Ingabe Usekela Ubukhosi Bukajehova?
“Thanini phakathi kwezizwe: ‘UJehova usebé yinkosi.’”—IHUBO 96:10.
1, 2. (a) Isiphi isenzakalo esiphawulekayo esenzeka cishe ngo-October 29 C.E.? (b) Leso senzakalo sasisho ukuthini kuJesu?
CISHE ngo-October 29 C.E., kwenzeka isenzakalo esiphawulekayo esasingakaze sibonwe emhlabeni. Umlobi weVangeli, uMathewu, uyabika: “Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, [uJohane uMbhapathizi] wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu [kukaJesu]. Bheka! Kwaba khona nezwi livela emazulwini elathi: ‘Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.’” Lesi esinye sezenzakalo ezimbalwa ezalotshwa yibo bobane abalobi bamaVangeli.—Mathewu 3:16, 17; Marku 1:9-11; Luka 3:21, 22; Johane 1:32-34.
2 Ukuthululwa komoya ongcwele ngokubonakalayo phezu kukaJesu kwambonakalisa engoGcotshiwe, okusho ukuthi uMesiya, noma uKristu. (Johane 1:33) Ekugcineni yayisivelile ‘inzalo’ eyayithenjisiwe! Phambi kukaJohane uMbhapathizi kwakumi lowo owayezolinyazwa uSathane esithendeni, yena asilimaze ekhanda leso sitha esikhulu sikaJehova nobukhosi baKhe. (Genesise 3:15) Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqaphela ngokugcwele ukuthi kwakumelwe alwele ukufeza injongo kaJehova mayelana nobukhosi noMbuso waKhe.
3. UJesu wazilungiselela kanjani indima ayezoyifeza ekusekeleni ubukhosi bukaJehova?
3 Ukuze alungele umsebenzi owawumhlalele, “uJesu, egcwele umoya ongcwele, wamuka eJordani, umoya wamholela ehlane.” (Luka 4:1; Marku 1:12) Elapho, waba nesikhathi sokuzindla ngokujulile izinsuku ezingu-40 ngempikiswano yobukhosi eyaphakanyiswa uSathane nangenkambo okwakudingeka ayithathe ukuze asekele ubukhosi bukaJehova. Leyo mpikiswano ihilela zonke izidalwa ezihlakaniphile—ezulwini nasemhlabeni. Ngakho senza kahle ngokuhlola inkambo kaJesu yokwethembeka, sibone lokho okumelwe sikwenze ukuze sibonise ukuthi nathi sifisa ukusekela ubukhosi bukaJehova.—Jobe 1:6-12; 2:2-6.
Impikiswano Yobukhosi Iba Sobala
4. Yini uSathane ayenza eyabangela ukuba impikiswano yobukhosi ibe sobala?
4 Yiqiniso, uSathane wayezibona zonke lezi zenzakalo ezisanda kushiwo. Ngaphandle kokuchitha isikhathi, wahlasela ‘inzalo’ eyinhloko ‘yowesifazane’ kaNkulunkulu. (Genesise 3:15) USathane walinga uJesu kathathu, ethi makenze okwakubonakala kuzuzisa yena kunokwenza lokho uYise ayefuna ukuba akwenze. Impikiswano yobukhosi yaba sobala ikakhulu esilingweni sesithathu. USathane wabonisa uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” Engenamahloni, wathi kuJesu: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.” Azi kahle ukuthi “yonke imibuso yezwe” yayilawulwa uDeveli ngempela, uJesu wabonisa ukuthi wayemiphi empikiswaneni yobukhosi ngokuphendula: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’”—Mathewu 4:8-10.
