-
UMalusi Omuhle ‘Nalesisibaya’ SakheINqabayokulinda—1984 | Agasti 1
-
-
20. UJohane 10:16 uholela kanjani ekulindelweni kwesinye isibaya esisazoba khona, futhi kungani lokho kumelwe kusithinte?
20 Kepha lapho ecabanga ngalesisibaya sezimvu esisha ngaphansi kukaMalusi Omuhle, phawula ukuthi kuJohane 10:16 uJesu wathi: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha.” Ingabe lokhu akubonisi yini ukuthi wayeyoba nesinye, isibaya sesibili, ayezokhonza kuso njengoMalusi oMuhle? Uma kunjalo, sasiyoba khona nini futhi obani ababeyoba izimvu zaso? Lena imibuzo efika ngesikhathi kakhulu, futhi izimpendulo zayo zingathinta ngokuqondile ithemba lakho namathemba alindelwe aphakade. Ngakho ake sihlole lendaba.
-
-
Isibaya Samuva ‘Sezinye Izimvu’INqabayokulinda—1984 | Agasti 1
-
-
Isibaya Samuva ‘Sezinye Izimvu’
“Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.”—JOHANE 10:16.
1. Ikuphi ukunezela ngokuphathelene nesibaya sezimvu sikaIsrayeli ongokomoya okwenzeka ngo-36 C.E.?
NGOKUQALISWA kwesibaya sezimvu esisha sikaIsrayeli ongokomoya ngosuku lwePentekoste ngo-33 C.E., isibaya sakuqala samaJuda emvelo ngaphansi kwesivumelwano soMthetho kaMose saphela njengesasiyifezile injongo yaso. Eminyakeni emithathu nengxenye kamuva kwafika ukuphenduka, ukubhapathizwa nokugcotshwa ngomoya kwenduna yekhulu yamaRoma uKorneliyu nomkhaya wayo okholwayo nabangane eKesariya. Kanjalo abezizwe ababengaphendukele kumaJuda, abangasokiwe, bangeniswa esibayeni uJesu Kristu ‘ayisango’ laso. (IzEnzo, isahluko 10) Lesisibaya sivalela “uIsrayeli kaNkulunkulu,” amaIsrayeli ngokomoya, noma amaIsrayeli angokomoya. Kungashiwo-ke yini nganoma ibaphi balaba—umJuda noma oweZizwe—ukuthi ‘abasibo abalesisibaya’—isibaya esabuthwa ngokwelungiselelo lesivumelwano esisha? Phinde neze!—Galathiya 6:16; Johane 10:16.
2. UJesu usakhonza kanjani njengoMalusi Omuhle walabo abasesivumelwaneni esisha?
2 Kulesikhathi esesidonse kangaka namuhla kunensali yaloIsrayeli kaNkulunkulu esesemhlabeni, okuyiqiniso elibonisa ukuthi uJesu Kristu, uMlamuleli wesivumelwano esisha, ubelokhu enguMalusi Omuhle noThembekile. Ngakho-ke ngisho nanamuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kwamakhulu ayi-19, uJesu Kristu okhazinyulisiwe, ngaphandle kokuzigabisa, angase akusho ngokufanelekile lokho akusho ngaphambi kokufa nokuvuswa kwakhe, futhi sikufunda kuJohane 10:14, 15: “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba [uMalusi oPhakeme] uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.”
3, 4. Kungani “ezinye izimvu” kumelwe zihluke ‘emhlambini omncane’?
3 Kuleliphuzu uJesu waqhubeka washo amazwi aphawulekayo kodwa abonisa isihe: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Johane 10:16) Wayebhekisela kobani ‘njengezinye izimvu’?
4 Njengoba lezo “ezinye izimvu” zazingesizo “ezalesisibaya,” kwakungamelwe zihlanganiswe kuIsrayeli kaNkulunkulu, omalungu awo anefa elingokomoya noma lasezulwini. Okungenani loIsrayeli ongokomoya wayeyokwakha “umhlambi omncane,” ngoba, uJesu wathi kubafundi bakhe ababezothululelwa umoya ongcwele ngePentekoste: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.” (Luka 12:32) Umhlambi omncane wezimvu ozonikezwa uMbuso wasezulwini futhi ozobusa noMalusi Omuhle, uJesu Kristu, kulowoMbuso, inani lawo liyoba ngamaIsrayeli angokomoya ayizi-144 000 kuphela.—IsAmbulo 7:1-8; 14:1-5.
