-
Kwenzekani Lapho Umuntu Eshona?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
3. Funda iqiniso ngesimo sabantu asebashona
Emhlabeni wonke, abantu banezinkolelo ezihlukahlukene ngokuthi kwenzekani lapho umuntu eshona. Akunakwenzeka ukuthi konke abakushoyo kuyiqiniso.
Ngakini, abantu bathi kwenzekani kumuntu lapho eseshonile?
Ukuze ubone ukuthi iBhayibheli lifundisani, dlalani IVIDIYO.
Fundani umShumayeli 3:20, bese nixoxa ngale mibuzo:
Leli vesi lithi kwenzekani lapho umuntu eseshonile?
Ikhona yini ingxenye yomuntu engafi lapho eshona?
IBhayibheli lisitshela ngokufa kukaLazaru, umngane kaJesu omkhulu. Njengoba ufunda uJohane 11:11-14, phawula ukuthi uJesu wathi kwenzekeni kuLazaru. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:
UJesu wakuqhathanisa nani ukufa?
Lokho kusitshelani ngokuthi kwenzekani kubantu asebeshonile?
Uzizwa kanjani ngalokho okushiwo iBhayibheli ngokufa?
-
-
Abantu Obathandayo Asebashona Bangaphinde Baphile!Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
4. UJesu wabonisa ukuthi uyakwazi ukuvusa asebashona
Funda okwengeziwe ngalokho uJesu akwenzela umngane wakhe uLazaru. Fundani uJohane 11:14, 38-44, bese nixoxa ngale mibuzo:
Sazi kanjani ukuthi uLazaru wayefe ngempela?—Bheka ivesi 39.
Ukube uLazaru wayeye ezulwini, ucabanga ukuthi uJesu wayengambuyisa azophila lapha emhlabeni?
-