Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 18
  • Ungawabona Kanjani AmaKristu Eqiniso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungawabona Kanjani AmaKristu Eqiniso?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu Eqiniso?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ungayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ungumuntu Onjani UJesu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 18
ISifundo 18. UJesu usho iziqondiso bese ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela behamba ngababili.

ISIFUNDO 18

Ungawabona Kanjani AmaKristu Eqiniso?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Kunezigidi eziningi zabantu ezithi zingamaKristu. Kodwa bonke laba bantu abakholelwa izinto ezifanayo futhi abaphili ngemithetho efanayo. Pho singawabona kanjani amaKristu eqiniso?

1. Angobani amaKristu?

AmaKristu angabafundi noma abalandeli bakaJesu Kristu. (Funda izEnzo 11:26.) Abonakala ngani ukuthi angabafundi bakaJesu? UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela.” (Johane 8:31) Lokhu kusho ukuthi amaKristu eqiniso kumelwe alalele izimfundiso zikaJesu. Ngaso sonke isikhathi, uJesu wayefundisa okushiwo iBhayibheli. AmaKristu eqiniso nawo asekela lokho akukholelwayo eBhayibhelini.​—Funda uLuka 24:27.

2. AmaKristu eqiniso alubonisa kanjani uthando?

UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Nithandane njengoba nje nami nginithandile.” (Johane 15:12) UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabathanda abafundi bakhe? Wachitha isikhathi nabo, wabakhuthaza futhi wabasiza. Waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo. (1 Johane 3:16) Ngendlela efanayo, amaKristu eqiniso awagcini nje ngokukhuluma ngothando. Abonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi ayathandana.

3. AmaKristu eqiniso amatasa ngamuphi umsebenzi?

UJesu wanikeza abafundi bakhe umsebenzi okwakumelwe bawenze. “Wabathuma ukuba bahambe bayoshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:2) AmaKristu okuqala awagcinanga ngokushumayela ezindaweni ayekhonzela kuzo, kodwa ayeshumayela nakwezinye izindawo zomphakathi nasemakhaya abantu. (Funda izEnzo 5:42; 17:17.) Nanamuhla, amaKristu eqiniso ashumayela iqiniso eliseBhayibhelini nomaphi lapho abantu betholakala khona. Ayabathanda abantu, ngakho ngokuzithandela asebenzisa isikhathi sawo namandla ukuze abatshele umyalezo oseBhayibhelini wethemba nenduduzo.​—Marku 12:31.

FUNDA OKWENGEZIWE

Cabanga ngalokho okwenza amaKristu eqiniso ahluke kubantu abangakulandeli lokho uJesu akufundisa nakwenza.

4. Afuna ukwazi iqiniso eliseBhayibhelini

AmaKristu amabili ekhulu lokuqala abheka amaqiniso eBhayibheli ngokuhlola umqulu.

AmaKristu okuqala ayelithanda iZwi likaNkulunkulu

Akubona bonke abathi bangamaKristu abakubona kubalulekile ukwazi iqiniso eliseBhayibhelini noma ukuphila ngalo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Indlela UbuKristu Obonakaliswa Ngayo (5:11)

  • Amasonto athi angawobuKristu ahluleke kanjani ukufundisa lokho uJesu akufundisa?

UJesu wafundisa iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Fundani uJohane 18:37, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJesu wathi singawabona kanjani amaKristu “asohlangothini lweqiniso?”

5. Ashumayela iqiniso eliseBhayibhelini

AmaKristu ekhulu lokuqala ashumayeza abantu emizini yabo.

AmaKristu okuqala ayeshumayela kwabanye

Ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini, wanika abafundi bakhe umsebenzi osaqhubeka nanamuhla. Fundani uMathewu 28:19, 20 nezEnzo 1:8, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Umsebenzi wokushumayela wawuzokwenziwa ngezinga elingakanani?

6. Ayakwenza lokho akushumayelayo

Yini eyaqinisekisa indoda okuthiwa uTom ukuthi yayithole amaKristu eqiniso? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

IVIDIYO: Ngayiyeka Inkolo (5:20)

  • Kule vidiyo, yini eyabangela uTom wangabe esafuna ukuzihlanganisa nenkolo?

  • Yini emenza aqiniseke ngokuthi uselitholile iqiniso?

Izenzo zisho lukhulu kunamazwi. Fundani uMathewu 7:21, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini ebaluleke kakhulu kuJesu​—yilokho esithi siyakukholelwa noma yilokho esikwenzayo?

7. AmaKristu eqiniso ayathandana

Umndeni wamaKristu wangekhulu lokuqala ulethela abakholwa nawo obhasikidi abanokudla.

AmaKristu okuqala ayethandana

AmaKristu aye akubeka yini ukuphila kwawo engozini ngenxa yamanye amaKristu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

IVIDIYO: Wayezimisele Ukumfela (2:55)

  • Kule vidiyo, yini eyashukumisela uLloyd ukuba afake ukuphila kwakhe engozini ngenxa kaMfoweth’uJohansson?

  • Ucabanga ukuthi wenza ngendlela umKristu weqiniso okufanele enze ngayo?

Fundani uJohane 13:34, 35, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Abafundi bakaJesu (amaKristu eqiniso) kwakufanele babaphathe kanjani abantu bolunye uhlanga noma besinye isizwe?

  • Babezokwenza kanjani lokho uma kunempi?

ABANYE ABANTU BATHI: “AmaKristu enze izinto ezimbi kakhulu​—kungashiwo kanjani-ke ukuthi inkolo yawo eyeqiniso?”

  • Yimuphi umBhalo ongawufundela umuntu ukuze umbonise ukuthi singawabona kanjani amaKristu eqiniso?

UKUBUYEKEZA

AmaKristu eqiniso alalela lokho okufundiswa iBhayibheli, abonisa uthando oluhilela ukuzidela, ashumayele neqiniso eliseBhayibhelini.

Ufundeni?

  • AmaKristu eqiniso akusekelaphi lokho akukholelwayo?

  • Iyiphi imfanelo amaKristu eqiniso abonakala ngayo?

  • Yimuphi umsebenzi owenziwa amaKristu eqiniso?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ngeqembu labantu elizama ukulandela isibonelo sikaJesu Kristu nalokho akufundisa.

OFakazi BakaJehova​—Singobani? (1:13)

Funda ukuthi yini eyenza indela yafuna “abantu abakhonza uNkulunkulu.”

“Yonke Imibuzo Yami Bayiphendula NgeBhayibheli” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2014)

Funda ukuthi amaKristu eqiniso alutshengisa kanjani uthando kwabakholwa nawo abadinga usizo.

Ukusiza Abafowethu Lapho Kugadla Inhlekelele​—Isiqeshana (3:57)

Hlola lokho amaKristu okuqala akwenza, nalokho okwenziwa amaKristu eqiniso anamuhla, okuhambisana nalokho uJesu athi abafundi bakhe babeyobonakala ngakho.

“Ungawabona Ngani AmaKristu Eqiniso? (INqabayokulinda, Mashi 1, 2012)

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela