-
Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu NabantuINqabayokulinda—2006 | Okthoba 15
-
-
3. Imuphi umcimbi uJesu anandisa kuwo eKhana?
3 Ama-Israyeli ayebheka leso senzo njengomshado. Ngemva kwalokho, ayengase abe nedili lokuhalalisa, njengalelo elishiwo kuJohane 2:1. Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zihumusha lelo vesi ngamazwi anjengokuthi: “Kwakukhona umshado eKhana.” Kodwa igama lolimi lokuqala lihunyushwa ngokunembile ngokuthi “idili lomshado.”a (Mathewu 22:2-10; 25:10; Luka 14:8) Ukulandisa kwenza kucace ukuthi umcimbi uJesu ayekuwo futhi wanandisa kuwo kwakuyidili elihlobene nomshado wesiJuda. Nokho, iphuzu elibalulekile ukuthi lokho okwakuwumshado ngaleso sikhathi kuhlukile kulokho okujwayelekile namuhla.
-
-
Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu NabantuINqabayokulinda—2006 | Okthoba 15
-
-
a Lona leli gama lalingase futhi lisetshenziswe lapho kukhulunywa ngedili elingahlobene nomshado.—Esteri 9:22, Septuagint.
-