Hlala Ukukhumbula Ukubaluleka Kokuncoma
WAKE wamuzwa umuntu ekhononda ngokuthi kuyaqabukela umqashi wakhe emncoma? Kungenzeka yini ukuthi nawe wake wakhononda ngento efanayo? Noma, uma ungosemusha, ingabe wake washo okufanayo ngabazali noma ngothisha bakho?
Okunye kwalokhu kukhononda cishe kufanele. Kodwa ngokwalokho okwashiwo esinye isazi saseJalimane esikhuthaza abantu, lapho izisebenzi zikhononda ngalokhu, okuzikhathazayo kusuke kungekhona ukuthi azinconywa abaqashi kodwa ukuthi abazibonisi isithakazelo. Kunoma yikuphi, kusobala ukuthi kusuke kunokuthile okuntulekayo. Ukunconywa nokuboniswa isithakazelo kokubili kubalulekile ukuze sijabulele ubuhlobo obanelisayo.
Lokhu kuyiqiniso nasendabeni yokukhulekela. Ibandla lamaKristu kudingeka liphawuleke ngomoya wokuncoma, imfudumalo nangokubonisana isithakazelo somuntu siqu. Amalungu alo afinyelela futhi alondoloze lesi simo esihle ngokulalela iziqondiso eziseBhayibhelini. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ibandla linothando kangakanani, lingathuthukisa. Sicabanga ngalokhu, ake sixoxe ngezibonelo ezintathu ezinhle zabantu abancoma abanye: Inceku kaNkulunkulu yangaphambi kobuKristu u-Elihu, umphostoli uPawulu noJesu Kristu uqobo lwakhe.
Iseluleko Esinomusa Nenhlonipho
U-Elihu, cishe owayeyisihlobo sika-Abrahama, waba nendima ebalulekile ekusizeni uJobe ukuba abe nombono onokulinganisela ngobuhlobo bakhe noNkulunkulu. U-Elihu weyenomusa futhi ehlonipha. Walilinda ngesineke ithuba lakhe lokukhuluma. Abangane-mbumbulu bakaJobe babebona amaphutha kuphela, kanti u-Elihu akazange agcine ngokweluleka uJobe kodwa washesha nokumncoma ngenkambo yakhe elungile. Ngokungafani nalabo bangane, lokhu wakwenza ngemfudumalo futhi wabonisa ngokusobala ukuthi wayenesithakazelo somuntu siqu kuye njengomngane, embiza ngegama lakhe. Ngesizotha wacela: “Jobe, siza manje uzwe amazwi ami, futhi ubeke indlebe kukho konke ukukhuluma kwami.” Ngenhlonipho wazibeka esimweni sikaJobe, wavuma: “Bheka! KuNkulunkulu weqiniso ngiyilokho nje nawe oyikho; nami futhi ngabunjwa ngobumba.” Wabe esemncoma: “Uma kukhona amazwi ofuna ukuwasho, ngiphendule; khuluma, ngoba ngikujabulele ukulunga kwakho.”—Jobe 33:1, 6, 32.
Ngomqondo othile, ukuphatha abanye ngomusa nangenhlonipho kuyindlela yokubancoma. Empeleni, sisuke sithi kosilalele, ‘Ngikubheka njengomuntu okufanelekelayo ukuba ngimnake nofanelwe ukuphathwa ngenhlonipho.’ Ngakho sisuke simbonisa imfudumalo nesithakazelo somuntu siqu.
Ukuba nenhlonipho nomusa kusho okungaphezu kokumane ulandele imithetho yokuziphatha okuhle. Ukuze sifinyelele izinhliziyo zabanye, umusa nenhlonipho yethu kumelwe kube qotho futhi kusuke enhliziyweni. Kumelwe kubonise isithakazelo nothando oluqotho.
Ukuncoma Ngobuhlakani
Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi ubuhlakani bufeza okuthile lapho sincoma abanye. Ngokwesibonelo, ngenkathi eshumayela e-Athene phakathi nohambo lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli, wavikela ubuKristu lapho ekhuluma nezazi zefilosofi ezithile ezingamaGreki. Phawula indlela asisingatha ngayo ngobuhlakani lesi sabelo esinzima. “Abathile ezazini zefilosofi ezingama-Epikhuru nezingamaStoyiku baxoxa naye bemphikisa, futhi abanye babethi: ‘Lifuna ukuthini leli phoshophosho?’ Abanye bethi: ‘Kubonakala sengathi umemezela onkulunkulu bezinye izizwe.’” (IzEnzo 17:18) Naphezu kwalawo mazwi, uPawulu wahlala ezolile futhi waphendula: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ukuthi kukho konke nibonakala nithambekele kakhulu kunabanye ekwesabeni onkulunkulu.” Kunokubagxeka ngokukhonza izithombe, uPawulu wabancoma ngokuzinikela kwabo enkolweni.—IzEnzo 17:22.
