UMalusi Omuhle ‘Nalesisibaya’ Sakhe
1, 2. (a) INkosi uDavide yamchaza kanjani uJehova kumaHubo 23:1? (b) Kungani kwakufanelekile ukufanisa uJehova nomalusi noIsrayeli afaniswe nezimvu zakhe?
“UJEHOVA ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.” Ngalawomazwi umfana owake waba ngumalusi futhi engumshayi wehabhu, kodwa kamuva waba inkosi yesizwe sakwaIsrayeli, waqala enye yezingoma zakhe ezithandwa kakhulu.—IHubo 23:1, 2.
2 Asikho esinye isizwe ngaphandle kukaIsrayeli wasendulo omunye umhubi ayengase asibhalele amazwi eHubo 95:6, 7: “Masiguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu. Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.” Nakuba inkosi yaso engumuntu yayingase ifaniswe nomalusi, isizwe sakwaIsrayeli sasingase sifaniswe nezimvu ezinoMalusi ophakeme kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu. UnguMalusi omuhle kunabo bonke ongase alingiswe amadoda akhonza njengabelusi abangokomfuziselo ebandleni labantu bakaJehova abazinikezele.
3. Kukanjani ukubhekisela kuJehova njengoMalusi kwakufanelekile ngisho nangokuphathelene noJesu?
3 Inkosi uDavide yayifanekisela uJesu Kristu, ngaphandle kokuthi yena mkhulu kakhulu kunoDavide wasendulo, owayenguyisemkhulu wasebukhosini. Ngokufanelekile wayengacaphuna futhi asho amazwi kaDavde: “UJehova ungumalusi wami.” Ingabe umanduleli wakhe, uJohane uMbhapathizi, akazange yini atshele izilaleli zakhe lapho kuza uJesu Kristu ukuthi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe”? (Johane 1:29, 36) Lapho ekhuluma ngoJesu njengeWundlu lomkhaya wezimvu, kungenzeka uJohane wayecabanga ngamazwi akuIsaya 53:7 athi: “Njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni.” Futhi, encwadini yokugcina yeBhayibheli kusukela kusAmbulo 5:6 kuya phambili, uJesu okhazinyulisiwe kukhulunywa ngaye izikhathi ezingama-28 njengeWundlu elingokomfanekiso.
4. UJesu waba kanjani njengemvu esibayeni sezimvu futhi sasiyini lesosibaya sezimvu?
4 Ngokuzalwa okuyisimangaliso emhlabeni wazalelwa esizweni sakwaIsrayeli, ngonyaka ka-2 B.C.E. Ngaleyondlela waba ngaphansi kwesivumelwano soMthetho uJehova, uMalusi kaIsrayeli, ayesenze nalabobantu abakhethiwe. Lesosivumelwano soMthetho, neMiyalo yaso Eyishumi sasinomprofethi uMose njengomkhulumeli emelele isizwe sakwaIsrayeli. (Galathiya 4:4, 5) Futhi uJesu, njengelungu lalabobantu abakhethiwe, wazalwa njengenye yezimvu ezingokomfanekiso uJehova ayenguMalusi oPhakeme wazo. Khona-ke uJesu wayesesibayeni sezimvu esingokomfanekiso, ubuhlobo obuhle noMalusi waPhezulu njengoba buvikelwe isivumelwano soMthetho kaMose esinjengodonga.
5. Siyini isizathu sokuthatha umbono ohlukile wesibaya sezimvu sikaJohane 10:1?
5 Ingabe lapha sihlanganisa ‘isibaya sezimvu’ sikaJohane isahluko 10, ivesi 1, nelungiselelo lesivumelwano soMthetho kaMose? Yebo, kunjalo! Incazelo yangaphambili yesibaya sezimvu njengesiyisivumelwano sobuAbrahama yayisekelwe embonweni wokuthi uJohane isahluko se-10 uphawula ngokuqondile isibaya esisodwa kuphela, futhi uma kwakunjalo, khona-ke isivumelwano sobuAbrahama besingaba incazelo yaso enengqondo. Nokho, ukutadishwa okuqhubekayo kwalesisahluko kuye kwabonisa ukuthi uJesu eqinisweni wakhuluma ngezibaya zezimvu ezingaphezu kwesisodwa. Kanjalo, njengoba sizobona, ukulungisa lencazelo kubonakala kufaneleka.
