yedwa. Emuva ekhulwini lokuqala, kwakunomthenwa ongumTopiya, noma isikhulu sasenkantolo, owazama ukwenza kanjalo. Kodwa ebona umthenwa ezama ukutadisha isiprofetho seBhayibheli esilukhuni, umvangeli uFiliphu wabuza: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?” Kulokhu lendoda yaphendula, “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” (IzEnzo 8:28-31) Mhlawumbe nawe uzizwa ngendlela efanayo.
Ngakho-ke oFakazi BakaJehova bayazinikela ukuba batadishe iBhayibheli nawe emzini wakho.a Izifundo ezinjalo ezamahhala. UJesu wathi: “Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Kodwa ukuthenga iqiniso kuyokubiza ngendlela ehlukile—kuyodinga isikhathi sakho nomzamo. Nokho, khumbula ukuthi uJesu Kristu—ephila futhi eshiseka emazulwini—ufuna ukukusiza ufunde iqiniso. (Qhathanisa noLuka 5:13.) Wathembisa abafundi bakhe bokuqala ukuthi umoya kaNkulunkulu wawuzobaholela “kulo lonke iqiniso.” (Johane 16:13) Ngokwelulekileyo, lokhu kungasebenza futhi nakuwe. Ngakho-ke ungabi nomuzwa wokuthi ukufunda iqiniso kuyoba lukhuni kakhulu ngawe.
Ukulitadisha ngokungathí sina iBhayibheli kuye kwenziwa futhi kwaba lula kakhulu ngosizo lwezincwadi zokutadisha iBhayibheli ezinyatheliswa ngoFakazi BakaJehova. Izibonelo nje zezihloko zezinye zalezincwadi zivusa isithakazelo sabalifuna ngobuqotho iqiniso: Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, Ukusindela Emhlabeni Omusha, UBunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ukuphawula nje ezimbalwa.b
Lezincwadi injongo yazo iwukuchaza imiBhalo ngolimi oluqondakala kalula, azikhangi kuphela endleleni yakho yokucabanga kodwa futhi nasenhliziyweni yakho. Umnyombo weqiniso usobala kuzo ngokucacile, ukucwaninga, nangeseluleko esiwusizo. Njengoba ufunda amaqiniso eBhayibheli ngosizo lwalezincwadi, uyokubona lokho uJesu ayekuqondile lapho ethi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Lapha igama elithi “iqiniso” lihlanganisa zonke izimfundiso zobuKristu njengoba manje zitholakala eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe leqiniso—iBhayibheli. (2 Thimothewu 2:15; Efesu 1:13) Nokho, kungani ukufunda iBhayibheli kukhulula kangaka?
Ngokwesibonelo, cabangela ukuthi ‘ukwesaba ukufa’ kuye kwagcina isintu ‘siboshelwe ebugqilini kukho konke ukuphila kwaso.’ (Heberu 2:15) Lokhu kunjalo naphezu kweqiniso lokuthi abantu abaningi bazethembisa ithemba elingekho lokuphila okujabulisayo kwasezulwini okutholakala ngemva kokufa. Nokho, amaqiniso eBhayibheli, ayamkhulula umuntu ekwesabeni okunjalo okulimazayo. Umuntu uthola ukuthi abafileyo abahlupheki endaweni ethile eshisayo yokuhlushwa, ngoba “abafileyo abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5, 10; bheka futhi neHubo 146:4 nomShumayeli 3:19, 20.) IBhayibheli libonisa futhi ukuthi umuntu akanaso isifiso semvelo sokufa bese eya ezulwini. Ngokuphambene, uNkulunkulu uye ‘wafaka ubuphakade enhliziyweni yesintu’; umuntu ovamile ufisa ukuphila phakade!—UmShumayeli 3:11, NW; bheka futhi namaRoma 5:12; 6:23.
Lesosifiso siyogcwaliseka kulokho iBhayibheli elikubiza ingokuthi ‘umhlaba omusha.’ (2 Petru 3:13; qhathanisa noMathewu 6:9, 10.) UJesu wabonisa ukuthi labo abazuza ukuphila ‘emhlabeni omusha’ bayojabulela ‘iPharadesi.’ (Luka 23:43) Eminye imibhalo isisiza ukuba siqonde ukuthi lona kuyoba umhlaba okhululekile ebuhlungwini nasezinyembezini! (IsAmbulo 21:4; Isaya 11:6-9) Ake ucabange nje ngendlela lelithemba elingakushintsha ngayo ukuphila kwakho! Kodwa okokuqala kumelwe ungenise ulwazi.