5. Ungasisebenzisa kanjani isAmbulo 14:4 ukubonisa ukuthi ezinye izimvu ngokunengqondo zinethemba elihlukile kwelomhlambi omncane?
5 IsAmbulo 14:4 sithi: “Labo bathengwa ebantwini, babe-lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.” Kwakungenzeka kanjani ukuba lawomaIsrayeli angokomoya ayizi-144 000 abe izithelo zokuqala ezingokomfanekiso ezivela phakathi kwesintu uma zingenakuba khona ezinye izithelo, kungekho zithelo zamuva? Khona-ke ngokungaguqukiyo, ngaphandle kwamaIsrayeli angokomoya ayizi-144 000 enza umhlambi omncane wezimvu zasebukhosini ezisesibayeni sezimvu sesivumelwano esisha, kumelwe kube khona ezinye izimvu okumelwe zibuthwe kamuva. Futhi kuye kwaba kanjalo, akunjalo?
6, 7. IsAmbulo 22:17 sigcwaliseka kanjani, futhi obani lapha abangamenywa neze ukuba ‘beze’?
6 KusAmbulo 22:17 kwabikezelwa ukuthi “umoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” Umlobokazi kaKristu ongokomoya uma ethi “Woza!” akazimemi yena ngokwakhe, okungukuthi, labo uJehova uNkulunkulu asazobadinga ukuze benze ingxenye yesigaba somlobokazi, ukuze kuhlangane izi-144 000. Bekukulesisikhathi “sokuphela kwezwe” esaqala ngo-1914 lapho siye sezwa khona isimemo sidluliswa ‘ngumlobokazi,’ ngokuvumelana nomoya ongcwele kaMalusi oPhakeme.—Mathewu 24:3.
7 Lawomazwi esimemo adluliselwa kubantu lapha emhlabeni, abafuna ukuzuza ukuphila kobuntu okuphelele ngomfanekiso kaNkulunkulu nangokumfuza ePharadesi uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu oyolibuyisela emhlabeni. Namuhla, phakathi nalesiphelo sesimiso sezinto, laba abamenywayo ‘bangezinye izimvu’ zesiprofetho sikaJesu esinokugcwaliseka kwesikhathi eside esikuJohane 10:16. Azisizo “ezalesisibaya” uMalusi Omuhle uJesu asishoyo lapho. Kodwa zamukela isimemo ngensali ‘yezimvu’ ‘ezikulesisibaya,’ futhi ziye zahlangana nensali engokomoya ekumemeni abanye futhi kuze kufike emkhawulweni walesiphelo sesimiso sezinto.
8. Imuphi umbono ngezinye izimvu owathathwa ngo-1905?
8 Kumagazini iZion’s Watch Tower kaMarch 15, 1905, isihloko esasithi “UMalusi Weqiniso, Izimvu Zeqiniso, Isibaya Seqiniso,” sanyatheliswa. Senza umehluko phakathi kwezimvu “zalesisibaya” nalezo ezibizwa ngokuthi ezinye izimvu. Sagcizelela ukuthi “lesisibaya” siphathelene nebandla lamaKristu akhishwa phakathi nesikhathi esibizwa ngokuthi “lenkathi yeVangeli.” Ngaphansi kwezihlokwana ezazithi “Ezinye Izimvu Zomunye Umhlambi” nesithi “Izindlalifa Ezikanye Zesithembiso Esifanayo” (amakhasi 89, 90) kwathiwa:
“Umhlambi iNkosi eyayiwubuthela kuyo ngesikhathi salomfanekiso kwakungeyena uIsrayeli ongokwemvelo, kodwa uIsrayeli ongokomoya. . . Ngakho-ke umbono oye wathathwa ngabanye ngokuthi thina esingabeZizwe noma ‘ezinye izimvu’ ezishiwo manje silethwa esibayeni sinye awuqondile . . . Ngokusobala lezi ‘ezinye izimvu’ ezishiwo kulomfanekiso ziyilabo abazoba izimvu zeNkosi ngemva kokuba ‘umhlambi omncane’ wamanje usuphelele.”