6. Uzizwa kanjani ngokulungisa okunjalo ekuqondeni amaphuzu angokweBhayibheli?
6 Ukulungisa okunjalo kuyadingeka ngezikhathi ezithile, ngoba izAga 4:18 zisitshela ukuthi “umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.” Oh, yebo, abaphikisi beqiniso abahlubukayo ‘baguguda amazinyo’ ngezambulo ezinjalo ezithuthukayo, kodwa lokhu akusiphazamisi. (IzEnzo 7:54) Kunalokho, siyambonga uJehova ngokuthi “ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.” (IHubo 97:11) Siyaqiniseka ukuthi uyokujabulela ukwazi ukuthi umfanekiso kaJesu wezibaya zezimvu usho ukuthini ngawe nangabo bonke abanye oFakazi BakaJehova namuhla.
Isibaya Sezimvu Sangaphambili, Ngaphansi KoMthetho
7. Ngokuphathelene nesibaya sezimvu sakwaIsrayeli, uJesu wayithatha kanjani indima entsha ngo-29 C.E.?
7 Kuthiwani-ke, ngalesosibaya sezimvu sesivumelwano soMthetho kaMose? Ngemva kokuba uJesu ebhapathizwe uJohane uMbhapathizi, futhi wagcotshwa ngomoya kaNkulunkulu ongcwele futhi eselingiwe izinsuku ezingama-40 ehlane laseJudiya, uJesu Kristu weza njengoMalusi ongokomoya esibayeni sezimvu sakwaIsrayeli ngonyaka ka-29 C.E. UJesu Kristu wathi wayethunyelwe ngokuqondile “ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli.” (Mathewu 10:6; 15:24) Kuze kube sekubhapathizweni kwakhe wayemane nje engomunye wamaIsrayeli emvelo ayephila ngaphakathi kwelungiselelo lesibaya sezimvu lesivumelwano soMthetho kaMose. Kodwa manje, njengoba esegcotshiwe futhi wazalwa ngomoya kaJehova, uJesu Kristu wayengeza kulesosibaya sezimvu esikhundleni sakhe esisha ‘njengomalusi omuhle.’—Johane 10:11.
8. Ngubani owayengumlindisango ongokomfanekiso kaJohane 10:3, futhi kanjani?
8 UJohane uMbhapathizi wayengowokuqala owaqaphela uJesu njengoMalusi weQiniso omiswe nguMalusi oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. UJesu akezelanga ukuphanga isibaya sezimvu kodwa weza ngenhloso engokomthetho. Ngobuqotho wayengaziveza ngokwakhe njengoMalusi ongokomoya esibayeni sezimvu sesizwe sakwaIsrayeli. Ngokuvumelana nesiprofetho esikuMalaki 4:5 (qhathanisa uMathewu 11:12-14; uLuka 1:13-17), uJohane wayabelwe nguMalusi oPhakeme ukuba abe “umlindisango” ongokomfanekiso wesibaya sezimvu sakwaIsrayeli (Johane 1:15, 17, 19-28; 10:3) UJohane waziqaphela izimfanelo zikaJesu Kristu njengoMalusi Ongaphansi kaJehova uNkulunkulu futhi ngaso lesosikhathi wayekulungele ukumamukela, ukumchaza njengoMalusi wobuMesiya obikezelwe owayezobiza izimvu zakhe ngamagama futhi aziholele emadlelweni.
9, 10. UJesu wayifanela kanjani incazelo yakhe kamalusi, futhi abelusi bakwaIsrayeli babesebenzelana kanjani nezimvu zabo?
9 UJesu wayifanela incazelo yakhe kaMalusi Omuhle noweQiniso, njengoba ishiwo ngalamazwi kuJohane 10:1-5: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.”
10 Umalusi kwaIsrayeli wasendulo wayeba seduze kakhulu nezimvu zakhe. Wayeba nendlela ethile eyaziwa nguye yedwa, ayezibiza ngayo zonke izimvu zakhe ndawonye ukuze zithole ukunakekela kwakhe ngokukhethekile. Ngokungaphezulu, wayeqamba ngayinye yezimvu zakhe igama. Imvu ngayinye ngokulalela yayisabela lapho igama layo libizwa. Izimvu zazisazi isimo nokuzwakala kwephimbo likamalusi wazo futhi zazingenakusabela ezwini labafokazi.
11. Kumelwe sizizwe kanjani ngokomuntu siqu ngendima kaJesu njengoMalusi?
11 Ngokufana nalokhu, yeka induduzo okuyiyo kithina ukuba siqinisekiswe ngokuthi umalusi wethu ongokomoya usazi ngabanye ngamagama futhi uyakwazi ukusinakekela ngabanye ngokomuntu siqu! Sengathi singeze safana neziningi zezilaleli zosuku lukaJesu ngokwehluleka ukuthola umqondo wangempela womfanekiso wakhe onenjongo. Njengesibonelo esiyisixwayiso kithina, kuJohane 10:6 kubhaliwe: “UJesu washo lomfanekiso kubo [izilaleli zakhe ezingamaJuda]; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokhu akukhuluma kubo.”
