Izwi LikaJehova Liyanqoba!
“Izwi likaJehova landa ngamandla futhi lanqoba.”—IZENZO 19:20, “NW.”
1. Yini ezohlanganiswa kulesifundo sencwadi yeBhayibheli yezEnzo Zabaphostoli?
UJEHOVA wayevula umnyango oya emsebenzini. Ikakhulukazi uPawulu, “umphostoli wabezizwe,” wayezohola kulowomsebenzi. (Roma 11:13) Ngempela, lapho sizitadisha ngokuqhubekayo izEnzo Zabaphostoli simthola ehileleke ohambweni oluvusa amadlingozi lobuthunywa bevangeli.—IzEnzo 16:6–19:41.
2. (a) Umphostoli uPawulu wakhonza kanjani njengomlobi ophefumlelwe ngokwaphezulu kusukela cishe ngo-50 C.E. kuya ku-56 C.E.? (b) Yini eyenzeka njengoba uNkulunkulu ebusisa inkonzo kaPawulu neyabanye?
2 UPawulu futhi wayengumlobi ophefumlelwe ngokwaphezulu. Kusukela cishe ngo-50 C.E. kuya ku-56 C.E., waloba eyoku-1 neyesi-2 Thesalonika eseKorinte, eyabaseGalathiya ekulowomuzi noma eAntiyokiya yaseSiriya, eyoku-1 Korinte ese-Efesu, eyesi-2 Korinte eseMakedoniya, neyabaseRoma eseKorinte. Futhi njengoba uNkulunkulu abusisa inkonzo kaPawulu neyabanye, “izwi likaJehova landa ngamandla futhi lanqoba.”—IzEnzo 19:20.
Ukusuka EAsiya Kuya EYurophu
3. UPawulu nabangane bakhe basibeka kanjani isibonelo esihle ngokuqondene nokuqondisa komoya ongcwele?
3 UPawulu nabangane bakhe babeka isibonelo esihle ekwamukeleni ukuqondisa komoya ongcwele. (16:6-10) Mhlawumbe ngezambulo ezizwakalayo, ngamaphupho, noma ngemibono, umoya wabavimbela ukuba bashumayele esifundeni saseAsiya nasesifundazweni saseBithiniya, ezafinyelelwa kamuva nezindaba ezinhle. (IzEnzo 18:18-21; 1 Petru 1:1, 2) Kungani umoya wakuvimbela ukungena khona ekuqaleni? Izisebenzi zazimbalwa, futhi umoya wabaqondisa ukuba baye emasimini athelayo aseYurophu. Ngakho namuhla, uma indlela yokungena ensimini ethile ivalekile, oFakazi BakaJehova bashumayela kwenye indawo, beqiniseka ukuthi umoya kaNkulunkulu uyobaholela kwabanjengezimvu.
4. Kwaba yini ukusabela embonweni kaPawulu wendoda yaseMakedoniya eyayinxusa usizo?
4 UPawulu nabangane bakhe babe ‘sebedlula’ eMisiya, esifundeni esiseAsia Minor, njengensimu yezithunywa zevangeli. Nokho, embonweni uPawulu wabona indoda yaseMakedoniya icela usizo. Ngakho lezithunywa zevangeli ngokushesha zaya eMakedoniya, isifunda esiseNhlonhlweni yeBalkan. Ngokufanayo, oFakazi abaningi baqondiswa umoya ukuba manje bakhonze lapho indingeko yabamemezeli boMbuso inkulu khona.
5. (a) Kungani kungase kuthiwe izwi likaJehova lanqoba eFilipi? (b) OFakazi banamuhla abaningi bafana ngayiphi indlela noLidiya?
5 Izwi likaNkulunkulu lanqoba eMakedoniya. (16:11-15) Ngokusobala iFilipi, ikoloni elihlalwa ikakhulukazi izakhamuzi ezingamaRoma, ngokusobala yayinamaJuda ambalwa futhi lingenasinagoge. Ngakho abazalwane baya lapho “babevama ukukhuleka khona” eceleni komfula ngaphandle komuzi. Phakathi kwabatholakala lapho kwakunguLidiya, ngokunokwenzeka umproselithe ongumJuda waseThiyathira, umuzi oseAsia Minor owawaziwa ngemboni yawo yokushintsha imibala yezinto. Wayethengisa udayi onsomi (purple) noma izindwangu nezimpahla ezifakwe lowombala. Ngemva kokuba uLidiya nabendlu yakhe sebebhapathiziwe, wangenisa izihambi ngenkuthalo kangangokuthi uLuka wabhala: “Wasicindezela.” Siyabonga ngokuba nodade abanjalo namuhla.
