Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukungena KukaKristu Kokunqoba EJerusalema
NGOKUSA okulandelayo, ngeSonto, ngoNisan 9, uJesu usuka eBethaniya nabafundi bakhe ubhekisa amabombo ngalé kweNtaba yemiNqumo ukuya ngaseJerusalema. Ngesikhashana, basondela eBetfage, eseNtabeni yemiNqumo. UJesu uyala ababili babafundi bakhe:
“Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; uyakuzithumela masinyane.”
Nakuba ekuqaleni abafundi bengaboni ukuthi leziyalo zihlangene nokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli, kamuva bayaqaphela ukuthi kunjalo. Umprofethi uZakariya wabikezela ukuthi iNkosi kaNkulunkulu ethenjisiwe yayiyongena eJerusalema igibele imbongolo, yebo, “inkonyane yembongolokazi.” Ngokufanayo iNkosi uSolomoni ekugcotshweni kwayo yayigibele enzalweni yembongolo.
Lapho abafundi bengena eBetfage futhi bethatha inkonyane nonina, abanye balabo ababemi eduze bathi: “Nenzani?” Kodwa lapho betshelwa ukuthi lezilwane zifunwa iNkosi, lamadoda abavumela abafundi ukuba bazithathe bazise kuJesu. Abafundi babeka izingubo zabo zangaphandle phezu kwembongolokazi naphezu kwenzalo yayo, kodwa uJesu ugibela inkonyane.
Njengoba uJesu engena eJerusalema ngembongolo, isixuku siyanda. Iningi labantu lendlala izingubo zalo zangaphandle emgwaqweni, kuyilapho abanye begawula amagatsha emithini futhi bewendlala phansi. Bayamemeza, “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu.”
Abanye abaFarisi esixukwini bacasulwa yilezimemezelo futhi bayakhononda kuJesu: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.” Kodwa uJesu uyaphendula: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”
Njengoba uJesu esondela eJerusalema, ubheka umuzi bese eqala ukuwukhalela, ethi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolusuku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.” Ngenxa yokungalaleli kwalo kwangamabomu, iJerusalema kumelwe likhokhe, njengoba uJesu ebikezela:
“Izitha [amaRoma angaphansi kukaJenene Titus] ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho.” Lokhu kubhujiswa kweJerusalema okwabikezelwa uJesu eqinisweni kwenzeka eminyakeni engama-37 kamuva, ngo-70 C.E.
Emasontweni ambalwa ngaphambili, abaningi esixukwini babebone uJesu evusa uLazaru. Manje laba balokhu betshela abanye ngalesosimangaliso. Ngakho lapho uJesu engena eJerusalema, wonke umuzi uyanyakaza. “Ngubani lo?” abantu bafuna ukwazi. Futhi izixuku zilokhu zisho: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.” Bebona lokho okwenzekayo, abaFarisi bayakhala ngokuthi abaphumeleli, ngoba, njengoba besho: “Izwe lonke liyamlandela.”
Njengomkhuba wakhe lapho evakashele eJerusalema, uJesu uya ethempelini ukuyofundisa. Lapho izimpumputhe nezinyonga ziza kuye, futhi uyazelapha! Lapho abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso uJesu azenzayo nalapho bezwa abafana ethempelini bememeza, “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bayathukuthela. “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” bayakhononda.
UJesu uyaphendula, “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso, na?”
UJesu uyaqhubeka efundisa, futhi ubheka zonke izinto ezisethempelini. Ngokushesha, sekuhlwile. Ngakho uyasuka, kanye nabayi-12, uhamba amakhilomitha amathathu futhi ephindela eBethaniya. Lapho uchitha khona ubusuku bangeSonto, ngokunokwenzeka ekhaya lomngane wakhe uLazaru. Mathewu 21:1-11, 14-17; Marku 11:1-11; Luka 19:29-44; Johane 12:12-19; Zakariya 9:9.
◆ UJesu ungena nini futhi kanjani eJerusalema njengeNkosi?
◆ Kubaluleke kangakanani ukuthi izixuku zidumisa uJesu?
◆ UJesu uzizwa kanjani lapho ebheka iJerusalema, futhi isiphi isiprofetho asishoyo?
◆ Yini eyenzekayo lapho uJesu eya ethempelini?