Lokho Izidalwa ‘Ezihlakaniphe Ngokomzwelo Wemvelo’ Ezingasifundisa Khona
ISIMISO sokulawula izinga lokushisa, uketshezi oluvimbela iqhwa, isimiso sokuqeda usawoti, nesamaza omsindo kuyizinto eziqanjiwe eziye zaziwa kabanzi esintwini ekhulwini lama-20. Nokho, zazikhona phakathi kwezilwane ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambili. Yebo, isintu siyazuza ngokuhlola izidalwa ezinjalo ‘ezihlakaniphe ngokomzwelo wemvelo.’ (IzAga 30:24-28, NW; Jobe 12:7-9) Kubonakala sengathi izilwane ezithile ziye zaba abafundisi besintu abangakhulumi, futhi kungasithakazelisa kakhulu ukuzihlola.
Ingabe singazuza ngokucabangela izici zezilwane ezithile? Phela uJesu Kristu wafanisa abalandeli bakhe nezimvu, izinyoka, amajuba, ngisho nezinkumbi. Yini ayecabanga ngayo lapho efanisa abalandeli bakhe nalezi zidalwa? Ake sibone.
“Izimvu Zami Ziyalilalela Izwi Lami”
EBhayibhelini kukhulunywa ngezimvu izikhathi ezingaphezu kuka-200. Njengoba i-Smith’s Bible Dictionary ichaza, “imvu iwuphawu lobumnene, ukubekezela, nokuthobeka.” Ku-Isaya isahluko 53, uJesu ngokwakhe wafaniswa nemvu ngomqondo ongokwesiprofetho. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba afanise abalandeli bakhe nalesi silwane esifanayo! Kodwa iziphi izici zemvu uJesu ayecabanga ngazo ngokukhethekile?
“Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, futhi nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela,” kusho uJesu. (Johane 10:27) Kanjalo waqokomisa ubumnene babafundi bakhe nokuzimisela kwabo ukumlandela. Izimvu ezingokoqobo ziyamlalela umalusi wazo futhi zimlandela ngokuzithandela. Nomalusi usondelene ngokuseduze nomhlambi.
Umhlambi ungase uhlakazeke edlelweni lapho uklabile, kodwa imvu ngayinye ihlala iseduze nalo lonke iqembu. Ngakho, lapho lezi zilwane zizizwa zingalondekile noma zethukile, “zingashesha ziqoqane ndawonye,” kusho incwadi ethi Alles für das Schaf (Konke Okuphathelene Nezimvu). Uma izimvu zibalekela ingozi, zibaleka njengomhlambi, zibuye zime ukuze zihlole isimo. “Ukubaleka kubuye kumiwe kwenza amawundlu nezilwane ezibuthakathaka zingasileli. Ukuba semhlanjini kuzinikeza ngisho nesivikelo esikhethekile.” Yini esingayifunda kulendlela yokwenza?
AmaKristu eqiniso namuhla awahlakazekile phakathi kwezinhlangano namahlelo eLobukholwa. Kunalokho, aqoqene aba umhlambi owodwa. UmKristu ngamunye uzizwa esondelene ngokomuntu siqu nalomhlambi kaNkulunkulu, futhi lokhu kunengxenye ebunyeni benhlangano yoFakazi BakaJehova. Noma nini lapho kuba nenhlekelele—kungaba ukugula okungathi sína, impi, noma inhlekelele engokwemvelo—umkhulekeli ngamunye usifunaphi isiqondiso nesivikelo? Enhlanganweni kaJehova, enikeza ukulondeka okungokomoya.