Umgciniziboshwa Uba Yikholwa
6. Umsebenzi wobudemoni waholela kanjani ekuboshweni kukaPawulu noSila eFilipi?
6 Kumelwe ukuba uSathane wathukuthela ngenxa yalezenzakalo ezibangelwa umoya eFilipi, ngoba umsebenzi wobudemoni lapho waholela ekuboshweni kukaPawulu noSila. (16:16-24) Izinsuku eziningi babelandelwa intombazane ‘eyayinomoya wobungoma’ (ngokwezwi nezwi, “umoya wenhlwathi”). Kungenzeka ukuthi lelidemoni lazenza uApholo wasePytho, unkulunkulu okuthiwa wabulala inyoka okuthiwa ipyʹthon (inhlwathi). Lentombazane yayilethela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. Phela, kungenzeka yayitshela abalimi ukuthi batshale nini, ukuthi izintombi zishade nini, nabavukuzi ukuthi balifune kuphi igolide! Yayilokhu ilandela abazalwane imemeza: “Lababantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.” Kungenzeka idemoni layenza isho lokhu ukuze kubonakale sengathi ukubikezela kwayo kuphefumlelwe ngokwaphezulu, kodwa amademoni awanalo ilungelo lokumemezela ngoJehova nangelungiselelo lakhe lokusindisa. Lapho uPawulu esekhathele yiloluhlupho, walixosha idemoni ngegama likaJesu. Umsebenzi wabo sewonakele, abaniniyo bahudulela uPawulu noSila esigcawini, lapho bashaywa khona ngezinduku. (2 Korinte 11:25) Ngemva kwalokho bafakwa ejele izinyawo zabo zafakwa ezitokisini zamapulangwe. Izikotisi ezinjalo zazilungiswa ukuze imilenze yomuntu idonseke ihlukane, kube buhlungu kakhulu.
7. Ukuboshwa kukaPawulu noSila eFilipi kwaholela ekubusisweni kobani futhi kanjani?
7 Lokhu kuboshwa kwaholela ezibusisweni kumgciniziboshwa nomkhaya wakhe. (16:25-40) Cishe phakathi kwamabili uPawulu noSila babethandaza futhi bedumisa uNkulunkulu ngengoma, beqiniseka ukuthi wayenabo. (IHubo 42:8) Ngokungazelele, ukuzamazama komhlaba kwavula iminyango futhi kwagqabula izibopho njengoba amaketanga ebhoncuka ezinsikeni noma ezindongeni. Umgciniziboshwa wesaba isijeziso sokufa ayezosithola ngoba iziboshwa zazibalekile. Wayesezozibulala lapho uPawulu ememeza: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.” Ekhiphela uPawulu noSila ngaphandle, umgciniziboshwa wabuza ukuthi angasindiswa kanjani. Impendulo yaba ukuthi, “kholwa yiNkosi uJesu.” Ngemva kokuzwa izwi likaJehova, “wabhapathizwa khona-lapho, yena nabo bonke abakhe.” Yeka injabulo okwayiletha!
8. Yisiphi isinyathelo esathathwa izinduna zaseFilipi, futhi yini eyayingafinyelelwa uma babengalivuma obala iphutha labo?
8 Ngosuku olulandelayo, izinduna zathumela izwi lokuba uPawulu noSila bakhululwe. Kodwa uPawulu wathi: ‘Basishayile singalahlwanga-cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.’ Uma izinduna zazingalivuma obala iphutha lazo, zazinganqikaza ukushaya namanye amaKristu futhi ziwabophe. Zingakwazi ukuxosha izakhamuzi ezingamaRoma, izinduna zeza zacela abazalwane ukuba bahambe, kodwa bahamba kuphela ngemva kokukhuthaza abakholwa kanye nabo. Isithakazelo esinjalo manje sishukumisela amalungu eNdikimba Ebusayo nabanye abameleli bayo abajikelezayo ukuba bahambele futhi bakhuthaze abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.