12. Kwakungobani “abafokazi” uJesu akhuluma ngabo, futhi lokho kwakunjalo kanjani?
12 Amanye amaIsrayeli eza futhi azishaya uMesiya othenjisiwe, noma uKristu, yiwona uJesu awabiza ngokuthi abafokazi. Awazange ethulwe njengoMalusi kaJehova wobuMesiya ngu“mlindisango” wakhe omisiwe, owayenguJohane, lowo uJesu ngokwakhe eza kuyena ukuze abhapathizwe. Kulokhu, uJesu akazange alenze iphutha. (Mathewu 3:1-7; Marku 1:1-7; Luka 3:1-9) Kwakungenjongo yokuvikela abantu ukuthi uJesu manje wakubona kukuhle ukuba aziveze njengaLowo uJehova ayemthumela kubona njengoMalusi wabo ongokomoya nokuba embule abelusi abafohlayo.
Isibaya Esisha Ngaphansi KukaMalusi Omuhle
13. Iluphi ushintsho uNkulunkulu alwenza ngokuqondene nesibaya sakhe sezimvu?
13 Into ebalulekile iwukuba umuntu angene esibayeni okuyisona sona, emuva lé nanamuhla futhi. Ingabe lokho kusikisela ukuthi kungase kube noshintsho ezibayeni zezimvu ezivunyelwe uJehova uNkulunkulu? Yebo. Lokho uJesu aqhubeka wakusho kuJohane isahluko 10 nalokho amaqiniso angokomlando akubonisayo—kokubili lokhu kubonisa ukuthi uNkulunkulu wayezomisa isibaya esisha esikhundleni sesibaya sezimvu sakwaIsrayeli ngaphansi koMthetho. Qaphela lokhu njengoba siqhubeka namazwi kaJesu.
14, 15. Kungani kusobala ukuthi kuJohane 10:7-10 uJesu wayebhekisela esibayeni sezimvu esisha?
14 “Ngakho-ke uJesu wabuye wathi,” kuJohane 10:7-10, “Ngiqinisile ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo. Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe-nokuphila, babe-nakho kuchichime.”
15 Phawula kulesisigatshana ukuthi uJesu ukhuluma ngaye ngokwakhe njengesango lesibaya sezimvu asishoyo manje, isango elingena kulesisibaya sezimvu sikaMalusi oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. UJesu wayengelona isango elingokomfanekiso elingena esibayeni sezimvu sikaIsrayeli ongokwenyama, ngoba yena ngokwakhe wazalelwa kuso ngokuzalwa kwakhe incasakazi engumJuda uMariya. UJesu wayengeyena umlamuleli onjengesango wesivumelwano soMthetho isizwe sakwaIsrayeli esangeniswa ngaso ebuhlotsheni obukhethekile noJehova uNkulunkulu. Kwakukude ngaphambi kokuzalwa kukaJesu emhlabeni ukuthi uJehova uNkulunkulu wayethe esizweni sakwaIsrayeli: “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba.” (Amose 3:2) UMalusi Ongaphansi kaJehova uNkulunkulu wayezobiza ezokuqala zezimvu zomhlambi wakhe esibayeni samaJuda esingokomfanekiso futhi aziholele emadlelweni akhethekile angokomoya. Ngakho uJesu kumelwe ukuba manje wayeseqale ukukhuluma ngesibaya sezimvu esisha leso yena, Malusi oMuhle, ngenye ingqondo ayeyisango laso.
16. (a) Yini eyake yabonisa ngaphambili ukuthi uJehova wayeyoba nesibaya sezimvu esisha? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi isibaya sezimvu esisha sase siseduze nokuba khona?
16 LawomaJuda enqaba ukuba ngabafundi bakhe abanjengezimvu ayenomuzwa wokuthi isibaya sawo kwakuwukuphela kwaso uJehova uNkulunkulu ayecabanga ngaso nokuthi sasiyoqhubeka sikhona kuze kube sesikhathini esizayo esinganqunyiwe. Awazange acabangele “isivumelwano esisha” uJehova uNkulunkulu ayethembise ukusimisa ngokwesiprofetho sikaJeremiya 31:31-34. Lokhu kwakusho ubuhlobo obusha noJehova uNkulunkulu, futhi, ngenxa yalokho, kwakusho isibaya sezimvu esisha esingokomfanekiso. UJesu Kristu wayengelona isango lokungena esibayeni sezimvu esasizodlulelwa isikhathi, singabe sisabiyelwa ngodonga lwesivikelo sikaJehova. (Heberu 8:7-13) Ngobusuku bokugubha iPhasika lakhe lokugcina nabafundi bakhe abangamaJuda, uJesu washo amazwi athile anokubaluleka lapho ebanikeza iwayini lePhasika. Wanikeza incazelo engokomfanekiso ewayinini, ethi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”—Luka 22:20; Mathewu 26:27-29.
