-
Bashukunyiswa ‘Yizinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’INqabayokulinda—2002 | Agasti 1
-
-
Bashukunyiselwa Esenzweni!
4. Yisiphi isiprofetho sikaJoweli esagcwaliseka ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.?
4 Njengoba base bethole umoya ongcwele, abafundi eJerusalema abapholisanga maseko ekuxoxeleni abanye izindaba ezinhle zensindiso, baqala ngesixuku esasibuthene ekuseni nje. Ukushumayela kwabo kwagcwalisa isiprofetho esimangalisayo, esasilotshwe nguJoweli indodana kaPhethuweli eminyakeni engamakhulu ayisishiyagalombili ngaphambili: “[Ngiyakuthulula] uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono; naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami . . . lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.”—Joweli 1:1; 2:28, 29, 31; IzEnzo 2:17, 18, 20.
5. AmaKristu ekhulu lokuqala aprofetha ngamuphi umqondo? (Bheka umbhalo waphansi.)
5 Ingabe lokhu kwakusho ukuthi uNkulunkulu wayezovusa sonke isizukulwane sabaprofethi, abesilisa nabesifazane, abanjengoDavide, uJoweli noDebora, abasebenzisele ukubikezela izenzakalo zesikhathi esizayo? Cha. ‘Amadodana namadodakazi, izinceku nezincekukazi’ bonke abangamaKristu babeyoprofetha ngomqondo wokuthi babeyoshukunyiswa umoya kaJehova ukuba bamemezele ‘izinto ezinhle kakhulu’ uJehova ayezenzile nayesazozenza. Ngakho babeyoba abakhulumeli boPhezukonke.a Nokho, sasabela kanjani isixuku?—Heberu 1:1, 2.
-
-
Bashukunyiswa ‘Yizinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’INqabayokulinda—2002 | Agasti 1
-
-
a Lapho uJehova emisa uMose no-Aroni ukuba bakhulumele abantu bakhe kuFaro, watshela uMose: “Ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.” (Eksodusi 7:1, Omalukeke sizenzele.) U-Aroni wakhonza njengomprofethi, hhayi ngomqondo wokubikezela izenzakalo zekusasa, kodwa ngokuba ngumkhulumeli, noma umlomo, kaMose.
-