Ukudela Ukuqhosha
KumaHubo 25:9 iBhayibheli lithi: “Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.” Cha. UNkulunkulu akasoze abanikeza iqiniso abantu abaqhoshayo nabazidlayo. “UNkulunkulu umelana nabazidlayo. Kepha abathobekileyo ubapha umusa.” (1 Petru 5:5) Cishe uPontiyu Pilatu okungenani wayenalo lolosikisiki lokufuna ukwazi ngeqiniso. Kodwa abaholi basendulo bachaza uPilatu njengendoda eqhoshayo. KumaRoma, amaJuda ayengabantu abadelelekile ababenenkolo ehlukile ababekujabulela ukubacindezela! Ukuqhosha nezinso ezingokombangazwe kubonakala kuyizinto ezazivimbela uPilatu.—IzAga 16:18.
Abaningi namuhla banosikisiki olufanayo ngesigijimi esiphethwe oFakazi BakaJehova. Nokho, bangase baphawule ukuthi oFakazi BakaJehova ngokuvamile banezinto ezilinganiselwe, ukuthi izindawo zabo zokuhlangana ezifanelekile (amaHholo oMbuso) azinakuqhathaniswa noma ngayiphi indlela namasonto ayinkimbinkimbi eLobukholwa, ukuthi bambalwa koFakazi abanemfundo ephakeme. Kodwa phawula lokho iBhayibheli elikushoyo kweyoku-1 Korinte 1:26-29: “Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.”
Ngakho-ke ukufunda ‘kubantu abaphansi’ kanjalo kungase kukuyekise ukuqhosha onakho. Kodwa ingabe lokho akumelwe kukulahlekele ukuze uthole iqiniso?
Ukusebenzisa Ulwazi
Ukuzuza nje ukwaziswa—ngisho neqiniso—akwanele. Kungakho sinxuswa ukuba ‘sithenge ukuhlakanipha.’ (IzAga 23:23) Ukuhlakanipha kuwukusetshenziswa kolwazi! Eqinisweni uSolomoni wathi “ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko.” (IzAga 4:5-7, NW) Yebo, lunalusizo luni ulwazi uma lungasetshenziswa? Ngakho-ke ngemva kokufunda izindlela zikaNkulunkulu, imiyalo, imithetho, izikhumbuzo, nezeluleko, funda ukusebenzisa lokhu ekuphileni kwakho. “Ukuhlakanipha kubonakala emisebenzini yakho ukuthi kulungile,” kwasho uJesu.—Mathewu 11:19, NW.
UPontiyu Pilatu walenqaba iqiniso. Nokho, akumelwe ulenze lelophutha. Ukuyeka iqiniso lidlule ngenxa yokuqhosha, ukufisa noma ukuthanda umkhuba othile omubi ophambene nemibhalo kuyobe kungubuwula bangempela. Yiba njengomhubi owathandaza, “Ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.” (IHubo 119:144) Yebo, lowo ozimisele ukulahlekelwa ukuze azuze iqiniso nokuhlakanipha ‘angahlala ephilile.’ Ngoba lowo olithengayo “ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.”—IzAga 8:35.
Enye indoda eyaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova yathi: “Kuyisibusiso ukusho ukuthi iqiniso liye lashintsha ukuphila kwethu.” Lingakushintsha nokwakho. Ngakho-ke ungaliyeki iqiniso lidlule! Sebenzisa lelithuba elikhethekile lithenge iqiniso, nokuhlakanipha, nokuqonda. Awusoze wazisola ngokwenza kanjalo.
[Imibhalo yaphansi]
a Zizwe ukhululekile ukubhalela abanyathelisi balomagazini uma ufisa isifundo esinjalo seBhayibheli. Siyokujabulela ukuhlela ukuba isikhonzi esifanelekayo sivakashele ekhaya lakho.
b Zikhishwe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 4]
Ukuqhosha kungenzeka kwabangela uPontiyu Pilatu wayeka iqiniso ladlula