Iseluleko seBhayibheli senziwa kanjani ukuba sitholakale? Ngezincwadi ezihlanganisa nomagazini abanjenge-Nqabayokulinda nomngane wayo, i-Phaphama! Labomagazini nemihlangano yobuKristu kunikeza ngisho nosizo olukhethekile kulabo abadinga ukunakekelwa okuthé xaxa, njengamawundlu nezimvu ezibuthakathaka kakhudlwana emhlanjini. Ngokwesibonelo, kunakekelwa abazali abangabodwa nalabo abacindezelekile. Ngakho yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukufunda umagazini ngamunye, ukuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla, nokusebenzisa esikufundayo! Ngokwenza kanjalo sibonisa ubumnene nokusondelana ngokuseduze nomhlambi kaNkulunkulu.—1 Petru 5:2.
“Niqaphile Njengezinyoka Kodwa Nokho Nibe Msulwa Njengamajuba”
I-Smith’s Bible Dictionary ithi: “Kulo lonke elaseMpumalanga inyoka yayisetshenziswa njengophawu lwesimiso sokubi, lomoya wokungalaleli.” Ngakolunye uhlangothi, ukuthi “juba lami” kwakungamazwi okubonisa uthando. (IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:2) Khona-ke, yini uJesu ayecabanga ngayo lapho ekhuthaza abalandeli bakhe ukuba ‘baqaphe njengezinyoka kodwa nokho babe msulwa njengamajuba’?—Mathewu 10:16.
UJesu wayenikeza iziyalezo zokushumayela nokufundisa. Abafundi bakhe babengalindela ukwamukelwa ngezindlela ezihlukahlukene. Abathile babeyobonisa isithakazelo, kanti abanye babeyozenqaba izindaba ezinhle. Abanye babeyozishushisa nokuzishushisa lezi zinceku zikaNkulunkulu zeqiniso. (Mathewu 10:17-23) Kwakufanele basabele kanjani abafundi lapho beshushiswa?
Kwethi Das Evangelium des Matthäus (IVangeli LikaMathewu), uFritz Rienecker uthi ngokuqondene noMathewu 10:16: “Ukuhlakanipha . . . kumelwe kuhambisane nobuqotho, nokungagwegwesi, hleze kwenzeke okuthile okunganikeza izitha izizathu ezifanele zokukhononda. Amanxusa kaJesu aphakathi kwabaphikisi abanonya, abangacabangeli nabahlasela abaphostoli ngokungenasihe nanganoma iliphi ithutshana elivelayo. Ngakho-ke, kudingekile ukuba—njengenyoka—ahlale ebaqaphele abaphikisayo, futhi ahlole isimo ngamehlo nezinzwa eziphapheme; aqhubeke elawula isimo ngaphandle kobuqili noma ukukhohlisa, abe msulwa futhi abe neqiniso ngezwi nangesenzo futhi kanjalo azibonakalise enjengamajuba.”
Yini izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla ezingayifunda emazwini kaJesu atholakala kuMathewu 10:16? Namuhla, abantu basabela ezindabeni ezinhle ngendlela efanayo naleyo ababesabela ngayo ekhulwini lokuqala. Lapho ebhekene noshushiso, amaKristu eqiniso kudingeka ahlanganise ukuhlakanipha kwenyoka nobumsulwa bejuba. AmaKristu awakusebenzisi ukukhohlisa noma ukungathembeki, kodwa awakhohlakele, aqotho, futhi athembekile ekumemezeleni isigijimi soMbuso kwabanye.
Ngokwesibonelo: Abantu emsebenzini, intsha esikoleni, noma ngisho namalungu omkhaya wakho angase akhulume amazwi ahlabayo ngezinkolelo zakho njengoFakazi kaJehova. Ukusabela okusheshayo kungase kube ukuphendula ngendlela efanayo uhlabe izinkolelo zabo. Kodwa ingabe lokho kuwukuba msulwa? Phinde. Uma abagxeki bakho ubabonisa ukuthi amazwi abo awasishintshi isimo sakho esihle, bangase bavele bangabe besakukhathaza. Khona-ke uyobe uhlakaniphile futhi awusoleki—‘uqaphe njengenyoka, kodwa nokho umsulwa njengejuba.’
