Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe ukujabulele ukufunda omagazini bamuva beNqabayokulinda? Khona-ke, ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:
◻ Njengoba izingelosi ezingalalelanga zayiswa eTartarus, lokhu kuye kwasho ukuthini ngazo? (2 Petru 2:4)
Azisenandawo enhlanganweni kaJehova engcwele futhi manje zahlukanisiwe nokukhanya kwaphezulu. Nokho, zisasebenza ngaphansi kokuqondisa kukaSathane futhi ziyaqhubeka zisebenzelana eduze nabantu, zizama ukulawula amadoda, abesifazane, ngisho nabantwana. (IsAmbulo 12:12, 17)—4/15, ikhasi 14.
◻ Kungani kubalulekile ‘ukuzonda okubi’ emehlweni kaJehova? (IHubo 97:10)
Labo abakuzondayo okubi ngeke bafune izindlela zokukwenza. Ngakolunye uhlangothi, abantu abangakuzondi bangase bangakwenzi ngokoqobo kodwa babe befisa sengathi bangahlanganyela ezintweni ezimbi.—4/15, ikhasi 21.
◻ Emfanekisweni kaJesu wamatalenta, yisiphi isifundo esingathi sína esinikezwa bonke abathi bangabalandeli bakaKristu? (Mathewu 25:14-30)
Kumelwe basebenze ukuze bandise impahla yeNkosi yabo yasezulwini ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. Kungalesosikhathi kuphela lapho bengaqiniseka khona ngokuthola ukunconywa nokuvuzwa uJesu. Ngaleyondlela bagwema ukuphonswa ebumnyameni ngaphandle nokubhujiswa ekugcineni.—5/1, ikhasi 9.
◻ Wayesho ukuthini uJesu lapho etshela abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Ungasingenisi ekulingweni”? (Mathewu 6:13)
Lamazwi akumelwe aqondwe njengachaza ukuthi uJehova usilingela ukuba sone. Kunalokho, thina ngokwethu, singacela uJehova ukuba angasivumeli ukuba sihlehle lapho silingwa noma sicindezelwa ukuba singamlaleli. Singanxusa uBaba wethu ukuba aqondise izinyathelo zethu ukuze singabikho isilingo esisificayo esinzima kakhulu ukuba sisithwale. (1 Korinte 10:13)—5/15, ikhasi 19.
◻ Ingabe kufanelekile ukuba umKristu amukele ingxenye yegazi, njengeglobulin evikela ezifweni noma ialbumin?
Esabela emthethweni kaNkulunkulu, amaKristu awakwamukeli ukumpontshelwa ngezingxenye eziyinhloko zegazi—iplasma, izinhlayiya ezibomvu, izinhlayiya ezimhlophe, noma amaplatelet. Nokho, abanye boFakazi BakaJehova baye bezwa onembeza bebavumela ukuba bajovwe ngenye yezingxenye ezincane zamaprotheni eplasma. Ngokuthakazelisayo, amanye alamaprotheni ngokwemvelo asuka emzileni wegazi wowesifazane okhulelwe aye esimisweni esihlukile segazi lombungu wakhe.—6/1, amakhasi 30, 31.
◻ Iyiphi injongo eyafezwa ukugeza kukaJesu izinyawo zabafundi bakhe ngePhasika lokugcina?
UJesu wayefundisa abafundi bakhe isifundo sokuthobeka. Akekho okumelwe afune ukuba phambili, ecabanga ukuthi ubalulekile. Kunalokho, bonke kumelwe balandele isibonelo sikaJesu futhi bazimisele ukukhonza omunye nomunye ngaphandle kokukhetha, kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi uyisicefe noma uphansi kangakanani. (Johane 13:12-17)—6/15, ikhasi 9.
◻ Kungamuphi umqondo amaJuda aseBereya ‘ahlolisisa’ ngawo imiBhalo? (IzEnzo 17:11)
Akukhona ukuthi abaseBereya babemngabaza uPawulu nesigijimi asiletha kubo, kodwa bahlola ukuze babone ukuthi uJesu wayenguMesiya. Ukuthi abaningi babo baba amakholwa kubonisa ukuthi isisusa sabo sasingeseqiniso. (IzEnzo 17:12)—6/15, ikhasi 18.
◻ Yayiyini ‘incwadi yeziMpi zikaJehova’? (Numeri 21:14)
Lena yayiwumlando othembekile wezimpi zikaNkulunkulu elwela abantu bakhe. Ngokunokwenzeka yaqala ngokunqoba kuka-Abrahama abahlaseli abahlomile beZwe Lesithembiso njengoba kulotshwe kuGenesise isahluko 14. Isiphetho esihle sencwadi siyoba “impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16, qhathanisa neNW)—7/1, amakhasi 20, 22.
◻ IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lisisiza kanjani ukuba sikhuthazelele ubuhlungu?
IBhayibheli lisitshela ukuthi kungani uJehova evumele ubuhlungu, futhi lisiqinisekisa ukuthi ngokushesha ubuhlungu buzophela. (Roma 5:12; IsAmbulo 21:1-5)—7/15, amakhasi 4, 5.
◻ Abantu bakaNkulunkulu namuhla ‘bangayibonakalisa kanjani inkazimulo [kaJehova] njengasesibukweni’? (2 Korinte 3:18)
Inkazimulo kaNkulunkulu ikhanya ‘ngezindaba ezinhle ezikhazimulayo ngoKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.’ OFakazi BakaJehova babonakalisa lenkazimulo ngokukhuluma ngenkazimulo kaJehova nenkazimulo yoMbuso wakhe ngeNdodana yakhe. (2 Korinte 4:4-6)—7/15, amakhasi 15, 16.
◻ Umuntu kumelwe abhapathizwe nini?
Ubhapathizo luyisinyathelo umuntu asithatha lapho esezinikezele ngokuphelele, ngokungagodli, nangokungenamibandela kuJehova ngoKristu Jesu ukuba enze intando kaNkulunkulu.—8/1, ikhasi 14.