5. Isiphi isabelo esiyinselele okwakudingeka uJesu asifeze?
5 Ukuphila kukaJesu kwabonisa ngokucacile ukuthi umgomo wakhe oyinhloko kwakuwukusekela ubukhosi bukaJehova. UJesu wayazi kahle ukuthi kwakumelwe ahlale ethembekile kuze kube sekufeni, ebulawa nguSathane—isenzakalo esabikezelwa esiprofethweni njengokulinyazwa esithendeni ‘kwenzalo’ yowesifazane—ukuze afakazele ukufaneleka kobukhosi bukaNkulunkulu. (Mathewu 16:21; 17:12) Kwakudingeka afakazele nokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyithuluzi eligunyazwe uJehova lokunqoba isihlubuki esinguSathane nokubuyisela ukuthula nokuhleleka kuyo yonke indalo. (Mathewu 6:9, 10) Yini uJesu ayenza ukuze afeze lesi sabelo esiyinselele?
“Umbuso KaNkulunkulu Ususondele”
6. UJesu wakwenza kanjani kwaziwa ukuthi uMbuso uyithuluzi uNkulunkulu ‘azobhidliza ngalo imisebenzi kaDeveli’?
6 Okokuqala, “uJesu waya eGalile, eshumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ethi: ‘Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele.’” (Marku 1:14, 15) Empeleni wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:18-21, 43) UJesu walidabula lonke izwe, “eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 8:1) UJesu wenza nemisebenzi eminingi yamandla—wanika izixuku ukudla, wathulisa izivunguvungu, waphulukisa abagulayo, wavusa nabafileyo. Ngalezi zimangaliso, uJesu wabonisa ukuthi uNkulunkulu angawulungisa wonke umonakalo nokuhlupheka okwabangelwa ukuhlubuka kwase-Edene, ngaleyo ndlela ‘abhidlize imisebenzi kaDeveli.’—1 Johane 3:8.
7. Yini uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bayenze, futhi kwaba namuphi umphumela?
7 Ukuze izindaba ezinhle zoMbuso zimenyezelwe ngezinga elikhulu ngangokunokwenzeka, uJesu wakha iqembu labalandeli abathembekile waliqeqeshela lo msebenzi. Waqale wathuma abaphostoli bakhe abangu-12 “ukuba bashumayele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:1, 2) Wabe esethuma abanye abangu-70 ukuba bamemezele lesi sigijimi: “Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” (Luka 10:1, 8, 9) Lapho laba bafundi bebuya futhi bebikela uJesu ngempumelelo yabo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, wathi: “Ngaqala ukubona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini.”—Luka 10:17, 18.
8. Yini ukuphila kukaJesu okwayibonisa ngokucacile?
8 UJesu wazikhandla futhi wasebenzisa wonke amathuba okufakaza ngoMbuso. Wasebenza engaphezi, eshikashikeka ubusuku nemini, wadela ngisho nezinto ezivamile ezenza ukuphila kunethezeke. Wathi: “Izimpungushe zinemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Luka 9:58; Marku 6:31; Johane 4:31-34) Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu wakhuluma ngesibindi phambi kukaPontiyu Pilatu: “Ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Konke ukuphila kukaJesu kwabonisa ukuthi wayengezelanga nje ukuba umfundisi omkhulu noma umenzi wezimangaliso noma ngisho nje ukuba uMsindisi ozidelayo, kodwa wayezele ukuzosekela intando yeNkosi enguJehova nokuzofakazela amandla ayo okufeza leyo ntando ngoMbuso.—Johane 14:6.
“Kufeziwe!”
9. USathane wagcina ephumelele kanjani ukulimaza isithende ‘senzalo’ yowesifazane kaNkulunkulu?
9 Konke lokho uJesu ayekwenza ngokuphathelene noMbuso akusiphathanga kahle iSitha, uSathane uDeveli. USathane wazama ngokuphindaphindiwe ukuthulisa ‘inzalo’ yowesifazane kaNkulunkulu ngokusebenzisa ingxenye esemhlabeni ‘yenzalo’ yakhe—ezombangazwe nenkolo. Kusukela ekuzalweni kwakhe kuze kube sekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJesu wahlaselwa ngokukhethekile nguSathane nezikhonzi zakhe. Ekugcineni, entwasahlobo ka-33 C.E., sase sifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu inikelwe ezandleni zeSitha ukuze siyilimaze esithendeni. (Mathewu 20:18, 19; Luka 18:31-33) Ukulandisa kwamaVangeli kuyibonisa ngokucacile indlela abantu abasetshenziswa ngayo uSathane ukuba balahle uJesu ngecala futhi bambulale kabuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa—kusukela kuJuda Iskariyothe kuya kubapristi abakhulu, ababhali, abaFarisi namaRoma.—IzEnzo 2:22, 23.