IZwi LikaJehova Liyanqoba EThesalonika NaseBereya
9. Kungayiphi indlela, esasetshenziswa nanamuhla oFakazi BakaJehova, uPawulu ‘abavulela futhi wabachasisela’ ngayo ukuthi uMesiya kwakufanele ahlupheke futhi avuswe kwabafileyo?
9 Izwi likaNkulunkulu ngokulandelayo lanqoba eThesalonika, inhloko-dolobha yaseMakedoniya netheku layo eliyinhloko. (17:1-9) Lapho uPawulu wabonisana namaJuda, “ebavulela, ebachasisela” ukuthi uMesiya kwakumelwe ahlupheke futhi avuke kwabafileyo. (UPawulu wayekwenza lokhu ngokuqhathanisa iziprofetho nezenzakalo ezazigcwaliseka, njengoba oFakazi BakaJehova benza.) Kanjalo, amaJuda athile, amaproselithe amaningi, nabanye baba amakholwa. Lapho amaJuda anomhawu akha iviyo lezichwensi kodwa ehluleka ukuthola uPawulu noSila, athatha uJasoni nabanye abazalwane abayisa kubabusi bomuzi ababeka icala lokwephula umthetho, ukumangalelwa ngamanga okwenziwayo namanje kubantu bakaNkulunkulu. Nokho, abazalwane bakhululwa ngemva kokukhipha “isibambiso.”
10. Kungamuphi umqondo amaJuda aseBereya ‘ahlolisisa’ ngawo imiBhalo?
10 UPawulu noSila ngokulandelayo baya emzini waseBereya. (17:10-15) Lapho amaJuda ‘ahlolisisa’ imibhalo, njengoba namuhla oFakazi BakaJehova bekhuthaza abantu ukuba benze. Labobantu baseBereya babengamngabazi uPawulu kodwa bahlola ukuze babone ukuthi uJesu wayenguMesiya. Waba yini umphumela? AmaJuda amaningi namaGreki athile (mhlawumbe amaproselithe) aba amakholwa. Lapho amaJuda aseThesalonika evusa izixuku, abazalwane baphelezela uPawulu waya ogwini, lapho abanye beqembu lakhe kungenzeka bagibela khona umkhumbi baya ePiraeus, (iPiraiévs yanamuhla) umuzi oyitheku waseAthene.
IZwi LikaJehova Liyanqoba EAthene
11. (a) UPawulu wafakaza kanjani ngesibindi eAthene, kodwa obani abakhuluma naye bemphikisa? (b) Yini abanye ababeyisikisela lapho bethi uPawulu ‘uyiphoshophosho’?
11 Kwanikezwa ubufakazi besibindi eAthene. (17:16-21) Ngenxa yamazwi kaPawulu ngoJesu nangovuko, izazi zefilosofi zakhuluma naye zimphikisa. Ezinye zazingamaEpikhuru, ayegcizelela injabulo. Ezinye zingamaStoyiku, ayegcizelela ukuzikhuza komuntu siqu. ‘Lizothini leliphoshophosho?’ kubuza abanye. Elithi “iphoshophosho” (ngokwezwi nezwi, elisho “umcoshi wembewu”) lalisikisela ukuthi uPawulu wayenjengenyoni ecosha imbewu futhi isakaze amajwaphu olwazi kodwa entula ukuhlakanipha. Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo.” Lokhu kwakuyindaba engathi sína, ngoba uSocrates wafa ngecala elinjalo. Ngokushesha uPawulu wayiswa eAreyophagu (eMars’ Hill), ngokunokwenzeka lapho kwakuhlangana khona inkantolo ephakeme obala eduze neAcropolis.
12. (a) Yiziphi izici zokukhuluma okuhle kwasobala ezibonakala enkulumweni kaPawulu yaseAreyophagu? (b) Yimaphi amaphuzu uPawulu awaveza ngokuqondene noNkulunkulu, futhi kwaba namiphi imiphumela?
