Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Uhambo Lomusa Oluya EJudiya
EMASONTWENI ambalwa ngaphambili, phakathi noMkhosi Wokuhlanjululwa Kwethempeli eJerusalema, amaJuda ayezame ukubulala uJesu. Ngakho waya ngasenyakatho, ngokusobala endaweni engekude noLwandle lwaseGalile.
Muva nje, ubelibangise eningizimu futhi eqondé eJerusalema, eshumayela endleleni emizaneni yasePereya, isigodi esingasempumalanga yomfula iJordani. Usanda kuqeda nje ukulandisa ngomfanekiso wesicebi noLazaru. Manje uyaqhubeka efundisa abafundi bakhe izinto ayezifundise eseseGalile.
Ngokwesibonelo, uthi kwakuyoba ngcono kakhulu ngomuntu “ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle” kunokuba akhubekise omunye ‘wabancinyane’ bakaNkulunkulu. Futhi ugcizelela isidingo sokuthethelela, echaza: “Noma [umfowenu] ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: Ngiyaphenduka, womthethelela.”
Lapho abafundi becela, “Yandisa ukukholwa kwethu,” uJesu uyaphendula: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulomthombe: Simbuka, utshaleke elwandle, ubuyakunilalela.” Ngakho ngisho nokholo oluncane lungafeza izinto ezinkulu.
Ngokulandelayo, uJesu ulandisa ngesimo esenzeka ngempela esifanekisela isimo sengqondo esifanele ngenceku kaNkulunkulu umninimandla onke. “Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo,” kuphawula uJesu, “athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle? Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena, na? Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na? Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.” Ngakho, izinceku zikaNkulunkulu akufanele zibe nomuzwa wokuthi zenzela uNkulunkulu umusa ngokumkhonza. Kunalokho, kufanele ngaso sonke isikhathi zikhumbule ilungelo ezinalo lokumkhonza njengamalungu athenjwayo endlu yakhe.
Ngokusobala isithunywa sifika ngokushesha nje ngemva kokuba enikeze lomfanekiso. Sithunywe ngoMariya noMarta, odadewabo bakaLazaru, abahlala eBethaniya laseJudiya. “Nkosi, bheka, to omthandayo uyagula.” kulandisa isithunywa.
UJesu uyaphendula: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” Ngemva kokuhlala izinsuku ezimbili lapho ekhona, uJesu uthi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Nokho, bayamkhumbuza: “Rabi, abaJuda basand’ ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”
“Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na?” kubuza uJesu ebaphendula. “Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwalelizwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”
Lokho uJesu akushoyo ngokusobala ukuthi ‘amahora emini,’ noma isikhathi uNkulunkulu asimisele inkonzo yakhe yasemhlabeni, awakapheli, akukho muntu ongamlimaza kuze kube yilapho ephela khona. Udinga ukusisebenzisa ngokugcwele isikhathi ‘semini’ esifushane esimsalele, ngoba kamuva kuzofika ‘ubusuku’ lapho izitha zakhe ziyobe zimbulele.
UJesu uyanezela: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”
Ngokusobala becabanga ukuthi uLazaru uphumule ebuthongweni nokuthi lokhu kuyisibonakaliso esiqondile sokuthi uzolulama, abafundi bayasabela: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.”
Khona-ke uJesu ubatshela ngokungagwegwesi: “ULazaru ufile; ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”
Eqaphela ukuthi uJesu angase abulawe eJudiya, nokho efisa ukumsekela, uTomase ukhuthaza abafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”Ngakho befaka ukuphila kwabo engozini, abafundi baphelezela uJesu kuloluhambo lomusa oluya eJudiya. Luka 13:22; 17:1-10; Johane 10:22, 31, 40-42; 11:1-16.
◆ UJesu ubeshumayela kuphi muva nje?
◆ Yiziphi izimfundiso eziphindwa uJesu,futhi isiphi isimo esenzeka ngempela asichazayo ukuze afanekisele liphi iphuzu?
◆ Iziphi izindaba ezitholwa uJesu, futhi usho ukuthini ‘ngemini’ ‘nangobusuku’?
◆ Usho ukuthini uTomase uma ethi, ‘Asihambe ukuze sife kanye naye’?