10. Ngokuyinhloko, yini uJesu ayifeza ngokufa kwakhe esigxotsheni sokuhlushwa?
10 Yini efika engqondweni yakho lapho ucabanga ngoJesu esesigxotsheni sokuhlushwa efa kancane kancane kabuhlungu? Mhlawumbe ukhumbula umhlatshelo wesihlengo uJesu awenza ngokungenabugovu ngenxa yesintu esinesono. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) Kungenzeka ukuthi luyakumangaza uthando olukhulu uJehova alubonisa ngokulungiselela lowo mhlatshelo. (Johane 3:16) Mhlawumbe uzizwa njengesikhulu sebutho esingumRoma esashukumiseleka ukuba sithi: “Ngokuqinisekile lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” (Mathewu 27:54) Ngokuqinisekile, kufanelekile ukuzizwa ngalezi zindlela. Ngakolunye uhlangothi, khumbula ukuthi amazwi okugcina uJesu awasho esigxotsheni sokuhlushwa athi: “Kufeziwe!” (Johane 19:30) Yini eyayifeziwe? Nakuba afeza izinto eziningi ngokuphila nangokufa kwakhe, injongo eyinhloko yokuza kukaJesu emhlabeni kwakungekhona yini ukuxazululwa kwempikiswano yobukhosi bukaJehova? Futhi kwakungabikezelwanga yini ukuthi ‘njengenzalo’ wayeyobhekana novivinyo olunzima ngokwedlulele olwaluzobangelwa uSathane, ukuze asuse sonke isihlamba egameni likaJehova? (Isaya 53:3-7) Lena kwakuyimithwalo yemfanelo emikhulu, kodwa uJesu wayifeza yonke ngokugcwele. Impela, wayefeze lukhulu!
11. UJesu uyokwenzani ukuze asigcwalise ngokuphelele isiprofetho esashiwo e-Edene?
11 Ngenxa yokwethembeka nobuqotho bakhe, uJesu wavuswa ‘njengomoya onika ukuphila,’ hhayi njengomuntu. (1 Korinte 15:45; 1 Petru 3:18) Nasi isithembiso uJehova asenza eNdodaneni yakhe ekhazinyulisiwe: “Hlala ngakwesokunene sami ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” (IHubo 110:1) “Izitha” zihlanganisa isoni esikhulu, uSathane, nabo bonke abakha ‘inzalo’ yaso. Njengoba eyiNkosi enguMesiya yoMbuso kaJehova, uJesu Kristu uyohola ekubhubhiseni zonke izihlubuki, endaweni yomoya nasemhlabeni. (IsAmbulo 12:7-9; 19:11-16; 20:1-3, 10) Siyobe sesigcwaliseka ngokuphelele isiprofetho esikuGenesise 3:15 kanye nomthandazo uJesu awufundisa abalandeli bakhe: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10; Filipi 2:8-11.
Isibonelo Sokuba Sisilandele
12, 13. (a) Abantu basabela kanjani namuhla ezindabeni ezinhle zoMbuso? (b) Yini okumelwe siyicabangele ngokuqondene nokulandela izinyathelo zikaKristu?
12 Njengoba uJesu abikezela, namuhla izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwa emazweni amaningi. (Mathewu 24:14) Ngenxa yalokho, izigidi zabantu ziye zanikezela ukuphila kwazo kuNkulunkulu. Zilangazelela izibusiso eziyolethwa uMbuso. Zibheke phambili ekuphileni phakade ngokuthula nokulondeka emhlabeni oyipharadesi, futhi ngenjabulo zitshela abanye ngethemba lazo. (IHubo 37:11; 2 Petru 3:13) Ingabe ungomunye walaba bamemezeli boMbuso? Uma kunjalo, kuyatuseka. Nokho, kunokunye ngamunye wethu okumelwe akucabangele.