12 Inkulumo kaPawulu eAreyophagu yayiyisibonelo esihle senkulumo enesethulo esiphumelelayo, ethuthuka ngokunengqondo, nenamaphuzu anelisayo—njengoba kufundiswa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini soFakazi BakaJehova. (17:22-34) Wathi abaseAthene babethanda inkolo ngaphezu kwabanye. Phela, babenanealtare “LIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO,” mhlawumbe ukuze agweme ukululaza noma imuphi unkulunkulu! UPawulu wakhuluma ngoMdali “[o]wazenza izizwe zonke ngagazi linye” futhi “wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,” njengaleso sokuqothula amaKhanani. (Genesise 15:13-21; Daniyeli 2:21; 7:12) LoNkulunkulu angatholakala, “ngokuba futhi siyinzalo yakhe,” kusho uPawulu, ebhekisela ekudalweni komuntu uJehova futhi ecaphuna izimbongi zabo oAratus noCleanthes. Njengenzalo kaNkulunkulu, akufanele sicabange ukuthi uMdali ophelele unjengesithombe esenziwe umuntu ongaphelele. UNkulunkulu wake wakuthalalisa ukungazi okunjalo kodwa manje wayesetshela isintu ukuba siphenduke, ngoba umise usuku lokwahlulela abantu ngaLowo ammisileyo. Njengoba uPawulu ‘ayeshumayela ivangeli ngoJesu,’ izilaleli zakhe zazazi ukuthi usho ukuthi uKristu uyoba yilowoMahluleli. (IzEnzo 17:18; Johane 5:22, 30) Inkulumo yokuphenduka yawacunula amaEpikhuru, kanti izazi zefilosofi ezingamaGreki zazingayamukela inkulumo ephathelene nokungafi kodwa hhayi ephathelene nokufa novuko. Ngokusobala, njengabaningi abangazilaleli izindaba ezinhle, abanye bathi: ‘Siyophinde sikuzwe.’ Kodwa umahluleli uDiyonisiyu kanye nabanye baba amakholwa.
IZwi LikaNkulunkulu Liyanqoba EKorinte
13. UPawulu wayeziphilisa kanjani enkonzweni, futhi imuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla esiwutholayo?
13 UPawulu waqhubekela eKorinte, inhloko-dolobha yesifundazwe saseAkhaya. (18:1-11) Lapho wathola uAkwila noPrisila, abeza lapho ngenkathi uKlawudiyu Kesari eyala amaJuda ayengezona izakhamuzi zaseRoma ukuba ahambe eRoma. Ukuze aziphilise ngenkathi esenkonzweni, uPawulu wayenza amatende nalombhangqwana ongamaKristu. (1 Korinte 16:19; 2 Korinte 11:9) Ukusika nokuthunga indwangu eyenziwe ngoboya obuqinile bembuzi kwakuwumsebenzi onzima. Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova banakekela izidingo zabo ezingokwenyama ngomsebenzi wokuziphilisa, kodwa okuyiwona msebenzi wabo inkonzo.
14. (a) Lapho ebhekene nokuphikiswa ngamaJuda okuqhubekayo eKorinte, yini uPawulu ayenza? (b) UPawulu waqinisekiswa kanjani ngokuthi kufanele ahlale eKorinte, kodwa abantu bakaJehova namuhla baqondiswa kanjani?
14 AmaJuda aseKorinte aqhubeka ekhuluma kabi njengoba uPawulu ayememezela ngobuMesiya bukaJesu. Ngakho wathintitha izingubo zakhe ukuze azihlangule ecaleni ngokuqondene nabo futhi waqala ukuqhubela imihlangano endlini kaThithiyu Justu, ngokunokwenzeka ongumRoma. Abaningi (kuhlanganise nowayengumphathi wesinagoge uKrispu nendlu yakhe) baba amakholwa abhapathiziwe. Uma kuwukuthi ukuphikisa kwamaJuda kwakwenze uPawulu wangabaza ngokuhlala eKorinte lokho kungabaza kwanyamalala lapho iNkosi imtshela lokhu embonweni: ‘Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, ngokuba mina nginawe, akekho oyakukulimaza, nginabantu abaningi kulomuzi.’ Ngakho uPawulu waqhubeka efundisa izwi likaNkulunkulu lapho, isikhathi esingangonyaka nezinyanga eziyisithupha. Nakuba abantu bakaJehova namuhla bengatholi mibono, kokubili umthandazo nokuqondisa komoya ongcwele kuyabasiza ukuba benze izinqumo ezifanayo ezihlakaniphile eziqondene nezithakazelo zoMbuso.