9, 10. (a) Kungani umfanekiso wezimvu nezimbuzi ungenakusebenza phakathi neminyaka eyinkulungwane? (b) Ezinye izimvu zaziyobuthwa nini?
9 Esigabeni samuva salesosihloko “ezinye izimvu” zifaniswa ‘nezimvu’ ezichazwa emfanekisweni kaJesu wezimvu nezimbuzi, njengoba ulotshwe kuMathewu 25:31-46. Ngonyaka ka-1905 kwakucatshangwa ukuthi lowomfanekiso wawuyosebenza phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu ngemva ‘kokulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ endaweni yempi yaseHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14-16) Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi umfanekiso wezimvu nezimbuzi wawuyingxenye yokugcina yempendulo kaJesu embuzweni wabafundi wokuthi sasiyoba yini isibonakaliso ‘sokuba-khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3, NW) Ngakho ukugcwaliseka kwalomfanekiso kumelwe kubonakale phakathi nalesisiphelo sesimiso sezinto esaqala ngonyaka ka-1914.
10 Khona-ke kuyaqondakala ukuthi uMalusi Omuhle uJesu Kristu akazange aqhubeke angenise “ezinye izimvu” zikaJohane 10:16 ngekhulu lokuqala leminyaka lapho amaSamariya asokiwe eqala ukuphendulelwa ebuKristwini. Akenzanga kanjalo futhi lapho induna yekhulu engumRoma, oweZizwe ongasokiwe uKorneliyu, ephendulwa cishe ngo-36 C.E. Khona-ke, kunini lapho uMalusi Omuhle aqala khona ukubuthela ndawonye ezinye izimvu zakhe? Emakhulwini amaningi eminyaka kamuva, yebo, kulelikhulu lama-20 leminyaka, ngokwamaqiniso endaba.—IzEnzo 8:4-17; 10:9-48.
11. AmaIsrayeli angokomoya ayematasatasa ngani kuze kube ngo-1935?
11 Siyaphawula ukuthi kuze kube sentwasahlobo yonyaka ka-1935 insali yamaIsrayeli agcotshiwe “yalesisibaya” yayimatasa ngokubuthela kulesosibaya, abokugcina abadingekayo ukuze bahlanganise inani eligcwele lamalungu ayizi-144 000 zamaIsrayeli angokomoya. Laba babeyoba ngabokugcina abayofakwa ngaphansi kwesivumelwano esisha njengoba sinomkhulumeli onguMalusi Omuhle, owafa njengeWundlu likaNkulunkulu ukuze alungiselele “igazi lesivumelwano esimiyo njalo.” (Heberu 13:20; IHubo 50:5) Khona-ke, yini eyenzeka ngo-1935?
12. Iyiphi into engavamile eyenzeka ngokuphathelene nomhlangano ngo-1935?
12 Umhlangano ovamile woFakazi BakaJehova wabizelwa ndawonye enhlokodolobha yaseUnited States of America, eWashington, D.C., lapho abaFundi BeBhayibheli abesaba uNkulunkulu ababefana noJonadaba owayengesiye umIsrayeli bamenywa ngokukhethekile ukuba babe khona. Ngosuku lwesibili lomhlangano, ngoMay 31, owayengumongameli wangalesosikhathi weWatch Tower Bible and Tract Society, wahlaba umxhwele ababesemhlanganweni ngenkulumo yakhe ngesAmbulo 7:9-17, ngokuphathelene ‘nesixuku esikhulu.’ (IsAmbulo 7:9) Wachaza ukuthi ‘lesixuku esikhulu’ esabikezelwa kwakumelwe senziwe isigaba ‘sezinye izimvu,’ lezo ezafanekiselwa uJonadaba noma uJehonadaba, indoda eyayingeyena umIsrayeli eyahambisana noJehu inkosi yakwaIsrayeli, ekubonakaliseni ukushisekela uJehova ngokumelene nabakhulekeli bakankulunkulu wamanga uBali. (2 AmaKhosi 10:15-28; Jeremiya 35:6-19) Ngaleyondlela uJehu wabonisa ukuthi ‘akanakububekezelela ubutha ngakuJehova,’ ngokweNew World Translation noma “ukushisekela uJehova.”—2 AmaKhosi 10:16.