13 Umphostoli uPetru wabhala: “[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Phawula ukuthi kule ndaba, uPetru akakhulumanga ngentshiseko kaJesu yokushumayela noma ikhono lakhe lokufundisa, kodwa wakhuluma ngokuhlupheka kwakhe. Njengofakazi wokuzibonela, uPetru wayelazi kahle izinga uJesu ayezimisele ukuhlupheka ngalo ukuze azithobe ebukhosini bukaJehova futhi abonise ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ngakho, singazilandela ngaziphi izindlela izinyathelo zikaJesu? Kumelwe sizibuze: ‘Ngizimisele ukuhlupheka ngezinga elingakanani ukuze ngisekele futhi ngiphakamise ubukhosi bukaJehova? Ngiyabonisa yini ngendlela engiphila ngayo nengifeza ngayo inkonzo yami ukuthi ukusekela ubukhosi bukaJehova kuyinto eyinhloko kimi?’—Kolose 3:17.
14, 15. (a) UJesu wenzenjani lapho othile enza ukusikisela okuyiphutha futhi abanye befuna ukumnika isikhundla ngokungaqondi, futhi kungani enza kanjalo? (b) Iyiphi impikiswano okumelwe sihlale siyikhumbula? (Hlanganisa namaphuzu asebhokisini elithi “Yiba Sohlangothini LukaJehova.”)
14 Nsuku zonke sibhekana nezinqumo nezimo ezivivinyayo, ezincane nezinkulu. Ngokuyinhloko yini okufanele siyicabangele ukuze sibone ukuthi kufanele senzenjani? Ngokwesibonelo, senzenjani uma sibhekene nesilingo sokwenza okuthile okuyofaka ukuma kwethu kobuKristu engozini? UJesu wenzenjani lapho uPetru emtshela ukuba abe nomusa kuye ngokwakhe? Wathi: “Yana emva kwami, Sathane! . . . Awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.” (Mathewu 16:21-23) Noma, lapho sinikezwa amathuba okuthola imali eningi noma okuba sesikhundleni esiphakeme emsebenzini azosenza silahlekelwe ngokomoya, ingabe senza njengoba kwenza uJesu? Lapho uJesu ebona ukuthi labo abambona enza izimangaliso “base bezokuza bambambe ukuze bambeke inkosi,” wasuka kubo ngokushesha.—Johane 6:15.
15 Kungani uJesu athatha isinyathelo esiqine kangaka kulezi zenzakalo nakwezinye? Kungoba wabona ngokucacile ukuthi kwakuhileleke okungaphezu kokuziphephisa noma ukuzisiza yena. Wayefuna ukwenza intando kaYise nokusekela ubukhosi bukaJehova kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. (Mathewu 26:50-54) Ngakho, uma impikiswano yangempela ingasicaceli kahle ngazo zonke izikhathi engqondweni njengoba yayicacela uJesu, kuhlale kunengozi yokuyekethisa noma yokwehluleka ukwenza okulungile. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi singabanjwa kalula amaqhinga kaSathane, oyingcweti ekwenzeni okungalungile kubonakale kufiseleka, njengoba enza lapho elinga u-Eva.—2 Korinte 11:14; 1 Thimothewu 2:14.