Ingabe uPawulu wayezenzisa? Lutho neze. Wayazi ukuthi kwakungekhona okwakhe ukwahlulela izilaleli zakhe; wayazi kahle kamhlophe ukuthi naye ngaphambili wayengalazi iqiniso. Wayethunywe ukuba ashumayele isigijimi sikaNkulunkulu, hhayi ukwahlulela abanye. Wayazi ngokuhlangenwe nakho kwakhe lokho oFakazi BakaJehova abaningi namuhla abaye bakuthola: Abanye abayivikela ngobuqotho inkolo yamanga ekugcineni baba abanye babavikeli benkolo yeqiniso abaqine kunabo bonke.
Indlela uPawulu ayisebenzisa yayiyinhle futhi yaba nemiphumela emihle. “Amanye amadoda azihlanganisa naye futhi aba ngamakholwa, kukhona noDiyonisiyu phakathi kwawo, umahluleli wenkantolo yase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, kanye nabanye ngaphandle kwabo.” (IzEnzo 17:34) Yeka ukuthi kwakuwukuhlakanipha kanjani ngoPawulu ukuncoma abase-Athene ngokuba qotho ezinkolelweni zabo—ngisho noma zazingamanga—kunokubagxeka ngokuntula kwabo ulwazi olunembile! Abantu abadukiswe ukwaziswa okuyiphutha ngokuvamile bangabantu abanezinhliziyo ezinhle.
Nalapho kuthiwa makazivikele phambi kukaHerode Agripha II, uPawulu wasebenzisa ubuhlakani. Kwakwaziwa ukuthi uHerode wayeba nobuhlobo bobulili nodadewabo uBernike, into iZwi likaNkulunkulu eliyilahla ngokuqondile. Nokho, uPawulu akamgxekanga. Kunalokho, wabheka into ayengamncoma ngokufanele ngayo. “Ngokuphathelene nazo zonke izinto amaJuda angimangalela ngazo, Nkosi Agripha, ngiyajabula ngokuthi namuhla kumelwe ngiziphendulele phambi kwakho, ikakhulukazi njengoba uyisazi sawo wonke amasiko nezimpikiswano phakathi kwamaJuda.”—IzEnzo 26:1-3.
Yeka ukuthi kungaba ukuhlakanipha kanjani ukusebenzisa ubuhlakani obufanayo lapho sisebenzelana nabanye! Ukuncoma umakhelwane, esifunda naye esikoleni, noma esisebenza naye kungathuthukisa ukuthula futhi kubakhuthaze ukuba baziphathe kahle. Ngokufinyelela inhliziyo ngokuncoma okufanele, ngezinye izikhathi singakwazi ukushukumisa abantu abaqotho ukuba bashiye ukucabanga nezenzo eziyiphutha, bamukele ezivumelana nolwazi olunembile.
Isibonelo Esiphelele SikaJesu Sokuncoma
UJesu wabancoma abanye. Ngokwesibonelo, ngemva kokuvuswa nokwenyukela kwakhe ezulwini, uJesu waqondiswa uNkulunkulu ukuba akhulume namabandla angu-7 ase-Asia Minor esebenzisa umphostoli uJohane. Njalo wayebancoma labo ababekufanelekele ukunconywa. Ebandleni lase-Efesu, elasePhergamu nelaseThiyathira, wasebenzisa izinkulumo ezithi: “Ngiyazazi izenzo zakho, nomshikashika wakho nokukhuthazela kwakho, nokuthi awukwazi ukubekezelela abantu ababi”; “uyaqhubeka ulibambé ngokuqinile igama lami, awuzange uluphike ukholo lwakho kimi”; nethi “ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho, nokholo, nenkonzo, nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezu kwezangaphambili.” Ngisho nasebandleni laseSardesi, elalidinga iseluleko esiqinile, uJesu waphawula ukuthi kwakunabathile ababekufanelekele ukunconywa. Wathi: “Noma kunjalo, unawo amagama ambalwa eSardesi angazange angcolise izingubo zawo zangaphandle, futhi ayohamba nami ngezimhlophe, ngoba ayakufanelekela.” (IsAmbulo 2:2, 13, 19; 3:4) Yeka isibonelo esihle esabekwa uJesu!