13, 14. (a) Obani ababa amaJonadaba osuku lwanamuhla? (b) Yini eyayifaneleka ngabo ukuyenza, futhi ngani?
13 Amakhulu alabo ababefuna ukufana noJonadaba futhi babe phakathi ‘kwezinye izimvu’ zikaMalusi Omuhle basabela esimemweni esanyatheliswa futhi baba khona emhlanganweni waseWashington. Ukuze babe amaJonadaba osuku lwanamuhla angokomfanekiso kwakudingeka ngokomBhalo ngabo ukuba bazinikezele ngokuphelele kuJehova uNkulunkulu ngoMalusi wakhe Omuhle futhi babonakalise lokhu kuzinikezela ngokucwiliswa ngokuphelele emanzini, ngokufanayo nje njengoba “izimvu” “zalesisibaya” zazenzile. Khona-ke, kwathi ngoMgqibelo, ngoJune 1, 1935, kwakunabangama-840 ababesemhlanganweni ababhapathizwa emanzini, kufana nobhapathizo lwabantu abaningi olwenzeka ngosuku lwePentekoste ngonyaka ka-33 C.E. eJerusalema. Yeka indlela okwahlaba umxhwele ngayo, kwaba yisiqalo esihle ngoMalusi Omuhle ukuba abonise ukuthi manje wayeselungele ukuletha ngaphansi kokunakekela kwakhe kokwalusa ezinye izimvu ezaziyolalela izwi lakhe njengelikaMalusi ezizikhethele yena! Yeka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwaba injabulo kanjani kuyena! Ngemva komhlangano ka-1935 waseWashington, inkulumo eyisihluthulelo ekuchazeni isAmbulo 7:9-17 yanyatheliswa ezinhlwini zomagazini INqabayokulinda yesiNgisi, abakhishwa ngoAugust 1, no-15, 1935, ngaphansi kwesihloko esithi “Isixuku Esikhulu” (Izingxenye 1 no-2).
14 Izigidigidi zabafundi ngalesosikhathi zalibona ilungelo lazo langempela lokuba ezinye izimvu zikaMalusi Omuhle nelokuba sesibayeni esifanelekile. Ngenxa yalokho zabhapathizwa ngethuba lokuqala elavela ekuboniseni ukuzinikezela okuhlakaniphile ezazikwenzile kuMalusi oPhakeme ngoMalusi wakhe Ongaphansi uJesu Kristu. Njengoba ziqaphela ukuthi uMalusi kaJehova Ongaphansi wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu ngenxa yazo zonke izimvu, ngalokho ‘ziye zahlanza izingubo zazo,’ ezizibonakalisayo “egazini” ‘laleliWundlu’ likaNkulunkulu futhi ‘zazenza zabamhlophe’ ukuze zikwazi ukuphumelela ekuhlolweni kwaphezulu.—IsAmbulo 7:14.
15. Ezinye izimvu ziye zaba ziningi kangakanani, futhi lokhu kufakazelani?
15 Isiphelo sesimiso sezinto, esaqala ekupheleni kweZikhathi ZabeZizwe ngo-1914, asizange siphele ngo-1935 ngenxa yokuthi uMalusi Omuhle waphendulela ukunakekela kwakhe kokusindisa ukuphila kwezinye izimvu. Kodwa siye saqhubeka kuze kube yilonyaka ka-1984, nokuphela okusazofinyelelwa ngemva kokuba ukushumayela kokugcina ngoMbuso sekufeziwe. Kakade labo abazibonakalisa besesibayeni sezinye izimvu ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa bayizigidi, kanye nabanye abangenakubalwa abasesendleleni yokungena esibayeni. Kakade balidlula kude kakhulu inani labagcotshwa kusengaphambili abayizi-144 000, okuyinani elilinganiselwe eliye labekelwa labo abangeniswa ‘kulesisibaya’ esigcinelwe amaIsrayeli angokomoya, izindlalifa kanye noMalusi Omuhle eMbusweni wakhe wasezulwini. Leliqiniso linikeza ubufakazi obuqhubekayo bokuthi abekho kulesisibaya ‘somhlambi omncane’ kaMalusi Omuhle.—Luka 12:32.