16. Yini okufanele ibe umgomo wethu oyinhloko lapho sisiza abanye?
16 Enkonzweni yethu sizama ukukhuluma nabantu ngezinto ezibakhathazayo futhi sibabonise okushiwo iBhayibheli. Lena indlela ephumelelayo yokubenza babe nesithakazelo sokutadisha iBhayibheli. Nokho, umgomo wethu oyinhloko awukona nje ukusiza abantu bazi lokho okushiwo iBhayibheli noma ukubatshela ngezibusiso eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu. Kumelwe sibasize ukuba baqonde impikiswano yangempela. Ingabe bazimisele ukuba amaKristu eqiniso nokuthatha “isigxobo” sabo “sokuhlushwa” futhi bahlupheke ngenxa yoMbuso? (Marku 8:34) Ingabe bakulungele ukuzihlanganisa nalabo abasekela ubukhosi bukaJehova, ngaleyo ndlela babonise ukuthi uSathane ungumqambimanga nomnyundeli? (IzAga 27:11) Kuyilungelo kithi ukuzisiza nokusiza abanye ukuba benze kanjalo.—1 Thimothewu 4:16.
Lapho UNkulunkulu Eba “Yikho Konke Kuwo Wonke Umuntu”
17, 18. Isiphi isikhathi esijabulisayo esingabheka phambili kuso uma sibonisa ukuthi sisekela ubukhosi bukaJehova?
17 Njengoba manje senza konke esingakwenza ukuze sibonise ngokuziphatha nangenkonzo yethu ukuthi sisekela ubukhosi bukaJehova, singabheka phambili esikhathini lapho uJesu Kristu ‘eyonikela umbuso kuNkulunkulu wakhe noYise.’ Kuyokwenzeka nini lokho? Umphostoli uPawulu uyachaza: “Lapho esebenzé ize bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla. Ngoba kumelwe abuse njengenkosi kuze kube yilapho uNkulunkulu esebeke zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe. . . . Khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:24, 25, 28.
18 Yeka ukuthi kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani lapho uNkulunkulu eba “yikho konke kuwo wonke umuntu”! UMbuso uyobe usuwufezile umgomo wawo. Bonke abaphikisi bobukhosi bukaJehova bayobe sebebhujisiwe. Ukuthula nokuhleleka kuyobe sekubuyiselwe kuyo yonke indawo. Yonke indalo iyohlabelela amazwi omhubi: “Thanini ingekaJehova inkazimulo yegama lakhe . . . Thanini phakathi kwezizwe: ‘UJehova usebé yinkosi.’”—IHubo 96:8, 10.
Ungaphendula?
• UJesu wayigcina kanjani impikiswano yobukhosi bukaNkulunkulu isobala engqondweni yakhe?
• Ngokuyinhloko, yini uJesu ayifeza ngenkonzo nangokufa kwakhe?
• Singasilingisa ngaziphi izindlela isibonelo sikaJesu ekuboniseni ukuthi sisekela ubukhosi bukaJehova?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 29]
YIBA SOHLANGOTHINI LUKAJEHOVA
Njengoba abazalwane abaningi eKorea nakwezinye izindawo bazi, lapho amaKristu ebhekene nokulingwa okukhulu, kuyasiza ukusiqonda kahle isizathu esenza ehlelwe yilokho kulingwa.
Omunye uFakazi kaJehova owaboshwa ngesikhathi sombuso waseSoviet wangaphambili wathi: “Okwasisiza ukuba sikhuthazele ukuyiqonda kwethu ngokucacile impikiswano eyaphakanyiswa ensimini yase-Edene—impikiswano yokufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu. . . . Sasazi ukuthi sasinethuba lokusekela ukubusa kukaJehova. . . . Lokhu kwasiqinisa futhi kwasenza sagcina ubuqotho bethu.”
Omunye uFakazi wachaza okwamsiza yena nabanye oFakazi ekamu lokusebenza kanzima. Wathi: “UJehova wasisekela. Naphezu kwezimo ezinzima, sasiphapheme ngokomoya. Sasikhuthazana njalo ngephuzu elikhuthazayo lokuthi sasisohlangothini lukaJehova empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke.”
[Isithombe ekhasini 26]
UJesu wabusekela kanjani ubukhosi bukaJehova lapho elingwa uSathane?
[Isithombe ekhasini 28]
Yini eyafezwa ukufa kukaJesu?