17, 18. (a) Kwakuyisiphi lesisibaya sezimvu esisha uJesu ayenguMalusi waso oMuhle? (b) Wayengafaniswa kanjani futhi nomnyango walesisibaya esisha?
17 UJesu Kristu wayezoba isango lesibaya sezimvu elihlala njalo, elaliyongena esikhundleni sesibaya sezimvu sakuqala samaIsrayeli emvelo ngaphansi kwesivumelwano soMthetho kaMose. Ngenkathi uJesu eshiya abafundi bakhe emhlabeni futhi enyukela ezulwini ezinsukwini ezingama-40 ngemva kokuvuswa kwakhe kwabafileyo, wenyuka esenalo ilungelo lokuphila kobuntu okuphelele, ilungelo ayengazange alahlekelwe yilo ngenxa yanoma isiphi isono enyameni. (Isaya 53:3-12; IzEnzo 8:30-35) Ngakho-ke, wayehlonyiselwe ukukhonza njengoMlamuleli futhi asebenzise lelilungelo lokuphila elifanekiselwa igazi lakhe, ekuqiniseni isivumelwano esisha nesingcono asenzela abafundi bakhe emhlabeni. Lokhu wakwenza okungenani ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., ngenkathi umoya ongcwele uthululelwa phezu kwabafundi bakhe abalalelayo abangamaJuda ababelindele eJerusalema.
18 Kanjalo labafundi bangeniswa esivumelwaneni esisha, futhi kwaba khona isibaya esisha sezimvu esobuhlobo noJehova uNkulunkulu ngesisekelo sesivumelwano esisha esaqiniswa ngegazi likaJesu Kristu. Izimvu ezingokomfanekiso kulesibaya esisha zazizelwe ngomoya kaJehova futhi zagcotshwa ngomoya wakhe. UJesu Kristu wayeyisango kulesisibaya futhi enguMalusi kaJehova oMuhle omiswe phezu kwezimvu ezingaphakathi kulesisibaya.
19. Isiprofetho esikuZakariya 13:7 sagcwaliseka ngayiphi indlela?
19 Phakathi nezingxenye zezinsuku ezintathu uJesu eboshiwe futhi efile ethuneni kwafuneka adlulisele ukunakekelwa kwabafundi bakhe abanjengezimvu ngokuphelele kuMalusi oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. Khona-ke amazwi kaJehova akuZakariya 13:7, athi: “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami,” agcwaliseka. Isandla sikaMalusi onguMninimandla onke, uJehova, saphendulelwa phezu kwalabafundi abancane, kwaze kwaba yilapho bephendulelwa futhi kuMalusi Ongaphansi ovusiwe, uJesu Kristu.—Mathewu 26:31, 32.
20. UJohane 10:16 uholela kanjani ekulindelweni kwesinye isibaya esisazoba khona, futhi kungani lokho kumelwe kusithinte?
20 Kepha lapho ecabanga ngalesisibaya sezimvu esisha ngaphansi kukaMalusi Omuhle, phawula ukuthi kuJohane 10:16 uJesu wathi: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha.” Ingabe lokhu akubonisi yini ukuthi wayeyoba nesinye, isibaya sesibili, ayezokhonza kuso njengoMalusi oMuhle? Uma kunjalo, sasiyoba khona nini futhi obani ababeyoba izimvu zaso? Lena imibuzo efika ngesikhathi kakhulu, futhi izimpendulo zayo zingathinta ngokuqondile ithemba lakho namathemba alindelwe aphakade. Ngakho ake sihlole lendaba.
Uyophendula Kanjani?
□ UJesu wazalelwa kanjani esibayeni sezimvu, futhi kwakungubani uMalusi waso?
□ UJesu weza ngayiphi indima entsha ngo-29 C.E.?
□ UJohane uMbhapathizi wakhonza kusiphi isikhundla ngokuphathelene nesibaya sezimvu sakwaIsrayeli?
□ Kwakuyisiphi isibaya sezimvu esisha uJesu ayenguMalusi waso Omuhle?
□ Yini ebonisa ukuthi esinye futhi isibaya sezimvu sasisazovela?
[Isithombe ekhasini 12]
Njengomlindisango ongokomfanekiso, uJohane uMbhapathizi wamukela uMalusi Omuhle, uJesu
[Isithombe ekhasini 13]
UJesu waholela izimvu zakhe esibayeni sezimvu esisha. Kwakuyisiphi?