15. Yini eyenzeka lapho uPawulu eyiswa phambi koMbusi uGaliyu?
15 AmaJuda ayisa uPawulu kuMbusi uJuniyu Galiyu. (18:12-17) Asikisela ukuthi uPawulu wayeguqulela abantu kwenye inkolo ngokungemthetho—ukumangalelwa kwamanga abefundisi bamaGreki abakwenzayo manje koFakazi BakaJehova. UGaliyu wayebona ukuthi uPawulu wayengenacala lobugebengu nokuthi amaJuda ayengenandaba nenhlala-kahle nomthetho waseRoma, ngakho wawaxosha. Lapho izibukeli zishaya uSostene, ongumphathi wesinagoge omusha, uGaliyu akazange angenele, mhlawumbe ecabanga ukuthi lomholi wesixuku esimelene noPawulu wayethola lokho okwakumfanele.
16. Kungani kwakwamukeleka ngoPawulu ukuba agunde izinwele zakhe ngenxa yesifungo?
16 UPawulu wagibela umkhumbi esuka ethekwini iAegean laseKenikreya waya e-Efesu, umuzi oseAsia Minor. (18:18-22) Ngaphambi kwalolohambo ‘wayegunde ikhanda ngokuba wayenze isifungo.’ Akushiwo ukuthi uPawulu wenza lesosifungo ngaphambi kokuba abe umlandeli kaJesu noma ukuthi lokhu kwakuwukuqala noma ukuphela kwenkathi yesifungo. AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho, kodwa wawunikezwe uNkulunkulu futhi ungcwele, futhi kwakungekho lutho olwaluyisono ngesifungo esinjalo. (Roma 6:14; 7:6, 12; Galathiya 5:18) E-Efesu, uPawulu wabonisana namaJuda, ethembisa ukubuya uma uNkulunkulu evuma. (Lesosithembiso sagcwaliseka kamuva.) Ukubuyela kwakhe eAntiyokiya laseSiriya kwaphetha uhambo lwakhe lwesibili lobuthunywa bevangeli.
IZwi LikaJehova Liyanqoba E-Efesu
17. Ngokuqondene nobhapathizo, isiphi isifundo uApholo nabanye ababesidinga?
17 Ngokushesha uPawulu waqala uhambo lwakhe lwesithathu lobuthunywa bevangeli (cishe ngo-52-56 C.E.). (18:23–19:7) Ngalesosikhathi e-Efesu, uApholo wafundisa ngoJesu kodwa wayazi kuphela ngobhapathizo lukaJohane njengesibonakaliso sokuphenduka ezonweni ezenziwe esivumelwaneni soMthetho. UPrisila noAkwila “bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu,” ngokunokwenzeka bemchazela ukuthi ukubhapathizwa njengoJesu kwakuhlanganisa ukucwiliswa komuntu emanzini nokwamukela umoya ongcwele othululwayo. Ngemva kokuba ukubhapathizwa ngomoya ongcwele sekwenzekile ngePentekoste lika-33 C.E., noma ubani owayebhapathizwe ngobhapathizo lukaJohane kwakudingeka aphinde abhapathizwe egameni likaJesu. (Mathewu 3:11, 16; IzEnzo 2:38) Kamuva e-Efesu, cishe amadoda angu-12 angamaJuda ayebhapathizwe ngobhapathizo lukaJohane “abhapathizwa egameni leNkosi uJesu” obhapathizweni oluyimpinda okuwukuphela kwalo olulotshwe emiBhalweni. Lapho uPawulu ebeka izandla phezu kwabo, bamukela umoya ongcwele nezibonakaliso ezimbili eziyisimangaliso zokuthi bamukelekile ezulwini—ukukhuluma ngezilimi nokuprofetha.
18. UPawulu wafakazaphi lapho ese-Efesu, futhi kwaba namiphi imiphumela?
18 UPawulu wayematasa ngempela e-Efesu, umuzi onabantu abangu-300 000. (19:8-10) Ithempeli lakhona likankulunkukazi uDiyana lalingesinye sezimangaliso zasendulo eziyisikhombisa emhlabeni, futhi isigcawu sakhona sokubukela sasingahlala abantu abangu-25 000. Esinagogeni, uPawulu ‘wabanelisa’ (NW) ngezinkulumo eziqinisekisayo kodwa wasuka lapho abanye bekhuluma kabi ngeNdlela, noma indlela yokuphila esekelwe ekukholelweni kuKristu. Iminyaka emibili, uPawulu wakhuluma nsuku zonke esikoleni sikaTiranu, futhi “izwi” lasabalala kuso sonke isifunda saseAsiya.