‘Izinkumbi Zazifana Namahhashi Alungiselelwe Ukulwa’
Umagazini i-GEO ubika ukuthi ngo-1784, iNingizimu Afrika yacekelwa phansi “iqulo [lezinkumbi] elikhulu kunawo wonke okwake kwalotshwa ngawo emlandweni.” Leli qulo lamboza indawo engamakhilomitha-skwele angu-5 200, indawo ecishe ibe nkulu ngokuphindwe kahlanu kunendawo yaseHong Kong. I-Smith’s Bible Dictionary ithi inkumbi “yenza umonakalo osabekayo ezimileni emazweni ewahambelayo.”
Esambulweni sakhe asinikwa uNkulunkulu sezinto ezazizokwenzeka phakathi ‘nosuku lweNkosi,’ uJesu wasebenzisa umbono wequlo lezinkumbi. Ngokuphathelene nazo kwathiwa: ‘Izinkumbi zazifana namahhashi alungiselelwe ukulwa.’ (IsAmbulo 1:1, 10; 9:3-7) Lwalusho ukuthini lolu phawu?
Sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova beqonda ukuthi izinkumbi zesAmbulo isahluko 9 zifanekisela izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe ezisemhlabeni kuleli khulu leminyaka.a LamaKristu aye abelwa umsebenzi okhethekile—ukushumayela isigijimi soMbuso emhlabeni kabanzi nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Lokhu kudinga ukuba banqobe izithiyo futhi banamathele emsebenzini wabo. Yini ebingafanekisela lokhu kangcono kunenkumbi enganqobeki?
Nakuba ingaphezudlwana kwamasentimitha amahlanu ubude, inkumbi ngokuvamile ihamba amakhilomitha ayikhulu kuya kwamabili ngosuku. Inkumbi yasogwadule ingahamba ngisho nebanga elingamakhilomitha ayinkulungwane. I-GEO ichaza ukuthi “amaphiko ayo abhakuza izikhathi ezingu-18 ngomzuzwana ngesikhathi esingaba amahora angu-17 ngosuku—into okungekho esinye isilokazane esikwaziyo ukuyenza.” Yeka umsebenzi omkhulu owenziwa isidalwa esincane kangaka!
Njengeqembu, oFakazi BakaJehova bagxilile ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso. Manje bashumayela emazweni angaphezu kuka-230. Lezi zinceku zikaNkulunkulu zinqoba izinkinga eziningi ukuze zibe nengxenye ekufezeni lomsebenzi. Izinkinga ezinjani ezibhekana nazo? Ezimbalwa nje zazo ukubandlululwa, ukuvinjelwa okungokomthetho, ukugula, ukudumazeka, nokuphikiswa izihlobo. Kodwa akukho lutho oluye lwakwazi ukuvimbela intuthuko yazo. Zinamathela emsebenzini wazo eziwunikwe uNkulunkulu.
Qhubeka Ubonisa Izimfanelo ZobuKristu
Yebo, uJesu wafanisa abalandeli bakhe nezimvu, izinyoka, amajuba, nezinkumbi. Lokhu kuyafaneleka ngempela osukwini lwethu. Ngani? Ngoba ukuphela kwalesi simiso sezinto kuseduze kakhulu, futhi izinkinga zicindezela kakhulu kunanini.
Ekhumbula amazwi kaJesu omfanekiso, amaKristu eqiniso anamathela ngokuseduze emhlanjini kaNkulunkulu futhi ngobumnene amukele iseluleko esivela enhlanganweni kaJehova. Ahlala eqaphile futhi ayaziphaphamela izimo ezingase zicinanise imisebenzi yawo yobuKristu, kuyilapho ehlala engasoleki kuzo zonke izinto. Ngaphezu kwalokho, ayakhuthazela ekwenzeni intando kaNkulunkulu naphezu kwezithiyo. Futhi ayaqhubeka efunda ezidalweni ezithile ‘ezihlakaniphe ngokomzwelo wemvelo.’
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., isahluko 22.