Silingisa uJesu, akufanele nanini sigxeke lonke iqembu ngokwehluleka kwabambalwa noma sinikeze iseluleko esidingekayo ngaphandle kokuncoma okufanelekayo. Nokho, kuhle ukukhumbula ukuthi uma sincoma umuntu kuphela lapho sihlose ukumeluleka, ngezinye izikhathi lokho kuncoma kwethu kungase kungamukeleki. Yiba nomoya wokuncoma noma nini lapho kungenzeka! Lokho kuyokwenza ukuba iseluleko sakho samukeleke kalula uma kwenzeka kudingeke ululeke othile.
Abadala Abancoma Ngamazwi Afanelekayo
UCornelia, owesifazane ongumKristu okhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYurophu, ukhumbula ukuthi ngasekuqaleni kwawo-1970 wabuzwa umbonisi ojikelezayo ukuthi wayeqhuba kanjani esifundweni somuntu siqu nasekufundeni omagazini. Uthi: “Ngazizwa nginamahloni.” Kodwa wavuma ukuthi wayehluleka ukufunda zonke izihloko ezikumagazini. Uyakhumbula: “Esikhundleni sokungigxeka, wangincoma ngokufunda lokho engangikwazi ukukufunda. Amazwi akhe okuncoma angikhuthaza kakhulu kangangokuthi kusukela ngaleso sikhathi ngiye ngazimisela ukuzifunda zonke izihloko.”
URay, okhonza ehhovisi legatsha eYurophu, ukhumbula usuku lwakhe lokuqala enkonzweni yamaphayona. Umbonisi owengamele ebandleni, oyindoda enebhizinisi nomkhaya kanye nemithwalo yemfanelo eminingi ebandleni, wangena eHholo LoMbuso ngalobo busuku futhi waqonda ngqo kuRay wambuza, “Belunjani usuku lwakho lokuqala enkonzweni yamaphayona?” Sekudlule iminyaka engaba ngu-60, futhi uRay usakukhumbula ukukhathalela kwalowo mdala.
Njengoba lokhu okuhlangenwe nakho okubili kubonisa, amazwi anothando abonisa ukwazisa ngalokho abanye abaye bakwenza—hhayi nje amazwi angasho lutho noma ukuthopha okungenanjongo—angenza izimanga. Ebandleni lobuKristu, sinezizathu eziningi zokuncoma esikholwa nabo. Cabanga nje ngesifiso sabo sokukhonza uJehova, izimpendulo zabo ezilungiselelwe kahle, intuthuko yabo ekunqobeni ukwesaba ukukhuluma neningi ukuze banikeze izinkulumo noma bahlanganyele kwezinye izingxenye emhlanganweni, intshiseko yabo ekushumayeleni nasekufundiseni nemizamo yabo yokubeka kuqala izithakazelo zoMbuso nemigomo engokomoya. Lapho sincoma abanye, sivuzwa ngokucebile. Ukuncoma abanye kusenza sijabule futhi sibe nesimo sengqondo esihle.—IzEnzo 20:35.
Abadala bebandla benza kahle ngokuncoma ibandla ngomsebenzi walo omuhle. Futhi lapho kudingeka iseluleko, basinikeza ngothando. Ngakolunye uhlangothi, bagwema ukukhathalela ngokweqile ukuba yonke into yenziwe kahle, baze babheke noma yini eyiphutha njengobuthakathaka obungathí sina.
Abadala abangamaKristu abalingisa isibonelo sika-Elihu owabonisa inhlonipho nomusa onothando, uPawulu owasebenzisa ubuhlakani noJesu owabonisa ukukhathalela abanye ngothando bayoba umthombo wesikhuthazo ngempela kubafowabo. Ukuncoma kuyokhuthaza abanye ukuba benze kahle nakakhulu futhi kuyokwakha ubuhlobo obujabulisayo nobunobunye. Yeka indlela okumelwe ukuba uJesu wajabula ngayo lapho ezwa uYise wasezulwini emncoma ngala mazwi ngenkathi ebhapathizwa: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.” (Marku 1:11) Kwangathi singajabulisa izinhliziyo zabafowethu ngokubancoma ngamazwi aqotho nakhayo.
[Izithombe ekhasini 15]
KuPawulu, ubuhlakani baba nemiphumela emihle, bungenza okufanayo nakithi
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuncoma ngemfudumalo nangobuqotho kungenza izimanga