Umbono Webhayibheli
Kwenzekani Ekufeni?
AMADODANA kaNkulunkulu angabantu ayengadalelwe ukuba afe. (Roma 8:20, 21) Empeleni, lapho uJehova ekhuluma okokuqala ngokufa ku-Adamu, akuvezwanga njengomphumela abantu akwakufanele bahlale bewulindele, kodwa njengesijeziso sokungamlaleli uNkulunkulu. (Genesise 2:17) U-Adamu wakuqonda kahle ukuthi lokhu kwakusho ukuthini, njengoba ayeseke wazibona izilwane zifa.
U-Adamu wona, futhi wabhekana nomphumela wokona kwakhe ngokuthi afe lapho eseneminyaka engu-930 ubudala. (Genesise 5:5; Roma 6:23) Njengoba ayesexoshiwe emkhayeni kaNkulunkulu ngenxa yokungalaleli, akabange esabhekwa njengendodana kaNkulunkulu. (Duteronomi 32:5) Nakhu iBhayibheli elikushoyo ngemiphumela edabukisayo yesintu: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.
Yini Eyenzeka Endleleni Yethu Yokucabanga?
IBhayibheli liphinde lithi: “Ngoba kukhona isiphetho ngokuqondene namadodana abantu nesiphetho ngokuqondene nesilwane, futhi kunesiphetho esifanayo. Ngendlela okufa ngayo okunye, kufa kanjalo nokunye; futhi konke kunomoya owodwa, kangangokuthi umuntu akaphakeme ngalutho ngaphezu kwesilwane, ngoba konke kuyize. Konke kuya endaweni yinye. Konke kuye kwaba khona kuvela othulini, futhi konke kubuyela othulini.” (UmShumayeli 3:19, 20) Kusho ukuthini ukubuyela othulini?
Inkulumo ethi ‘ukubuyela othulini’ isikhumbuza amazwi kaNkulunkulu kumuntu wokuqala: “Uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Lokhu kusho ukuthi abantu, njengezilwane, bayizidalwa zenyama. Asiyona imimoya ehlala emizimbeni yenyama. Amandla ethu okucabanga awanakusinda lapho kubhubha umzimba wethu. Nakhu iBhayibheli elikushoyo ngokufa komuntu: “Uphefumula okokugcina, abuyele emhlabathini; futhi ngalolo suku konke ukucabanga kwakhe kuyaphela.”—IHubo 146:4, The New English Bible.
Uma kwenzeka lokho, basala bekusiphi isimo labo abafile? IZwi likaNkulunkulu linikeza impendulo ecacile: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngoba ukukhunjulwa kwabo sekulibalekile.” (UmShumayeli 9:5) Kunokuba kufane nomngane osamukelayo lapho sifika ekuphileni okungcono, iBhayibheli libiza ukufa “ngesitha sokugcina,” ngoba kuqeda yonke imisebenzi yabaphilayo. (1 Korinte 15:26; UmShumayeli 9:10) Ingabe lokhu kusho ukuthi ukufa kuyisimo esingenathemba?
Izindaba Ezinhle Ngokufa
Ezigidini zabantu, ukufa kufana nobuthongo eziyobuye ziphaphame kubo. UJesu wake washo amazwi alandelayo kubafundi bakhe ngomngane owayefile: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Lapho uJesu eya ethuneni likaLazaru lesikhumbuzo, wafica isixuku sabalilayo. Lapho efika ethuneni, wayala ukuba livulwe wabe esememeza: “Lazaru, phuma!” Indoda okwase kuphele izinsuku ezine ifile yaphuma. (Johane 11:11-14, 39, 43, 44) Njengoba umzimba kaLazaru wawusuqala ukubola, uJesu wabonisa ukuthi uNkulunkulu angakhumbula yonke into ngabafile—ubuntu babo, inkumbulo yabo kanye nokubukeka kwabo. Angabenza baphile futhi. Ngesinye isikhathi uJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo [uJesu] baphume.”—Johane 5:28, 29.
Njengoba lisinikeza ezinye izindaba ezijabulisayo, iBhayibheli lithi: “Njengesitha sokugcina, ukufa kuzokwenziwa ize.” (1 Korinte 15:26) Ngeke baphinde baye emathuneni bayongcwaba othandekayo wabo abantu abalusizi. IBhayibheli lithi: “Ukufa ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Awuvumi yini ukuthi uyaduduza umbono weBhayibheli mayelana nokwenzeka ekufeni?
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ingabe abafile bayaphila?—UmShumayeli 9:5.
◼ Ingabe ukufa komuntu kuyisimo esingenathemba?—Johane 5:28, 29.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Uphefumula okokugcina, abuyele emhlabathini; futhi ngalolo suku konke ukucabanga kwakhe kuyaphela.” —IHubo 146:4, “The New English Bible.”