16, 17. (a) Buyini ubuhlobo phakathi kwezinye izimvu nomhlambi omncane? (b) Amazwi kaJesu okuba “mhlambi munye” aye athola kuphi ukugcwaliseka?
16 Ingabe ukungafani kwamathemba—ithemba lasezulwini lezimvu ‘ezikulesisibaya’ nethemba lasemhlabeni lezinye izimvu ezikwesinye isibaya esisanda kulungiselelwa—kuye kwazithonyela ukuba zihlukane njengokungathi akukho lutho ezingaluhlanganyela ndawonye? Izenzakalo kusukela ngonyaka ka-1935 ziphendula ngokuthi, Phinde Neze! UJesu, uMalusi Omuhle, wabikezela ukuthi kwakungeke kube njalo, ngoba waqhubeka wathi: ‘Ziyakuba-mhlambi munye.’ (Johane 10:16) Siyaqaphela ukuthi akazange athi ‘umhlambi munye esibayeni sinye.’ Kodwa nakuba kungase kube khona izibaya ezihlukene, kwakumelwe kube khona ‘umalusi oyedwa’ kuphela, futhi lona wabonakala enguMalusi oyiNkosi ebusa ezulwini kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Ngokuvumelana naleliqiniso, “izimvu” zinomsebenzi owodwa eziwenza ngokufanayo, ‘wokushumayela lezindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba kube ubufakazi kuzo zonke izizwe,’ ngaphambi kokuphela kwalesisimiso sezinto sezwe elidala.—Mathewu 24:14.
17 Ezinye izimvu azinawo nakancane umuzwa wokuthi zihlukanisiwe nomhlambi omncane. Zizonke, zenza umhlambi munye wezimvu zikaMalusi Omuhle. Ezinye izimvu zijabulela ubudlelwano obuseduze kakhulu nomhlambi omncane, zikubheka njengelungelo elikhulu ukukhonza nalawomakhosi nabapristi besikhathi esizayo, abayoba izikhonzi zabo phakathi noMbuso weminyaka eyinkulungwane.
18. (a) Isikhathi esizayo sisiphatheleni isivumelwano esisha nezimvu ezigcotshiwe ‘ezikulesisibaya’? (b) Ezinye izimvu zinaliphi ithemba?
18 Lapho, ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanelekile, insali yamaIsrayeli angokomoya iqeda inkambo yayo yasemhlabeni, futhi ishintshela emvuzweni wayo wasezulwini, isivumelwano esisha esasisekelwe egazini loMlamuleli, uMalusi Omuhle uJesu Kristu, siyopheza ukusebenza, ngemva kokuba sesiyifezile injongo yaso ngokuphumelelayo. Futhi nokugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngosuku lwePhasika lonyaka ngamunye kuyophela. Futhi “lesisibaya” somhlambi wamaIsrayeli angokomoya ngeke sisaba khona. Ezinye izimvu ezizinikezele, zabhapathizwa ziyoqhubeka zisemhlabeni ukuze zingene ezibusisweni uMbuso ohlanganiswa uMalusi Omuhle, uJesu Kristu nabapristi abangamakhosi abakanye naye abayizi-144 000, oyozehlisela phezu kwazo. Umhlambi oyosala emhlabeni ohlanziwe uyokwenziwa ezinye izimvu ezinobunye kuphela. Ziyoqhubeka zilalela izwi leNkosi enguMalusi wazo, futhi lokhu kuyoholela ekuzuzeni kwabo ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu emhlabeni oyiPharadesi.
-