19. Yini eyenzeka e-Efesu eyabangela ‘ukuba izwi likaJehova liqhubeke landa futhi linqobe’ lapho?
19 UNkulunkulu wabonisa ukwamukela umsebenzi kaPawulu ngokumenza akwazi ukuphulukisa nokukhipha amademoni. (19:11-20) Kodwa amadodana ayisikhombisa ompristi omkhulu uSkeva ahluleka ukukhipha idemoni ngokusebenzisa igama likaJesu ngoba ayengameleli uNkulunkulu noKristu. Alinyazwa ngisho nokulinyazwa indoda eyayinedemoni! Lokhu kwabesabisa abantu, futhi “ladunyiswa igama leNkosi uJesu.” Labo ababa amakholwa bakuyeka ukusebenzisa kwabo imimoya futhi bazishisa obala izincwadi zabo ngokusobala ezaziqukethe amazwi nezindlela zokwenza imilingo. “Kanjalo,” kubhala uLuka, “izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.” Nanamuhla, izinceku zikaNkulunkulu ziyasiza ekukhululeni abantu ebudemonini.—Duteronomi 18:10-12.
Ukungabekezeleli Inkolo Akuphumeleli
20. Kungani abenzi bezinto zesiliva e-Efesu basusa isiphithiphithi, futhi sanqanyulwa kanjani?
20 OFakazi BakaJehova, njengamaKristu ase-Efesu, ngokuvamile baye babhekana nezixuku ezithukuthele. (19:21-41) Njengoba amakholwa ayanda, uDemetriyu nabanye abenza izinto zesiliva balahlekelwa imali ngenxa yokuthi babembalwa ababethenga amathempelana abo esiliva kankulunkulukazi wenzalo onamabele amaningi uDiyana. Sishukunyiswe uDemetriyu, isixuku sabamba abangane bakaPawulu uGayu noAristarku sabayisa esigcawini sobukela, kodwa abafundi abamvumelanga uPawulu ukuba angene. Ngisho nezikhulu zomkhosi nemidlalo zamnxusa ukuba angazifaki kuleyongozi. Cishe amahora amabili, isixuku samemeza: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” Ekugcineni, umbhali womuzi (owayehola kuhulumeni kamasipala) wathi labenzi bezinto zesiliva babengayisa amacala abo kumbusi, owayenegunya lokwenza izinqumo zokwahlulela, noma icala labo lalinganqunywa “ebandleni elimisiweyo” lezakhamuzi. Ngaphandle kwalokho, iRoma yayingabamangalela ngecala lokubhikisha labo abakulesixuku esinobudlova. Ngalokho, wabahlakaza.
21. UNkulunkulu wawubusisa ngayiphi indlela umsebenzi kaPawulu, futhi uwubusisa kanjani owoFakazi BakaJehova namuhla?
21 UNkulunkulu wamsiza uPawulu ukuba abhekane nokulingwa okuhlukahlukene futhi wabusisa imizamo yakhe yokusiza abantu ukuba balahle iphutha elingokwenkolo futhi bamukele iqiniso. (Qhathanisa noJeremiya 1:9, 10.) Yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuthi uBaba wethu osezulwini ngokufanayo uyawubusisa umsebenzi wethu! Kanjalo, manje njengasekhulwini leminyaka lokuqala, ‘izwi likaJehova liyanda futhi liyanqoba.’
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yisiphi isibonelo uPawulu asibeka ngokwamukela ukuqondisa komoya ongcwele?
◻ Kungayiphi indlela, esasetshenziswa izinceku zikaJehova, uPawulu ‘avula futhi wachasisa’ ngayo izindaba?
◻ Yikuphi ukufana okukhona phakathi kokusabela enkulumweni kaPawulu yaseAreyophagu nokushumayela koFakazi BakaJehova?
◻ UPawulu wayeziphilisa kanjani ngenkathi esenkonzweni, futhi lokhu kunamuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla?
◻ UNkulunkulu uye wawubusisa kanjani umsebenzi woFakazi BakaJehova namuhla, njengoba enza ngomsebenzi kaPawulu?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Izwi likaJehova lanqoba
1. EFilipi
2. no-3. EAthene
4. no-6. E-Efesu
5. ERoma
[Umthombo]
Photo No. 4: Manley Studios